Isizulu HL p2 Memo Nhlangualana 2023

Download as pdf or txt
Download as pdf or txt
You are on page 1of 25

IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL) P2 1 KZN/Nhlangulana 2023

Umhlahlandlela wokumaka
FINAL

NATIONAL
SENIOR CERTIFICATE

IBANGA LE- 12

ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA (HL)

IPHEPHA LESIBILI (P2)

NHLANGULANA 2023

UMHLAHLANDLELA WOKUMAKA

AMAMAKI: 80

Lo mhlahlandlela wokumaka unamakhasi angama-25

Akuvumelekile ukukopisha lo mhlahlandlela Pheqa ikhasi


IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL) P2 2 KZN/Nhlangulana 2023
Umhlahlandlela wokumaka

IMIYALELO YOKUMAKA LELI PHEPHA

1. Uma ohlolwayo ephendule imibuzo engaphezulu kwalena ebekumele


ayiphendule, maka kuphela impendulo yokuqala/okokuqala okuphenduliwe.
(Ohlolwayo akumele aphendule umbuzo omude kanye nombuzo
omfushane encwadini eyodwa/efanayo)

2. Uma ohlolwayo ephendule yonke imibuzo emine esiqeshini A, (izinkondlo


ezimiselwe), maka kuphela ezimbili zokuqala.

3. Uma ohlolwayo ephendule imibuzo emibili emifushane noma emibili emide


esiqeshini B no C, maka impendulo yokuqala ngesiqephu bese uyayiyeka
impendulo yesibili. Uma ohlolwayo ephendule yonke imibuzo emine, maka
impendulo yokuqala kuphela isiqephu ngasinye, uma kuya ngokuthi umbuzo
omfushane kanye nomude uphenduliwe.

4. Uma ohlolwayo ephendule imibuzo emibili bese impendulo yokuqala ingashayi


emhlolweni kanti eyesibili ishaya emhlolweni, maka eyokuqala bese uyayiyeka
eyesibili.

5. Uma ohlolwayo ebhale izinombolo zemibuzo ngokungeyikho, maka njengoba


izinombolo zikhonjiswe imemo.

6. Uma isipelingi siguqule umqondo wempendulo, makanganikwa amamaki


ohlolwayo. Uma isipelingi sinamaphutha kodwa singawuguquli umqondo
wempendulo, makanikwe amamaki agcwele ohlolwayo.

7. Imibuzo emide
Uma ohlolwayo ephendule umbuzo omude waba mfushane kunenani
lamagama anikeziwe ungamphuci amamaki ngoba vele useziphuce yena. Uma
impendulo iyinde kakhulu maka ubheke umqondo oqukethwe impendulo.

8. Imibuzo emifushane
Uma ohlolwayo engasebenzisi omacaphuna (inverted commas) uma ecelwe
ukuba acaphune, ungamphuci amamaki.

9. Imibuzo evulekile, awekho amamaki anikezwa u-YEBO/QHA noma


NGIYAVUMA/ANGIVUMELANI. Isizathu/ukwesekela/ukwenaba yikhona
okunikezwa amamaki.

10. Awekho amamaki atholwayo ngo-YIQINISO/AKULONA IQINISO noma


UMBONO/IQINISO. Isizathu, ukwesekela/ukwenaba yikhona okunikezwa
amamaki.

Akuvumelekile ukukopisha lo mhlahlandlela Pheqa ikhasi


IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL) P2 3 KZN/Nhlangulana 2023
Umhlahlandlela wokumaka

ISIQEPHU A: IZINKONDLO

UMBUZO 1: UMBUZO OMUDE

IZINGXABO ZOMYEZANE: E J Mhlanga

 Ungasebenzisa la maphuzu kanye namanye njengomhlahlandlela wokumaka lo mbuzo.


Izimpendulo zingahluka ngokuthi umfundi uyiqonde kanjani inkondlo.
 Sebenzisa irubhrikhi yokuhlola lo mbuzo esekhasini lama-25.

Ohlolwayo makakhombise ukuthi uyakuqonda ukukhethwa kwamagama ukugqamisa


umqondo wale nkondlo.
ISINGENISO:
Ukukhethwa kwamagama kuchaza ubuhlakani bembongi ekusebenziseni amagama
athile anobuchule azogqamisa futhi alekele/ angeze lokho efuna ukukuveza
enkondlweni. Imbongi ithi ifuna ukuthola ulwazi/imfundo esezingeni eliphezulu.

UMZIMBA

Izingxabo - Leli gama lisho izimpande zesihlahla. Lisetshenziselwe ukugqamisa


imfundo ejulile nolwazi olusabalele olufiswa/olulangazelelwa ukuzuzwa yimbongi.
Ukudepha kwelenjulo – Ukudepha kusho ukujula ushone phansi. Imbongi igqamisa
ukufisa kwayo ukufinyelela emfundweni ejulile, yekhethelo.
Utatalambu -Isiziba esishonayo. Imbongi ifisa ukufunda ize ifinyelele ekucebeni
ngemfundo yekhethelo nenzulu, ibe nolwazi olusabalele.
Kuyingcebo yomhlaba nezulu – Isingathekiso. Igqamisa ukuthi uma unemfundo
usuke usunothile ngolwazi lokho okuyokwenza ukwazi nokumelana nezimo zonke
ongahlangabezana nazo emipilweni.
Kuyisiyalu -Isingathekiso. Isiyalu yilapho kusuka/ kuqala khona umthombo.
Igqamisa ukuthi impilo enethezekile iphelela uma unemfundo ngoba imfundo iyisiqalo
nesisekelo sempilo emnandi. Imbongi ingathekisa izikhungo zemfundo nesiyalu bese
umthombo sekuwulwazi oluyohlala njalo lukusiza impilo yakho yonke.
Ngilubalubela - Isifiso esikushisa ngaphakathi nesikugqugquzela ukuthi uqhubeke
nento ofisa ukuyenza uze uyizuze. Imbongi igcizelela intshisekelo yayo ekuqhubekeni
ifune imfundo enzulu neyekhethelo ingaphazanyiswa yilutho esifisweni sayo.
Ukudons’ amanz’ ezinkalweni - Imbongi isebenzise isisho ukugqamisa ukumunca.
Imbongi iqonde ukuthekela imfundo nasezindaweni ezikude (okuyizikhungo zemfundo)
nezahlukahlukene.
Ngikhephuzel’ uhlaza - Ukuqhakaza nobuhle bamaqabunga nezimbali.
Asetshenziselwe ukuveza ukuthi usefunde wagogoda, useyayikazela ngeziqu ngenxa
yokufunda azuze ulwazi olunzulu.
Ubusika nehlobo - Izikhathi zokushintshashintsha zonyaka. Imbongi izisebenzisele
ukugqamisa ukuthi noma ngabe ibhekana nasiphi isimo empilweni (esimnandi
nesinzima) ngemfundo eyizuzile iyokwazi ukuphila.
Imvunge yemvelo - Inzwa yokulalela/ yokuzwa. – Ukwenanela kwemvelo.

Akuvumelekile ukukopisha lo mhlahlandlela Pheqa ikhasi


IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL) P2 4 KZN/Nhlangulana 2023
Umhlahlandlela wokumaka

Imbongi igqamisa umuzwa wenjabulo oba khona uma kuwumkhosi wokwethweswa


kweziqu benanela ukuzuza impumelelo.
Ingoma kaqinadolo - Umkhosi wokuqala ukudla okusha. Imbongi isivezela ukuthi
ukuzuza/ ukwethweswa iziqu unika ithemba lekusasa eliqhakazile elilethwa
impumelelo emva kokufunda.
Imingamanzi - Ukumunca amanzi. Imbongi ilisebenzisele ukunikeza umqondo
wokuncela/ wokwethekela ulwazi / imfundo.
Ngigcule - Lisho ukujabula, futhi nokweneliseka komphefumulo uma usuzuze into
obekade uyilangazelela isikhathi eside. Leli gama liqukethe umqondo wenjabulo
ngokufunda igogode, izuze impumelelo ngokuthola ulwazi/ imfundo eyanelisayo
ebikade iyilangazelela.
Ngivunilis’ubuchopho ngohlaza.- Isenzasamuntu. Lesi sifengqo imbongi
isisebenzisele ukusivezela ukuthi iyohloba, inothe ngolwazi nangemfundo entsha
eyincelayo ekujuleni nengeyekhethelo.
Ayonginqwambis’ okweqhawe.- Isifaniso. Ukunqwamba kusho
ukwembeswa/ukugaxwa kwemiyezane. Imbongi iveza umqondo wokuthi iqhawe
umuntu onqobile waphumelele, wahlabana. Kanjalo nalapha kuvela umqondo
wokuphumelela emfundweni, uthweswe iziqu ngokuhlabana ngemfundo.
Imithombo yeziziba – Yilapho okuqala khona umfula/isiziba. Imbongi isivezela
umqondo wokuthi ulwazi/ imfundo eyincela/eyithekela emithonjeni okuyizikhungo
zemfundo iyoyisebenzisa impilo yayo yonke ingabe isahlupheka noma isaswela.
Ngigiye ngiqephuze ngosiba – Igama ‘usiba’ lisho ‘ipeni’. Imbongi isebenzise usiba
lwaba uphawu lwemfundo Imbongi igqamisa umqondo wokujabula ngemfundo
yekhethelo ebiyilangazelela, yayizuza nokuthi lolo lwazi nemfundo iyoba usizo kuyo.
Ukuqoth’ uphoko nokhothe – Lokhu kusho ukugaya ummbila noma amabele
omisiwe. Lokhu kwakwenzelwa ukuthi ahlale isikhathi eside angonakali, abe umphako
wendlela. Imbongi igqamisa umqondo wokuthi imfundo/ ulwazi eluzuzile luyoba
ngumphako wendlela oluyoyisiza ukucijela izimo zempilo.
Nabazukulu badle kuchitheke inyongo - Imbongi iveza ukuthi le mfundo angeke
isize noma isebenzele yona nje kuphela kodwa kuyohlomula ngisho nesizukulwane
esizayo.
Kuchitheke inyongo – Kusho ukudla kakhulu uze utshokoze-Isisho lesi esisho
ukuhlala ngokunethezeka. Imbongi igqamisa impilo engcono nemnandi eyolethwa
ukuba nemfundo eyokwenza nesizukulwane esizayo sinethezeke, sijabule futhi sibuse.
Bafinye ngendololwane -Isisho esichaza ukubusa. Ngalesi sisho imbongi
isigqamisela impilo emnandi, yokubusa negcwele injabulo ngenxa yemfundo.

Isiphetho

Imbongi iphumelele kahle ukukhetha amagama acebile/ anothile agqamisa umqondo


wale nkondlo.

(Ohlolwayo angakhetha namanye amagama anganikeziwe lapha agqamisa umqondo


wale nkondlo)
[10]

Akuvumelekile ukukopisha lo mhlahlandlela Pheqa ikhasi


IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL) P2 5 KZN/Nhlangulana 2023
Umhlahlandlela wokumaka

NOMA

UMBUZO 2: UMBUZO OMFUSHANE

IMPI : S.R.C.SHONGWE

2.1 Amaviyo nezingeqiwa ntwala,


Amaviyo namanxebakazi,
Amaviyo nemikhontshwana.

Ukuxhumanasiqalo / Ukuxhumana okusekuqaleni


[Nikeza amamaki amabili uma etomulile wagagula ukuxhumana] (2)
2.2 Imbongi isebenzise ifanankamisa u ‘u’ eliletha umgqumo osamculo omnandi
nokugcizelela ukuthi akekho ongathandi ukugcina ethole ulwazi/ imfundo.

[Nikeza amamaki amabili uma echazile kafushane ukusetshenziswa


kwefanankamisa wasekela] (2)

2.3 Ukukhethwa kwaleli gama ‘eyamanyamfokwe’ kungelekelele ukuba ngiqonde ukuthi


leli binza ligqamisa ukuthi imbongi ithi umuntu oyivila/oyigwala angeke alunga
ukubhekana nempi njengoba imbongi yona ithi isaqhubeka nokulwa.
[Nikeza amamaki amabili uma evezile imigqa nokuthi yelekelele kanjani wasekela] (2)
2.4 Umoya otholakala ebinzeni lesi-4 owokugqugquzela/wokukhuthaza. Imbongi ithi
kumele uzilungiselele ungashiywa isikhathi, wenze izinto kusakhanya. Ikhuthaza
ukuthi ungazibheki izinto ezingakuphazamisa endleleni ngoba nayo yakwazi ukulwa
yaphumelela.
[Nikeza amamaki amabili uma ewuvezile umoya webinza wasekela] (2)

2.5 Imbongi iphumelele kahle ukusebenzisa ukuphindaphinda kwegama ‘impi’


okuyimfundo. Imbongi igqamisa/igcizelela ukuthi akekho ongathandi ukuba
yingxenye yempi futhi anqobe. Akekho ongakusiza ukubhekana nempi ngenxa
yobunzima, ababalekeyo bagcina bezisola. Yingakho iyalela ukuba akuliwe noma
kunzima kangakanani.

[Nikeza amamaki amabili uma ephawullile ngokusetshenziswa kokuphindaphinda


kwegamai wasekela] (2)
[10]

Akuvumelekile ukukopisha lo mhlahlandlela Pheqa ikhasi


IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL) P2 6 KZN/Nhlangulana 2023
Umhlahlandlela wokumaka

UMBUZO 3: UMBUZO OMFUSHANE

IDWALA LIKASHAKA: J. M SIKAKANE

3.1 Imvumelwano esekuqaleni / imvumelwano siqalo ka-


EliseSibubulungu
Elahlul’ abelungu

Le mvumelwano iletha umgqumo osamculo omnandi nokugcizelela ukuthi


likuphi leli dwala.

[Nikeza amamaki amabili enikezile imvumelwano wanikeza umsebenzi] (2)

3.2 Umqondo otholakala ebinzeni lesi-2 ilo-


 Imbongi ithi leli dwala libheke ulwandle ngqo.
 Imbongi ithi lime sakugada ulwandle njengoba namabutho ema egade
inkosi yayo.

[Nikeza amamaki amabili uma efingqile umqondo ngokwebinza.] (2)

3.3 Inhloso yembongi yokusebenzisa ukuxhumana sigcino …‘umlungu’


no…‘lungu’ ukugqamisa ukuthi abelungu abamhlophe baqhamuka
bengalindelwe kule ndawo yaseSibubulungu,

[Nikeza amamaki amabili uma eyivezile inhloso yokuxhumana wasekela] (2)

3.4 Imbongi isebenzise umfanekisomqondo wokubonakalayo oyisenzasamuntu


ukugqamisa ukuthi idwala lalime, lilide ngaphezu kwabantu sakubuka
konke okwakwenziwa lapha olwandle.

[Nikeza amamaki amabili uma echazile ukusetshenziswa


komfanekisomqondo wasekela] (2)

3.5 Indikimba yale nkondlo umlando/ubuqhawe beNkosi uShaka. Imbongi ithi


iNkosi uShaka kusaxoxwa nanamuhla ngemisebenzi yayo nokuvikela
umbuso kaZulu.

[Nikeza amamaki amabili uma ehlaziyile/eyishilo indikimba wasekela


ngokwebinza] (2)

[10]

Akuvumelekile ukukopisha lo mhlahlandlela Pheqa ikhasi


IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL) P2 7 KZN/Nhlangulana 2023
Umhlahlandlela wokumaka

NOMA
UMBUZO 4: UMBUZO OMFUSHANE

MUSANI- M.S.S GCUMISA

4.1 Imbongi isebenzise impindamqondo u ‘ukukhala/ukubibitheka/ukulila’ ukuveza


amazinga okukhala ngokungalingani abanye bayamemeza, abanye
bayampongoloza, abanye bakhombisa ukuba nesibibithwane.

[Nikeza amamaki amabili uma enikezile ukusebenza kwempindamqondo.]


(2)
4.2 Umqondo oqukethwe umugqa wesi-5 kuya kowesi-8 ilo-
 Imbongi ize ibuze ukuthi benziwa yini bakhale ngokungaqondi ukuthi uyephi,
ubiziwe futhi bebetshelekiwe yena.
 Imbongi iyabakhumbuza ukuthi bekungeyena owabo.

[Nikeza amamaki amabili uma efingqile ngokwemigqa] (2)

4.3 Inhloso yembongi yokusebenzisa ukuxhumana sigcino u…’ekhaya’ ukuveza ukuthi


bese kufike isikhathi sokulandwa aye lapho avela khona okuyikhaya lakhe.

[Nikeza amamaki amabili uma eyivezile inhloso wasekela ngokwemigqa] (2)

4.4 Umoya otholakala emgqeni we-11 kuya kowe-12 owokududuza futhi uyanxusa.
Imbongi iyabaduduza ukuthi bamukele ukuthi usehambile inxusa nokuthi
kududuzwe nalabo abasakhala emvelo obuyenza yenze izinto ize igxumagxume
njengengane encane. (2)

[Nikeza amamaki amabili uma echazile umoya wasekela ngokwemigqa]


4.5 Imbongi iphumelele kahle ukuveza isigqi esinensayo sale nkondlo ngenxa yomoya
wokunxusa kanye nezimpawu zokuloba ekugcineni kwemigqa. Imbongi kule migqa
iyanxusa ukuthi abavume ukuthi ulandwe nguNkulunkulu bese beyamkhulula
agoduke.

[Nikeza amamaki amabili uma encomile isigqi wasekela ngokwemigqa] (2)

[10]

KANYE

Akuvumelekile ukukopisha lo mhlahlandlela Pheqa ikhasi


IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL) P2 8 KZN/Nhlangulana 2023
Umhlahlandlela wokumaka

UMBUZO 5: UMBUZO OMFUSHANE

UYOTHI WENZANI? L.M. MLAMBO

5.1 Kungen’ izindab’ ezindlebeni, (Umugqa wesithathu)


Umfanekisomqondo wokuzwakalayo. (2)

[Nikeza amamaki amabili uma etomulile umugqa wagagula nomfanekisomqondo]

5.2 Umoya othalakala ebinzeni lesi-3 owethemba. Imbongi iveza ithemba isizwe
sase-Afrika esinalo ukuthi uzokwazi ukuyisiza kuphele izinkinga enazo, ihlomule
njengawo onke amazwe kube nobungcono. (2)

[Nikeza amamaki amabili uma echazile kafushane wasekela ngokwebinza]

5.3 Isimo sokukhuluma esitholakala emgqeni wama-21 isifaniso ‘Yiba njengelang’


eliphezulu’. Imbongi ithi umuntu kufanele enza izinto ezinhle, ukulekelela
/ukwenzela umndeni wakhe impilo engcono. (2)

[Nikeza amamaki amabili uma echazile isimo sokukhuluma wasekela


ngokomugqa]

5.4 Inhloso yembongi yokusebenzisa imvumelwano siqalo u ‘u-’ ukuletha umgqumo


osamculo omnandi nokugcizelela ukuthi ithalente oliphiwe uMdali kumele uliveze
ungadlali ngalo ngoba kungenzeka uficwe ukufa ungazange ulikhombise muntu
futhi ungahlomulanga ngalo. (2)

[Nikeza amamaki amabili uma eyivezile inhloso yokusebenzisa imvumelwano


wasekela ngokwemigqa]

5.5 Imbongi iphumelele kahle ekusebenziseni impindwa ethi, ‘Uyothi’ wenzani?’


Imbongi ibuza umbuzo wokuthi iliphi iqhaza oyohamba ulibambile kulo mhlaba.
Abantu bayahlala balinde okuhle ongabenzela khona nokuthi uma unalo ithalente
lokubasiza benzele abantu. (2)

[Nikeza amamaki amabili uma ephawulile ngempindwa wasekela]

(Nezinye izimpendulo ezinembayo ziyokwamukelwa)


[10]

AMAMAKI ESIQEPHU A: 30

Akuvumelekile ukukopisha lo mhlahlandlela Pheqa ikhasi


IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL) P2 9 KZN/Nhlangulana 2023
Umhlahlandlela wokumaka

ISIQEPHU B

UMBUZO 6: UMBUZO OMUDE

BENGITHI LIZOKUNA –NG Sibiya

ISINGENISO
Izingxabano kuwukungqubuzana phakathi kwabalingiswa. Lokhu sikubiza ngodweshu.
Udweshu lwehlukene kabili. Kukhona udweshu lwangaphakathi kanye nodweshu
lwangaphandle. Udweshu lwangaphakathi luwukungqubuzana kwemicabango okudalwa
okuthile umlingiswa asuke ecabanga ngakho. Udweshu lwangaphandle luwukungqubuzana
kwemibono yabalingiswa okungaholela ekutheni bagcine sebebambana ngezihluthu.

UMZIMBA

Udweshu lwangaphakathi

UXolani ushaywa uvalo, uhluleka nokugxilisa ingqondo yakhe kokwenzeka


emhlanganweni akuwona ngenxa yokubuka uMahlengi. Uthando lukaMahlengi lumenza
ashaywe uvalo uma ecabanga ngomkakhe. Ucabanga aze azisole ngokujaha ukuganwa.

UMahlengi Uyabalisa ubuyekeza obekwenzeka ngenkathi behleli kamnandi noXolani. Uthi


ehleli nesoka lakhe uNdumiso kodwa ingqondo yakhe ibe iphithene ngokucabanga uXolani
okwakumshayisa ngovalo. UMahlengi ubuyelwa umfanekiso kaXolani uze uyakhala. Ubalisa
ngothando aluzwayo ngoXolani ekubeni uXolani ubengakamtsheli ukuthi uyamthanda.
Ushaywa uvalo ecabanga imihlola abeyitshelwa isoka lakhe uNdumiso yokuya eSouth Coast
kodwa engasho ukuthi uyokwenzani. uzizwa esephelelwa uthando lukaNdumiso enhliziyweni
yakhe ngenxa yothando oselumgabha lukaXolani.

UNdumiso Uthatha uyabeka, inhliziyo iququdwa uthando lukaMahlengi futhi


useyambona ukuthi usemshintshele, uyazibuza ukuthi wayezoyithathaphi imali
yokumlobola. Ngemuva kwengxoxo yakhe noS'bu mayelana nomcebo kaNgidi
wafikelwa umcabango wokuyobamba uNgidi inkunzi ukuze athole imali yokulobola
uMahlengi. Uyabalisa emuva kokwaliwa uMahlengi ngencwadi.

UNgidi Udunyelwa ikhanda ngenxa yemicabango eminingi ayenayo ngemuva


kokufika kukaNontobeko emzini wakhe ezofuna uMhlengi.
Udweshu lwangaphandle:

UXolani Uxabana nenkosikazi yakhe uLungile ngoba ebalindisile nezingane, efike


unuka isiqholo sabesifazane futhi ephuzile nokubiza igama likaMahlengi elele.
Uxabana noNdumiso bebanga uMahlengi. Uxabana nenkosikazi yakhe uLungile futhi
ngodaba lokushona kwezingane zabo.

UNontobeko Wala uNkululeko ngosuku olwandulela olomshado. UNontobeko akaboni


ngaso linye noNkululeko ngenxa yodaba lomshado wakhe noNkululeko.

Akuvumelekile ukukopisha lo mhlahlandlela Pheqa ikhasi


IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL) P2 10 KZN/Nhlangulana 2023
Umhlahlandlela wokumaka

UNdumiso Ubamba uNgidi inkunzi ugcina ngokudubula uNyambose ambulale.


Uxabana noMahlengi ngoba uyambona ukuthi useshintshile umsabisa ngokumdubula
uma angase ambambe ukuthi useqomile.

UNgidi. Uxabana noNomalanga ocingweni ngodaba lukaMhlengi. Uyethuka uma efika


efulethini likaMahlengi lapho uMahlengi evuma ukuthi unguyena uMhlengi
owayeyindodana kaNgidi.

ISIPHETHO (UVO LOHLOLWAYO): Umbhali ukwazile ukusebenzisa udweshu


ukukhulisa inoveli yakhe, evusela abalingiswa izinkinga okumele bazixazulule. Lokhu
kufakazelwa udweshu lwangaphakathi kanye nolwangaphandle olukule noveli.
[25]

UMBUZO 7: UMBUZO OMFUSHANE

BENGITHI LIZOKUNA –NG Sibiya

7.1 Umuzwa otholakala ekuqaleni kwalesi siqeshana umuzwa wothando. uMahlengi


noXolani bazizwa benothando oluvuswa nayingoma abayilalele. (2)

[Nikeza amaphuzu amabili uma ewuvezile umuzwa]

7.2 Isizathu esenza uMahlengi abe novalo ukuthi ucabanga izinguquko azenzile
emzimbeni wakhe nokuthi kazi uyothini uXolani uma ethola ukuthi u-Gay.

[Nikeza amaphuzu amabili uma esivezile isizathu] (2)

7.3 Uthando lukaXolani luqinile kuMahlengi ngoba washiya izingane zodwa, zaze zasha
nendlu. Walwisa uNdumiso ngoba ebona ukuthi uthando lwakhe kuMahlengi luqinile.
UNontobeko uthando lwakhe aluqinile kuNkululeko wamthanda ngoba edidekile .
Ukhombisa ukungayikhathaleli imizwa yakhe nekaNkululeko njengoba amlaxaza
ngobusuku obandulela usuku lomshado.
(4)
[Nikeza amaphuzu amane uma ewuvezile umehluko]

7.4 Imbangela yaMhlengi yokuhlukana noNontobeko ukuthi wayezizwa ukuthi unemizwa


yobugay futhi esefuna ukuphila impilo yakhe.

[Nikeza amaphuzu amabili uma eyichazile imbangela] (2)

7.5 Laba balingiswa ababoni ngendlela efanayo. UNgidi ukholelwa ukuthi umuntu uma
esedaliwe waba nalobo bulili uMdali amnike bona uyabambelela kubona, kanti
uMhlengi ukholelwa ukuthi umuntu fanele alandele indlela azizwa ngayo ngobulili
anabo.

[Nikeza amaphuzu amathathu uma eqhathanisile] (3)

Akuvumelekile ukukopisha lo mhlahlandlela Pheqa ikhasi


IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL) P2 11 KZN/Nhlangulana 2023
Umhlahlandlela wokumaka

7.6 Umyalezo odluliswa umbhali kulesi siqeshana ukuthi kufanele abantu bagweme
ukuzithola benza izinto ezingaphazamisa inhlalonhle yemindeni yabo. (Nezinye
izimpendulo ezinembayo zokwamukeleka) (3)

[Nikeza amaphuzu amathathu uma ewuvezile umyalezo]

7.7 UNontobeko uvezwe njengomlingiswa olimelayo iqiniso. Unothando lwaMhlengi


ukukhombisile ukuthi uyamthanda akakwazi ukuqhubekela phambili; uthando
lwakuNkululeko uNontobeko wakusho ukuthi akanaso isiqiniseko sothando lwabo
wakwazi ukulimela iqiniso ngemizwa yakhe; uyayilwelwa ngento ayifunayo- uya
kwaNgidi eyobika udaba lwakhe noMhlengi ezokwazi ukuthola uMhlengi

[Nikeza amaphuzu amane uma emvezile umlingiswa] (4)

7.8 Ngiyavumelana. Kuhle ukuhlukanisa uma ungasamthandi umuntu ngoba kungenzeka


ugcine usumhlukumeza/ usuhlukumezekile ngoba uhleli othandweni olungekho.

NOMA

Angivumelani. Uthando olusha luvamisile ukuthi lube umlilo wamaphepha,


ulahlekelwe okukhona ngokungekho ngoba usuke ungakamazisisi lo muntu ozoqala
naye impilo entsha

[Nikeza amaphuzu amabili uma ephendulile wasekela] (2)

7.9 Umbhali uphumelele kahle ekusebenziseni isizinda saseGcilima ukusivezela ukuthi


omakhelwane babambisene. Lokho sikubona ngenkathi kudutshulwe uNyambose
baphuma abantu ukuzolekelela.

[Nikeza amaphuzu amathathu uma exoxile ngempumelelo yombhali] (3)


[25]

Akuvumelekile ukukopisha lo mhlahlandlela Pheqa ikhasi


IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL) P2 12 KZN/Nhlangulana 2023
Umhlahlandlela wokumaka

UMBUZO 8: UMBUZO OMUDE

IMPI YABOMDABU ISETHUNJINI –JC Buthelezi

Isingeniso
Izingxabano kuwukungqubuzana phakathi kwabalingiswa. Lokhu sikubiza ngodweshu.
Udweshu lwehlukene kabili. Kukhona udweshu lwangaphakathi kanye nodweshu
lwangaphandle. Udweshu lwangaphakathi luwukungqubuzana kwemicabango okudalwa
okuthile umlingiswa asuke ecabanga ngakho. Udweshu lwangaphandle luwukungqubuzana
kwemibono yabalingiswa okungaholela ekutheni bagcine sebebambana ngezihluthu.

Umzimba

Udweshu lwangaphakathi
Sithola uCele ezibuza eziphendula ukuthi enze njani njengoba umfana kadadewabo uBafana
esemxoshise okwenja nje? Siyaluthola futhi udweshu lwangaphakathi kuBafana lapho ezwa
ukuthi indodana yakhe u-Euthenasia untshontshe imoto kathisha wakhe. Ucabanga ukuthinta
abameli bakhe kodwa ubuye uyazikhuza.

UBafana naye simthola ejubalala ngemicabango esitadi mayelana nodaba aluzwe


ngoMaXakushe lokuthi u-Euthenasia untshonstha imali yakhe aze agcine ephimisela. Ayimile
imicabangano kuye uBafana uthatha uyabeka ngempilo abebeyiphila eMpaphala kanye
neziphithiphithi zakwakhe. Ucabanga nangakho konke akutshelwe uDokotela uMdlalose
ongumeluleki wezengqondo. Umbhali usivezela uBafana edliwa imicabango ebheka emuva
ekhumbula indlela akhule kabuhlungu ngayo njengoba uMaMthimkhulu engafuni izingane
zakhe zithethiswe omunye umuntu.Siphinde simthole uBafana uma esecabanga ngezincwadi
zakhe ezishiswe uPoppie ngenhloso yokuthi uPoppie wayeyanga uBafana ukuthi abuyele
ekhaya ngokuthatha izincwadi. Kepha uBafana wala waphetha. UBafana ugcina ngokusula
emsebenzini. Okunye okumdidayo uBafana ukuthi kungani uma uMaMthimkhulu esethutha
eMlazi angalithathi ibhayibheli alinikwa ngunina uMaMbhele.

UPoppie ubonakala engazithandi izingane zikaLinono ngoba zigijima zedlule ezakhe. Uze
uyajula ngomcabango kuze kuvuka umona afikelwa nayinhliziyo embi afune ukudlisa ushevu
lezi zingane zaseMpaphala. Kwasiza u-Euthenasia ngokuthi acele ukuba badle balale
ndawonye.
Siyaluthola futhi udweshu lwangaphakathi kuBafana ngenkathi ekwaMaMsibi, imoto kaMaMsibi
isishayise iMercedez Benz kamakhelwane ngenxa yephutha lakhe, manje akazi ukuthi
alilungise kanjani leli phutha. Ucabanga ukuthi izikwelethu anazo uzozikhokha ngani, eseLexus,
imali yokukhokhela iMercedez kamakhelwane, nezinye izikweletu.

Udweshu lwangaphandle
Le noveli ivula ngodweshu phakathi kukaCele noBafana. UBafana uqala ngokunqaba
ukungenisa uCele emzini wakhe ngoba ethi akashongo ukuthi uyeza. UCele ugcina esizwa
nguMadonsela ngokumcuphisa kwazise kwase kuhlwile.
Siyaluthola futhi udweshu lwangaphandle lapho uBafana enqaba ukuthatha izingane
zikaLinono ezicelelwa indawo nguCele.
Udweshu phakathi kuka-Uzithelile noKhanjana baxabana ekwaluseni kuze kuholela ekutheni u-
Uzithelile amshaye amehlule uKhanjana.

Akuvumelekile ukukopisha lo mhlahlandlela Pheqa ikhasi


IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL) P2 13 KZN/Nhlangulana 2023
Umhlahlandlela wokumaka

UPoppie uxabana noBafana babanga ukuthi uBafana akafuni ukumtshela ukuthi umalume
wakhe uCele ubezofunani futhi wangafuna nokuthi ambingelele. UBafana uzithethelela ngokuthi
ubengeke athande ukuthi umalume wakhe ambone nezingubo zokugijima ezithe ne ezimbeni.
UPoppie noBafana babanga ukuthi ubani ozosiza izingane ngomsebenzi wesikole. UPoppie
utshela uBafana ukuthi ukuze umshado uhambe kahle kufanele bahlukaniselane ngokulingana.
UPoppie uxabana noMathiloni Mngadi babanga ukuthi uPoppie kufanele athathe izingane
zikaLinono. UPoppie uze enze isibonelo ngodadewabo ongamlalelanga ngenkathi ethi akahlele.
Udadewabo akazange amhluphe ngokuthi alethe ingane kuye. Nalezi zikaLinono uyanqaba
ukuzithatha.
UPoppie uxabana noHlanganisani ngenkathi emshayela ucingo efuna ukumtshela ukuthi
indodana yabo ikuphi. Ugcina esemnikeza ithuba lokumlalela. Uthola lezi zindaba ezimthusayo
zokuthi indodana yakhe ibalekele eMpaphala.
UBafana simthola engaboni ngaso linye noBen Martin ofuna ukusiza abantu abamnyama
emabandleni aseMlazi, KwaMashu, Chesterville kanye naseLamontville. Into yokuqala
abayibangayo igama likaMbhabhadisi elenza uBafana athukuthele ngoba ngokwakhe leli gama
elabantu abangafundile.
UBafana uxabana noMgwazeni uma ezama ukuyofaka icala lokuthi imoto yakhe yebiwe ukuze
kuzokhokha umshwalense. UMgwazeni ushaya phansi ngonyawo ukuthi nje eke waboshwa
udadewabo uPrisca, uBafana kuyobe uyalibuka uyaligcina ilanga. Kwamphoqa ukuba akamane
ashiye kanjalo avele abaleke alibangise eThekwini.
ISIPHETHO (Uvo lohlolwayo)
Umbhali ukwazile ukusebenzisa udweshu ukukhulisa inoveli yakhe. Yilo udweshu oluvusela
abalingiswa izinkinga okumele bazixazulule. Lokhu kufakazelwa udweshu lwangaphakathi
kanye nolwangaphandle olutholakala kubalingiswa olusetshenziswe umbhali enovelini yakhe.
[25]
UMBUZO 9: UMBUZO OMFUSHANE
IMPI YABOMDABU ISETHUNJINI – JC Buthelezi

9.1 Umoya otholakala kulesi siqeshana umoya wokuthobeka / wokuzehlisa.


UPoppy uyazehlisa kuBafana ukuze babambisane ekuphatheni umndeni.
[Nikeza amaphuzu amabili uma ewugagulile umoya]
(2)
9.2 Isizathu sokuthi uPoppy akhulume ngale ndlela ukuthi wayephuma kuDkt.
Mdlalose owayemeluleka ngendlela yokuphatha umndeni.
[Nikeza amaphuzu amabili uma esivezile isizathu] (2)

9.3 EDurban West bagxile emlandweni wabamhlophe yize isikole sixubile


kunokubandlulula okwenziwayo phakathi kwabafundi kanti eB.W. Vilakazi
kufundwa ngamaqhawe, inhlonipho, ukubambisana.
[Nikeza amaphuzu amane uma ewuvezile umehluko]
(4)

9.4 Imbangela yokuthi u-Euthanesia aye eMpaphala ukuthi wayefuna ukuthola


ulwazi olujulile ngomndeni kanye nempilo yabantu abampisholo
[Nikeza amaphuzu amabili uma eyivezile imbangela]
(2)

Akuvumelekile ukukopisha lo mhlahlandlela Pheqa ikhasi


IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL) P2 14 KZN/Nhlangulana 2023
Umhlahlandlela wokumaka

9.5 Le mindeni indlela ephatha ngayo ikhaya ayifani. KwaNgubane bakholelwa


ekuhlukaniselaneni imisebenzi bachumise nokuba nemali kanti kwaMdlalose
bagxile ekubambisaneni nokuxhumana bengumndeni.

[Nikeza amaphuzu amathathu uma eqhathanisile] (3)

9.6 Umyalezo odluliswa ilesi siqeshana ukuthi empilweni usizo lwangaphandle


luyalekelela. Sithola umndeni wakwaNgubane uveza isithombe esihle
sokubambisana ekunakekeleni umndeni emva kokuthola izeluleko
zokuphathwa kwemindeni.

[Nikeza amaphuzu amathathu uma ewuvezile umyalezo] (3)


9.7 Umlingiswa onguNjini uvezwe njengomlingiswa owuthandayo. Ukhulise
uBafana noLinono waze wakhulisa nezingane zikaLinono futhi oyikholwa
uyakholelwa emkhulekweni simthola ethandazela u-Euthanesia uma evukwa
isifuba.

(Nezinye izimpendulo ezinembayo ziyokwamukeleka)


[Nikeza amaphuzu amane uma emvezile umlingiswa] (4)

9.8 Ngiyavumelana. Kunezingane eziyizintandane, ezinabazali abangenayo


imfundiso enhle okanye ulwazi olugcwele ngezimo ezahlukahlukene
empilweni, lokhu kungasiza ukuthi kube khona ukubambisana ekukhuliseni
abantwana ngendlela efanele.

NOMA

Angivumelani. Kunemiphakathi engenayo imfundiso eyamukelekayo


ekukhuliseni abantwana lokhu kungadala intsha edukile ngasekuziphatheni.

(Nezinye izimpendulo ezinembayo ziyokwamukeleka)


[Nikeza amaphuzu amabili uma ephendulile wasekela] (2)

9.9 Umbhali uphumelele kahle ekusebenziseni isizinda saseMpaphala ukuveza


ukuthi abantu basenabo ubuntu. Omakhelwane babambisene ngezindlela
ezehlukene.

(Nezinye izimpendulo ezinembayo ziyokwamukeleka)


[Nikeza amaphuzu amathathu uma evezile impumelelo yombhali] (3)

[25]

Akuvumelekile ukukopisha lo mhlahlandlela Pheqa ikhasi


IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL) P2 15 KZN/Nhlangulana 2023
Umhlahlandlela wokumaka

ISIQEPHU C: UMDLALO

UMBUZO 10: UMBUZO OMUDE

KUDELA OWAZIYO – BP Maphumulo

 Ungasebenzisa la maphuzu njengomhlahlandlela wokumaka lo mbuzo.


 Ohlolwayo angaqhamuka nezinye izimpendulo ezishaya emhlolweni.
 Sebenzisa irubhrikhi esekhasini lama-25 ukumaka i-eseyi.

QAPHELA:

Ohlolwayo makaqikelele ukuthi kulo mdlalo kubhekwa impumelelo yombhali


ekubumbeni isakhiwo ngaphansi kwezihlokwana ezinikezwe ngokulandelana
kwazo.
Ukuma kwempendulo yombuzo omude:
 Isingeniso: se-eseyi Ohlolwayo makethule abuye achaze isakhiwo.
 Isingeniso sendaba: Ohlolwayo makethule isingeniso sendaba
 Umzimba: Ohlolwayo makaphendule agxile kulokho okubuziwe.
 Isiphetho sendaba: Ohlolwayo makaveze isiphetho sendaba
 Isiphetho se-eseyi (uvo lohlolwayo): Ohlolwayo makaveze uvo lwakhe
ngempumelelo yombhali ekubumbeni isakhiwo somdlalo.

ISAKHIWO SE-ESEYI:

Isakhiwo sinamazinga alandelayo:


 Isingeniso se-eseyi
 Isingeniso sendaba/ Isethulo: Yilapho sethulelwa ummeleli, imbangi, isizinda kanye
nesisusa sodweshu.
Umzimba
 Ukubhebhetheka kodweshu: Lapha sibheka indlela indaba ekhula ngayo kususelwa
enkingeni evezwe ekuqaleni.
 Uvuthondaba: Yilapho indaba isuke isisesicongweni. Lapha kusuke kwenzeka
isehlakalo sokugcina noma esikhulu kummeleli sekumele kube nesixazululo.
Abanye abalingiswa bayaxolelana, bayazisola noma bayabuyisana.
 Isiphetho se-ndaba: Lapha kusekupheleni kwendaba. Indaba ingaphetha
ngovuthondaba/ ngebohlolo.
 Isiphetho: se-eseyi: Ukuphumelelela kombhali ukuveza amazinga esakhiwo

ISINGENISO SENDABA: (ISETHULO)

Lapha sethulelwa umlingiswa ongummeleli uMdaluli Memela ekhaya lakhe


kwaChappies, ebhekene nenkinga yokudilizwa emsebenzini.
Isisusa sodweshu
 Iphupho aliphuphile lesiphepho elimxakayo angakwazi ukulichaza. Leli phupho uze
ulixoxela umngani wakhe uMbhebhezeli. Iphupho elibi elibikezela inhlupheko ezofika.
 Emuva kwalokho useyadilizwa emsebenzini ngenxa yokuthi ifemu abesebenza
kuyona isibuyela phesheya.

Akuvumelekile ukukopisha lo mhlahlandlela Pheqa ikhasi


IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL) P2 16 KZN/Nhlangulana 2023
Umhlahlandlela wokumaka

UMZIMBA:

Ukubhebhetheka kodweshu:
 UMdaluli emuva kokuphelelwa umsebenzi, uzama imizamo yokuziphilisa
ngokuvuselela ikhono lakhe lokwakha izindlu.
 UChivenga ikwerekwere elakha izindlu libize kancane lishela uHlengiwe
ngenkathi elindele isoka lakhe uManqina.
 UChivenga unxusa umsebenzi woMnyango wezaseKhaya uHeshane ukuba
benze umgunyathi wokumshadisa noHlengiwe engazi ukuze athole ubuzwe
baseNingizimu Afrika.
 UMdaluli uthola ukuthi ubhekene nesikweletu esiyizinkulungwane
ezingama-30 000 zamarandi ekolishi okufunda kulona uLondiwe.
 UMdaluli uba nolaka uma ethola ukuthi uChivenga usemthathele umsebenzi
wokwakha emzini wakwaSaziwayo Khuzwayo ngenxa yokuthi uMdaluli ufike
ngemuva kwesikhathi waxoshwa wanikezwa u-R50.
 UMdaluli uba nodlame emzini wakhe, ukuthula noxolo kuyaphela.
 UMdaluli uhlukumeza umkakhe uMaMlanduli ngokuqophisana naye, wala
ukudla aphakelwe kona ekhaya.
 UMdaluli ufuna indabandaba ngenkani uze ushaya inkosikazi yakhe
uMaMlanduli phambi kwezingane.
 UMbhebhezeli utshela uChivenga esesibhedlela ukuthi uyamazi umuntu
omthakathile.
 UHlengiwe uvakashela uChivenga osanda kuphuma esibhedlela, umxoxela
ngenkinga anayo yepasi osekuze kwaba amahlandla amathathu libuya
linamaphutha okubhalwa isibongo sikaChivenga.
 UChivenga ucela uHlengiwe ukuba angabe esalishintsha ipasi lakhe,
bayavumelana.
 UMdaluli uphuma ejele uqala ukuhlukumeza izingane uze uzixosha
ngesibhamu.
 Izelamani zakwaMemela zibikela uZenyezile onguSonhlalakahle emahhovisi
ezenhlalakahle ngenkinga kanina uMaMlanduli ongafuni ukuthathela uyise
uMdaluli izinyathelo zomthetho
 UMdaluli ulalela uChivenga unyendle ehlathini laseMphekandlubu efokozini
lotshani obude umgokloza umhlane ngemolontshisi umgqema nengozi
ekhanda, uphinda uyaboshwa futhi.
Uvuthondaba:
UMdaluli ngenkathi esejele ucela ukubizelwa abantu abonile ukuze axolise kubona.
 Ucela uxolo emndenini wakhe ngodlame lwasekhaya ayelubhekise kuwona,
bayamxolela.
 Ucela uxolo nakuChivenga ngokucishe ambulale.
 UChivenga uyamxolela uze uyalesula icala.

Isiphetho sendaba:
 Lo mdlalo uphetha ngepholavuthondaba. UZenyezile wazisa umndeni kaMdaluli
ngokuzamazama komhlaba eSudan, akwaziwa ukuthi uMdaluli usindile kulokho
kuzamazama komhlaba eSudani.

Akuvumelekile ukukopisha lo mhlahlandlela Pheqa ikhasi


IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL) P2 17 KZN/Nhlangulana 2023
Umhlahlandlela wokumaka

ISIPHETHO SE-ESEYI: (Uvo lohlolwayo):


Umbhali uphumelele kahle ukusebenzisa isakhiwo esikholekayo. Indaba ilandeleke
kahle inesingeniso, umzimba nesiphetho. Isakhiwo sigqanyiswe kahle ngabalingiswa
abakule ndaba.
(Ohlolwayo angaveza namanye amaphuzu akhombisa amabanga esakhiwo
angavezwanga lapha) [25]

UMBUZO 11: UMBUZO OMUDE


KUDELA OWAZIYO – BP Maphumulo

11.1 Umlandi usitshela ngesimo uMaMlanduli ayekusona ngesikhathi eshaywa uMdaluli. (2)

[Nikeza amaphuzu amabili uma ewuthulile umsebenzi womlandi]


11.2 Lesi sigameko senzeka ngesikhathi sasebusuku ngoba uMaMlanduli
wayesamangelel ukuthi uLondiwe uvuke nini ekameleni lakhe ukuzongenelela kulolu
daba

[Nikeza amaphuzu amabili uma esinikile isikhathi wasekela] (2)

11.3 Isimo senhlalo asisihle. UMdaluli uhlukumeza uMaMlanduli ngokumshaya ngenxa


yokuthi uyenqaba nendabandaba (2)
[Nikeza amaphuzu amabili uma esichazile isizinda ngokwenhlalo]

11.4 Izigameko ezaholela ukuthi uLondiwe abize amaphoyisa ukuthi uMdaluli ushaye
uMaMlanduli ngoba wayephazamisekile emoyeni ngenxa yokulahlekelwa umsebenzi
/wayengasenayo imali yokondla umndeni wakhe
/Wayenqatshelwe indabandaba uMaMlanduli

[Nikeza amaphuzu amane uma ezichazile izigameko] (4)

11.5 Inhloso yombhali yombali yokusebenzisa umlingiswa onguLondiwe ukuthi abantu


babe nolwazi ukuthi bangakwazi ukungenelela odabeni lodlame lwasekhaya.
Bangabiza amaphoyisa uma kunodlame lwasekhaya njengoba noLondiwe
engenelelile odabeni lwabazali bakhe.
[Nikeza amaphuzu amabili uma eyivezile inhloso] (2)

11.6 Indlela ababuka ngayo ukuhlukunyezwa kwabantu besifazane akufani omunye


uyakubika kanti omunye akakubiki. UNenelezi akahambisani nokuhlukunyezwa
kwabantu besifazane uyabika ngakho aphinde abe novalo lokuthi kuzophuma
isidumbu kanti uMaMlanduli uyakufihla ukuhlukunyezwa kwakhe njengomuntu
wesifazane nokuthi wayengazi ngamalungelo akhe
(Nezinye izimpendulo ezinembayo ziyokwamukeleka)
[Nikeza amaphuzu amane uma ekwazile ukuqhathanisa]
(4)

Akuvumelekile ukukopisha lo mhlahlandlela Pheqa ikhasi


IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL) P2 18 KZN/Nhlangulana 2023
Umhlahlandlela wokumaka

11.7 Umphumela wawuzoba mubi ngoba wayezoqhubeka ahlukumeze umndeni wakhe


kugcine kuphume isidumbu

(Nezinye izimpendulo ezinembayo ziyokwamukeleka)


[Nikeza amaphuzu amabili uma ewuvezile umphumela] (2)

11.8 Imbangela yokuthi umbhali asebenzise umlingiswa onguManqina kulo mdlalo


ukutshengisa ukuthi empilweni kukhona abantu abanobuntu.

[Nikeza amaphuzu amabili uma eyishilo imbangela] (2)

11.9 Lo mdlalo umbhali uwuphethe kahle ngepholavuthondaba. Sithola uMdaluli


ebuyisana nomndeni wakhe futhi uthola umsebenzi wase evakashela eSudan.
Sithola umndeni wakhe uxoxa noZenyezile ngenhlekelele yokuzamazama komhlaba
eSudan.

[Nikeza amaphuzu amabili uma eyishilo isiphetho]


(2)

11.10 Lamazwi abhalwe ngokugqamile atshengisa / akhombisa ubuqili. UMdaluli akalivezi


iqiniso lokuthi uMaMlanduli uyakhala ngoba eshaywa uyena.

[Nikeza amaphuzu amathathu uma ephawulile.] (3)

[25]

Akuvumelekile ukukopisha lo mhlahlandlela Pheqa ikhasi


IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL) P2 19 KZN/Nhlangulana 2023
Umhlahlandlela wokumaka

UMBUZO 12: UMBUZO OMUDE


UBHUKU LWAMANQE – EJ Mhlanga
 Ungasebenzisa la maphuzu njengomhlahlandlela wokumaka lo mbuzo.
 Ohlolwayo angaqhamuka nezinye izimpendulo ezishaya emhlolweni.
 Sebenzisa irubhrikhi esekhasini lama-25 ukumaka i-eseyi.

QAPHELA:

Ohlolwayo makaqikelele ukuthi kulo mdlalo kubhekwa impumelelo yombhali


ekubumbeni isakhiwo ngaphansi kwezihlokwana ezinikezwe ngokulandelana
kwazo.
Ukuma kwempendulo yombuzo omude:
 Isingeniso: se-eseyi Ohlolwayo makethule abuye achaze isakhiwo.
 Isingeniso sendaba: Ohlolwayo makethule isingeniso sendaba
 Umzimba: Ohlolwayo makaphendule agxile kulokho okubuziwe.
 Isiphetho sendaba: Ohlolwayo makaveze isiphetho sendaba
 Isiphetho se-eseyi (uvo lohlolwayo): Ohlolwayo makaveze uvo lwakhe
ngempumelelo yombhali ekubumbeni isakhiwo somdlalo.

ISINGENISO SE-ESEYI:

Isakhiwo sinamazinga alandelayo:

 Isingeniso se-eseyi
 Isingeniso sendaba/ Isethulo: Yilapho sethelelwa ummeleli, imbangi, isizinda kanye
nesisusa sodweshu.
 Ukubhebhetheka kodweshu: Lapha sibheka indlela indaba ekhula ngayo kususelwa
enkingeni evezwe ekuqaleni.
 Uvuthondaba: Yilapho indaba isuke isisesicongweni. Lapha kusuke kwenzeka
isehlakalo sokugcina noma esikhulu kummeleli sekumele kube nesixazululo.
Abanye abalingiswa bayaxolelana, bayazisola noma bayabuyisana.

 Isiphetho se-ndaba: Lapha kusekupheleni kwendaba. Indaba ingaphetha


ngovuthondaba/ ngebohlolo.
 Isiphetho: se-eseyi: Ukuphumelelela kombhali ukuveza amazing esakhiwo

ISINGENISO SENDABA: (ISETHULO)

Lapha sethulelwa umlingiswa onguPhindisiwe ebhekene nenkinga yokuthi unezimfihlo


anazo ebe eshade noThamsanqa.
Isisusa sodweshu Isoka likaPhindisiwe uNkululeko ufuna ukuthi babuyelanae
noPhindisiwe, uPhindisiwe uyenqaba. UNkululeko afune ingane yakhe uZiphozonke,
uPhindisiwe anqabe.

Akuvumelekile ukukopisha lo mhlahlandlela Pheqa ikhasi


IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL) P2 20 KZN/Nhlangulana 2023
Umhlahlandlela wokumaka

UMZIMBA

Ukubhebhetheka kodweshu

 UNkululeko emveni kokushayela uPhindisiwe ucingo emsebenzini uhlasela


kwaMathonsi, uyabasongela.
 UNkululeko ushayela uPhindisiwe ucingo ekhaya lubanjwa nguThamsanqa
uyalugaklaza.
 UNkululeko uyaphindaphinda ukushaya ucingo uPhindisiwe uzama ukumvala kanti
uyezwa uThamsanqa.
 UPhindisiwe udliwa wudweshu lwangaphakathi ugcine asephendule umamezala
wakhe uMaMhlongo kabi ngoba ecabanga ukuthi unguNkululeko ocingweni
 UNkululeko ubuyela kwaMathonsi usephethe ubufakazi besithombe kanye
nesitifiketi somshado wabo noPhindisiwe
 Izinkinga zikaThamsanqa ziyanda uma esebona lobu bufakazi obuphethwe
ngabazali bakhe.
 Ucela izeluleko kumngani wakhe uNkumbulo.
 Isimo sishuba kakhulu uma uNkululeko eseshayela uThamsanqa ucingo
emsebenzini emtshela kwezikabhoqo ukuthi uyisigwadi esinindwe ngobhotela
emehlweni
 UMaMhlongo uhlaselwa yiphupho lapho uZiphozonke ethathwa wuhlanya
lwabaleka naye luqonde ngasesizibeni
 UNkululeko uhlela nabangani bakhe oMaqoma benoSikela bavakashela
kwaMathonsi ukuyodingida udaba lukaPhindisiwe noZiphozonke, uThamsanqa
uxabana noNkululeko.
 UPhindisiwe uyanyamalala, akabi khona ezingxoxweni.
 UThamsanqa ubuyela kuNkumbulo umngani wakhe uyocela usizo lokuxazulula le
nkinga kepha uthola uNkumbulo kukudala akwazi ukuthandana kukaPhindisiwe
noNkululeko.
 UThamsanqa uhambela ekhweni kwaMakhunga ufica umkhwekazi wakhe
uMaKhangela egane unwabu, bayaxabana
 UNkululeko uhlela nentombi yakhe nabanye okufaka phakathi noPhindisiwe
iprojekthi yokugebenga ibhange imali.
 Kuhlaselwa uSarah emzini wakhe eNkanini kuthathwa okhiye basebhange.
 UNkululeko noPhindisiwe bagebenga ibhange babonwa ngabantu omunye wabo
ashayele amaphoyisa ucingo.

Uvuthondaba

Indaba ivuthwa lapho sebeboshwa oNkululeko, abangani bakhe kanye noPhindisiwe


bayaboshwa.

Isiphetho sendaba

Lapha indaba isuke isiphethwa.


 Enkantolo kaMantshi eZibuseni kuqulwa icala lokuthumba, ukusabisa ngesibhamu,
ukwenza izitifiketi zomgunyathi nokugebenga ibhange. Lo mdlalo uphetha
ngebohlololo lapho uPhindisiwe, uNkululeko, uSikela Sigodlo noMaqoma bagcina
ngokugwetshwa.

Akuvumelekile ukukopisha lo mhlahlandlela Pheqa ikhasi


IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL) P2 21 KZN/Nhlangulana 2023
Umhlahlandlela wokumaka

 UPhindisiwe ucela uxolo kuThamsanqa, ucela ukuba asale emkhulisela izingane


zakhe.
 UThamsanqa ufunda inkondlo ayifunjathiswa nguPhindisiwe ekhuluma ngothando.
 UThamsanqa ufikelwa izinyembezi, uyakhala ekhumbula mhla befunga
emshadweni ukuthi bayohlukaniswa ukufa.

Isiphetho se-eseyi

Umbhali uphumelele kahle ukusebenzisa isakhiwo esikholekayo. Indaba ilandeleke


kahle inesingeniso, umzimba nesiphetho. Isakhiwo sigqanyiswe kahle ngabalingiswa
abakule ndaba.

(Ohlolwayo angaveza namanye amaphuzu akhombisa amabanga esakhiwo


angavezwanga lapha) [25]

Akuvumelekile ukukopisha lo mhlahlandlela Pheqa ikhasi


IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL) P2 22 KZN/Nhlangulana 2023
Umhlahlandlela wokumaka

UMBUZO 13 UMBUZO OMFUSHANE


UBHUKU LWAMANQE – EJ Mhlanga

13.1 Umlandi usitshela ngesimo sokudelela uMakhangela ayekuso ngesikhathi


ephendula uThamsanqa.

[Nikeza amaphuzu amabili uma ewuthulile umsebenzi womlandi]


(2)

13.2 Isikhathi okwenzeka ngaso lesi sigameko isikhathi santambama emva kokubuya
kwabantu emsebenzini. Sithola ukuthi emva kwalesi sigameko uNkululeko
uyahamba uyohlelela usuku olulandelayo ukuze bagqekeze ebhange.

[Nikeza amaphuzu amabili uma esinikile isikhathi wasekela] (2)

13.3 Isizinda ngokwesimo senhlalo asisihle ngoba uMaKhangela uxabana noThamsanqa


kanti noPhindisiwe akafuni ukubuyela kwakhe.

[Nikeza amaphuzu amabili uma esichazile isizinda ngokwenhlalo] (2)

13.4 Izigameko eziholele ukuthi uPhindisiwe azithole ebhekene nalesi simo


 Ukuthi wenza ubugebengu obuhleliwe noNkululeko bokuthi athwale icala
lokushayisa ingane.
 Wathola ingane noNkululeko wamfihlele uThamsanqa.
 Ukungabambeleli esivumelwaneni asenza noThamsanqa sokuvulelana
isifuba ngakho konke.
(Amaphuzu amabili kwangenhla) (4)
[Nikeza amaphuzu amane uma efingqile izigameko]

13.5 Inhloso yombhali ukusikhombisa ukuthi kunabazali abangalimeli iqiniso


kubantwana njengoba uMaKhangela eluxazulula ngobugebengu udaba
lukaPhindisiwe.

[Nikeza amaphuzu amabili uma eyishilo inhloso] (2)

13.6 Izenzo zikaNkululeko kanye noPhindisiwe ziyefana ngendlela abenza ngayo


ubugebengu. UPhindisiwe simthola evala uNkululeko ngemali ukuze athwale icala
lokushayisa ingane kanjalo noNkululeko wenza isithombe somshado somgunyathi
okungubugebengu ukuze kukholakale ukuthi bashadile.

(Nezinye izimpendulo ezinembayo ziyokwamukeleka)

[Nikeza amaphuzu amane uma eqhathanisile] (4)

13.7 Ngicabanga ukuthi umphumela wawuzoba mubi ngoba wayezoqhubeka


nobugebengu abulale uThamsanqa ngoba efuna imali.
(Nezinye izimpendulo ezinembayo ziyokwamukeleka)
[Nikeza amaphuzu amabili uma ewushilo umphumela] (2)

Akuvumelekile ukukopisha lo mhlahlandlela Pheqa ikhasi


IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL) P2 23 KZN/Nhlangulana 2023
Umhlahlandlela wokumaka

13.8 Imbangela yokuthi umbhali asebenzise umlingiswa onguMathonsi kulo


mdlalo ukufuna ukusitshengisa ukuthi empilweni kubakhona abantu abalamulayo. (2)

[Nikeza amaphuzu amabili uma eyishilo imbangela]

13.9 Lo mdlalo umbhali uwuphethe kahle ngepholavuthondaba. Sithola laba balingiswa


okunguPhindisiwe, uNkululeko, uMaqoma noKhabalethu begwetshwa emva
kokubamba inkunzi ebhange. (2)
[Nikeza amaphuzu amabili uma esishilo isiphetho]

13.10 La mazwi abhalwe ngokugqamile aveza ubuqili bukaMaKhangela. Wayexosha


uThamsanqa ngokushesha ngoba engafuni ukuthi abone uNkululeko ababehlela
naye ubugebengu.

[Nikeza amaphuzu amathathu uma ephawulile.] (3)

[25]

AMAMAKI ESIQEPHU C: 25
AMAMAKI ESEWONKE: 80

Akuvumelekile ukukopisha lo mhlahlandlela Pheqa ikhasi


IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 24 KZN/Nhlangulana 2023
NSC – Umhlahlandlela wokumaka

RUBHRIKHI YOLIMI LWASEKHAYA

ISIQEPHU A: IRUBHRIKHI YOKUHLOLA UMBUZO OMUDE WENKONDLO [AMAMAKI AYI-10]


Izinkomba Kuhle kakhulu Kuhle Kuyagculisa Akugculisi kahle Akugculisi nhlobo
OKUQUKETHWE 5–6 4 3 2 0–1
-Ukuhunyushwa -Ukhombisa ulwazi -Isihloko usihlaziye -Ukuhunyushwa -Akanalo nhlobo ulwazi
Ukuhunyushwa kwesihloko okunzulu ngesihloko futhi ngokugculisayo kwesihloko akugculisi lwesihloko
kwesihloko -Amaphuzu amahle usihumushe kahle -Akhona amaphuzu kahle -Akukho nhlobo
Amaphuzu anobunzulu, kakhulu ahlukene -Impendulo echaza amahle asekela isihloko -Kuthukela kuvela okuhambisana
ukusekela kanye asekelwe kabanzi ngokwenelisayo -Amanye amaphuzu amaphuzu asekela nenkondlo
nokuqonda kabanzi kubhekiswe enkondlweni -Amanye amaphuzu asekeliwe kodwa isihloko -Ohlolwayo akanalo
ithekisthi. -Ulwazi oluhle kakhulu anembayo kodwa ubufakazi bubuye -Ulwazi lwenkondlo nhlobo ulwazi
lwenkondlo. awasekeliwe onke bungagculisi kwenye alugculisi kahle. lwenkondlo.
6 AMAMAKI ngendlela elindelekile inkathi
-Ulwazi lwenkondlo -Ulwazi lwenkondlo
luhle. olugculisayo.
ISAKHIWO KANYE 4 3 2 1 0–1
NOLIMI -Isakhiwo esihleleke -Isakhiwo esihleleke -Kukhona nokho -Isakhiwo sikhombisa -Isakhiwo asihlelekile
kahle kakhulu kahle futhi amaphuzu ukuhleleka kwesakhiwo amaphutha ezingeni kahle neze
Isakhiwo, ukugeleza -Amaphuzu ahleleke ageleza ngokulandelana -Amaphuzu awagelezi lokuhleleka -Ulimi lunamaphutha
okuhlelekile kahle kakhulu futhi kahle futhi awahlelekile -Amaphuzu awahlelekile amaningi kanye
kwamaphuzu kanye athungelana kahle -Ukugeleza -Amaphutha olimi ngokugculisayo nesitayela esingagculisi
nokwethula kakhulu kwamaphuzu ayingcosana, ithoni -Ulimi lunamaphutha neze.
Ulimi, ithoni kanye -Ulimi, ithoni kanye kuyalandeleka kanye nesitayela amaningi
nesitayela nesitayela kukhombisa -Ulimi, ithoni kanye kusetshenziswe -Ithoni nesitayela
esisetshenzisiwe ukuvuthwa komqondo, nesitayela kuhle. ngokugculisayo. akugculisi kahle.
embuzweni omude. kuyaheha futhi kushaya
emhlolweni
4 AMAMAKI -Ulimi, ukupelwa
kwamagama kanye
nezimpawu zokuloba
akunamaphutha nhlobo.

Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi


IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 25 KZN/Nhlangulana 2023
NSC – Umhlahlandlela wokumaka

ISIQEPHU B KANYE NESIQEPHU C: IRUBHRIKHI YOKUHLOLA UMBUZO OMUDE WOMBHALO WOBUCIKO:


INOVELI/UBUCIKO BOMLOMO KANYE NOMDLALO [AMAMAKI ANGAMA-25]
Izinkomba Kuhle kakhulu Kuhle Kuyagculisa Akugculisi kahle Akugculisi nhlobo
OKUQUKETHWE 12–15 9–11 6–8 4–5 0–3
-Impendulo enembayo: -Ukhombisa ukuqonda -Ukuhumusha isihloko -Ukuhunyushwa -Ulwazi oluncane
Ukuhunyushwa -Impendulo enhle kanye nokuhumusha ngokugculisayo; kwesihloko akugculisi kakhulu lwesihloko
kwesihloko kakhulu: isihloko kahle akuzona zonke kahle; kuthukela kuvela -Umzamo ontekenteke
Amaphuzu anobunzulu, -Ukuhunyushwa -Impendulo echaza izingxenye ezicaciswe amaphuzu asekela wokuphendula umbuzo
ukusekela kanye kwesihloko okunzulu ngokwenelisayo kabanzi isihloko ngokucacile -Amaphuzu awanelisi
nokuqonda kabanzi -Amaphuzu ahlukene -Amanye amaphuzu -Kunamaphuzu ambalwa -Amaphuzu ambalwa nhlobo
ithekisthi. anembayo nokusekela anembayo kodwa amahle asekela isihloko asekela isihloko -Ohlolwayo akanalo
okunembayo akusiwo wonke -Amaphuzu ambalwa -Amaphuzu amancane nhlobo ulwazi lwenoveli/
15 AMAMAKI okususelwe embhalweni asekelwe ngendlela asekeliwe, kodwa ahambisana nesihloko ubuciko bomlomo
-Ulwazi oluhle kakhulu elindelekile ubufakazi bubuye -Ulwazi oluncane nomdlalo
lwenoveli/ubuciko -Ulwazi lwenoveli/ bungagculisi lwenoveli/ubuciko
bomlomo nomdlalo. ubuciko bomlomo -Ulwazi olungenele bomlomo nomdlalo.
nomdlalo luyabonakala. lwenoveli/ubuciko
bomlomo nomdlalo.
ISAKHIWO KANYE 8–10 6–7 4–5 2–3 0–1
NOLIMI -Isakhiwo silandelana -Isakhiwo esihle kanye -Isakhiwo siyabonakala -Isakhiwo sikhombisa -Ukungabibikho
kahle kakhulu namaphuzu ahleleke kancane amaphutha ekuhlelweni kwesakhiwo esihleliwe
Isakhiwo, ukugeleza -Isingeniso kanye kahle -Ukugeleza kanye kwaso kuphazamisa ukugeleza
okuhlelekile nesiphetho okuhle -Isingeniso, isiphetho nokulandelana -Amaphuzu awahlelekile kwamaphuzu
kwamaphuzu kanye kakhulu kanye nezinye izigaba kwamaphuzu kahle -Amaphutha olimi kanye
nokwethula -Amaphuzu abekeke kuhleleke kahle kuyabonakala, kodwa -Amaphutha olimi nesitayela esingalungile
Ulimi, ithoni kanye kahle kakhulu futhi -Amaphuzu ageleza kunamaphutha agqamile kwenza lo mbhalo
nesitayela athungelana kahle kahle -Amaphutha olimi -Ithoni nesitayela ungabi yimpumelelo
esisetshenzisiwe -Ulimi ithoni kanye -Ulimi, ithoni kanye ambalwa; ithoni kanye kusetshenziswe -Ithoni nesitayela
embuzweni omude. nesitayela kukhombisa nesitayela kuhle. nesitayela ngokungafanele kusetshenziswe
ukuvuthwa, esisetshenzisiwe -Ukuhleleka kwezigaba ngokungafanele
10 AMAMAKI kuyancomeka futhi sifanelekile kunamaphutha. -Ukuhleleka kwezigaba
kushaya emhlolweni. -Izigaba eziningi kunamaphutha.
zibhaleke kahle.
UKWABIWA 20–25 15–19 10–14 5–9 0–4
KWAMAMAKI

Akuvumelekile ukukopisha leli phepha

You might also like