Hluza Grade 1011 12
Hluza Grade 1011 12
Hluza Grade 1011 12
SIYAHLUZA
2019
IBANGA 10 & 11
ISETHULO
UKWAZISA
ABAHLELI
Imvunge Yokusa M Dlamini Harry Gwala &
King Cetshwayo District
J Hadebe
UNtombazi A M Mbuyisa Uthukela District
Inzima Le Ndlela Dkt Z Mhlungu Zululand District
Zihlangene Phezulu Z Majola Umzinyathi District
Zidlana Imilala N Dlamini Zululand District
Ukufa Kuka Shaka S S Gamede Pinetown District
Inkinsela Dkt J Mzizi Ugu District
Yasemgungundlovu Nkkz Langa
Bahlakaniphile S Thango Ilembe District
Behlakaniphelana Nje
Amanothi N H P Makhanya Umalzi District
N Sokhela Amajuba District
UMDIDIYELI
USIHLALO
Sibonge kusihlalo wekomiti LesiZulu uNkkz .M.J.Mthembu- Umkhanyakude
District
OKUQUKETHWE
ISIHLOKO IKHASI
Igilosari
Yenkondlo
Yenoveli Nomdlalo
Ibanga Le-11
Izinkondlo Zangalo Nyaka- Imvunge Yokusa
Ukuhluza Izinkondlo-11
Ukuhluza Inoveli Zihlangene Phezulu
Imibuzukuhluza Idrama Untombazi
Inzima Le Ndlela
Ibanga Le-10
Ukuhluza Izinkondlo Zidlana Imilala
Yenoveli Nomdlalo
Izinkondlo Zangalo Nyaka
Ukuhluza Izinkondlo
Ukuhluza Inoveli Inkinsela Yasemgungundlovu
Ukuhluza Idrama Ukufa Kukashaka
Bahlakaniphilene
Amazinga Okuhlakanipha
Imibuzo Emifishane
imibuzo Emide
IZINKONDLO
AMABINZA/IZINDIMA/IZITANZA
Kubhekwa ukuthi inkondlo ihlukaniswe ngamabinza nokuthi mangaki amabinza
aleyo nkondlo.
IMIGQA
• Inani lemigqa
• Imigqa emide nemifishane
• Ukuvuleka kwemigqa ( uma lungekho uphawu lokukhanyisa ekugcineni)
• Ukuvaleka kwemigqa( Ilapho kunophawu lokukhanyisa ekugcineni)
• I-enjambament (Uma kungekho uphawu emigqeni ongenhla bese luba
khona emigqeni elandelayo (Ukungabibikho kophawu kukhombisa ukuthi
umqondo ogcizelelwa imbongi uphelela emigqeni elandelayo)
• Isikhawu/Isizura (Yilapho kutholakala uphawu lokukhanyisa phakathi
nomugqa ngezizathu ezahlukene.
Inhloso yokusetshenziswa kwemigqa kungaba ukudala isigqi(umgqumo womculo
omnnandi) esinensayo noma esisheshaya kanye nomoya wenkondlo.
IMVUMELWANO
Lokhu kusho amalunga afanayo emigqeni elandelayo.
Imvumelwano ihlukaniswe kathathu.
Imvumelwano siqalo
• Lawa amalunga afanayo ekuqaleni kwemigqa elandelanayo.
• Unkamisa uyaba ilunga eliphelele uma esekuqaleni egameni.
Imvumelawano maphakathi
• Lawa ngamalunga afanayo emagameni amaphakathi emigqeni
elandelanayo.
Imvumelano sigcino
• Lawa amalunga afanayo emagameni asekugcineni emigqeni
elandelanayo.
UKUXHUMANA
UMOYA WENKONDLO
Isimo imbongi esuke ikuso uma ibhala inkondlo.
Le simo singavela ngezindlela eziningi kanje: umuzwa wothando /
wokukhathazeka/ wokubalisa njll.
INDIKIMBA
Umongo wenkondlo yonke. okubhaliwe kungaqukatha izindikimba ezahlukene
ezingajwayelekile
izindikimba eziphathelene nothando, ukufa, izimpi,ukuhlukunyezwa,ubugebengu
,uxolo ,ukholo,imfundo,ubuqhawe njll.
IMIFANEKISOMQONDO/IZITHOMBEMAGAMA
IZIFENGQO
1.Isifenyiso:( Understatement)
Lokhu ukuchaza into enkulu uyenze sengathi yinto encane.
Izibonelo:
Leyo ndoda iyahambahamba ebusuku.
Sathi ukuhamba ibangana elicishe ukuthatha usuku lonke
2.Isifaniso: (Simile)
Lapha kusuke kuqhathaniswa izinto ezimbili ezingafani, kusetshenziswa izakhi
zokufanisa ezilandelayo: njenga-, fana, kuhle, okwa-, nganga-
Izibonelo:
Lo mfana uthothobele kuhle
Le ntaba isandlu
Intombi yakhe injengelanga liphuma
3.Ihaba: (Hyperbole)
Lokhu ukuchaza into uyndise kakhulu kunento eyikho.
Izibonelo:
Libalele likhipha inhlanzi emanzini
Wayengasagijimi wayendiza
Usakhala izinyembezi zaba yimifula
4.Ukubhuqa: (Sarcasm)
Uma umuntu ebhuqa usho lokho akushoyo kusalele udosi isibuqo siyahlaba
siyalumela kasithandeki
Izibonelo:
Ungaba umfundi ohlakaniphile uma ungase uyeke imbuzi.
Ungazenzela umathanda kodwa kowakho umuzi
Baningi bamenyiwe kodwa bambalwa abayobona umbuso weZulu
5.Inhlwayizane/uhlwayizane (innuendo)
Inhlwayizane ifuze umbhuqo ngokuba nohlwayana oluhlabayo kodwa yona
iyagwegwesa ayibeki ngembaba.
Izibonelo:
Ubengazange abuthi mbibi namuhla uSigubhu kungakho ebenolaka nje
Kukhona oboleke ipeni lami ngisaphumile, bengicela alibuyise
Inkulumo yakhe ende yaphetha ngehlombe elaphaphamisa wonke umuntu
6.Ukwenzasamuntu: (Personification)
Lapha into engaphili inikwa izimpawu noma izenzo zomuntu.
Izibonelo:
Ukufa kuyisela
Umhlaba kawunoni
Intaba Umhlabashane wazi lukhulu
7.Isingathekiso (Metaphor)
Nalapha kusuke kufaniswa izinto ezimbili ezingefani umehluko ukuthi lokho
okufaniswayo sivele sikugagule ngalokho esikufanisa nako.
Izibonelo:
Intombi kamalume yilanga liphuma
Akeve eyinkomo ebholeni
8.Ukwenzasasilwane: (Animalification)
Lapha into engaphili engesilwane inikwa izimpawu zesilwane.
Izibonelo:
Umshaye wabhonga
Umbhakele walimala
9.Umbhingqo: (Irony)
Kugqanyiswa ubunjalo bento ngokusebenzisa amagama ahlanekezela incazelo.
Izibonelo:
Wazewahlakanipha bo!
Lowo uhembekile ngoba webe imali ekhaya.
Uyasazi isiZulu ngoba ude njalo esheba nesiNgisi
10.Indida:( Paradox)
Lapha kushiwo into eyodwa kodwa kube kuqondwe enye. Amazwi abonakala
kungathi ayaphikisan kantiekujuleni kwawo ayavumelana.
Izibonelo:
Yisilima lesi sishaya zonke izifundo ngamalengiso.
Ingane inguyise wesintu
Unecala lowo ongenacala.
11.Impikisamqondo ( Oxymoron)
Impikisamqondo ihlanganisa amagama aphikisanayo ukwembulaokuthize
Izibonelo:
Le nkosikazi ihlekiswa wukukhala
Isihlangu basiphiwe basilahlile
Wavele wakhaliswa wusizi lwenjabulo
Kwahlwa emini ngalelo langa
12.Isiphikanjani (Litotes)
Lesi sifengqo sikhomba ukuvumisa impela ngokubeka amagama akuphikisayo
ukuvumisa lokho. Inhloso yokubeka igama elinomqondo ophikayo ukuthi
kugcizeleleke ukuvuma
Izibonelo:
Akusilima sindlebende kwabo
Akusoka elamanyala
Akumanga uhubhu lukabhejane
13.Impindamqondo (Tautology)
|Impindamqondo yisifengqo esiphinda umqondo ngamazwi angefani. Inhloso
ukugcizelela okuthize
Izibonelo:
Khamisa umlomo!
Ngizokubonga ngananka amehlo ekhanda
Uthisha usayinde ngesakhe isandla
Ugijime ngazpo zombili izinyawo
14.Uteku/isidlalisamagama: (Pun)
Lapha kusuke kwethulwa inkulumo engahlekisi ngendlela ehlekisayo.Igama
lilinye lisetshenziswa ngezindlela eziveza imiqondo ehlukene
Izibonelo:
Uma usuza lapha uphatha amagwinya.
Indoda ijatshuliswe amabele
Ngiyakuthanda ntombi? Ungithanda ngiyinkatha yini?
15.Isimeleli: (Synecdoche)
Ukubizwa kwento ngegama lento esondelene noma ehambisana nayo.
Izibonelo:
Isikole samphucula wayeka ukuba umdlwembe
UNdunankulu wangena indlu yasukuma yonke
Incwadi yamupha isinkwa
Umhlaba kawubongi
16.Isiqhathaniso: (Antithesis)
Le yinkulumo enemiqondo emibili eqophisanayo ehlose ukugcizelela
ukuqophisana kwayo.
Izibonelo:
Ifa leziwula lidliwa izihlakaniphi.
Abanye bayakhala, abanye bayabonga ngokwenzekile.
17.Isihlanekezelo: (Metonymy)
Ukubiza umsebenzi wento ngaleyo nto ayisebenzisayo.
Izibonelo:
tshela itekisi ukuthi lingashiyi
wasindiswa ukuveza amazinyo
18.Ifuzamsindo/ifanamsindo: (alliteration/onomatopoeia)
Le nkulumo ikhipha umsindo walokho okwenzekayo .Lapha izinhlamvu zegama
zifuze umsindo owenzeka ngempela empilweni.Ifuzamsindo lihambisana
nesenzukuthi.
Izibonelo:
Bekuwubugunqugunquku kungongaphansi nongaphezulu.
Uphule induku yathi phoqo
Izimpukane zathi bhu phezu kwendle.
19.Isihlonipho: (Euphemism)
Inhlonipho isho ukusebenzisa igama elithambileyo nelizwakala kamnandi
esikhundleni segamaeliqokeme nelisindayo
Izibonelo:
Umkhahlele ngonyawo ebudodeni bakhe
Isalukazi saguqa ngamadolo ngenkathi sichitha amanzi
Uthisha ubethanda ukuba mnandi emdlalweni wabafundi
21.Umbizi: (Apostrophe)
Okhulumayo ubhekisa inkulumo yakhe kumuntu ongekho noma entweni
engekho, siye sithi umuntu/ umlobi ubizaongekho /okungekho
Izibonelo:
Kufa luphi udosi lwakho na?
Liba izindaba zakho kazixoxeki
Ngangihamba ngiwa ngivuks ebusuku-|O, wena babamkhulu wangilonda.
23.Isiqhathaniso ( Antithess)
Lesi sifengqo sigcizelela umehluko emiqondweni emibili noma ezintweni
ezimbili.isiqhathaniso sivame ukuhleleka ngendlela yokuthi umusho ube
nezingxenye eziqophisanayo.
Izibonelo:
Ikhoth’ eyikhothayo, ikhaba eyikhabayo
Lungiphonsa phansi lungiphonse phezulu
Indlala ngapha ,ukugula ngapha
Ifanankamisa
Umsindo otholakala nkokuphindeka konkamisa abafanayo emigqeni siwubiza
ngokuthi ifanankamisa.
Ukuphindeka konkamisa kuzwakala kamnandi kuze kube sengathi lowo
mugqa usamculo.
Impindamqondo
Lapha imbongi yethula imiqondo ehambisanayo, emigqeni
elandelanayo.Kungenzeka ukuthi le miqondo ivumelane noma iphikisane.
Impindamqondo isetshenziswa kakhulu ezibongweni zomdabu. Singalinganisa
ngezibongo zikaSenzangakhona lapho kuthiwa:
Isigqi
Kokunye isigqi singabizwa ngomgqumo. Isigqi sevesi noma somugqa
wenkondlo sisithola ephinjeni okuphinyiswa ngalo amalunga egama emigqeni.
Ubude bemigqa nabo buyasidala isigqa. Ilelo nalelo lunga legama liphinyiswa
ngokugcizelela. Lapha kozophawulwa ngezimpawu eziletha isigqi kanjena: (.)
ngaphezu kwelunga legama lisho umsindo ogcizelelwe; kanti (//) kusho
ukuphumula kancane; kanti olunjena (:) lona lusho umsindo ogcizelelwe.
ITHONI
• Indlela imbongi edlulisa ngayo amazwi ngokusebenzisa iphimbo
ngesikhathi ihaya inkondlo yayo noma ibhala indaba yayo. Okungaba
ukukhathazeka, ukuhalalisa, injabulo njll.
• Iphimbo livezwa indlela amagama asesetshenziswe ngayo imbongi
ukuveza okungaphakathi kuyo njengentukuthelo.
• Imbongi ikhetha amagama akhombisa lokho efuna ukukusho.
• Indlela amagama aphimiseke ngayo kungaba nomthelela kumoya
wenkondlo
Imifanekiso – mqondo
Amagama athile asetshenziswa imbongi ukusinika umfanekiso noma
10
Indikimba
Umoya
Umqondo
Isigqi
Ukuxhumana
11
Imvumelwano
INOVELI NOMDLALO
12
IZINHLOBO ZABALINGISWA/ZABADLALI
13
Inkulumo-mpendulwano
Inkulumo-mpendulwano ingenye yezindlela umlingiswa akhuluma ngayo.
Inkulumo-mpendulwano ihlanganisa indlela umlingiswa akhetha ngayo amagama
noma imisho enkulumeni. Inkulumo-mpendulwano ifaka ithoni nempimiso lapho
ekhuluma. Ngabe umlingiswa ungumuntu obhuqayo, onamahloni, onganaki,
ocasulayo, onyanyekayo, onogazi njll.
Zonke lezi zimpawu zinokuvezwa yinkulumo- mpendulwano
Imicabango
Imicabango yomlingiswa sikwazu ukuyihlaziya ngokuthi singene ekhanda
lomlingiswa ngokwenqondo. Okusho ukuthi ukuwazi ukuhalziya imicabango
yomlingiswa uma sitshelwa ukuthi umlingiswa ucabangani.
14
UMSEBENZI WOMLANDI
UDWESHU
UUdweshu yinxushunxushu edala ukungqubuzana nenxabano phakathi kwabalingiswa.
Udweshu lwangaphakathi
• Ukungqubuzana kwemicabango kumlingiswa eyedwa engakwazi ukuthatha isinqumo
ngalokho akucabangayo.
• Ukugqubuzana
Udweshu lwangaphandle
Kungaba abalingiswa beqophisana ngamazwi bexabana 9Bengaboni ngaso linye.)
Kungaba yingxabano edala abalingiswa baze bathathelana izikhali baze bagqemane
izingozi.Ukudubana ningakhulumisani kuseyilo udweshu nalo.
UMOYA
Isimo sengqondo noma semizwa yomfundi lapho efunda indaba ngokwenzeka
kubalingiswa. Umoya uvela ngenkulumeni yabalingiswa.
Uma ufunda Untombazi sithola uShaka efuna ukusindisa uDingiswayo njengoba
uNtombazi efuna ukuhlasela kwelakwaMthethwa . Uba nomoya wokuzwela
uDingiswayo njengoba efuna uxolo engazi ukuthi uNtombazi uzomhlasela.
15
ITHONI
Ithoni indlela inkulumo ebekeka ngayo. Kubhekwa amagama asetshenzisiwe,
isimo asetshenziswe kuso kanye nendlela asetshenziswe ngayo.
Izinhlobo zethoni
• Ithoni yokuhlonipha
• Ithoni yentukuthelo
• Ithoni yendelelo
• Ithoni yokumangala
• Ithoni yokubhuqa
• Ithoni yokuncenga njll
UMYALEZO
Umyalezo yilokho umbhali ahlose ukukwedlulisela kubafundi noma emphakathini
ngombhalo wakhe. Kungaba ukuqwashisa, ukukhuthaza, ukuvula amehlo
kubantu ngesimo esithile nokunye. Lokhu kuvama ukwethulwa ngomusho
ophelele.
Umyalezo abanye bawuchaza njengesifundo esisuke sidluliswa umbhali
wencwadi kubafundi bayo. Incwadi ivamise ukuba nomyalezo owodwa oqondene
nencwadi Kanye neminye imiyalezo ehambisana nezigameko ezithile endabeni.
INDIKIMBA
kubhekwa ukuthi umbhalo ukhuluma ngani. Kungaba igama elilodwa noma
ibinzana lamagama. Imvamisa indikimba ifana nomgudu indaba ehamba ngawo
ukusuka ekuqaleni kuze kuyofika ekugcineni.
16
IBANGA 11
IBANGA LE-11
17
18
19
Indikimba Ukufa
20
Indikimba Imvelo
21
UKUCHAZWA KWAMAGAMA
IGAMA INCAZELO ESOBALA INHLOSO UOKUKHETHWA
KWEGAMA
Ngimbeleni Ukumba iliba la kusuke imbongi ibala la efisa ukuba
kuzongcatshwa khona ithuna layo limbiwe khona uma
umuntu. isishiya lo mhlaba.
Umnyezane Isihlahla esimila eduze Imbongi ifisa ukufihlwa
kwamadamu / neziziba endaweni epholile futhi
esinamagatsha alengayo engenakushazwa isomiso
futhi sihlale
sinamaqabunga aluhlaza
ubusika nehlobo
Izinyoni Lezi izinyoni eziba Imbongi ikhethe lezi zinyoni
ezincanyana nomsindo omtoti futhi ezincane noba azinawo
ongadeleki.imvama umsindo ozwakala kabi
izinyoni ezincane azikudli ezindlebeni njengowezinyoni
okungcolile. ezinkulu.(isib.owesikhova)
Izinsungulo Amazwi angemahle Imbongi ayifisi ukuzwa
zezilimi asukwe ebhekiswe kukhulunywa kabi ngayo
kumuntu. .noma izwe okungekuhle
konke okungekuhle emndenini
wayo okobangwa ukukhuluma.
okumuncu ngoba ingasekho.
IZINDIMA / IZITANZA
- Le nkondlo yakhiwe izitanza ezi – 4.
IMIGQA
- Inkondlo ibunjwe imigqa engama – 30 iyonke.
- Isitanza soku – 1,esesi-2 nesesi-3 zibunjwe imigqa eyisi – 7 ngasinye.
- Isitanza sesi- 4 sakhiwe imigqa eyisi -9
- Imigqa eminye ivalekile kanti eminye ivulekile
- Yonke imigqa yalenkondlo mide.
MVUMELWANO
Imvumelwano Siqalo
- Isitanza sesi – 2 ,umugqa we – 12 nowe – 13
Zenanel’ ukwethwasa kwehlobo,
22
Imvumelwano maphakathi.
Isitanza se-3 umugqa we-16 nowe -17
UKUXHUMANA
Ukuxhumana okuekuqaleni.
- Isitanza sesi – 2 ,umugqa wesi – 9 nowe – 10
Laph’ amanzi ethul’ enganyakazi
IFANAMSINDO
- Ifanankamisa.
Ngimbeleni endaweni’ enjena:
ISIGQI.
- Isigqi sale nkondlo siyanensa ngoba imigqa yayo mide eminye ivalekile kanti
uhlobo lwenkondlo ekhuluma ngokufa isigqi sayo siyanensa.
UMQONDO WENKONDLO.(ngokwezitanza )
Imbongi kuzo zonke izitanza ibala izindawo efisa ukuthi imbelwe kuzo uma
isidlulile emhlabeni.Imbongi ibona umphefumulo wayo ungaphumula ngokuthula
uma itshalwe kweyodwa yezindawo ezibalile.
Ibinza loku-1
23
Ibinza lesi-2
Kulesi sitanza imbongi ifisa ukumbelwa eduze kwamadamu amakhulukazi
lapho amanzi enganyakazi khona.Imbongi ithi mayifihlwe lapho iyozwa
ukuhlabelela kwezinyoni ezincane ezobe zizophuza amanzi apholile
edanyini.Imbongi ize ithi:
lapho ilanga lingenakushisa
Ibinza lesi – 3.
Kulesi sitanza imbongi ifisa ukufela ezindleleni lapho kuhamba khona abafundi
ngoba ikholwa ukuthi umphefumulo wayo uyophumela khona .Imbongi ithi
izinhlupheko eyobe kade ibhekene emhlabeni nokuthwala kanzima kuyophelela
lapho.Imbongi uma ifihlwe lapho iyoduduzwa imisindo yamantwana besikole
ngoba ibona kuyiyo imisindo yabantwana eduduza labo bantu asebashona.
Eduduza imiphefumulo
Ibinza lesi – 4
Imbongi ifisa ukumbelwa ezindaweni ezinjengalezi ezibalile kuze ingeke iwezwe
amazwi abantu alumelayo lapho eyobe ilele khona ngoba iyobe ingalele eduze
nekhaya kumbe la kuphithizela khona abantu abazolokhu beyikhuluma kabi
kumbe bedabukisa ngokuhamba kwayo.Imbongi icela noma ubani oyoyibona
kuqala la iyoshonela khona ayimbele kulezi zindawo ezibalile.Imbongi ithi
iyojatshuliswa ukuthi utshani phezu kwethuma layo buyobe buthi :
UMOYA WENKONDLO
Umoya wokunxusa.
Imbongi kuzo zonke izitanza inxusa ukuba imbelwe ezindaweni ezithandwa yiyo
kuze iphumule nikuthula lapho isishonile.
24
Imbongi inxusa lo oyoyifica kuqala isithule ayifihle kulezi zindawo ezibalile ngoba
ziqhelile la kunabantu engeke ilokhu ibezwa bekhuluma amagama angemahle
ngayo.Ifisa ukulala ngokuthula lapho kohlebeza utshani kuphela buthi:
INDIKIMBA
Imbongi iveza izifiso zayo zokuthi uma isithule ifisa ukufihlwa kuziphi izindawo.
Inzwa yokubona
Inzwa yokulalela/yokuzwa
25
Inzwa yokuthinta
Ukwenzasamuntu.
Isihlonipho
26
IZINDIMA / IZITANZA
- Le nkondlo yakhiwe izitanza ezi – 2.
IMIGQA
- Inkondlo ibunjwe imigqa eyi – 14 isiyonke.
- Isiitanza sokuqala sakhiwe imigqa eyisi-6
- Isistanza sesibili sakhiwe imigqa emi-3
- Isitanza sesi-3 sakhiwo imigqa emi-5
- Ukungalingani kwezitanza kukhombisa ukuthi isitanza siqukethe umqondo
ongalingalingani nowesinye.
- Imigqa eminingi ivulekile ( ayinazimpawu ekugcineni ).
- Imigqa yale nkondlo iyedlulana ngobude.
IMVUMELWANO
Imvumelwano Siqalo
- Isitanza sesi 3,umugqa we-13nowe – 14
Uwuzwa ngendaba ukuthi kade
Usha ubuhanguhangu.
Imvumelwano maphakathi
27
UKUXHUMANA
Ukuxhumana okusekuqaleni
Isitanza soku – 1 ,umugqa woku-1 nowesi – 2
Uyasha umlilo ngapha nangapha
Ukuxhumana okuphakathi
Isitanza sesi- 3 ,umugqa we -10 nowe – 11
lYilo lolu dondolo ocisha ngalo yonke imicibisholo.
IMPINDAMQONDO.
Yilo lolu dondolo ocisha ngalo yonke imicibisholo.
28
IFANAMSINDO
- Ifanangwaqa
- Yilo lolu dondolo ocisha ngalo yonke imicibisholo.
ISIGQI.
- Isigqi sale nkondlo siyanensa noma imigqa ivulekile kodwa mide.
I-ENJAMBAMENTI
- Siyalubona udondolo lwakho
Luyakhazimula ubhula ngalo
UMQONDO WENKONDLO.(ngokwamabinza )
Yize inkondlo eyisonethi ivame ukuba nesitanza esisodwa ngoba isuke iqukethe
umqondo owodwa kodwa le nkondlo ngoba ihlukene izitanza nje kusho ukuthi
imbongi ifuna ukuveza imiqondo engaphezu kowodwa.
Isitanza soku-1
Imbongi kule binza ibona abantu bekhungethwe usizi nezinhlupheko beshiswa
umlilo wezinkinga ezingapheli.Ithi abantu bahlalele ikhoza lomlilo obashiya belila.
Isib. Uyasha umlilo ngapha nangapha
ubukeka upholile
Isitanza sesi-2
Kulesi sitanza imbongi ithi uma unodondolo olunguNkulunkulu awubi nazo
nezingxaki ezikwenza uhlale usosizini noma ulila ngoba Yena uyakuthwalela
akwesule izinyembezi.Akukho okuma endleleni yakho uma unoNkulunkulu.
Unqoba ngaYe zonke izinkinga.
Isitanza sesi – 3.
Kulesi sitanza imbongi incoma amandla kaNkulunkulu okuthi ngaYe ngeke kume
lutho endleleni yakho.KuMdali uthola lonke usizo oludingayo.Imbongi ize ithi: “ Yilo
lolu dondolo ocisha ngalo yonke imicibisholo”
29
Imbongi ize ibize uNkulunkulu ngedwala ichaza ubukhulu bakhe ukuthi uma
ucashe kuye awuzanyazanyiswa yilutho.
UMOYA WENKONDLO
Isitanza soku - 1
Umoya wokumangala
Imbongi imangazwa ukuthi kuzo zonke izinkinga nezingxaki abantu ababishe kuzo
basuke bengazi ukuthi lo abambona sengathi akanankinga yena yedwa uvikelwe
yini kuzo .Imbingi ize ithi:
usha ubuhanguhangu.
INDIKIMBA
30
3.MATHONGO AMI
Ukukhethwa kwamagama
31
UKUBHEKA UMOYA
Umoya wokubalisa. Imbongi lapha ibalisa ngesimo sayo sempilo. Ibalisa ngoba
ibona impilo yayo imi ndawonye, ingekho inqubekela phambili. Kube kunenkolelo
yokuthi amathongo ayababheka abaphilayo. Imbongi ithi:
5. Ngiyazama ngiyasukuma, ngiyatabuzela,
6. Ngiyazama ngiyahamba, ngiyantantatheka.
7. Imilenze ibophene, izitho zingamagqinsi,
8. Igxathu engilithathayo liwumqansa.
Ibalisa kangaka nje ngoba ibona izama kodwa kungalungi lutho. Iyazibuza
iyaziphendula ukuthi angobani la mathongo athule angamlekeleli izinkinga
zimsobozela. Imbongi ithi:
11. Ningibukelelani ngiyowela eweni?
12. Ningiyekelani ngihlwathiza ehlathini?
32
UKUBHEKA UMQONDO
Umqondo osobala
• Imbongi ikhuluma namathongo iwabiza ngezithutha ngenxa yokuthi
ayayibuka ingakwazi ukuhamba isindwa yizitho eziwugqinsi.
• Ithi noma izama ukuyozingela ingabuyi nalutho kuphela yonke into, ishiswa
umlilo; nakuba kunjalo awenzi lutho amathongo.
Umqondo ocashile
33
UKUBUMBEKA KWENKONDLO
Izindima - le nkondlo inezindima ezinhlanu. Ziyashiyana (azilingani). Indima
yokuqala inemigqa eyisishiyagalombili, eyesibili inemiggqa eyishumi kanti
eyesithathu, eyesine neyesihlanu inemigqa eyisithupha.
Isuzura/Isikhawu
Umugqa wesi-5; owesi-6; owesi-7; owe-16, owe-17; owama-25; owama-26;
owama-31 kanye nowama-32.
Ukuxhumana siqalo
Ibinza lokuqala, umugqa wesihlanu nowesithupha.
Ngiyazama ngiyasukuma, ngiyatabuzela,
Ngiyazama ngiyahamba, ngiyantantatheka.
Ukuxhumana okuphakathi
Ibinza lesine, umugqa wesithathu nowesine;
Abanibonayo bathi nilambile,
34
Ukuxhumana sigcino
Indima yesihlanu; umugqa wesihlanu nowesithupha.
Ningibukelelani mathongo?
Ningilahlelani mathongo?
Imvumelwano siqalo
Indima yokuqala, umugqa wokuqala, wesibili, wesithathu nowesine.
Ningibukelani?
Ningilahlelani?
Ningobani mathongo ami?
Ninhloboni yezithuthu?
Imvumelwano maphakathi
Indima yesibili, umugqa wesithathu nowesine,
Ningibukelelani ngiyowela eweni?
Ningiyekelelani ngihlwathiza ehlathini?
Imvumelwano sigcino
Indima yesibili, umugqa wesithupha nowesikhombisa
Bathi ngaphuma ngembethe,
Bathi ngavela ngifumbethe,
Ifanamsindo
Ifanankamisa - Ngiyazama ngiyahamba, ngiyantantatheka.
Ifanangwaqa - Izivuvaba zempilo ziyangivivinya.
Imifanekisomqondo
Isingathekiso
Izitho zingamagqinsi – iveza ukusinda kwezitho.
Igxathu liwumqansa – iveza ubunzima ebhekene nabo empilweni.
Uphawu
35
Isenzasamuntu
Ibinza lokuqala, umugqa wokuqala, wesibili nowesithathu
Ningibukelelani?
Ningilahlelani?
Ningobani mathongo ami?
IZINDIMA / IZITANZA
Le nkondlo yakhiwe izitanza ezi – 4.
IMIGQA
Inkondlo ibunjwe imigqa engama – 20 isiyonke.
Zonke izitanza zibunjwe imigqa emi – 5 ngasinye.
Yonke imigqa ivalekile ( inezimpawu ekugcineni )
IMVUMELWANO
Imvumelwano Siqalo
Isitanza soku - 1,umugqa wesi – 3 nowe – 4
Bekhala belila ngethambo labo,
Bengasophinde nhlobo balibone,
UKUXHUMANA
Ukuxhumana okutshekele esinxeleni.
Isitanza sesi – 2 ,umugqa wesi – 6 nowesi – 7
Njengoba emnyama bhuqe ezilile,
Konk’ okwakhe kumnyama bhuqe,
36
IFANAMSINDO
Ifanankamisa.
Zintandanisile izintandane zosizi
ISIGQI
Isigqi sale nkondlo siyanensa ngoba iningi lemigqa ivalekile.
IMPINDWA
Imbongi isebenzise umgqa oyimpindwa ekupheleni kwazo zonke izitanza othi:
UMQONDO WENKONDLO.(ngokwezitanza )
Isitanza soku-1
Imbong isichazela ukuthi kushoniwe, umndeni nezihlobo baqoqene
ndawonye basosizini lokushiywa othandiweyo wabo.Bayakhala ngoba
ngeke baphinde bambone..Okubuhlungu ufe ngesandla sombulali
omdubulile, Imbongi ize imbuze lo mbulali ukuthi “ uyajabula yini uma
abantu bekhala kanje?”
Isitanza sesi-2
Kulesi sitanza imbongi iveza ukuthi umfelokazi usezilile ngezimnyama
ngenxa yokubulawa komyeni wakhe.Iyaveza ukuthi ubaba wekhaya uyena
obemisa insika kulo muzi . Imbongi ithi ‘ njengoba engasekho, ikati
selilele eziko sekuphilwa ngendlala kulo muzi .Imbongi ibuza umbulali
ukuthi uyakujabulela yini lokho?
37
Isitanza sesi – 4
Imbongi la ikhuluma ngezingane esezisele ziyimintshingo ibethwa ubani ngoba
sezishonelwe ubaba ebezondla ngenxa yombulali.Lezi zingane zeswele,
ziyahlupheka sekukhona nabafuna ukuziyengela ophathe osekungalula ukuhi
ziyengeke ngoba zifuna ukuziphilisa .
UMOYA WENKONDLO
Umoya wosizi.Imbongi idangele uma ibona umndeni nezihlobo bebuthene belila
ngenxa yokusholelwa ilunga lomndeni.Okufikisela imbongi usizi ukuthi usuke
ebulewe omunye umuntu engagulanga.Yingakho imbongi isebenzisa njalo
impindwa ekugcineni kwezitanza ibuza umbulali ithi “ Uyajabula yini” ?
INDIKIMBA
38
Inzwa yokubona
Njengoba bebuthene belusizi,
Njengoba emnyama bhuqe ezilili
Inzwa yokulalela
Bekhala belila ngethambo labo,
Inzwa yokuthinta
Kuchitheka igazi ubanqokloza
Kuxabene ubendle:
Isenzukuthi :Bhuqe
39
UKHUKHETHWA KWAMAGAMA
5.NGIJULISE NKOSI
40
UKUKHETHWA KWAMAGAMA
IGAMA INCAZELO ESOBALA INHLOSO UOKUKHETHWA
KWEGAMA
Impicabadala Yinto engaqondkali Imbongi isitshela ukuthi
,kumbe engachazeki ulwandle aluqondakali
ehlula ngisho ,ngisho ungamdala
abamnkantshubomvu. kangakanani luyindida kithi
sonke
41
42
IZINDIMA / IZITANZA
- Le nkondlo yakhiwe izitanza ezi – 5.
IMIGQA
- Inkondlo ibunjwe imigqa engama – 30 Isiyonke.
- Izitanza ezine kusuka kwesokuqala kuya kwesesine zibunjwe imigqa
eyisi-7 ngasinye.
- Isistanza sesihlanu sakhiwe imigqa emi-2
- Imigqa eminingi ivalekile ( inezimpawu ekugcineni ) ikhona eyingcosana
evulekile.
- Imigqa yale nkondlo iyedlulana ngobude.
IMVUMELWANO
Imvumelwano Siqalo
- Isitanza soku - 1,umugqa wesi – 4 nowe – 5
Uthi uyothubeleza phansi emathunjini omhlaba
Ube usuphendule umzizima wezulu wayisicoco
Imvumelwano Sigcino
- Isitanza sesi – 3 ,umugqa wama – 20 nowe – 21
Ongasho ngaz’ ukuthi: ‘ Zulu ,ngibukeni’ ?
Uyadela ,Siziba,ngokufuyela esizibeni.
43
UKUXHUMANA
Ukuxhumana okusekuqaleni
- Isitanza soku – 1 ,umugqa wesi – 2 nowesi – 3
Kuya ngokuya okwakho ukujula,
Kuya ngokuya okwakho ukudepha.
Ukuxhumana okuphakathi.
Isitanza soku – 1 ,umugqa wesi – 2 nowesi – 3
IMPINDA AMQONDO.
- Kuya ngokuya okwakho ukujula,
Kuya ngokuya okwakho ukudepha
IFANAMSINDO
- Ifanankamisa.
Sekuphuthazana uhlaza nohlaza
ISIGQI.
- Isigqi sale nkondlo siyanensa ngoba imigqa eminingi ivalekile futhi iningi layo
mide.
ISIKHAWU / ISIZURA
- Uyadela , Siziba , ngokudeph’ okujulile.
- Ngijulise nami , Nkosi:
44
I-ENJAMBAMENTI
- Uthi uyothubeleza phansi emathunjin’ omhlaba
Ube’ usuphendul’ umzizima wezulu wayisicoco.
UMQONDO WENKONDLO.(ngokwezitanza )
Isitanza soku-1
Imbongi kulesi sitanza ibabaza ubukhulu bolwandle futhi iyasho ukuthi
akekho oluqondayo.ngisho ngisho asebempunga impela abaluqondi
Isitanza sesi-2
Kulesi sitanza imbongi iveza ukuthi iyakwesaba lokhu kuzotha(ukucweba)
kolwandle uma lulubuka phakathi le lube lungenza noma yini uma
seluthanda.uthi kunyakaza amagagasi kuphela ngasekuqaleni kwalo
awafanisa nezinwele ethi:
Isitanza sesi – 3.
Kulesi sitanza imbongi incoma ulwanndle ngokukhusela izinhlobonhlobo
zezilwane ezitholakala ekujuleni kolwandle .Ithi khona
45
ezingenamlenze,ezingenandlebe,ezingenampondo,okupheshezayo
nokuputshulukayo.Imbongi ibona izinkulungwane ezigcwele la emhlabeni
zezilwane zingelutho kunalezi ezikumanzikazi olwandle.uthi: ungathi lufisa
ukubukwa
Isitanza sesi – 4
Kulesi sitanza imbongi ibuka imisha nemihoshana egijima amanzi onke ejahe
olwandle oluhlale luluhle njalo lucwebile yikho imbongi ithi:
Isitanza sesi- 5
Imbongi icela uMdali ukuba ayiphe lokhu kujula okunjengolwandle oluthi lunakho
konke,namandla onke kodwa lusimze luzibeke phansi
,lungazikhukhumezi,Imbongi ifisa ukuhlale iphansi ingaziqhayisi ngenakho
kwabanye abantu.
UMOYA WENKONDLO
Umoya wokuncoma .Imbonga incoma ulwandle ibheka ukujula kwalo.Ibheka
nokuthi akekho ngisho omdala kangakanani ongachaza ulwandle.
46
Imbongi ibuye iveze ukuthi olwandle khona yonke inhlobo yezilwane ize ibale:
ezingenamlenze , eziputshulukayo,ezingenandlebe nezingenampondo.Imbongi
iyaluncoma ukuthi lezi zilwane zihlala ekujuleni kolwandle
INDIKIMBA
Kukho konke lokhu okwenziwa ulwandle okukhulu kangaka ithi kodwa ulwandle
aluzikhukhumezi ngobukhulu balo.Imbongi ize ifise ukujula okunjengolwandle
oluthi lunayo yonke into ,lunamandla okwenza noma yini kodwa aluzithobe
‘Ngijulise name,Nkosi
Nkinsel’ ezishay’ impabanga.’
ULIMI
47
Inzwa yokubona
Kwesakho isibaya kuyeqana kuyaphithizela.
Inzwa yokulalela
Lithi ligone ulifihlel’ abakwaLanga.
Inzwa yokuthinta
Kuya ngokuya okwakho ukujula,
Inzwa yokunambitha .
Uzondl’ uziphuzise’ amanzi ngomnyelela,
Ukwenzasamuntu.
- Lesi sifenqo sitholakala kumigqa eminingi kule nkondlo.isib.
- Uyadela ,Siziba,ngokudeph’ okujulile.
- Ngiyakwesaba ukuzotha kwakho Nzothane,
- Izindwendwe zamabutho akwaManzi.
6.BABA WABANTABAMI
UMQONDO WENKONDLO
Umqondo wenkondlo usuke usivezela ukuthi imbongi ixoxa ngani enkondlweni
yayo. Yilokho okusuke kusemqondweni wembongi ibhala inkondlo. Umqondo
wenkondlo kungaba osobala noma kube ngocashile. Le nkondlo imumethe
umqondo osobala.
Imbongi iyenaba, iveze ukuthi ithini ngendikimba yenkondlo. Le nkondlo
ikhuluma ngowesifazane owashiya ikhaya kubo kumnandi wayogana. Uthe
esafika, impilo yaqala yaba mnandi. Kuthe ngokuhamba kwesikhathi, izinto
zashintsha ngaphandle kwesizathu. Umyeni wakhe waguquka waqala
wangamphatha kahle. Inkondlo iveza ukuthi okugcine sekwenzeka wukushaywa
kowesifazane.
Amagama anembayo:
• Intokomalo – wukufudumala okukwenza uzizwe sewuhleli wenethezekie,
ukhululekile futhi ujabule nasemphefumulweni. Inkondlo iveza impio
yokuhlala kahle kwembongi isakubo.
• Uthando oludlula konke- wuthando olukhulu olujulile. Uthando olunzulu
lwavezwa wumyeni, lwamshiyisa ikubo.
• Achichima amancoko – Yinkulumo egcwele ukuteketisana. Amazwi
imbongi eyayiwezwa ayegcwele ukudlalisana.
• Imibala yothingo lwenkosazane- Imibala yothingo lwenkosazane mihle
futhi igqamile, iyaheha emehlweni. Imbongi yayibona ikusasa lempilo
enhle eyayizoyiphila uma seyihlala nomyeni wayo.
• Izikhweqe – umuntu onamandla, onezinyama eziqinile ezidalwe
wukuzilolonga kwakhe. Kakulula ukumehlula umuntu oseyilesi simo.
Amehlo omyeni wembongi ayeqale ngokuveza uthando, ajika aveza
amandla ababazekayo ayeselungele impi noma nini.
48
49
50
UKUXHUMANA SIGCINO
• Ibinza lesithathu, umugqa wama-28, 29 nowama-30, iveza ukuxhumisa
imiqondo ekule migqa. Le migqa iveza umqondo wokungashintshi
kwesimo yize sekwenzeka izigigaba ezahlukene. Yashaywa yalimala,
kwezwela nasezinganeni zalila, zaxolisela unina kodwa konke lokhu
kakubushintshanga ubunzima imbongi eyayihlangabezana nabo.
Ngavuza igazi kwangathi diki,
Kwalila izingane kwangathi diki,
Zangixolisela izingane kwangathi diki.
ISIGQI
Singumgqumo otholakala uma sifunda inkondlo. Isigqi sikabili:
ngesinensayo noma esisheshayo. Okuletha isigqi senkondlo kungaba,
izimpawu zokuloba, i-enjambementi, ukuphindaphinda, imvumelwano
wukuxhumana, wubude bamagama, wubude nobfishane bemigqa,
impindwa kanye namagama abhalwe ngosonhlamvukazi okungenzeka
51
Imigqa yenkondlo eminingi ivalekile. Lokhu kudala ukuba ibe nesigqi esinensayo.
Umqondo oveziwe wale nkondlo unomthelela kulesi sigqi esinensayo. Izinto
kaziyihambeli kahle imbongi iyashaywa ekhaya. Kanjalo nomoya oqukethwe yile
nkondlo uphinde ube nomthelela kulesi sigqi esinensayo. Le nkondlo iveza
umoya wosizi nokubalisa. Imbongi iyahlukumezeka ekhaya.
INDIKIMBA
Wumongo, yingqikithi, yilokho inkondlo ekhuluma ngakho. Indikimba yale
nkondlo wukuhlukunyezwa. Imbongi nalapha isebenzisa amasu obunkondlo
abalulwe ngenhla ukwethula indikimba yenkondlo.
UMYALEZO
Ukungafeli phakathi uma kunokuthile okusihluphayo, kusikhathaza
emphefumulweni kodwa imbongi ifuna sigonyuluke ngako. Imbongi emuva
kokushikashikeka emendweni wayo, igcine seyibhekana ngqo nokuyihluphayo
yambikela umyeni wayo. Iyaveza kumyeni wayo impilo eyijabulelile bese iphinde
imuvezela lapho seyibona esephaphalaze khona, eseyishaya kungonakele lutho.
Iyamuvezela nomthelela wokuhlukumezeka kwayo, okuyisililo sezingane zabo.
UMOYA WENKONDLO
Uxubile. Ibinza lokuqala nengxenye yebinza lesibili sithola imbongi ithokozile.
Ingxenye yesibili yebinza lesibili iveza imbongi isosizini ngoba ijikelwe ngumyeni
wayo obeyivezela uthando kuqala kodwa manje oseyishaya. Nakuwo umoya
wenkondlo, ubuciko benkondlo buba nomthelela ekuvezeni imizwa noma indlela
imbongi ephatheke ngayo ibhala inkondlo. Bonke ubuciko obubalwe ngenhla
buyasetshenziswa ukuveza imizwa yembongi.
Isiphetho
Imbongi iphumelelel ukusebenzisa ubuciko bomlomo ukuze kuvele ukuthi
imbongi ihlukumezekile (indikimba), yenaba nokuhlukumezeka kwayo (umqondo)
kanye nemizwa yayo yosizi (umoya).
52
INOVELI
UKUHLUZWA KOMDLALO UNTOMBAZI
ISETHULO /ISINGENISO
Lapha sethulelwa ummeleli; isisusa sodweshu kanye nendawo lapho umdlalo
udlalelwa khona. Inkinga yomlingiswa iyethuleka nayo kuleli zinga.
• Sethulelwa umlingiswa omkhulu uNtombazi indlovukazi yakwaNdwandwe
ihlezi elawini layo, ikhuluma nezilwane zayo ukuba ziyiyalele lowo
okufanele ambulale ukuze kukhule amandla nombuso kaZwide.
• Inkinga abhekene nayo ukukhulisa umbuso wakwaNdwandwe ukuze
uDingiswayo abe ngaphezu kwawo wonke amakhosi akhona.
• UNtombazi uhlezi ephezu kwamacebo okubulala esebenzisa ubuthakathi
kanye nobuqili.
• Sethulelwa umlingiswa oyimbangi okunguDingiswayo kanye noShaka.
• UDingiswayo uyinkosi ekhonze uxolo izimpi akezwani nazo.
• Isisusa sodweshu ukuthi uNtombazi benoZwide bephule isivumelwano
sabo noDingiswayo esingukuthi bangalokothi bahlasele amanye amakhosi
ikakhulukazi lawo angaphansi kombuso kaDingiswayo . UZwide
noNtombazi bahlasele uMatiwane osethele embusweni kaDingiswayo.
• Le ndaba yenzeka ngesikhathi sasemandulo izizwe zisabuswa
ngamakhosi ngokuphelele, uhulumeni engenawo umthetho olawula
amakhosi.
• Ukwandiswa nokuvikelwa kwemibuso yamakhosi ngezimpi yiyona mpilo
yemihla ngemihla.
53
Uvuthondaba
Lesi isicongo sendaba. Yonke imibuzwana esuke idide umfundi iyaphenduleka.
Ngabe uyaphumelela noma akaphumeleli umlingiswa ongummeleli /
oyiqhawekazi emizamweni yakhe? Inkinga yomlingiswa oyiqhawekazi
iyaxazululeka.
Isiphetho
ISIZINDA:
54
INDAWO:
Uma sikhuluma ngendawo sibheka lapho umdlalo owenzeka khona. Kungaba
indawo yasemakhaya, emadolobheni njll. Umdlalo wethu wenzeka endaweni
yasemakhaya.ezindaweni zamakhosi amathathu: Ubukhosi bakwaMthethwa,
emzini wenkosi uShaka kanye nasembusweni wakwaNdwandwe.
INKATHI:
Lapha sisuke sibheka ukuthi ngabe indaba yenzeka esikhathini/ enkathini
yakudala noma yanamuhla. Lokhu kuthinta izinto ezisetshenziswayo. Le ndaba
yenzeka enkikhathini yakudala lapho izizwe zazikhulisa imibuso yazo ngokulwa
izimpi. Siyathola lapho uZwide ehlasela uMatiwane aphinde ahlomele ukuhlasela
uZwide. Kwakuhlaselwa ngemikhonto. Kwakunamalawu lapho uNtombazi
ayehlala khona.
ISIMO SENHLALO:
Lapha sibheka indlela okuhlaliswane ngayo okungaba imindeni, omakhelwane
njll.
Kulo mdlalo isimo asisihle sishubile kusukela ekuqaleni kuze kuyophetha
indaba. Isimo senhlalo kulo mdlalo sikhomba ukuthi kwabe kusaliwa izimpi.
Untombazi waye……Ubuqhawe babuyigugu kakhulu uma uhlabana
awuzihlabaneli wena kodwa uhlabanela inkosi yakho. Amakhosi ayeyazisa
imfuyo yingakho ezimpini kwakuthathwa imfuyo yalabo abehluliwe. Imithi kanye
nokuthakatha kwabe kusebenza kakhulu.
INDIKIMBA:
Lapha kubhekwa umongo /ingqikithi yendaba jikelele. Kusuke kufuneka ukuba
umfundi akwazi ukubheka ukuthi indaba yonke ikhuluma ngani. Indikimba
igaguleka ngegama elilodwa noma kube isigejana samagama, inqobo nje uma
kuzovela umongo wonke wendaba ukusuka ekuqaleni kuze kube sekugcineni.
Indikimba yalo mdlalo ukuthi ububi bungaphansi kobuqhawe.
UMYALEZO
Umfundi kumele akwazi ukuhumusha umyalezo awubhekise ezingxenyeni
ezikhethiweyo zethekisthi.
Isibonelo:
• Ubuthakathi abubuyiseli. (uNtombazi noZwide)
• Akukho qili elazikhotha emhlane. (uNtombazi wagcina ngokufa).
UDWESHU
Udweshu lwangaphakathi
55
Udweshu lwangaphandle
• UMalusi noZwide abezwani lapho uZwide ebiza uShaka ngenjakazi.
• UNtombazana uxabana noNtombazi kanye nomfowabo uZwide ngenxa
yokunahambisani nokubulawa kwabantu kanye nobuthakathi uze uthi
ngabe kungcono ukuba wazalwa esizweni sakwaMthethwa lapho kubusa
khona uxolo.
• UDingiswayo wenqaba ukungena elawini likaNtombazi umemeza
engaphandle uthi uyongena efile hayi ephila. UNtombazi uthi uqambe
eshilo uzongena nomlamu wakhe uMelusi olapha ngaphakathi uze
uyagcizelela uNtombazi uthi “ kakuphunywa elawini likaNtombazi” .
• Ukubulawa kukaDingiswayo ebulawa yibutho likaZwide. “ Ngithe
ngibulaleni, mavaka! Seniyesaba yini? Ngigwazeni!”
• UNtombazana uqophisana namabutho kaZwide ngoba emnqabela ukuba
aphume elawini lakhe ayobheka uDingiswayo. UNtombazana ugcina
ngokuzibulala ngesinqindi sakhe.
56
UVUTHONDABA
Lesi isicongo sendaba. Yonke imibuzwana esuke idide umfundi iyaphenduleka.
Ngabe uyaphumelela noma akaphumeleli umlingiswa ongummeleli /
oyiqhawekazi emizamweni yakhe? Nazi ezinye zezehlakalo ezenza lo mdlalo
ufinyelele kuleli zinga:
UKULANDELANA KWEZIGAMEKO/IZEHLAKALO
57
UKUJEQEZA EMUVA
Leli ikhono/ isu elisetshenziswa ngumbhali noma umlandi lapho esethulela khona
isigameko esenzeka esikhathini esedlule ngenhloso yokuba sikwazi
ukuqondisisa kahle isigameko sangaleso sikhathi.
58
ISU LOKUBIKEZELA
• Iphupho likaNtombazi ephupha izivunguvungu. Leli phupho landulele
umbiko omubi othi impi kaDingiswayo seyinqotshwe ngekaShaka.
• Ukukhala kwesikhova lapho uNtombazana esecwiya uDingiswayo.
• Iphupho likaDingiswayo eliyinkinga lapho ephupha uMawewe
ongumfowabo ambulala ukuze abe sesihlalweni sobukhosi
bakwaMthethwa.
• Ifu elimnyama ebusuku ngenkathi uDingiswayo, umdlunkulu namabutho
bephikelele kwaZwide.
UKUVEZWA KWABALINGISWA
Funda ekuqaleni lapho lukhona amanothi ngokuvezwa kwabalingiswa
ngezindlela ezahlukene.
• UZwide – Inkosi engakwazi ukuzimela ngokwayo. Amaqhinga wonke
uwathatha kunina uNtombazi.
• UNtombazi - Ungumuntu wesifazane onesibindi. Ungumuntu okholelwa
ekuthakatheni ukuze banqobe zonke izizwe abakhelene nazo. Ungumuntu
onesihluku uze ahlobise ngamakhanda amakhosi uma esewabulele.
• UShaka - Uvezwe njengomuntu onesibindi kusukela ekuzalweni kwakhe.
Ngenkathi esekwaluseni kwakuthi uma ehlatshwa ngameva awahlikihle
ngonyawo kuphele ngeswayi kanjalo nenyoka wayeyibulala ayitshathe
emahlombe. Nguye owabulala uhlanya lwakaMthethwa olwabe lubhilitile.
Wayengakhohlwa yilabo ababemphathe kabi esakhula. Lokhu kuvela
lapho ebulala uyise omncane uMudli, abaseLangeni athi bamhlupha yena
kanye nonina. Wayengabalibali nalabo abamsizile empilweni yakhe,
simthola ngokuthi aphindiselele inkosi yakwaMthethwa uDingiswayo
eyabe isibulewe nguNtombazi noZwide. Wayewathanda kakhulu
amaqhawe, simbona eklomelisa uNtombazi ngomkhonto encoma
ubuqhawe bokubhekana nempisi.
• UDingiswayo - Uvezwe njengenkosi eyayithanda ukubusa ngoxolo
engahambisani nokuchithwa kwegazi. Lokhu kuvela nalapho esethunjwe
59
UMOYA
Isimo sengqondo noma semizwa yomfundi lapho efunda indaba ngokwenzeka
kubalingiswa. Umoya uvela ngenkulumeni yabalingiswa.
Uma ufunda indaba uShaka efuna ukusindisa uDingiswayo njengoba uNtombazi
efuna ukuhlasela kwelakwaMthethwa . Uba nomoya wokuzwela uDingiswayo
njengoba efuna uxolo engazi ukuthi uNtombazi uzomhlasela.
ITHONI
Ithoni indlela inkulumo ebekeka ngayo. Kubhekwa amagama asetshenzisiwe,
isimo asetshenziswe kuso kanye nendlela asetshenziswe ngayo.
ISAKHIWANA
60
ISAKHIWO
Isakhiwo senoveli siwukubumbeka kwendaba kusuka ekuqaleni kuze kuyofika
ekugcineni. Kubhekwa ukuthi inoveli iqala kuphi ize iphele kuphi.
ISINGENISO
Lapha sethulelwa khona umlingiswa osemqoka kanye nesisusa sodweshu
kanjalo nesizinda ikakhulukazi indawo.
UMZIMBA
Lapha sithola ukukhula kodweshu luze lufike kuvuthondaba. Sethulelwa abanye
abalingiswa benoveli isixakaxaka, uvuthondaba, amasu okujeqeza emumva
kanjalo nesu lokubikezela kanye nesakhiwana.
UDWESHU
Udweshu luwukungqubuzana kwemibono okungaba kumlingiswa eyedwa noma
kwababili kuya phezulu. Kunodweshu lwangaphakathi:Lokhu ukungqubuzana
kwemibono kumlingiswa eyedwa ezicabangela okungaze aphimise lokho
akucabangayo.
Udweshu lwangaphakathi
• ULetheni uyacabanga emva kokuxoshwa uThuthukani, uyazibuza ukuthi
kodwa usengaze amxoshise okwenja emzini yena athi ungowabo bobabili.
• UThuthukani uyapheka uyathulula emva kokuba uThembekile ebukise
ngaye ebantwini wamubhunyela ngamanzi ethi uzozama ukulalisa ulaka
olwalumbambile uThembekile ngokuzibona enziwa isithutha uThuthukani
ngodaba lukaLetheni.
• UThuthukani ucabanga indlela athanda ngayo uThembekile nanokuthi
unokwethembeka njengegama lakhe akafuni amulahlekele ngenxa
kaLetheni owahamba iminyaka emibili yonke waphinde wafaka
namaphepha esehlukaniso.
• UThuthukani uzibuza ngomuntu osesangweni kwakhe ukuthi engabe
ubani nalapho athole khona ukuthi ULetheni uzocela indawo yokulala
ngoba engazi uzoshonaphi ngaphi ebusuku.
• ULetheni ucabanga ngokwehlukana kwakhe noThuthukani ukuthi ngabe
akwenzekanga ukuba uThembekile ubengazami ukuziphindiselela ngoba
yena uThembekile washiywa nengane, yaphikwa uThuthukani.
61
Udweshu lwangaphandle
• Udweshu phakathi kukaLetheni noThuthukani kubangwa indaba yokuthi
Uletheni ufike edakwe ephele inkani. Lapha sithola uNjiyela ehluthukelwa
yinhliziyo aze akhiphe ummese okugcina kungena nomakhelwane uma
bezwa umsindo kwaNjiyela nodadewabo kaLetheni uNobesuthu
owasewuqanduqandu enziwa ukwethuka efuna nosizo.
• Ingxabano esiyithola phakathi kukaLetheni noThuthukani uma
uThuthukani engena eshaweni ezitshela ukuthi kugeza uThembekile.
Lapha uThuthukani uzithsela ukuthi uThembekile umzumile usekhetha
ukuthi angachithi sikhathi angene naye ayogeza noThembekeli kanti
uzozithela kuLetheni naye owethukayo uma ebizwa ngoThembekeli.
Akafuni ukuzwa ukuthi ufunani nokuthi ungene kanjani ngoba ethi naye
umuzi wakhe lo.
• UThuthukani uzama ukubhula ulaka lapho kuphoseka uThembekile
esazama ukuzwa ukuthi Uletheni ubekwa yini lapha. UThembekile lapha
akasafuni kuzwa ngokwakhe ubona ukuthi uThuthukani ubedlala ngaye
uma ethi akafike nakhu esezithela kubo bobabili futhi besesimweni
esingamgculisanga kwazise babethi bayageza.
• UThuthukani uzama ukubhula ulaka kuThembekile emva kokuba
ephulukundlele endlini wabashiya noLetheni, ube esemlandela ukuze
ezozama ukuthi achaze kodwa nokho okunhlanga zimuka nomoya. Lokhu
kuze kuholele ekuthenini athelwe ngamazwi uThuthukani.
• Uletheni uyenqaba ukuphuma ahambe emva kokuba uThuthukani
emvumelile ukuba alale ubusuku obubodwa.
• UThembekile uficana noLetheni esitobhini nalapho uThembekile aphoqwa
khona ukuba angagibeli ukuze baxoxe ngezindaba ezibathintayo bobabili.
UThembekile ubiza uThembekile ngesiboshwa okumcasula kakhulu
ULetheni. Lapha kugcina ULetheni ethumba uThembekile.
• USpikes usala edunyelwa yikhanda emva kokuba kade kunokungezwani
noThuthukani ocingweni usala ethukile engazi kuzokwenzakala ini ngoba
ekhombisa ukuzethemba nje uThuthukani.
ISIXAKAXAKA
• ULetheni ugcina ekhuluma amzwi ashiya uThuthukani edidekile
ngoThembekeli ukuthi ngabe wazini ngaye.
• ULetheni uthumba uThembekile ufuna kuvele amaqiniso ngobuqili bakhe
uThembekile.
UVUTHONDABA
UThuthukani uyalithola iqiniso ngoThembekeli kanjalo nonkosikazi kaMsimude
uyaxolisa uveza ukuthi ingane le umyeni wakhe azitshela ukuthi ubeyikhulisa
kungeyakhe akusiyo eyakhe ekaLetheni yantshontshwa kwafihlwa ngayo.
62
ISIPHETHO
Lapha sithola inovela iphetha kuvuthondaba lapho uThuthukani noLetheni
bethola ingane yabo kanjalo kuvela namaqiniso ngoThembekeli nonina
okunguye owantshontsha ingane kaLetheni.
UKUJEQEZA EMUVA:
• UThembekile uxoxelela umngani wakhe uThokomele ukuthi bahlangana
kanjani noThuthukani owamshiya nengane angavumanga ukuba kungaba
eyakhe uThuthukani.
• UThembekile uyasho ukuthi lokhu kwamzwisa obukhulu ubuhlungu ngoba
ingane ibigula ekukhuleni kwayo kodwa uThuthukani engekho eduze
kwababili.
• ULetheni ucabanga indlela enesihluku ahlukaniswa ngayo noThuthukani
nalapho ayekhonjwe ngesibhamu kumele asayine amaphepha
esehlukaniso. Ucabanga indlela aboshwa ngayo ekubeni uThembekile
ayemthembise izizumbulu zemali kanti umyengela ekuboshweni.
ISU LOKUBIKEZELA
ULetheni utshela uThuthukani ukuthi ukuba uyalwazi ugobe olumcathamelayo,
lamazwi ashiya uThuthukani ezibuza ukuthi ubekhuluma ngani uLetheni.
Ngempempela siyathola ukuthi kanti uThembekile ubenza indlela
yokuziphindiselela kuThuthukani hhayi ngoba ebemthanda ngempempela kodwa
lokho uThuthukani ukuthola ekugcineni ukuthi sonke lesi sikhathi uThembekile
ubedlala ngaye.
ISAKHIWANA
• Ingengxenyana yencwadi enesethulo, umzimba nesiphetho. Inendikimba
yayo kanjalo nabalingiswa kodwa yeseka indikimba yenoveli iyonke.
• Lokhu kusho isigameko esakha indatshana eba nesakhiwana esincane
esiba ngumxhantela wesakhiwo esikhulu sendaba.
• Inhloso yesakhiwana ukunikeza imininingwane ethile ngomlingiswa othile
endabeni nokubambezela ukukhula ngokushesha kwesakhiwo sendaba
ukuze ingasheshi iphele.
• Isakhiwana siba nomlingiswa omkhulu othile nesigameko esakhelwe
phezu kwaso kanye nala mabanga atholakala esakhiweni esikhulu:
isingeniso, umzimba nesiphetho.
63
ISIZINDA
INKATHI
INDAWO:
Le ndaba yenzeka endaweni yasedolobheni WATTVILLE.
Kukhona nesikhumuli sezindiza I OR Tambo la uthembekile egibelela khona
indiza ehambel eKorea.
ISIMO SENHLALO
UMYALEZO
64
UKUVEZWA KWABALINGISWA
Funda ekuqaleni lapho lukhona amanothi ngokuvezwa kwabalingiswa
ngezindlela ezahlukene.
UMOYA
IGWIJIKHWEBU
65
UMDLALO
INZIMA LE NDLELA : IBHALWE NGU-NJABULO P. MADLALA
1. Inkulumo kayedwana,
2. Okwenzeka enkundleni yokudlalela,
3. Isigameko esifihlelwe umlingiswa othile,
4. Udweshu,
5. Isenamisi
6. Imbangalusizi
Inkulumo kayedwana,
• Lena inkulumo eyenziwa ngumuntu oyedwa. Kulo mdlalo kuqala yona
inkulumo kayedwana ngesimo sentshumayelo emngcwabeni kaQhilika
Gasa.
• Siyayithola futhi yenziwa uMqapheli ebalisa ngenkinga abhekene nayo
ukuthi ubaba wakhe umshiye nomsebenzi omkhulu angazi ukuthi
uzoqalaphi ukuwenza. Siyayithola futhi inkulumo kayedwana kuye
uMqapheli lapho esezwile ukuthi ibhizinisi likababa wakhe belesekelwe
ukuthwala, esethatha ebeka engazi ukuthi enze njani.
66
Isakhiwo
Isakhiwo somdlalo siwukubumbeka kwendaba kusuka ekuqaleni kuze kuyofika
ekugcineni. Kubhekwa ukuthi umdlalo uqala kuphi uze uphele kuphi.
Amabanga esakhiwo
isethulo
• Ukwethulwa kommeleli
• Indawo umdlalo wenzeka khona
• Isisusa sodweshu
Umzimba
• Ukubhebhetheka kodweshu
• Isixakaxaka
• Uvuthondaba
Isiphetho
_______________________________________________________________
ISETHULO
67
68
Enye futhi indlela okuyiyona eyejwayeleke kakhulu yileyo ethatha isimo somuntu
wesithathu lapho umlandi engusazikonke, iso lakhe libona konke okwenzekayo
endabeni ngoba phela umi eceleni, akazitholi eyingxenye yabalingiswa bendaba
naye. Lapha-ke kuvame ukusebenza kwezivumelwano zomuntu wesithathu
okungu-(u-/ -ba-)kanye nezabizwana zomuntu wesithathu (yena/bona) njll.
Emdlalweni umlandi uthola ithuba uma esethulela imiyalezo yokuzokwenzeka
enkundleni yokudlelela. Esikhathini esiningi indaba iqhutshwa ngabalingiswa.
Umyalezo nendikimba
Indikimba ngumqondo jikelele noma yilokho indaba ekhuluma ngakho
ngegama elilodwa kumbe ngebinzana nje lamagama.
Indikimba yalo mdlalo ukuthwala
Umyalezo yilokho umbhali ahlose ukukwedlulisela kubafundi noma emphakathini
ngombhalo wakhe. Kungaba ukuqwashisa, ukukhuthaza, ukuvula amehlo
kubantu ngesimo esithile nokunye. Lokhu kuvama ukwethulwa ngomusho
ophelele.
• Kulo mdlalo umyalezo esiwutholayo owokuthi ukuthwala kuyingozi.
69
Inkathi
Isimo senhlalo
Udweshu:
Udweshu lusho ukungqubuzana kwemibono phakathi kwabalingiswa ababili
noma ngaphezulu kumbe ukushayisana kwemicabango eyahlukahlukene
engenzeka kumlingiswa oyedwa edinga ukuba athathe isinqumo esithile.
Ngakho-ke sinezinhlobo ezimbili zodweshu okuyilezi:
70
Udweshu lwangaphakathi:
• Udweshu lwangaphakathi yilapho imicabango yomlingiswa
inokushayisana ngenkinga abhekene nayo engazi ukuthi kumele enze
njani.
• Kulo mdlalo uMqapheli uba nodweshu lwangaphakathi kusuka nje
ekuqaleni uma ezwa ukuthi umcebo kababa wakhe ubuncike ekuthwaleni,
manje njengoba ubaba wakhe esehambile nje sekufanele ukuthi kube
nguye othatha ibhokisi elinemiyalelo eshiywe ubaba wakhe. Ugcina
elilahla ibhokisi.
• Ibhizinisi kubonakale ukuthi liwa ngokushesha, namathenda ayetholwe
nguyise ahoxiswe. Ugcina eseyolifuna ibhokisi lapho ayelilahle khona.
• UMqapheli uzithola enodweshu lwangaphakathi emva kokuzwa ukuthi
kumele anikele ngendodana yakhe u-Ayanda enguzinyobulala ayenze
umhlatshelo.
Udweshu lwangaphandle:
Iqhawe / ummeleli
• Lona ngumlingiswa oyiqhawe lomdlalo, indaba yonke igxile kuyena.
Simthola enezifiso ezinhle afisa ukuziphumelelisa. Emdlalweni uwonke
uyalwa elwela ukuthi kuphumelele izinhloso zakhe, kodwa akubi lula
71
Imbangi : UNhliziyombi
• Imbangi ihlala iphikisana nezinhloso zeqhawe. Kule ndaba uNhliziyombi
uyinyanga okuthwalwa kuyo. Ithi iqala nje indaba, uMqapheli uthola
amaqiniso abuhlungu mayelana nokudlondlobala kwamabhizinisi kababa
wakhe oseshonile. Usenikezwa ibhokisana okuthiwa ulishiyelwe nguyise.
• Le bhokisana uyise wayelishiye kuMagqubu.
• Uyazama uMqapheli ukuziqhelelanisa nesenzo sikababa wakhe, kodwa
kuyacaca ukuthi umcebo kababa wakhe uzophela ngokushesha, naye
uzobukeka njengesehluleki. Umfana wakhe amthanda kangaka
akazukukwazi ukumshiyela umnotho.
• Ugcina ehamba eyobona uNhliziyombi, obe esemphoqa ukuthi akabulale
uhlaka lwakhe uGubese ngoba ethi wephule imithetho ngokumxolela afike
evathazela.
• UNhliziyombi ufuna igazi likaMqapheli, uMqapheli uqamba amanga uthi
akanayo ingane ezama ukuvikela indodana yakhe u-Ayanda.
• Uyafona uNhliziyombi uthi ufuna umhlatshelo, kufanele abulale umuntu
amcuye izindlebe, izicubu zethanga lesokudla bese ekhipha nenhliziyo
• UMagqubu uyafona emgqugquzela ukuthi akalalele enze okufunwa
uNhliziyombi ngoba nobaba wakhe wabulawa ukuphikisana
noNhliziyombi, naye futhi uzobulawa yikho lokho.
72
• Umqhathi/ umelekeleli
73
Ukuvezwa kwabalingiswa:
74
Uhlobo lomdlalo
Lo mdlalo uyimbangalusizi ngoba kusuka ekuqaleni uqala kufe uQhilika isicebi
sendawo. Naphakathi emdlalweni baningi abantu abafayo baze bacuywe izitho
ezithile. Kufa noMagqubu nomndeni wakhe wonke. Ekugcineni, uMqapheli
umlingiswa oyiqhawe ugcina efelwe umndeni wakhe wonke phambi kwakhe.
75
IBANGA -10
IBANGA LE-10
Inkondlo Indikimba Umbhali
1 Amalungelo
2 Ngiyeke Ngikhulume
3 Konke Sekungumlando
4 Zokhala Lezo Nkomo
4 Ku Jacob Zuma
5
6 Izibongo Zenkosi Ubhambatha
7 Umzabalazo We-Afrika
8 Ngikhanyisele Dlozi
9 Sesiyacima Isibani
10 Iqhabanga
11 Sekusele Inkumbulo
12 Ngiphe Isineke
13 Amalungelo
14 Ngiyeke Ngikhulume
76
1.AMALUNGELO
UKUKHETHWA KWAMAGAMA
77
UMOYA
Umoya uxubile, kukhona owokuncoma imbongi incoma ukuba khona
kwamalungelo nokuthi avikela wonke umuntu.
Umugqa wesi- 3 : Nginelungelo nawe unelakho,
INDIKIMBA
Amalungelo, imbongi ikhuluma ngokusetshenziswa kwamalungelo ngendlela
engafanele.
78
UMQONDO
Imbongi ikhuluma ngamalungelo atholwa izakhamuzi zaseNingizimu Afrika,
emuva kukaHulumeni wentando yeningi, iyawancoma mahle ngoba avikela
wonke umuntu . Ibuye iveze ukuthi la malungelo abantu sebewasebenzisa
ngendlela engafanele, eqeda nokuhloniphana. Iveza ukuthiizingane/abafundi
abasahloniphi othishaezikoleni zigqamisa amalungelo, emakhaya
akusenamthetho ngenxa yalamalungelo asetshenziswa ngendlela engeyiyo.
Ekugcineni ithi yona izobambelela kweyakufundiswa ekhaya ngoba kunesisekelo
esiyiqiniso.
UKUBUMBEKA
Imigqa: le nkondlo inemigqa engama-25, engamadluladlulane ,kukhona evalekile
nevulekile.
Isib.
Umugqa woku-1: Sawalwela la malungelo. (uvalekile)
Umugqa wama-24: Uyihlo nonyoko (uvulukile)
Isikhawu/Isizura
Umugqa we-13: Isithunzi sikathisha, dwe
Imvumelwano maphakathi ka i
Umugqa wama-22: Ezanginika ilungelo lenhlonipho
Umugqa wama-23: Nokwazis’ isiko lokuhlonipha
Ifanangwaqa lika l
Umugqa wesi-6: Ligcinaphi leli lungelo?
Ifanankamisa lika o
Umugqa wama-24: Uyihlo nonyoko
Imifanekiso-mqondo/(izithombe magama)izinzwa
• Sawalwela la malungelo – (inzwa yokubona)kwabanzima ukuthi
atholakale lamalungelo akubanga lula.
• Ligcinaphi leli lungelo? (umbuzombumbulu) imbongi iveza ukudideka
lapho kuphelela khona la malungelo ngoba kungathi awanamkhawulo.
79
2.NGIYEKE NGIKHULUME
UKUKHETHWA KWAMAGAMA
UMOYA
Le nkondlo inomoya oxubile, kukhona wokuncenga nokunxusa. Imbongi
incenga intombi ukuba iyinike ithuba lokuthula inhliziyo yayo kuyona.
Incenga ukuba intombi iyilalelle ikhiphe konke okuyihluphayo enhliziyweni.
‘ Ithi ngiyeke ngikubalisele ungangilwini!!
imbongi inxusa ukuthi kube nokuzwana ayi ululwa ukuze ikhulume.
Imbongi inxusa ukuba iyekwe ikhuluma noma kubukeka
‘ Sengathi iyahhema’
80
INDIKIMBA
Indikimba yale nkondlo uthando. Imbangi inesifiso sokwethula uthando/ imizwa
anayo ngentombi oyithandayo. Imbongi icela ukunikezwa ithuba ukuze
ikhombise uthando analo ngale ntombi.
‘Ngibalise ngengikufukameli enhlizweni’
‘ Ungangilwisi’
‘ Ngosizi olungibusayo’
UMQONDO
Ibinza loku-1
Imbongi icela ukuveza imizwa yayo ngothando analo enhliziyweni yakhe
kwintombi. Ithi intombi ayimnike ithuba lokwethula konke okusenhliziyweni yayo.
‘ Ngibalise ngengikufukamel’ enhlizyweni’
Imbongi ithi ayinikwe ithuba noma ngabe kubukeka sengathi iyahhema ukuze
ludlule lolusizi aluzwayo.
‘ Ngikutshele ngosizi olungibusayo’
Ibinza lesi-2
Ibinza lesi-3
81
UKUBUMBEKA KWENKONDLO
IZINDIMA/AMABINZA
IMIGQA
• Le nkondlo ibunjwe imigqa eyi-19
• Amabinza /Izintanza ezimbili ezibunjwe imigqa eyi-7&8
• Ibinza lesi-2 libunjwe imigqa emi-3
• Ibinza le-3 libunjwe imigqa emi-4
• Imigqa yonke ivalekile
• Imigqa yakhiwe ngamagama kusuka kwelilodwa kuya kwamathathu.
• Imigqa eyi-enjambamenti ayikho kule nkondlo
• Isizura/Isikahwu- Umugqa wesi-2
‘ Ngiyeke ngikhulume,mntanomuntu’
‘ Ngiyeke ,ngihheme’ (Umugqa we-15)
IMVUMELWANO
Imvumelwano siqalo
Umugqa we-2 kuya kowesi-4
Ngiyeke ngikhulume, mntanomuntu,
Ngibalise ngengikufukamel’ enhliziyweni’
Ngiyeke ngikubalisel’ ungangilwisi,
Ngihheme ngendlel’ engifisa ngayo,
Ngikutshele ngosiz’ olungibusayo
Ngiyeke ngikhulume
Umugqa wes-
Asindize silingis’ Amajuba
Asitshakadule silings’ amathole
Imvumelwano emaphakathi
Ayikho
Imvumelwano sigcino
Umugqa wesi5 kuya kowesi-6
Ngihheme ngendlela engifisa ngayo
Ngikutshele ngosiz’ olungibusayo
82
UKUXHUMANA
UKUXHUMANA OKUSEKUQALENI
Akukho
UKUXHUMANA OKUMAPHAKATHI
Umugqa woku-1 kuya kowesi-2
Asindize silingis’ amajuba,
Asitshakadule silingis’ amathole
IMPINDAMQONDO/IMPINDWA/UKUPHINDAPHINDA
Ayikho
ISIGQI
Isigqi sale nkondlo siyanensa ngoba imigqa yonke yenkondlo ivalekile kanti
nomoya wenkondlo wokuncenga nokunxusa
IFANAMSINDO
IFANANKAMISA
Umugqa wesi-3
Ngibalise ngengikufukamele enhliziyweni
IFANANGWAQA
Umugqa we-11
Ngikutshele ngobumina ngingenamahloni
3 KONKE SEKUNGUMLANDO
UKUKHETHWA KWAMAGAMA
83
UKUBHEKA UMOYA
Umoya wenkondlo owosizi/owokubalisa. Imbongi ibalisa ngesimo esasishle
empiliweni yayo kepha esesidlule. Imbongi ithi konke sekungumlando. Imbongi ithi
seyadilikelwa izintaba. Amahlathi aphela. Okusho ukuthi indawo yokucasha uma
inezinkinga ayisekho. Iphinde ithi namuhla seyincela isithupha. Iswele isithandwa
sayo esesengasekho emplweni yayo.
Imbongi iyabalisa uma izwa izinyoni zicula zijabule ,zicula iculo kepha kuyona
akusekho koknke lokho sekungumlando. Isisele nokuthuthumela nokuthuka
izanya. Ithi iyesaba. Imbongi inomoya wosizi wodwa, izwa ubuhlunu obungapheli.
Imbongi ibalisa ngesithandwa sayo esingasekho ‘ izintaba ezingumasithela’
Akusekho ukubalisa ngesithandwa sakhe ebesisithwe zintaba. Okusho ukuthi
sesihambile emhlabeni. Imbongi ithi konke kuphela nya.
84
UKUBHEKA INDIKIMBA
UKUBHEKA UMQONDO
Umqondo osobala
Imbongi ikhuluma ngomlando womuntu ababethandana naye onguDeliwe.
Ibinza loku-1
Ibinza lesi-2
Ibinza lesi-3
Ibinza lesi-4
85
Ibinza lesi-5
UKUBUMBEKA KWENKONDLO
Izindima - le nkondlo inezindima ezinhlanu. Ziyashiyana (azilingani). Indima
yokuqala inemigqa eyisishiyagalombili, eyesibili inemiggqa eyishumi kanti
eyesithathu, eyesine neyesihlanu inemigqa eyisithupha.
Ukuxhumana siqalo
Ibinza lokuqala, umugqa wesi-13 nowe-14 .
Lezo zinsuku zokwethaba sezashabalala.
Lezo zinsuku zokujabula sezashabalala.
Ukuxhumana okuphakathi
Umugqa we-13 kuya kumugqa-14
Lezo zinsuku zokwethaba sezashabalala
Lezo zinsuku zokujabula sezashabalala
86
Ukuxhumana okutshekile
Umugqa wesi-4 kuya kowesi-5
Ngizwa ubumtot’ izinyoni zitshilozi,
Zitshiloza ngokwethab’ emagatsheni ezihlahla.
Umugqa wama-25 kuya kuma-26
Kwakumnandi kulokoz’ umlilo
Umlilo wathand’ olwaluvutha bhe
Ukuxhumana sigcino
Umugqa we-13 kuya kumugqa we-15
Lezo zinsuku zokwethaba sezashabalala
Lezo zinsuku zokujabula sezashabala
Unkenenezo sewashabalala
Imvumelwano siqalo
Ayikho kule nkondlo.
Imvumelwano maphakathi
Ayikho kule nkondlo.
Imvumelwano sigcino
Umugqa wama-20 kuya kowama-21
Ngikhumbuli amacik’ asadlula
Ngikhumbuli amacik’ asalala
Isuzura/Isikhawu
Umugqa wesi-5; owesi-6; owesi-7; owe-16, owe-17; owama-25; owama-26;
owama-31 kanye nowama-32.
Ifanamsindo
Ifanankamisa - Ngiyazama ngiyahamba, ngiyantantatheka.
Ifanangwaqa - Izivuvaba zempilo ziyangivivinya.
87
Imifanekisomqondo
Isingathekiso
Izitho zingamagqinsi – iveza ukusinda kwezitho.
Igxathu liwumqansa – iveza ubunzima ebhekene nabo empilweni.
Uphawu
Umugqa wama-39: Nithuleleni mathongo inhlwathi iging’ umsenene?
Imbongi isebenzise umsenene ukuveza ubuncane bamandla ayo okulwa nezimo
zempilo lezi ezibona zinkulu ize izilinganise nenhlwathi.
Isenzasamuntu
Ibinza lokuqala, umugqa wokuqala, wesibili nowesithathu
Ningibukelelani?
Ningilahlelani?
Ningobani mathongo ami?
88
bezwakale
nasemazweni akude.
UMOYA
Umoya wokubalisa/wokukhathazeka, abantu abamnyama baphucwa izwe labo
abelungu
Umugqa we-12: Yayikhony’ inzimakazi, ingazelele,
Umugqa we-13: Yafik’ emas’ avutshiwe yazokhonya,
Umoya wokuphokophela , nakuba abamnyama baphucwa izwe kodwa
basaqhubeka balwe
Umugqa we-18: Ngiyayethemb ‘ inzimakazi
Umugqa we-19: Iyohlab’ iphindelela, yehluleke
Umugqa wama-20: Ibuye iphindelele, manxa yehluleka.
INDIKIMBA
Ipolitiki / ezombangazwe- abantu abamnyama baphucwa izwe labo
ngabamhlophe bayagqilazwa, bayahlukunyezwa.
UMQONDO OJULILE
Imbongi ikhuluma ngabantu abamnyama isebenzisa uphawu lwezinkomo,abantu
abamnyama, bekuyibo ebebebusa kulelizwe kwafika abamhlophe babaphuca
izwe labo. Imbongi ithi ngeke bathule noma begqilazwa bazolokhu bezamile
ukuthi izwe liphinde libuye kubo. Uma sebenqobile boya kwaZulu bafike benze
umgidi omkhulu babonge ukunqoba.
UKUBUMBEKA KWANGAPHANDLE
Izindima zale nkondlo zine azilingani.
Imigqa ingama-26 ayilingani kukhona emide nemifushane. Kukhona evulekile
nevalekile.
89
Isizura/isikhawu
Umugqa wesi-9: Zikhala, namanje zisalila
Imvumelwano maphakathi ka i-
19 Iyohlab’ iphindelela, yehluleke
20 Ibuye iphindelele, manxa yehluleka
Ifanamsindo
Ifanankamisa lika a
Umugqa wesi-7: Ezakhala phambilini
Ifanangwaqa lika k
Umugqa wama-22: Ukukhala kwazo kozwakala kude.
I-enjambament
Umugqa wesi-9: Zakhala, namanje zisalila
Umugqa we-10: Ngale ngcindezi ephezu kwazo
IMIFANEKISO-MQONDO/IZINZWA
Lezo nkomo uphawu izinkomo zimelele abantu abamnyama
Ziyokhala: inzwa yokulalela – abantu abamnyama boqhubeka nokukhala
bakhulume bakhulumele izwe labo.
90
5.KU-JACOB ZUMA
UMOYA
Umoya wokuncoma, imbongi incoma ubuqhawe buka Jacob Zuma ukuthi noma
abhekana nobunzima obuhlukahlukene kodwa akazange aphele amandla,
azange adikibale wagcina esenguMongameli.
INDIKIMBA
ukubonga imbongi ibongela uJacob Zuma ngobuqhawe bakhe/ipolitiki uJacob
Zuma iqhawe lezepolitiki ubunzima abhekana nabo wagcina esenguMengameli
wezwe.
91
UMQONDO
Imbongi ikhuluma ngalowo owayekade enguMongameli wezwe uJacob Zuma
imbongi ibonga ubuqhawe bakhe ngokukwazi ukudlula ezimweni ezinzima
kukhona ababengamfiseli ukuthi abuse izwe bemgxeka nangokuthi akafundile.
Kunabantu abaningi abazidela bamlwela uMsholozi ngoba bebona ukuthi
ubhecwa ngobubende inyama engayidlanga ekugcineni ukwazile ukuba
uMongameli wezwe laseNingizimu Afrika
UKUBUMBEKA KWENKONDLO
Inezindima ezi – 5 ezingalingani
Imigqa ingama – 46 ayilingani kunemide nemifishane kukhona evalekile
nevulekile
I-enjambament
Umugqa wama-27 kuya kowama-29
27 kwaqhum’ inganono yamazwi
28 kwanuk’ uhlofu kwaguqísizwe
29 UNofulathela qede zimlandele
Ifanamsindo
Ifanankamisa lika e
Umugqa we-14 : Bembeca ngobubend’ engayidlanga
Ifanangwaqa lika z
Umugqa we-11: Izinduku zabafokazane ziyamqangalaza
IMIFANEKISO MQONDO/IZINZWA
• Umavuk’ ekufeni njengedangamane (isifaniso) – uMsholozi ukwazile
ukuqhubeka. aphokophelele kade sebethi baqedile ngaye ngeke
esaphumelela.
• Baze bamnameke ngamacala (eyokuthinta) babe mthwalisa amacala
angawazi.
92
6.ENCOME
UKUKHETHWA KWAMAGAMA
Igama Incazelo Ukukhethwa
kwamagama
93
wokubungaza uxolo
kodwa akwenzekanga.
UMOYA WENKONDLO
Umoya wosizi
Imbongi idabukile ngokufa kwamaqhawe empini yaseNcome nokuthi kunokuthi
kube noxolo bayambuluzelana. Noma bezama abaholi bezombusazwe kodwa
alwenzeki uxolo.
Isigaba soku-1
Imbongi inosizi ngokufa kwamaqhawe akwaZulu, elwa nabeLungu empini
yaseNcome, elwela izwe lakwaZulu.
Umugqa woku-1 nowesi-2
Kwalal’ amaqhawe nezingwazi
ZikaZulu kulo mhlabathi
Isigaba sesi-2
Umoya wokukhathazeka imbongi ikhathazekile ikhathazwa ukuthi yize lokhu
kwenzeka eminyakeni eminingi eseyadlula. Nabaholi bezombusazwe
bekhombisa ukuzwana omnyama nomhlophe. Kubukeka sengathi abamhlophe
abakaxoli.
Umugqa wesi-6 kuya kowesi-8
Yiminyaka kwenzeka lokhu
Manje sekwaba luxolo
Kepha ikhohlisana ihlomile
Isigaba sesi-3
Umoya wokukhathazeka imbongi ikhathazwa ukuthi yize bezama abaholi neSilo
ukudala uxolo kubeLungu kodwa indaba yaseNcome
iyabehlukanisa.Wabehlukanisa umfula iNcome.Umugqa we-17.
UMQONDO WENKONDLO
Le nkondlo ikhuluma ngempi yaseNcome eyayiphakathi kwamaBhunu
namaZulu. Ibabaza ubuqhawe bamabutho kaZulu ngokulwa afele ukubuyisa
isithunzi sesizwe samaZulu. Imbongi ikhala ngokuthi lokhu akusenzeki manje
noma lukhona uxolo kodwa akukho ukuzwana kunalokho bayakhohlisana.
Izikhulu zombuso uMbeki noShenge bazamile ukuletha uxolo kodwa
akwangenzeka. Imbongi ibilindele ukuthi luzoba khona uxolo kwenziwe elikhulu
94
INDIKIMBA
Ezombusazwe imbongi ikhuluma ngempi yaseNcome nemizamo yokuletha
uxolo phakathi kwamaZulu namaBhunu.
IMIFANEKISOMQONDO/ IZINZWA
Umugqa wesi-3
Ayikhotha imbenge yomile-isaga
Behlelwa okubi benzakalelwa into ababengayilindele.
Umugqa wesi-6
Goba msenge – isaga
Isaga esisetshenziswa mhlampe kumuntu obekwazi ukwenza izinto zenzeke
kodwa manje ongasakwazi.
Umugqa wesi-9
Ikhohlisana ihlomile- isaga
Bayakwazi abantu ukuthi baphenduke kulokhu abebethembisene khona omunye
enze okwakhe asale omunye ebambelele kuleso sithembiso kanti usesele
yedwa.
Umugqa we-13
Ukuhleka inhlinini-isisho
Ukuhleka ube ungahleki
Umugqa we-14
Ukudla ingwe – isisho
Ukugqoka into eyakhiwe ngesikhumba sengwe.
Umugqa we-16
Ukwelul’ isandla-ukuxhawula
Uphawu lokucela/lokuveza uxolo ukuthi awunanxa/nanzondo.
Umugqa wama-20
Ashaya phansi-isisho
Anqaba.
Umugqa woku-1
Isifenqo- isihlonipho
Kwalala amaqhawe nezingwazi-ukufa
Umugqa we-10
UShenge sewamxhawula uDe Klerk(inzwa yokuthinta)
95
Umugqa we-19
Kwenziwe elikhulu ijadu.(inzwa yokubona).
Umugqa wama-21
Wavungama uZulu(inzwa yokulalela)
Izigaba
Le nkondlo yakhiwe izigaba ezinhlanu.
Izigaba azilingani
Isigaba soku – 1 sakhiwe imigqa eyi – 6
sesi - 2 sakhiwe imigqa eyi -7
sesi -3 sakhiwe imigqa emi -4
Imigqa
Imigqa yalenkondlo ayilingani
Kukhona emide – isib. umugqa wesi – 3
Kukhona nemifishane – isib. Umugqa wesi - 4
Kukhona imigqa evulekile
Isib. Umugqa woku – 1 Kwalal ‘ amaqhawe nezingwazi
Kukhona imigqa evalekile
Isib. Umugqa wesi – 3 Amaqadas’ ayikhothi mbenge yomile
Isizura/Isikhawu
Umugqa wesi – 6
Wi hhe! Goba Msenge
Imvumelwano maphakathi ka e
Umugqa wama – 24 no wama – 25
Kwakhulunywa nabasal’ enkundleni?
Banxusw’ ukubuyel’ emakhaya?
96
Isigqi
Siyanensa – Inkondlo ikhuluma ngemizamo yokuletha uxolo kufa amaqhawe
kodwa akuphumelelanga.
Imigqa mide futhi ivalekile iyasinensisa isigqi .
97
UMOYA
Umoya wokutusa
Imbongi itusa ubuqhawe bukaBhambatha owalwa nabelungu elwela
uKhandampondo, okuyimali okwakufanele ikhokhwe indoda.
Umugqa wama-22
Kunokwenzek’ okungenzek’ okungamane kungenzeki.
Imbongi itusa uBhambatha ngengqophamlando, okumanje kusaliwa nemithetho
eyashaywa ngabeLungu becindezela abamnyama.
Umugqa wama-25:
Wawusemzabalazweni okunamanj’ awukapheli.
Imbongi itusa igalelo likaBhambatha bakhuluma ngalo eNgome nakwaNongoma.
Umugqa wama-59-kuya kowama-60:
Ingoma abayivum’ eNgome
Yaze yezwakala nakwaNongoma.
98
UMQONDO
Le nkondlo ikhuluma ngoBhambatha owagqugquzela abantu ukuthi
bengamkhokhi ukhandampondwe. Lokhu kwadala ukuba axabane nabelungu
ababemphethe ngaleso sikhathi okwagcina kuba nempi enkulu eyadlula
nemiphefumulo eminingi.
INDIKIMBA
Indikimba ubuqhawe.
Lapha imbongi ibabaza ubuqhawe bukaBhambatha owaba nesibindi
waphikisana nabelungu, wala ukuthelela ikhanda.
Umugqa ovalekile
Umugqa woku-1: Bhambatha magwal’ esiswini!
Umugqa ovulekile
Umugqa wesi-3: Angancinza kakhulu
I-enjambamenti
Emgqeni wesi-3 nowesi-4
Angancinza kakhulu
Kuyozwakala !
Imvumelwano
Imvumelwano siqalo ka e-
Umugqa wesi-6 nowesi-7: Esedlule neNkinsiman’ izishishili;
Emzabalazweni wabampisholo,
Imvumelwano maphakathi ka o-
Emugqeni wama-56 kuya kowama-57: Umnyam’ owakhasa
kwafiphal’ ukukhanya,
Umhlandl’ owahlanganiswa
nesihlandla,
8.UMZABALAZO WE-AFRIKA
Ukukhethwa kwamagama
Igama Incazelo esobala Inhloso Yokukhethwa
Kwegama
99
100
UMOYA
Umoya wokujabula
Imbongi ijabulela ukuthi kunqotshwe ubandlululo osekunesikhathi eside lukhona
e-Afrika.
Umugqa wesi-3: Hhawu,Hhawu, zehlul’ imivimbi yasehlobo.
Umoya wokukhathazeka
Imbongi ikhathazwa ukuthi kade kuzanywa kuqedwa ubandlululo kodwa imizamo
yabo ingabonakali.
Umugqa we-19:Wo hhe, yajuluka ezehhash’ i-Afrika,
Umoya wokujabula
Imbongi ijabulela ukuthi selunqotshiwe ubandlululo.
Umugqa wama-33: Ki ki ki, kuhle kwethu !
INDIKIMBA
Indikimba : Umzabalazo/Ukunqoba
Imbongi isitshela ngomzabalazo wabansundu bezabalazela inkululeko.
Abansundu babecindezelwe abamhlophe ngenxa yobandlululo. Nokho lwagcina
lunqotshiwe ubandlululo.
UMQONDO
Umqondo osobala
Lapha kukhulunywa ngokuthi njengoba kade kuliwa e-Afrika ikakhulukazi
eNingizimu Afrika, selugcine lunqotshiwe ubandlululo. Abamhlophe
babecindezele abantu abansundu ezweni labo. Lokhu kwadala ukuthi abansundu
bahlupheke ezweni labo. Njengoba umcabalazo usuphelile imbongi ibona
sekuyisikhathi sokuthi kwelashwe izwe ngemishanguzo enamandla.
Umqondo ojulile
Lapha imbongi isitshela ngokujuluka kwabansundu bezabalaza befuna
inkululeko. Imbongi kuyayethusa ukubona ubandlululo lwehlulwa. Abansundu
bebelwa ngenxa yokuthi baphucwa konke abanakho basala bona behlupheka
ezweni labo. Nokho inkululeko ayizanga kalula ngoba kudingeke ukuthi kuliwe
lugcine lunqotshiwe ubandlululo.
UKUBUMBEKA KWENKONDLO
Izindima
Le nkondlo inezindima eziyi-9. Ziyashiyana azilingani. Indima yesithathu
inemigqa eyisi-8 kanti indima yoku-1, yesi-2, yesi-4 kuze kubekweyesi-9
zinemigqa emi-4.
Imigqa
101
I – enjambamenti
Ibinza lesibili umugqa wesi-7 nowesi-8
Hha, yeka lezo zikhwepha
Sengathi zinephul’ imikhwepha
Isizura /Isikhawu
Umugqa we-13: Yehheni bo, nant’ ulaka
Ukuxhumana
Ukuxhumana siqalo
Ibinza lesi-6
Umugqa wama-25 nowama-26: Uyadel’ uZulu kaMalandela;
Uyadel’ uMadiba kaMandela;
Ukuxhumana sigcino
Ibinza lesi-6
Umugqa wama-27 nowama-28: Owazibonela ngalaw’ eyomzabalazo
Owazibambela ngalez’ umzabalazo
Imvumelwano
Imvumelwano siqalo
Ibinza lesi-8
Umugqa wama-35 nowama-36: Zibuyile zonk’ emasisweni;
Zihlomil’ izizwe emkhankasweni.
Imvumelwano maphakathi
Ibinza lesi-6
Umugqa wama-25 nowama-26: Uyadel’ uZulu kaMalandela;
Uyadel’ uMadiba kaMandela;
Imvumelwano sigcino
Ibinza lesi-4
Umugqa we-17 nowe-18: Wo hhe, singaphelel’ eboyeni,
Singakwamukeli ngisho emoyeni?
Ifanamsindo
Ifanankamisa lika a-
Ibinza loku-1
Umugqa wesi-4: Zilibhaka likazamcolo wentwasahlobo
Imifanekisomqondo
Lilephuk’ ubuhanguhangu begqabho-(ifuzamsindo)
Mamo, naso sidilika isidlakela-(inzwa yokubona)
Shunqisan’ impepho nonyazangoma-(inzwa yokuhogela)
Singaphelel’ eboyeni-(isisho)
9.MBALI YEZWE
102
UMOYA
Umoya wothando
Imbongi inothando lwentokazi igama layo uHlobisile. Imbongi ayikutholi
ukuphumula icabangana Nobuhle bale ntombi enhle eyithandayo ngenhliziyo
yayo yonke.
Umugqa woku-1 nowesi-5: Ngiwa ngivuka ngicabangana nawe,
Qhakaza Hlobisil’ uhlobis’ amadlel’ aluhlaza,
Imbongi iyithanda lokhu okungelinganiswe nalutho le ntombi enguHlobisile.
Umugqa we-14 : Uthando lwami ngawe kalunamkhawulo,
INDIKIMBA
Indikimba uthando imbongi ikhuluma ngentombi enhle eyithandayo.Iyafisa
ukuthi ingagcini iyibukela kude njena kepha bagcine sebehlala ndawonye
sebeganene.
UMQONDO
Umqondo osobala
Imbongi ikhuluma ngembali enhle ethandekayo eheha izivemvane. Le mbali
ihlala iqhakazile njalo, iyinhle. Imbongi ifisa ukuyikha le mbali izohlobisa ngayo.
Imbongi ifisa ukuthi le mbali ingahlala njalo ihlakulelwa ‘ ze
ingezukuphazanyiswa isona.
103
Umqondo ojulile
Imbongi ikhuluma ngentombi enhle eyithandayo. Iyafisa ukuthi ingagcini iyibukela
kude njena kepha begcine sebehlala ndawonye sebeganene.
Ukuxhumana
Ukuxhumana okutshekile
Ibinza lesibili
Umugqa we -11 nowe – 12: Awusoze wabona kimi njengabany’ ozakwenu
Uyigugu kim’ okwetshe lemabula
Ukuxhumana sigcino
Ibinza lesine
Umugqa we – 19 nowama – 20: Ngangiyomunc’ ezingxatsheni zakho
Noma ngizimuncel’ umpe lwakho
Imvumelwano
Imvumelwano maphakathi
Ibinza lesishiyagalolunye
Umugqa wama – 38 nowama – 39:Ngoba sengize ngaphenduk’ isigqila
sothando
Kodwa sengathi siyeza leso sikhathi
Imifanekisomqondo/ Izinzwa
Ukudl’ ubhedu – (isisho)
Kwand’ unqambothi lwephunga laph’ ukhona(inzwa yokuhogela)
Okwamanje ngisakubonela kud’ okotalagu (isifaniso)
104
ezikude kodwa
luseNingizimu Afrika
UMOYA
Umoya wokutusa
Imbongi incoma umsakazo uKhozi ngomsebenzi walo omuhle wokuphakela
abalaleli bakuzo zonke izindawo lokhu abakufunayo, okulalelekayo
nokokuzithokozisa. UKhozi luphakela abalaleli umculo, izinhlelo ezahlukahlukene
nomdlalo womoya. Imbongi iphinde income noMphathisiteshi omnyama
wokuqala uMfu. Hawu Mbatha ngegalelo lakhe ekuthuthukiseni lo msakazo.
Umugqa wesi-6: Khona manjalo yafudumez’ imizwa yabalaleli.
UMQONDO
Umqondo osobala
Ukhozi inyoni ekwazi ukumelana nanoma isiphi isimo sezulu. Imbongi ikhuluma
ngoKhozi olukwazi ukundiza lufinyelela kuphi nakuphi. Lolu Khozi lunejubane
lukwazi ukushiya ezinye izinyoni okuwuHeshane noKlebe.
Umqondo ojulile
Imbongi ikhuluma ngoKhozi, okuwumsakazo osakaza ngolimi lwesiZulu. UKhozi
ludlondlobele, selunesibalo esiphezulu sabalaleli ngenxa yezinhlelo zalo
ezinohlonze, ezihlabahlosile. UKhozi luphakela abalaleli izindaba ezenzeka
emazweni akude, lunikeze umculo onhlobonhlobo kanye nomdlalo womoya.
Imbongi ibuye ifisele izinhlelo zoKhozi ukuthi zikhule njalo. Iphinde ihalalisele
uMfundisi Hawu Mbatha, uMphathi wokuqala omnyama woKhozi ngegalelo
lakhe. Ibuye ibalule abanye abasakazi boKhozi nezinhlelo zabo okunguDudu
Khoza noSabelo Mkhathini. UKhozi luthandwa uwonkewonke. Miningi imisebenzi
eyenziwa abasakazi boKhozi, abanye babuye basakaze bavele
nakumabonakude. UKhozi lufinyelela kuphi nakuphi, lunothando nesineke.
105
Ukuxhumana
Ukuxhumana sigcino
Umugqa wama – 33 nowama – 34: Ngokubashiya ngamalengis’ abazifanisa
nawe
Uzakwen’ uHeshan’ angengqayiselane
nawe;
Imvumelwano
Imvumelwano siqalo
Umugqa wesi-3 nowe-4: Bathe besayakhelúmkhanya,
Bayithol’ isisesidlekeni.
Imifanekisomqondo / izinzwa
Ukwakha umkhanya (isisho)
Indlondl’ edlondlobale yandizela phezulu (isingathekiso)
Inyon’ enejubane ngokujubalala (inzwa yokubona)
11.NGIKHANYISELE DLOZI
1. UKUKHETHWA KWAMAGAMA
IGAMA INCAZELO ESOBALA INHLOSO YOKUKHETHWA
KWEGAMA
IZINDIMA / IZINTANZA/AMABINZA
Zine izindima ezakhe le nkondlo.
IMIGQA
106
IMVUMELWANO
Ibinza loku – 1
Imvumelwano siqalo
Ngi –
Ibinza lesi – 3
Imvumelwano siqalo
Ba-
Ibinza lesi -4
Ba-
Ba-
UKUXHUMANA
Ibinza lesine
Ukhombe
Ikhombe
IMPINDAMQONDO
Kwenzenjani thongo lami- kusukela endimeni yokuqala kuze kube
eyokugcina indima yesine.
IFANAMSINDO
Ibinza lokuqala umugqa wesi – 2
107
Ibinza lesi- 3
Umugqa wesi – 3
Ngigxijwa
Ngifenyiswa
Ibinza lesi- 4
Ngiyabagxeka Ngizigxeke
ISIGQI
Siyanensa ngoba kunezimpawu zokuloba eziningi. Imbongi ikhathazekile
(Ukuvaleka kwemigqa)
ISIZURA
Ibinza lokuqala
Umugqa wesi-4 –
Umugqa wesi- 6
UMQONDO WENKONDLO
Ibinza lokuqala
imbongi ididekile ixakwe isimo ebhekene naso. Izinto aziyihambeli kahle. Ayazi
izohlanganisa ini, nani?. Lokhu kufakazelwa umugqa woku-1 nowesi-2
Ibinza lesibili
Ibinza lokugcina akasazi noma nguye owonile noma yibo, yingakho efuna
ukuboniswa. Lokhu kufakazelwa umugqa wesi- 3 nowesi-4
UMOYA WENKONDLO
108
Owokukhathazeka
Owokubalisa.
INDIKIMBA
Amadlozi/ Abangasekho
ULIMI
Izithombe ezakheka emqondweni ngesikhathi imbongi ihaya inkondlo kuze
kuyothinteka izinzwa.
Inzwa Yokulalela
Inqaba kayitshelwana
Inzwa yokuthinta
Ibinza lesi- 2
Inzwa Yokubona
ISINGATHEKISO
Umugqa wesi – 5 – Yinqaba kayitshelwana
AMAGAMA ANOTHILE
Kumapeketwana
Imfiliba
Ukufenyiswa
Ukutusa
AMABINZA/IZINDIMA
Le nkondlo ibunjwe amabinza ama-5
IMIGQA
Le nkondlo ibunjwe imigqa elinganayo ngokwamabinza,
109
Imvumelwano siqalo,
umugqa 3 no 4 (i-) kanye nomugqa 13 no14(u-)
Isibani sami ebesivutha sesiyafiyoza
Ingathithi isimfushane impilo yami emhlabeni
Um’ ucisha wena sibani sami,
Ulokoza ithemba lami lokuphila
Ukuxhumana siqalo,
umugqa 9 no10
Nganginethemba lokuth’ iseyind’ engisazoyihamba naso
Nginethemba nangekusas’ eliqhqkazile nelinempumelelo
ISIZURA
umugqa wama-20
Wo Hhe! Sengihlwelwe kusemini kwelaseMombeni.
IFANAMSINDO
Ifanangwaqa s emgqeni wesi-3
Isibani sami ebesivutha sesiyafiyoza
Ifanangwaqa b, umugqa 18
Ilangab’ ebelikuw’ ebelivuth’ ubulangulangu
ENJAMBAMENT
Umugqa wesi-6 nowesi-7 nomugqa we-15 nowe-16
Isib:Ngoba ngeke ngisasithol’ esiyofana naso
Impela sengathi kumnyama lapho ngiya khona,
UMQONDO WENKONDLO
Ibinza loku-1
Imbongi ikhalela isithandwa sayo ebisithanda ibona uthando luya
ngokuphela.Umugqa wokuqala ngikhala ezimathonsi kanye nomugqa wesine
isibani sesiyafiyoza.Imbongi isebenzise uphawu isibani iqonde isithandwa
esesiya ngokuncipha emehlweni ngenxa yokuphela kothando.Izibona ingeke
isakwazi ukuphila emhlabeni
Isib: Isibani sami ebesivutha sesiyafiyoza
Ngikhala ezimathonsi bandla lakwethu
Ibinza le-2
Imbongi izibona ingeke iphinde ithole omunye umuntu oyofana nesithandwa
sayo.Ithemba liyashabalala.Ibona ukukhanya kungekho lapho iya khona
110
Ibinza le-5
Imbongi ibona luluthando seluphela lubuna njengembali,luwohloka
njengamazolo(umbethe) iphinde imbongi ibone loluthando obeluvutha
selupheshulwe umoya.
Isib:Usubunile njengembali wawohloka njengombethe
Ilangab’ ebelikuw’ ebelivuth’ ubulangulangu
INDIKIMBA
Indikimba yale nkondlo uthando,imbongi ikhuluma ngothando ebinalo
ngesithandwa sayo oselushabalele namathemba ebinawo,nendlela
ebebesazoyihamba nesithandwa sayo.
Isib: Isibani sami ebesivutha sesiyafiyoza,
Usubunile njengembali wawohloka njengombethe
UMOYA
Umoya wokubalisa nosizi.Imbongi ibalisa ngendlela ebiyhanda ngayo isithandwa
sayo kodwa manje izinto azisfani nasekuqaleni.Imbongi ibona uthando seluya
ngokuphela namathemba ayo aashabalele.Ibona nekusasa eliqhakazile
lishabalala. Iyabalisa ngokushiwa isithandwa sayo
Isib:Ngikhala ezimathonsi(umugqa woku-1)
Isibani sesiyafiyoza(umugqa wesi-3)
Ithemba lami seliyamfimfa(umugqa wesi-5)
Usubunile njengembali,wawohloka njengombethe(umugqa we-17
ISIGQI
Isigqi sale nkondlo siyanensa imigqa eminingi ivalelkile futhi imbongi iyabalisa
ngesithandwa sayo
ITHONI
Ukukhathezeka /ukudumala kwembongi ngenxa yokushiwa isithandwa sayo
UMYALEZO
Akulahlwa mbeleko mgakufelwa/impilo iyaqhubeka
111
UMFANEKISOMQONDO/IZITHOMBEMAGAMA
Isib:
Umfanekisomqondo wokuzwakalayo ‘ Ngikhala ezimathonsi’
Umfanekisomqondo wokubonakalayo’ isibani sesiyafiyoza’
Umfanekisomqondo wokubonakalayo’ ukukhanya sekufiphala’
Umfanekisomqondo wokubonakalay ‘izivunguvungu neziphepho’
Umfanekisomqondo wokubonakalayo’ usubunile njengembali’
Umfanekisomqondo wokubonakalayo’ wawohloka ubulangulangu’
Umfanekisomqondo wokubonakalayo’ ebelivutha ubulangulangu’
UKUKHETHWA KWAMAGAMA
-Ngikhala ezimathonsi (isisho)
-Isibani sesiyafiyoza (amagama anembayo)
-Ithemba seliyamfimfa (amagama anembayo)
-Ukukhanya sekuyafiphala (amagama anembayo)
-Izivunguvungu neziphepho zasilanguza (amagama anembayo)
-Usubunile njengembali wawohloka njengombethe(isifaniso)
-Ilangab’ ebelikuw’ ebelivuth’ ubulangulangu (ifuzamsindo)
112
.
IMVUMELWANO
Imvumelwano siqalo
Ibinza lokuqala umugqa wesi-5 kuya kowe-6
Bafisa ukulithinta ngezabo,
Bacabang’ ukuth’ elokudlala,
Ibinza lesibili umugqa we-10 kuya kowe-11
Ngalinikwa emini kwabha,
Ngayalwa, ngadonswa ngendlebe,
Imvumelwano sigcino
Ibinza lesithathu umugqa we-16 kuya kowe-17
Isithunzi nokukhanya kimi,
Ngiyalithanda leliqhabanga lami
ISIKHAWU/ISIZURA
• Umugqa we-11 unesikhawu noma isizura , Ngayalwa,ngadonswa
ngendlebe.
IFANANGWAQA
Umugqa we-11
Umugqa we-14
UMQONDO
Umqondo wenkondlo osobala imbongi incoma iqhabanga layo esingalichaza
ngenduku enekhanjana elincanyana elilolongwe kahle engasetshenziselwa
ukuhloba ngokwesiko likazulu, abanye bayihlobisa ngobuhlalu. Le nduku
iyaphathwa futhi yizangoma.
Imbongi kule nkondlo ikhuluma ngesiphiwo enaso ethi yasiphiwa abadala. Uthi
baningi abasifunayo lesi siphiwo kodwa bengawazi umsebenzi waso. Uthi
akasoze wahlukana naso ngoba wayalwa ukuthi asinakekele asiphathe kahle.
“ Ukuliphathis’ okwezikhali
zamaNtungwa.”
113
Ibinza loku-1
Ibinza lesi-2
Kuleli binza imbongi igqamisa ukuthi ayisoze yahlukana nalesi siphiwo sayo
ngoba bamunye naso, Isibn. Umugqa wesi-8 “ Mina nalo singamathe nolimi”
Ibinza lesi-3
Uthi lesi siphiwo sigqamisa ubuyena, ubuzwe nesithunzi sakhe. Kumele njalo
enze okuhle ngaso, naye uyasithanda kakhulu lesi siphiwo uzibona engeyilutho
ngaphandle kwaso. Isbn.”
UMOYA
Le nkondlo inomoya wokutusa noma ukuncoma, imbongi incoma iqhabanga layo
esingathi isiphiwo anaso sokwenza izinto ngendlela ehlukile.Lesi siphiwo
yasiphiwa abadala.
INDIKIMBA
Yingqikithi noma umongo wenkondlo. Okushiwo yinkondlo ngegama elilodwa.
ISIGQI
Le nkondlo inesigqi esisheshayo njengoba imbongi income /itusa iqhabanga layo
esingathi ubuhlakani noma yisiphiwo esehlukile eyasiphiwa abadala.
UMYALEZO
Phatha kahle/ nakekela isipho/isiphiwo ophiwe sona.
114
IMIFANEKISOMQONDO
Inzwa yokuthinta
Inzwa yokubona
Inzwa yokuzwa
IZIMO ZOKUKHULUMA
IZISHO
Nangokuyinakekela.
UKWENZASAMUNTU
Umugqa wesi-8 “ Mina nalo singamathe nolimi”
Isingathekiso
Umugqa wesi-8 “ Mina nalo singamathe nolimi”
Umugqa wesi-9 “ Liyimpilo yami yokuphila”
Umugqa we-15 “ Leli qhabanga liyimina’
Umugqa we-16 “ Liyisithunzi nokukhanya kimi”
115
IMVUMELWANO
Imvumelwano siqalo
Isitanza sokuqala umugqa wesi-4 nowesi-5
Ngabhema ,ngakholwa
Ngafukamel’ ithemba,sengethembile,
Imvumelwano emaphakathi
Isitanza sesbili umugqa wesi-9 nowe-10
Ngawuzw’ umoya uheleza,
Ngakubon ‘ uza kimi ulusizi
UKUXHUMANA
116
Akukho
IFANAMSINDO
Ifanankamisa : umugqa wama-26
Lapho sesehlukana singasaxhawulananga
Ifanamsindo : umugqa wama-33
Sengohlanza ngedela, ngikhohlwe,
ISIGQI
Isigqi sale nkondlo siyanensa ngoba iningi lemigqa ivalekile futhi
Amalunga amagama emigqeni made,nomoya wenkondlo owosizi.
ISIKHAWU/ISIZURA
Ngafukamel’ ithemba, sengethembile
Ngakumemeza, ngikunceng’ ukuba
Ungashabalali,wedlula washabalala
Sengohlanza ngedela,Ngikhohlwe
I-ENJAMBAMENT
Isitanza sokuqala ,umugqa wesi -2 nowesi-3
Ngathathwa sithongwanyana
Ngezw’ imfudumalo ngesasa,
117
Inginakashele nginakasheleke.
UMQONDO WENKONDLO
Isitanza soku- 1
Imbongi yayisalalele umculo nemilolozelo kanti izozunywa ubuthongo.Kulobo
buthongo .yezwa imfudumalo nothando.Imbongi yawujabulela lomuzwa yaze
yaba nethemba .kanti uzophuma umphemfumulo wothile (isithandwa sakhe).
Isib:Ngezw’ imfudumalo ngesasa.
Isitanza sesibili
Imbongi yazibona isimi ezintabeni igqolozele osebeni lomfula ilapho – ke
okwaqhamuka isithandwa sayo silusizi.wasibona senek’ izandla simxhawula
kati lutho kwakungenjalo.
Isib: Wenek’ izandla ngathokoza kanti ngisithwa yinkunga.
Isitanza sesithathu
Imbongi ithi yazama ukuxhuwula
Kodwa kwakhona oyiphebezayo.Kwala noma isincenga kodwa kwangenzeka.
Isib:Ngakumemeza,ngikuncenga’ ukuba
ungashabalali,wedlula washabalala.
Isitanza sesine
Imbongi isele nesibibithwane kanye nenkumbulo
ezethembiso.Imbongi ithi isele nokudumala
Ngoba behlukana,bengaxhawulanga,
Isib:Sengasal’ esiqhingini ngidumele.
Isitanza sesihlanu
Lapha imbongi isiphaphama igcwele umunyu nosizi.
Konke kubi ingakho ithi’ waba zibhidi lapho’ inkumbulo imuphethe
Isb:Ngivakashelwe yinkumbulo.
o Isitanza sesithupha
Imbongi ithi isivele yaxola.bonke ubumnandi nokuzethemba
sekwayiphelela.Inkumbulo kuphela emnakashele.
Isb:Sengohlanza ngedela,ngikhohlwe.
UMOYA WENKONDLO
Umoya wale nkondlo uxubile imbongi itholakala inenjabulo eyisimanga nokhu
igcine ngokudumala nokuphoxeka.Ekuqaleni iyajabula futhi inethemba
ijabulela ukubona isithandwa sayo.Yelula izandla ngoba ijabula ithi ixhawula
isithandwa sayo.Kube buhlungu kakhulu ngesikhathi encenga isithandwa
ukuba singashabalali kodwa kuphelele ezeni .Imbongi iyabalisa njengoba
isisele nenkumbulo,umunyu,nosizi ize ithi ‘ Ngiqhath’ umunyu ekungcineni
118
INDIKIMBA
Indikimba yale nkondlo INKUMBULO.Imbongi ikhumbula isithandwa sayo
esadlula kulo mhlaba.Le nkumbulo yenza azizwe
esenomzwangedwa.Igcizelela umzwangedwa- la, ethi khona
‘ Sengasal’ esiqhingini ngidumele nala khona ithi ‘ Ngiqhath’ umunyu’ .
ULIMI (IZITHOMBE MAGAMA/IMIFANEKISOMQONDO)
Inzwa yokulalela
Ngizw’ umculo nemilolozelo
Ngakumemeza,ngikuncenga’ ukuba
Ngawuzw’ umoya uheleza
Sekusel’ inkumbulo nesibibithwane
Inzwa yokubona
Wenek’ izandla ngathokoza
Lapho welul’ isandla
Kwakhona ‘ ongiphebezayo
Ngibone sesehlukanisiwe ziqongo zezintaba
Ngiqhath’ umunyu
Nembal’ eyayikhanga seyabuna
Elashabalala laphel’ okwamagwebu
Inzwa yokuthinta
Ngezw’ imfudumalo ngesasa.
Isenzasasilwane
Lesi isifenqo sitholakala emigqeni wesi-5
Ngafukamel’ ithemba,sengethembile
Isifenqo sitholakala emigqeni wama -35
Elashabalala laphela’ okwamagwebu
Isingathekiso
Nembali eyayikhanga seyabuna
Amagama anothile
• Inginakashele
• Isibibithwane
• Isithongwana
119
14. ISIBIBITHWANE
UKUKHETHWA KWAMAGAMA
120
bokudlulisa
bokukhohlwa.
15.NGIPHE ISINEKE
UMQONDO OSOBALA:
Kule nkondlo imbongi idinga isineke nokubekezela.Ibona kunguMdali kuphela
ongayipha lesi sineke kule ndlela eyithathayo,Ibona kunguMdali ungayipha
ukuhlakanipha nothando ukuze ikwazi ukubhekana nezinkinga
engahlangabenzana nazo endleleni.Nakuba le ndlela ezikhethele yona
inobunzima futhi iyenyukela icela uMdali ukuba ayithwale
Imbngi icela uMdali ukuthi ayisize iyihambe le ndlela ngempumelelo nakuba
kunezinkinga ezingayihikameza
UMQONDO OJULILE:
Imbongi ikhethe iNkosi idinaga isineke sokuhamba le ndlela entsha eyiqalayo
ewumqansa edinga isineke sokuyiqwala. Nakuba le ndlela iya empumelelweni
kodwa kunezinkunga ezohlangabezana nazo ezidinga amandla oMdali okunguye
ongayipha isineke nokubekezela.
Ukukhethwa kwamagama
• Mqans’ engisawuqophayo: Imbongi icela isineke sokuhamba le ndlela
eyithathayo
• Sokuwuqwala ngiwuqombole: Le ndlela ayilula iyenyukela imbongi icela
isineke ukuze iyihambe le ndlela kuze kube sekugcineni
• Hamb’ engizihlelele lona: Imbongi icela uthando nesineke ukuze iyihambe
le ndlela ezikhethele yona
• Impumelelo ingikukhanya: Imbongi ifisa ukuyihamba le ndlela
ngempumelelo ngoba le ndlela iyisana ekukhanyeni okungapheli
• Izimvula zinginetha,ngikhoselise: Nakuba le ndlela inezinkinga,imbongi
icela uMdali ayisingathe,ayivikele
• Ufasimba lungisitha,ngiqanul’ amaqaphelo: Imbongi icela uMdali ayivule
amehlo lapho ingaboni kahle khona kule ndlela
• Ngithuntubezele lezi zinciji: Imbongi icela uMdali ayinqundele noma
avimbe izinkinga ezingayivimba kule ndlela
• Ukushaya ungqimphothwe: Imbongi idinga lesi sineke ukuze noma
endleleni iwa ingabi sakwazi nokuqhubeka endleleni uMdali ayisize
121
ISETHULO
Lapha sethulelwa umlingiswa oyiqhawe noma ummeleli nenkinga abhekene
nayo, isizinda, isisusa sodweshu kanye nabanye abalingiswa abaqavile
ababambe amaqhaza ahlukahlukene.
• Sethulelwa umlingiswa oyiqhawe/ ummeleli iNkosi uShaka elawini layo
kade ivakashelwe omunye wabafowabo uDingane.
• Inkinga yayo icabanga ngamazwi ashiwo uDingane athi “ umbango usuka
emlotheni” .
Okungukuthi nakuba engenankosana bakhona abayodla ifa lakhe
nabangahle bamgudluze. Nabafowabo base bekhombisa ukungabi
mnandi.
• Isisusa sodweshu ukuthi uMkabayi wayezoshwelezela uNonkenkeza
owayesolwa ngokuthakatha. INkosi uShaka ayifunanga ukumxolela
izithethelela ngokuthi umthakathi akaphili kwelakhe. UMkabayi
umtshengisa indlela uShaka abusa ngayo nokuthi akufanele abantu
bayisabe futhi babulawe ngesihluku.
• Sethulelwa nabanye abalingiswa abaqavile okunguMkabayi, uJeqe kanye
noDingane.
• Le ndaba yenzeka ngesikhathi sasemandulo noma sakudala izizwe
zisabuswa amakhosi.
• Ukuhlaselana yimpilo yemihlangemihla kwandiswa nokuvikelwa
kwemibuso yamakhosi.
122
UMZIMBA:
UKUBHEBHETHEKA KODWESHU
Lapha-ke umlingiswa oyiqhawe simthola ewa evuka nokuxazulula inkinga yakhe.
• Kulo mdlalo amazwi ashiwo uDingane kuShaka afika ashiwo uMkabayi
emva kwengxoxo yabo.
• UShaka kumphatha kabi ukusongelwa uMkabayi, kodwa wafunga
wagomela ukuthi uzowumisa umbuso kaZulu esongelwa enjalo.
• Udweshu luyabhebhetheka manje uShaka ubatshela ngobubi babo
osebubonwa yiwo wonke umuntu ngezinye izindlela wayefuna
ukubatshela ukuthi uyazi ukuthi kukhona abafuna ukukwenza.
• UShaka ubatshela ngazimisele ukukwenza ukunqoba ezinye izizwe ukuze
akhe umbuso kaZulu omkhulu.
• UMhlangana, UDingane noMbopha bayaphikisana nokushiwo uShaka.
Munye kuphela umuntu owayevumelana noShaka kwakunguJeqe
kaSompisi.
• UShaka ubathumela kohlasela uMjojeni Ngcobo ufuna babesekhaleni
lempi.
• Akubaphathanga kahle okwenziwa uShaka ukuthi bayolwa nengwazi
enjengoMjojeni babona efuna bafe.
• UMkabayi simthola ephindela kuShaka ngalokhu ayeyomxwayisa ngakho.
• UMkabayi utshela uShaka ukuthi uma engakuqikeleli lokhu akushoyo
umbuso wakhe uwubona uhlakazeka futhi ubona izizwe ziphindela
ebumnyameni ekade ezephule kubo.
• UShaka umtshela nokuthi oMkabayi bambona ebusa ngesihluku uma
yena Shaka ebulala amasela nabathakathi.
• UShaka utshela uMkabayi ukuthi yena ukholelwa ukuthi umuntu uma enze
okungalungile kufanele kuphele ngaye.
• UMkabayi uvakashela uDingane umtshela ngokufanele akwenze
njengoba uShaka efuna ukumbulala nje.
• UMkabayi uvezela uDingane ingozi abhekene nayo uze asho ukuthi
abaphansi basambhekile kodwa uma engenzi mzamo wokuzisindisa nabo
bayohlanza ngedela.
Uze afanekise ngezinkomo ukuthi ziyakuzwa ukufa uma kuza.
• UDingane ugcina evumelana noMkabayi naye uveza ukuthi ingozi
alengela kuyona uyayibona.
• UMkabayi ufuna kube uDingane othatha ubukhosi bukaShaka. Umcebisa
ngokuthi akakhulume noMhlangana kanye noMbopha ukuze benze itulo
lokubulala uShaka.
• UDingane simthola ekhuluma yedwa emva kokuba esehambile uMkabayi.
Uvalo luyamshaya kodwa itulo wazitshela ukuthi uzolakha. Kusenjalo
esacabanga ezwe izwi limtshela “ Nampo ubukhosi Dingane, bucoshe” .
UKUJEQEZA EMUVA
123
ISU LOKUBIKEZELA
• Sithola uShaka exoxa noJeqe ngenkathi emthuma ukuthi ambizele
oDingane ukuze abatshele ngesinqumo sakhe sokuthi baye kohlasela
uSoshangane. Uma sebehlukana UShaka uthi kuJeqe elokufa alitsheli.
• Sibuye sithole ngenkathi ekhuluma nenyanga yakhe UShaka uzwa
umzimba wakhe utubekile sengathi ubenza umsebenzi onzima noma
omkhulu. UShaka wayebikezela ngokufa kwakhe nezinye izibonelo.
ISIXAKAXAKA
• UShaka ubikelwa ngohambo ababe nalo kade ebathume ukuba
bayohlasela uMjojeni.
• Isu likaShaka aliphumelelanga lokuthi bafele empini. Babika ukuthi
uMjojeni akazange abalwise uvese wazishwelezela.
• UShaka ubatshela ukuthi sekufanele bayohlasela uSoshangane, kodwa
ufuna bahambe bodwa.
• Ugqayinyanga ukhuluma nenceku ngakuzwile ngenkathi uMkabayi ebiza
uDingane ngenkosi futhi sengathi uMkabayi useke wahilana noShaka.
• Ugqayinyanga ufuna ukutshela uMbopha noma uJeqe le ndaba ezwe
owabo umoya kodwa inceku ibona kuyindaba yomndeni lena.
• UDingane uhambela uMbopha umtshela ngenkululeko eza nayo.
• UDingane ubuye amtshele ngetulo okufanele balenze ukuze uShaka afe.
• UMhlangana ungena ngenkathi uDingane ekhuluma noMbopha.
• UDingane ubachazela ngobubi bukaShaka nezinto azenzile
njengokubulala abantu bengenzanga lutho.
• UDingane ubuye abatshele ukuthi lokhu akucebayo kuvunywa ngisho
abaphansi. Uze abavezele ukuthi nabo bayefana noShaka abahluke
ngalutho kuyena futhi kukhona lana eshoda khona kunabo.
• UDingane uveza ukuthi uShaka kufanele adedele uMhlangana, kodwa
uMhlangana uyazihlangula kulokho.
• UDingane ubavezela nomonakalo asewenzile uShaka njengokuphendula
amanxuluma abe amanxiwa, abafazi nezingane kugcwele izintaba,
abanye bayazibulala ngenxa yakhe uShaka.
124
UVUTHONDABA/UVUTHWANDABA
• Kulo mdlalo sithola uShaka eselawini lakhe kanye nenyanga yakhe.
125
UMYALEZO
Umyalezo yilokho umbhali ahlose ukukwedlulisela kubafundi noma emphakathini
ngombhalo wakhe. Kungaba ukuqwashisa, ukukhuthaza, ukuvula amehlo
kubantu ngesimo esithile nokunye. Lokhu kuvama ukwethulwa ngomusho
ophelele. Imiyalezo ingehlukahlukana okubalulekile ukuthi umfundi asekele
akushoyo ngokusencwadini.
• Umyalezo walo mdlalo kungaba okunye kwalokhu:
• Kubalulekile ukulalela uma uvuswa. (UShaka simthola engafuni
ukulalela uMkabayi) .
noma
• Umbango usuka endlini. (UShaka wabulawa asondelene nabo kakhulu).
Sithola bembangisa ubukhosi bakhe okungabafowabo okunguDingane,
uMhlangana kanye nobabekazi wakhe uMkabayi.
INDIKIMBA
Indikimba yona-ke ngumqondo jikelele noma yilokho indaba ekhuluma ngakho
ngegama elilodwa kumbe ngebinzana nje lamagama.
• Indikimba yalo mdlalo ukufa noma umbango: ngoba phela indaba
yonke ikhuluma ngokubusa kukaShaka kanye nokufa kwakhe. UShaka
ngenkathi ebusa kukhona abangahambisani nakho njengoMkabayi uze
ayonxenxa uDingane ugcina akhe itulo lokuba agudluzwe.
UDWESHU
126
Udweshu lwangaphakathi
Imicabango yomlingiswa ejulile ngenkinga noma ngesimo
esithile okudingeka agcine ethathe isinqumo esithile ngaso.
• UShaka uhlezi yedwa elawini lakhe ujulile ucabanga ngamazwi ashiwo
uDingane ukuthi umbango usuka emlotheni. Ucabanga ukuthi kusho
ukuthi kukhona abazomgudluza nezinye izibonelo ezinembayo.
• Luningi olunye udweshu lwangaphakathi umfundi okufanele azitholele
lona.
Udweshu lwangaphandle
Ukushayisana noma ukuphikisana kwemibono okubandakanya
abalingiswa ababili noma ngaphezulu.
• UShaka noMkabayi abazwani ngenkulumo ngenkathi uMkabayi
ezoshwelezela uNonkenkeza.
• UShaka wayefuna abulawe uNonkenkeza kanti uMkabayi wayefuna
angabulawa.
• UMkabayi uthethisa uDingane ngokungaboni inkinga abhekene nayo
okuyinkosi uShaka.
• Luningi olunye udweshu lwangaphandle umfundi okufanele azitholele
lona.
IZIGAMEKO/IZEHLAKALO/IZIGIGABA
Lapha sibheka izigigaba ezikhona emdlalweni ezinyusa indaba iye
kuvuthondaba.
• UMkabayi abezwani nenkosi uShaka kubangwa indaba kaNonkenkeza.
• UDingane abezwani nomfowabo inkosi uShaka uze athi umbango usuka
emlotheni
• Inkosi uShaka ibulawa abafowabo kanye noMbopha bayigwaza esibayeni
ngemikhonto ize ife.
• Zikhona nezinye izigigaba umfundi angazitholela kulo mdlalo.
ABALINGISWA
• Abalingiswa ababalulekile neqhaza abalibambile ngamunye
endabeni:
Inkosi uShaka – Inkosi yesizwe samaZulu indodana kaSenzangakhona
noNandi
UMkabayi kaJama– Ubabekazi wenkosi uShaka, udadewabo
kaSenzangakhona
UDingane- Umfowabo kaShaka
UMhlangana– Umfowabo wenkosi uShaka ozalwa ngomunye umama
esithenjini
UMbopha kaSithayi – Iqhawe elingumngani omkhulu wenkosi uShaka
UJeqe – Insila kaShaka.
127
• Abalingiswa abangabalulekile:
UHlambamanzi-Inceku eyeza nabelumbi
UGqayinyanga – umqaphi wasebukhosini
Inceku – Isikhonzi sasesigodlweni
Isigijimi- Isigijimi sasesigodlweni esithwala imiyalezo ebalulekile
• Imbangi
Lona umlingiswa noma umdlali obangisa noma olwisana nokuphumelela
kommeleli emdlalweni. Uyaye enze izinto ezizodala ukuthi iqhawe
lomdlalo lingaphumeleli. Kulo mdlalo imbangi uDingane ngoba uyena
ofuna ubukhosi bukaShaka.
• Umqhathi
Lona ngumdlali/umlingiswa ongena phakathi kwabalingiswa ababili
abangenhla. Lo mdlali uyena oqhatha ummeleli kanye nembangi, Abanye
ababhali abasebenzisi umdlali ongumuntu ophilayo kodwa basebenzise
isimo esithile esizovela emdlalweni. Kulo mdlalo umqhathi umbuso lo
obangwayo. UMkabayi akayena umqhathi kodwa ubhebhezela isimo
esikhona.
UKUVEZWA KWABALINGISWA:
128
Inkathi
Mayelana nenkathi sibheka ukuthi ngabe indaba yethu yenzeka esikhathini
sakudala noma sanamuhla. Lokhu kuthinta izinto ezisetshenziswayo njll.
Isimo senhlalo
Mayelana nesimo senhlalo sibheka ukuthi kuhlaliswene kanjani noma indlela
okuhlaliswene ngayo okungaba imindeni, omakhelwane njll.
Isizinda salo mdlalo singachazeka ngale ndlela:
ISAKHIWANA
Lokhu kusho isigameko esakha indatshana eba nesakhiwana esincane esiba
ngumxhantela
wesakhiwo esikhulu sendaba. Inhloso yesakhiwana ukunikeza imininingwane
ethile ngomlingiswa othile endabeni nokubambezela ukukhula ngokushesha
kwesakhiwo sendaba ukuze ingasheshi iphele. Isakhiwana siba nomlingiswa
oyiqhawe othile nesigameko esakhelwe phezu kwaso kanye nala mabanga
atholakala esakhiweni esikhulu: isingeniso, umzimba nesiphetho.
• Isigameko lapho uDingane eya kuMbopha eyomtshela ngenkululeko
amphathele yona kuze kufike noMhlangana abajoyine. UDingane
ubatshela ngokufanele kwenzeke kungaze konakale njll.
•
129
UMOYA
Bheka umoya endabeni yonke.
ITHONI
Ithoni indlela inkulumo ebekeka ngayo. Kubhekwa amagama asetshenzisiwe,
isimo asetshenziswe kuso kanye nendlela asetshenziswe ngayo.
• UJeqe ekhuluma nenkosi uShaka – ithoni yokuhlonipha
• UMkabayi ekhuluma nenkosi uShaka ithoni yokudelela
IMIBUZO EMIDE YOMDLALO
1.Phawula ngodweshu kulo mdlalo /Xoxa ngodweshu kulo mdlalo /Hlaziya
udweshu kulo mdlalo /Hlolisisa udweshu kulo mdlalo.
2.Phawula ngokuvezwa komlingiswa ongummeleli emdlalweni othi, Ukufa
kukaShaka.
3.Phawula ngokuvezwa kwabalingiswa abalandelayo kulo mdlalo:
4.Xoxa/Phawula ngesakhiwo salo mdlalo “ Ukufa kukaShaka”
5.Xoxa/Hlolisisa/Phawula ngesizinda salo mdlalo, “ Ukufa kukaShaka”
6.Xoxa/Phawula ngempulelelo yombhali ekudluliseni umyalezo othi: “ Umbango
usuka emndenini” ubhekise kulaba balingiswa: UMkabayi, uDingane,
uMhlangana, uShaka noMbopha kulo mdlalo “ Ukufa kukaShaka” .
130
Amabanga esakhiwo:
ISINGENISO/ISETHULO
Sethulelwa umlingiswa ongummeleli uVelevele ophuma ejele kade eboshiwe. Lo
mlingiswa unomngane wakhe abaphuma naye ejele okunguMakhosini.
Isisusa sodweshu ukweswela imali kwalaba balingiswa kwazise baphuma ejele
futhi abasebenzi. Yikhona kanye lokhu okubenza bacabange icebo
elizobalekelela ukuze bathole imali.
Sethulelwa isizinda ikakhulukazi indawo lapho indaba izogxila khona.
Ukubhebhetheka kodweshu
Ukuzama ukuhlanganisa leli tulo ukuze kutholakale le mali. Lokhu kwenza ukuba
kutholakale amantombazane azosetshenziswa ukuze kutholakale le mali.
Izinsizwa zizama ukuthola izintokazi ezimbili okunguNingi kanye noZodwa.
Konke lokhu kumayelana nenkinga nje eyodwa ukuthi bazoyithola kanjani le
mali.
Isixakaxaka
Inkinga yokuzama ukuthola imali kaDesmond iyanda ngoba kugcina kwenziwa
izinto eziningi.
131
UKUVEZWA KWABALINGISWA
Umlingiswa : uQeda
• Umlingiswa onguQeda ungumlingiswa okhombisa ukuthi uyahlonipha
kepha unguthathekile. Ukuqala kwakhe ukubona intokazi enguNingi
angayazi bese eyathatheka kwamfaka obishini.
• Kungenwa ngaye kwaDesmond ukuze kuqolwe imali le abayifunayo
oVelevele benoMakhosini.
ABALINGISWA / ABADLALI
Ummeleli
132
Lona umdlali othwele indaba yonke. Umbhali usebenzisa yena ukudlulisa indaba
yakhe. Indaba yonke isuke ingaye. Izinkinga eziningi zehlakalela yena. Uvamise
ukuvela ezigcawini eziningana emdlalweni.
Imbangi
Umqhathi
Umlekeleli/Usifuba
Yilaba badlali abathathu abakwazi ukuthwala indaba iye phambili. Laba badlali
bangalekelelwa abanye abadlali okungakhulunywa ngabo kakhulu. Umdlali
obizwa ngokuthi isifuba. Lo mdlali ummeleli uthululela kuyo zonke izinkinga
abhekene nazo.
133
UMYALEZO
• Ubugebengu abubuyiseli ngoba abangani abaphuma ejele oVelevele
benoMakhosini bakha icebo lokuqola uDesmond isikhumukane esisanda
kuwina ilotho. Lokhu bakwenza ngokuthi basebenzise amantombazane
amabili adayisa ngomzimba okunguZodwa Kanye noNingi. Ekugcineni
bonke bakhalelwa amasongo kaSigonyela.
NOMA
• Ungabomethemba umuntu ngoba kulo mdlalo oVelvele basebenzisa la
mantombazane ukuqola uDesmond kepha ayajika aqola bona uma
eseyitholile imali.
INDIKIMBA
Indikimba yalo mdlalo imayelana nobugebengu ( obuhleliwe). Kulo mdlalo
uVelevele benomngani wakhe bakhe itulo lokuthi bazoyithola kanjani imali
kaDesmond yelotho. Bona bayizigebengu eziphuma ejele kunokuba zibuyele
eMgungundlovu zihlala eBloemfontein ukuze zithole le mali.
UDWESHU
Udweshu lwangaphakathi
• UVelevele ukhuluma yedwa ngesikhathi elinde endlini kaZodwa. Ubona
kuhamba isikhathi bengafiki manje akazi noma behlelwe ingozi yemoto.
Kanti kwamoto abahamba ngayo ngekaDesmond. (p 73)
Udweshu lwangaphandle
• UMakhosini uxoxa noDesmond emncenga ukuba abadedele njengoba
beboshiwe la endlini kaQeda umsebenzi wasengadini. Bayaphambana
ngokwemibono ngoba uyesaba ukuthi kungahle libhuntshe icebo labo
lokuthola le mali abayidingayo. (p81)
• UVelevele uphazanyiswa intombi yakhe u-Ezile ngesikhathi besadidekile
emuva kokuba oZodwa benoNingi sebeshaye bachitha nemali ku-
akhawunti yabo. Uncenga u-Ezile ukuba ambhekele ukuthi ayikho yini
134
ISIZINDA
Isizinda singumsuka wendaba .Uma kuhlolisiswa isizinda kusuke kubhekwa
izinto ezintathu:
- Okubaluleke kakhulu ngezingxenye zesizinda ukuthi zigqamisa izimpawu
ezitholakala endabeni.
Indawo
135
Isu lokubikezela:
uMakhosini ubuza umngani wakhe ukuthi ngabe leli lokuthola imali lizosebenza
na ngoba akafuni ukuzibona esephi
ISAKHIWO
Isakhiwo senoveli siwukubumbeka kwendaba kusuka ekuqaleni kuze kuyofika
ekugcineni. Kubhekwa ukuthi indaba kubhekwa iqala kuphi ize uphele kuphi.
ISINGENISO
136
UMZIMBA:
UKUBHEBHETHEKA KODWESHU
• Inkinga evelayo ukuthi alikho ibhasi ngeSonto, uNdebenkulu sekufanele
afike ngoMgqibelo efikela kwMkhwanazi ukuze ngoMsombuluko avukele
emhlanganweni awuizile
• UThemba uvukela esiteshini eThisayidi nekalishi ukuyohlangabeza
esasingalindele ukuthi sizolandwa ngekalishi sase sijivaza ikalishi silibiz
ngebhokisi, sibabaza nobuphansi bendawo yaseNyanyadu size siveze
nokuthi uma besazile engabe sifike ngemoto yaso ngoba sona asinamoto
kodwa sinezimoto .
• UNdebenkulu ukhlela ipotimende lakhe alithenga ngemali eshisiwe eselizo
eselizoboshelwa enkalishini ngemichilo yezikhumba zenkomo .
137
Uvuthondaba
Ukuvela nje ukuthi uNdebenkulu lo abantu baseNyanyadu abamthathela
phezulu inkunzi yesigebengu esesibaqedile abantu sibagebenga.Ukuvela
ukuthi uNdebenkulu waqola umfelokazi wathatha zonke izinkomo zakhe
ethi uyomdayisela. Ukuvela ukuthi uNdebenkulu ungu-EE Mlomo
njengokusho kwakhe kumfelokazi. UNdebenkulu uyabaleka ngoba
esebona ukuthi amaqhinga aphelile kodwa oThemba noDliza bemjaha
ngamahhashi baze bambaba, bammukuza. UDliza wadedela isibhakela
kwapiza izinyo elalilengela odebeni lwangezansi, Abaseshi nofokisi baka
esenabile ukushaywa, Saboshwa kanjalo isithenjwa sabelungu
138
Isiphetho
Kuleli noveli esiphethweni Themba bagoduka ngamahhashi beqaphe abafana
ababeqhuba izinkomo, kwathi Umkhwanazai noShandu bagoduka ngekalishi
ibhokisi elabonwa uNdebenkulu.
Siyayithola ingwijikwebu esiphethweni saleli noveli. Esiphethweni, besilindele
ukuthi izinkomo zabanumzane baseNyanyadu zigibele noNdebenkulu ahambe
achithe nazo njengokuhlela kwakhe kodwa kwangaba njalo. UNdebenkulu
waboshwa esiteshini phambi kwezihlwele zabantu ngemuva kokuba eseshaywe
ngoThemba noDiliza.
ISIZINDA:
Indawo:
Uma sikhuluma ngendawo sibheka lapho umdlalo owenzeka khona. Kungaba
indawo yasemakhaya, emadolobheni njll. Le noveli sithola indaba yenzeka
endaweni eNyanyadu okuyindawo yasemakhaya lapho abantu bakhona
besaziphilisa ngokulima nemfuyo.
• UNendenkulu usuka le eMgungundlovu ukuzoqola imfuyo yabanumzane
baseNyanyadu oMkhwanazi, Shozi, Buthelezi nabanye.
• Inkomo yakwaNkosi yadla ishidi likaMaNtuli elalenekiwe ocingweni
phandle.
• Kwafuneka uMkhwanazi ashiye phansi ukulima ahambe ayomema amanye
amadoda njengoShozi, oButhelezi nawo ayesemasimini elima ukuba
athamele umhlangano kaNdebenkulu.
• Ngesikhathi uThemba efika noNdebekulu bevela esiteshini, uMkhwanazi
wayesemasimini.
• Amakhosikazi ayethwala imithwalo ekhanda kuth amadoda ayetshathe.
Lapha sibala amakhosikazi njengoMaNtuli, oMaShezi namanye
babethwala emakhanda imithwalo, kuthi amadoda wona njengoNkabinde,
Buthelezi namanye ayitshathe emahlombe imithwalo. Imigwaqo ilubhuqu
kule ndawo.
• ENyanyadu njengoba ibhasi elalisukua eDundee liya eNyanyadu lalithi
lingahamba kusukue uthuli lubheke phezulu emgwaqeni.
• Kuysasindwa kule ndawo. Kuthiwa indlu yesento aya kokhonza kuyona
uNdebenkulu eNyanyadu yayisindwa okwenza ukuthi kuthi uma sekufanele
kuguqew kuthandazwe, uNdebenkulu wakhipha amaduku akhe amhlophe
wawendlala phansi wase eguqa phezu kwawo.
139
Inkathi:
• Ukuphila kule ndawo kunzima kakhulu ngoba izindlela zokuxhumana
ezisheshayo azikho.
• Iposi livika kathathu nngesonto futhi lifikela emzini wontu lapho wonke
umphakathi ubuthanela khona ukuzobheka iposi.
• Iposi lalifikela kwaLukhozi eNyanyadu. Sithola ukuthi kusaboshelwa
amahhashi ukudonsa abantu njengoba uNdebenkulu wayegibele eklalishini
ngesikhathi elandwe uThemba eThisayidi emusa kwaMkhwanazi.
• Izinto zokuhamba azikho kahle. Linye ibhasi elihamba kule ndawo
yaseNyanyadu elihamba kanye ngosuku ngaphandle kwesuku
lwangeSonto.
• Abantu abakafundiseki ngobugebengu basemadolobheni. UNdebenkulu
ufika eNyanyadu ukuzoqola umphakatghi wonke ngemfuyo yabo ngopba
umphakathi ungazi lutho ngobugebengu basemadolobheni.
• Umphakathi uma ubona uNdebenkulu, ubona uMnumzana ohloniphekile
ozowusiza ngempela.
• Izinga lemfundo emphakathi lisephansi kakhulu. UThemba kuphela ezizwa
ukuthi usesekholeji, iningi labantu alifunda kuyaphi njengoba uMaNtuli
wagcina ebangeni lesi-6.
• Ukungafundi komphakathi kwenza ukuthi uma ubona umuntu
onjengoNdebenkulu oziphakmisayouvesane ukholwe yikho konke
akushoyo. Indaba yenzeka esiikhathi sakudala lapho umuntu wokuhamba
ethathelwa phezulu.
• Naku nje uNdebenkulu efika kwaMkhwanazi bengakaze bambone kodwa
bamthathela phezulu, bayamlalisa bengacabangi nokuthi bamedlulisele
emaphoyiseni noma-ke enkosini yendawo.
Isimo senhlalo:
• Kuleli noveli kwaMkhwanazi sihle. Kunokubambisana phakathi
kwamalunga omndeni wakwaMkhwanazi.
• Lokhu kubonakala laphouMkhwanazi ethola insambatheka yencwadi evela
kuNdebenkulu, athi angayifunda, imdide bese eya kunkosikazi wakhe
emfundela. Siyambona uMaNtuli ejabulela indoda yakhe uMkhwanazi
ukuthi yaziwa nakoMgungundlovu lapho ingakaze ilugcobhe unyawo
lwakhe khona.
• UThemba kuthiwa akalande uNdebenkulu eThisayide ngekalishi
nangempela uyakwenza lokho.
• Kuyavela nokuphilelana komakhelwane okuhle kuleli noveli. Uma uMaNtuli
exakwe ukuthi kambe uzosithini isicwicwicwi sakwakhe njengoba bona
beziphilela ngokudla kwesintu, ucela umkhelwane wakhe uMaShezi ukuthi
140
INDIKIMBA:
• Indikimba yale noveli ithi: Ubugebengu.
• Le noveli imayelana nobugebenguobahlelwa nguNdebenkulu
ukuzogebenga umphakathi waseNyanyadu.
• Indaba ixwayisa abafundi nomphakathi ngobugebengu obenziwa ngabantu
abasuka emadolobheni amakhulu emaphandleni.
• Singasho nje ukuthi okumele kukhumbuleke ukuthi izigebengu
zihlakaniphile, ziyayihlela kuqala indlela ezisuke zizogebenga ngayo
umphakathi. NoNdebenkulu siyambona efika eNyanyadu esehlome
nangezincwadi ezimncomayo zitusa umsebenzi wakhe awenzayo ukusiza
abantu, kanye namakhadi azikhangisa ngawo abhalwe igama nekheli
lakhe.
• Lokhu kwenza kuthi noma bekhona abantu abaonayo ukuthi sengathi
uNdebenkulu usenga ezimithiyo ngobukhulu bakhe kodwa bavaleke
imilomo uma eseveza ubufakazi bokuthi ngempela uyabasiza abantu
abantulayo futhi bakhona nasebasize baze baphumelela ebumpfini babo.
UMYALEZO
141
NOMA
UDWESHU
Udweshu lwangaphakathi
• UMkhwanzi ufunda incwadi yesikwaya aze ayibize ngemihlola ngoba
engamazi umuntu abhalele, usegcina ngokuthi ayikhombise unkosikazi
wakhe le nsambatheka yencwadi.
• UMkhwanazi simbona ecabanga ngokujulile ukuthi kumele ashiye yonke
imisebenzi yakhe yasemasimini aphume engena emema umphakathi
ukuba uze emhlanganweni useze ugcina ezijubile ukuthi abambe ihhashi
lakhe azise abantu ngomhlangano kaNdebenkulu.
Udweshu lwangaphandle
• Ukuxabana kukaMaNtuli noNdebenkulu ngemuva kokuwa ekalishini aze
athi uNdebenkulu ikhanda likaMaNtuli alithathi kahle.
• Ukuhilizisana kukaMantuli ngale nsambatheka’ yalesi sikwaya, lokho
akwehlanga kahle kuMkhwanazi ngoba wayelindele ukuthi umndeni wakhe
wamukele isikhulu ngesizotha.
• UNdebenkulu noThemba noDiliza baxabana noNdebenkulu endleleni
ebheke esiteshini eThisayidi baze bamehlise endleleni.
UVUTHONDABA
• Inkosikazi nabaseshi sebefikile esiteshini ufise ukwazi ukuthi ngabe
inkosikazi izokwazi yini ukumbona njengoba esafakela izinyo legolide
elilengayo.
• Ngenkathi isimbonile inkosikazi esejahwa uNdebenkulukuba khona lokhu
kufisa ukwazi ukuthi engabe bazomfica yini njengoba egijima sengathi
uyaphephuka.
• Kona bazomenzani uma sebembambile.
• UNdebenkulu ngenkathi esefakwe emotweni wakhombisa nje ukubukela
phansi oShandu noMkhwanazi ebabiza ngeziphukuphuku.
UKUJEQEZA EMUVA
• UNdebenkulu ubakhombisa isheke lemali eliluhlaza eliyisamba
esesabekayo - amakhulu ayisishiyagalolunye amarandi namarandi
ayishumi ngezinkomo ezilishumi.
• Incwadi ayifundela umhlangano uNdebenkulu eyayimbonga ngomsebenzi
awenzile.
142
UKUBIKEZELA
• UMnumzane Shozi utshela uMkhwanazi ukuthi izwe libi lifunz umuntu
ohlale ewavulile amehlo ngobz seziziningi izimpisi lapha phandle ezihamba
zembethe isikhumba semvu.
• Intsha yonke yayingamthembi uNdebenkulu kangangoba babephikisana
nokuthi kuhanjiswe izinkomo, lokho sikubona ekuveza uThemba
ngaphandle kokunanaza.
• UDiliza naye wayengayingeni indaba kaNdebenkulu esho ukuthi
uzokhohlisa umphakathi. UMpungose naye wayengayiboni neze le ndaba
kaNdebenkulu ngoba wayebazi ubugebengu obukhona futhi wayazi ukuthi
kunendoda ehambaiqola abantu ngokuthi izobasiza ibadayisele izinkomo.
ABALINGISWA:
ABALINGISWA ABABALULEKILE
• uDiliza-umnani kaThemba
• UMpongose-iphoyisa le ndawo
• uMaShezi-Umakhelwane kaMaNtuli.
UMLINGISWA OMKHULU/OSEMQOKA.OQAVILE
143
UKUVEZWA KWABALINGISWA
144
UMOYA
kule noveli uba nomoya ongemuhle ngenxa yokuziphakamisa kukaNdebenkulu.
Izibonelo:
• UMaNtuli usivezela umoya wokudumala, wokukhathazeka lapho
uNdebenkulu emtshela ukuthi ingqondo yakhe ayithathi kahle
ITHONI
“ Yehheni we bantu! Waze wasikhohlisa uThemba wasilandela isicwicwicwi.”
(P.65) Lapha sithola ithoni yokumangala.
145
UKULANDELANA KWEZIGAMEKO
• Ukufika kwencwadi kaMkhwanazi evela ku CC Ndebenkulu nakuba
uMkhwanazi engamazi uNdebenkulu lowo.
• Inkinga evelayo ukuthi alikho ibhasi ngeSonto, uNdebenkulu sekufanele
afike ngoMgqibelo efikela kwMkhwanazi ukuze ngoMsombuluko avukele
emhlanganweni awuizile
• Kucelwa UMaShezi ukuthi azosiza uMaNtuli ngokulungiselela isicwicwicwi
esinguNdebenkulu.
• UMkhwanazi umema umphakathi ukuzothamela umhlangano
kaNdebenkulu
• UThemba uvukela esiteshini eThisayidi nekalishi ukuyohlangabeza
esasingalindele ukuthi sizolandwa ngekalishi sase sijivaza ikalishi silibiz
ngebhokisi,sibabaza nobuphansi bendawo yaseNyanyadu size siveze
nokuthi uma besazile engabe sifike ngemoto yaso ngoba sona asinamoto
kodwa sinezimoto .
• UNdebenkulu ukhlela ipotimende lakhe alithenga ngemali eshisiwe eselizo
eselizoboshelwa enkalishini ngemichilo yezikhumba zenkomo .
146
147
148
B. Amasu obunkondlo
Imibuzo engama-99% noma YONKE ibuza ngamasu obunkondlo
Isib: Umqondo osobala, umqondo ocashile, umoya wenkondlo,indikimba kanye
nomyalezo, imifanekisomqondo(izifengqo, ukukhethwa kwamagama, ithoni,
amasu obuciko,imvumelwano, ukuphindaphinda, amagama
,amabinza,ukuxhumana,izimpawu zokuloba,impindwa,umoya
wembongi,isigqi,amasu okusebenzisa umsindo,i-enjambamnenti njll.)
149
150
151