Umhlahlandlela Wokuzifundela Ukubhala Draft 1
Umhlahlandlela Wokuzifundela Ukubhala Draft 1
Umhlahlandlela Wokuzifundela Ukubhala Draft 1
UKUBHALA UKUHLOLISISA
OKUQANJIWE OKUYIZINDABA
NEZIQEPHU EZEDLULISA IMIYALEZO
ISIZULU
ULIMI LWASEKHAYA
ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA
ULIMI LWESIBILI LOKWENGEZA
AMABANGA 10 – 12
2019
Second Chance
Matric Support Programme
UMHLAHLANDLELA WOKUZIFUNDELA
UKUBHALA
OKUQANJIWE OKUYIZINDABA NEZIQEPHU
EZEDLULISA IMIYALEZO
ISIZULU
ULIMI LWASEKHAYA
ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA
ULIMI LWESIBILI LOKWENGEZA
AMABANGA 10 – 12
2019
1. ISINGENISO.......................................................................................................................................................5
2. Ukubhala okuqhubekayo.....................................................................................................................................5
4.12 Inkulumo-mpendulwano/ingxoxo............................................................................................................34
4.14 ISIBUYEKEZO........................................................................................................................................38
5.1 IZIKHANGISI...........................................................................................................................................40
5.3 AMAPHOSTA..........................................................................................................................................42
6. ISIPHETHO.......................................................................................................................................................52
7. ISENGEZELELO...............................................................................................................................................53
Siyethemba ukuthi lo mhlahlandlela uzokwazi ukulekelela abafundi ukuze baqonde imibhalo yokuziqambela.
Isisezithebeni-ke!
2. Ukubhala okuqhubekayo
Inqubo yokubhala
• Ukuhlolisisa umsebenzi wakho ukuze ulungise amaphutha okungaba ukukhethwa kwamagama, izimpawu
zokuloba, isipelingi njl.
Kulolu hlobo lwendaba, umbhali noma umxoxi uxoxa ngesigameko esithile esake senzeka kuye, ake asibona sen-
zeka komunye noma axoxelwa ngaso. Kuyenzeka kokunye umbhali abhale indaba eyisusela ekhanda. Lokho siya-
kuthola kwenzeka kakhulu kubafundi (ezikoleni). Kubalulekile ukuthi noma umfundi eyisusela ekhanda indaba yakhe
kube yindaba ekholakalayo. Ngokuvamile umbhali wale ndaba usebenzisa inkathi edlule, umuntu okhulumayo noma
okukhulunywa ngaye, ukuxoxa indaba yakhe.
Cabanga ngaloku okulandelayo lapho kubhalwa noma kulungiselelwa ukubhalwa kwendaba elandayo:
• Umuntu obhala lolu hlobo lwendaba kumele aqinisekise ukuthi izehlakalo zakhe ziyalandelana.
• Indaba ingagqamisa imizwa yombhali kodwa aqaphele ukuthi indaba iqoqekile futhi igqamisa isenhlakalongqangi
esiyisisekelo sendaba yakhe.
• Indaba enesiphetho esingajwayelekile iba nesasasa kunaleyo enesiphetho esisobala futhi esilindelekile.
[Uma ubhala ngalesi sihloko kulindeleke ukuba kuvele zonke izigigaba ngokulandelana kwazo.]
Umuntu akabulawa uvalo ngoba angifanga ngenxa yovalo olwangishaya ngoma. Nanamuhla ngisethuka kubande
kwamancane uma ngicabanga ngaleso sigameko.
I-ABSA yibhange elivamise ukuthi libe nabantu abaningi kunamanye. Nangalolu suku kwakunjalo. Okwangiqeda
du wukuthi umshini wokukhipha imali wawungasebenzi. Kwadingeka ukuthi singene ngaphakathi. Wayekhona
unogada njengasemihleni ephethe isiqwayana sakhe nomshinyana ogijinyiswa emzimbeni womuntu uma ezongena
ebhange. Wonke umuntu owayengena wayedlula athole izibusiso kulowo mshinyana.
Ngathi qala, ngabona ababeshaye ujenga ngabalandela. Kwaba yisikhathi eside impela silokhu sisondela kancane
kancane. Ngokuphazima kweso abasebenzi basebhange babonakala bephithizela bekhuluma okuthile okwakun-
gazwakali kahle. Oyedwa wabasebenzi wasondela ngakithi wehlukanisa abantu imigqa emibili. Umugqa wokuqala
kwakungowalabo ababezokhipha imali kanti owesibili kwakungowalabo ababezoyifaka. Mina ngangena emgqeni
walabo ababezokhipha imali.
Imigqa yayihamba kancane ikakhulukazi yalabo ababezokhipha imali. Kwathi lapho ngifikelwa umqondo wokuthi
ngishintshe umugqa ngimane ngikhiphe izinkulungwane ezimbili kuphela. Ngabuye ngazikhuza ngathi angibekezele
kuze kufike ithuba lami.
Esikhundleni sokuthi kwandiswe inani labemukeli nababali bezimali, bavele bancipha. Ngesikhashana nje izindawa-
na abasebenzela kuzo zabe sezibhalwe umbhalo othi, ‘Kuvaliwe.’ Sabekezela kunjalo ngoba sasiyidinga imali. Kwa-
ba sengathi ngiyaphupha lapho sekulithuba lami lokuthi ngithole imali. Wangisheshisela wacofoza ikhompyutha kabili
kathathu ngomzuzwana wayibala imali wanginikeza. Ngayithatha maqede ngabonga ngavalelisa.
Kwathi lapho sengibheke emnyango ngabona unogada ekhiya umnyango wabangenayo kanye nalowo wabaphu-
mayo. Sisamangele sabona kuvela onogada ngaphakathi ebhange bephethe amabhokisana emali. Ababili baqonda
emshinini wokukhipha nokufaka imali bafike bawuvula baqalisa ukufaka imali. Wonke amehlo abantu aphenduka athi
njo kulabo nogada. Mina ngangibalisa ngenhliziyo ukuthi abasaqedi ngani sizovulelwa emnyango siphume ebhange.
Nakuba umuntu engakaze asiphathe isibhamu kodwa uba nalo ulwazi lomsindo wesibhamu esilungiselelwa ukudubu-
la. Kwaba njalo ngenkathi sisathathekile ngonogada ababefaka imali emshinini. Lapho siphendula amakhanda, ame-
hlo ethu abheka ngalapho okwakuzwakala ngakhona imisindo yezibhamu zilungiselelwa ukudubula. Kukhala ubu-
haxahaxa. Umuntu owayelapho wabona omunye elala phansi ngesisu naye wenze njalo. Nami ngazibona sengilele
cu phansi ngale kokuthi vu. Ngesikhathi abanye abantu bethulula imali ezisefeni ezikumakhompyutha, abanye betha-
tha leya eyayifakwa ngonogada emshinini, abanye babezikhiphela izimali ezikhwameni zethu. Okwenzeka lapho
kwenzeka ngokuphazima kweso.
Sakhala ubumayemaye. Akukusisizanga ukumemeza yize abantu babephume ngobuningi babo bezokwenza izidin-
go zabo edolobheni langakithi kaSwayimane. Nalapha ngaphakathi ebhange kwakugcwele abantu bengangoZulu
eya emakheni. Ubungacabanga ukuthi njengoba sibaningi kangaka, ukhona oyedwa ongaba nesibindi sokuqon-
dana ngqo nezigilamkhuba. Mina ngahayiza ubumayemaye. Muhlu! Impama leyo. Kwacisha izibani. Isalukazi es-
asikade singilandela savele saquleka. Sawa gilikidi! Intombazanyana eyathi izama ukusisiza kwathi abayidle bay-
ifele. Kwathuleka du. Kuwo lowo mnyama kwatheleka ezakadalawane. O hhe! Kwakusasizani ngoba lase lidume
ledlula. Izimali zethu zabe sezithathiwe.
Elokufa alitsheli okwangempela. Kusukela ngalelo langa sengiyakugwema ukungena phakathi ebhange ngoLwesi-
hlanu.
Lena indaba echaza isimo esithile, umuntu othile noma indawo ethile. Njengoba nesihloko sisho, kumele umbhali wale
ndaba asebenzise amagama achazayo kakhulu. Le ndaba idinga ucwaningo. Umbhali acwaninge ngesihloko ethule
amaqiniso. Umbhali usebenzisa kakhulu ulimi olusenkathini yamanje.
Kumele umbhali acabange aqikelele lokhu okulandelayo uma ebhala indaba echazayo:
• Umbhali kumele aqikelele ukuthi ukhetha isihloko asazi kahle. Isizathu ukuthi kulukhuni ukuchaza into ongenalo
ulwazi lwayo oluphelele.
[Uma ubhala ngalesi sihloko kulindeleke ukuthi usichazele ngalo muntu omkhonzile. Kumele usivezele izinto ezimen-
za umkhonze kangaka]
Abazali ngibehlukanisa ngemikhakha emibili. Kukhona abazali abaletha izingane emhlabeni ngenhloso, bese kuba
khona labo abaletha izingane ngephutha. Sezizelwe lezi zingane ziphinde ziphathwe ngezindlela ezingefani. Kunaba-
zali abangenalo nhlobo uthando lwezingane zabo, bese kubakhona labo abazithandayo. Umama wami ungomunye
wabazithandayo izingane zakhe. Yingakho engumuntu engimkhonze kakhulu empilweni yami.
Yize umama engazange ashade, muncane kakhulu umehluko wothando lwabazali phakathi kwezingane ezizalelwe
emishadweni kanye nalezo ezingazalelwanga emshadweni. Angingabazi ukuthi iningi lomakhelwane lalizibuza liz-
iphendula ukuthi umama wakwazi kanjani ukusakhela umuzi, nokuthi zonke izinsuku silale sidlile, sibe nezimpahla
zokwembatha, siye esikoleni njengezinye izingane zakomakhelwane futhi sibukeke singumndeni othokozile.
Okujabulisayo imfudumalo nothando esiluthola kumama, nakuba umuzi wakithi umncane kakhulu lapho uqha-
thaniswa naleyo yomakhelwane. Kunendlu eyodwa qhwaba. Le ndlu inegumbi lokuphekela, elokulala, elokuhlala
kanye nelokudlela. Umama uhlala esibhekile ngaso sonke isikhathi ukuthi sihlala sijabule ngalokho asenzela khona.
Kuyenzeka singakudli ukudla esikufisayo ngaso sonke isikhathi, kodwa umama uyakwazi ukusithengela ukudla
okusigcina inyanga yonke eze ethole iholo. Ngaphambi kokuthi siye esikoleni, sidla isinkwa esinsundu esigcotshwe
ibhotela sisehlise ngetiye elinobisi. Ntambama lapho sibuya esikoleni sisika isinkwa sithose amaqanda, kokunye
siwabilise maqede sehlise ngetiye. Kusihlwa sibasa isitofu samalahle sipheke iphalishi kanye nesishebo esikhona
ngalolo suku.
Ngimkhonzile impela umama ngoba ungumzali ohlala eqikelela ngaso sonke isikhathi ukuthi izidingo zethu zasesi-
koleni ziyafezeka. Ngaphandle kokusitholela umfaniswano wesikole, ubuye asijabulise ngezimpahla zokuswenka.
Unendlela yakhe ethe phecelezi yokusithengela izimpahla zokugqoka. Uma kuwusuku lokuzalwa lomunye wethu,
umthengela izimpahla zokugqoka ngokuthanda kwakhe. Nathi siyazinakekela izimpahla umama asithengela zona.
Uphinde asikhuthaze ukuthi ngaso sonke isikhathi sihlale sihlanzekile.
Umama ungumuntu othanda ukuthi izingane zakhe zithole zonke izincwadi ezisetshenziswa esikoleni, futhi siphinde
siziphathe kahle lezo zincwadi. Uncamela ukuthi aboleke imali kumlungu amsebenzelayo uma kudingeka into ethile
esikoleni. Selokhu sangena esikoleni asikaze sithelwe ngehlazo lokuhlale sikhunjuzwa phambi kwabafundi ukuthi
asiyikhokhile imali yesikole. Esikoleni lapho izingane zomtakanobani zidla izibiliboco, nathi siyazidla.
Abantu abaningi bayakuthokozela ukuhlala beseduze kukamama. Kukubi noma kukuhle umama akashintshi ngenxa
yesimo. Kwala ngisho umuntu emonile akambambeli igqubu. Kuneziwombe lapho thina zingane zakhe siye sime-
phule umoya, kodwa akasidubi uhlala nathi phansi asibonise ngendlela eyakhayo. Kuyaye kuthi uma esibonisa
ngamaphutha ethu, aseluleke bese edlula kulokho. Yingakho kungekho muntu engingamfanisa nomama empilweni
yami.
Ngenxa yokuba nohlobo lukamama esinalo, asilali phandle kodwa sinompheme oyindlu yokufihla ikhanda. Silala
sidlile njengezinye izingane, futhi singumndeni onothando nokuthula. Umama uzohlala engumuntu engimkhonzile
empilweni yami.
Lena indaba lapho umbhali umbono wakhe abuye anikeze impendulo yakhe enganyelwe yimicabango kanye nemiz-
wa. Le ndaba ijeqeza emuva esigamekweni esike senzeka. Umbhali-ke lapha ubeka imibono yakhe ngokwenzekile,
acacise okuhle, amaphutha, bese enza izincomo ngokuthi ubona kufanele kwenziwe njani ukuguqula isimo salokho
ngokuzayo.
Lolu hlobo lwendaba sivame ukulubona emibhalweni engama-eseyi. Lapha umbhali ubeka uvo lwakhe ngesihloko
esithile. Akusho ukuthi akushoyo kuliqiniso kepha yilokho akucabangayo ngabantu, ngesintu noma ngempilo nje. Lok-
ho akubekayo kuhle kusekelwe ngamaqiniso ukuze kungamdini lowo ozofunda indaba. Indaba enje ingaveza ukujula
komqondo wombhali futhi abaningi bayithatha njengeyiqiniso langempela.
• Ingxenye enkulu yendaba ingaba ngechazayo. Lokhu kuchaza kufanele kukhanye futhi kuveze imizwa kanye
nenkumbulo yalowo oyibhalayo.
• Imibono / imicabango eveziwe kufanele yembule ubuqiniso kanye neqhaza elibanjwa umbhali.
[Lapha-ke umbhali uzojeqeza emuva aneke izigameko esezadlula ezadalwa uhulumeni wobandlululo. Engxoxweni
yakhe uzoveza amaphutha awabona enzeka maqede aveze ukuthi ubona kumele alungiswe kanjani.]
Ezingapheli.
Ziningi izinselelo ezibhekene nabantu abamnyama. Lezi zinselelo ziwumphumela wobandlululo lweminyaka. Aban-
tu abamnyama abanikezwanga amathuba afanele nanikeza isithunzi sokuba ngumuntu komuntu. Ukucindezelwa
kwadala isimo sokungazethembi kwabaningi, kwaphela ukwazisana nokubambisa kwabansundu bebodwa.
Abamhlophe baphasisa umthetho wokwehlukanisa abantu ngokobuhlanga. Lo mthetho wawuphikisana nokuthi aban-
tu abamnyama behlale lapho bethanda khona. Babe sebehlaliswa ezindaweni ezinganalo usizo empilweni. Phela
ukufuya nokulima kwaphenduka abakhwekazi, babhuqabhuqwa yindlala. Kwabe sekuvuthwa izindlela eziya ema-
dolobheni nasemapulazini ukuze bakhangezwe ubala ngabebala njengomvuzo wokusebenza kanzima. Emathunjini
omhlaba babejubalala kubuye obuyile, ongabuyanga kube sekuphelile ngaye. Imindeni yabo ikhale zome.
Umthetho wokuphathwa kwamapasi wawehlisa isithunzi sabantu abampisholo. Abantu abampisholo kwakumele
ukuthi lapho babehamba khona baphathe amapasi. Lawo mapasi kwakuba izincwajana okwakungelula ukuthi aban-
tu bazifake ezikhwameni zezimpahla zabo. Zazibaphoqelela abanikazi ukuthi bagcine ngakho ukuzilengisa entanye-
ni. Umuntu owayetholakala engaliphethe ipasi wayeboshwa, ajeziswe kanzima. Uma impilo yojeziswayo ibuthaka
wayendela kwelamathongo kuphele ngetswayi.
Ubandlululo lwaludla fumuka ludle silaza. Izingane zabamnyama zazingavumelekile ukufunda nalezo zabebala, kan-
jalo nemfundo yazo yayingeqhathaniswe neyezingane zabebala. Inhloso enkulu yalokho kwabe kuwukwenza abantu
abampisholo bazizwe bephansi lapho beqhathaniswa nabamhlophe. Lokho kwakulungiselela izizukulwane zabantu
abampisholo ukwenza imisebenzi ephansi kuneyabelungu futhi bangabi namava okuzicabangela nokuzithathela iz-
inqumo ngezimpilo zabo.
Abantu abayi nganxanye bengemanzi bakhona abazijuba ukuhlanganisa abantu abamnyama ukuze balwisane
nemithetho eyayishayelwe ukubacindezela. Baningi abasala enkundleni kulowo mzamo wokulwela inkululeko. Am-
aqhawe namaqhawekazi alala uyaca akwaba ndaba zalutho. Kwasala izintandane nazo zilala obenyoni, zibonga
kusile zibonge lishonile.
Intsha ayisalanga ngaphandle kulo mshikashika wokulwa nobandlululo, yaba yimbumba ikhahlela kwasani okuwulimi
lwamaBhunu olwalugxishwa kuyo ngazo zonke izifundo ezabe zifundwa. Ubuntu bomuntu busolimini lwakhe, ongal-
wazi ulimi lwakhe uphenduka ilulwane. Intsha yabe ivikela isithunzi somuntu omnyama esabe siphundlwa wuhlelo
lwezemfundo.
Ukuphumelela kwabantu baseMozambique ukuhlwitha izintambo zombuso kubeLungu kwenza abantu baseNin-
gizimu Afrika balwisana kakhulu nobandlululo kunakuqala. Bacekela phansi izikhungo zikaHulumeni ezinkulu ezifa-
na no-ESCOM phela amandla kaHulumeni wobandlululo kwabe kuyiwo kanye umnotho wezwe. Ukufadalala kwawo
umnotho kwakuyosho ukuhlabana kwabamnyama ngoba babengazuzi lutho kuwona kepha babebulawa ngawo.
OwayenguMongameli wezwe wenza uguquko olukhetha iphela emasini, wavumela amaNdiya namaKhaladi ukuthi
amelwe ephalamende. Lokho kwakusho ukuthi abantu abamnyama kuphela ababengenalo ilungelo lokuvota no-
kumelwa ePhalamende. Ngokuphazima kweso abantu abampisholo babumbana balwisana nalowo mthetho. Izwe
balenza langalawuleka nakancane.
Kuyathokozisa ukuthi imithetho yobandlululo olubabayo igcine igudluziwe. Abantu sebephila ngokwamandla
abanawo. Mangikusho ukuthi noma izindonga zobandlululo sezabhidlizwa, basekhona osikhwili phambana nobhoko,
abasayisebenzisa eminye imithetho yobandlululo emiphakathini kanye nasezikhungweni zemisebenzi.
Indaba edaza inkani ifuna umbhali aqale ngokukhetha uhlangothi olulodwa esihlokweni abhala ngaso. Angakhetha
ukuvumelana noma aphikisane nesihloko. Obhala le ndaba uvikela imibono yakhe. Isiphetho kumele sicacise ukuthi
umbhali ukuluphi uhlangothi/ukholelwaphi nokuthi kungani.
(50)
Imali yesibonelelo yimali eholwa ngomama nyanga zonke beyiholela abantwana abavela emindenini empofu. Le mali
omama bayihola kusukela enyangeni yokuqala umntwana ezelwe. Maningi amathuba okuthi uhulumeni ayandise
iminyaka yabantwana ize ifike eminyakeni eyishumi nesishagalombili kodwa uhulumeni uhlongoza ukuyinyusa kuze
kufike eminyakeni engamashumi amabili nanye.
Umntwana ngamunye unesabelo esithile semali ayihlomula nyanga zonke. Umzali onabantwana abathathu noma
ngaphezulu uthola umthanyana impela. Lokhu akusho lutho kumuntu ongaswele kakhulu kodwa kumuntu oyidinga
ngendlela exakile imali kumenza acabange ajule. Bakhona abagcina ngokuzibuza beziphendula ukuthi kungenze-
kani uma bengathola abantwana ukuze nabo bahole le mali. Kanjalo bakhona nabangakungabazi ukuthi izimpilo
zabo zingaguquka kakhulu uma bengahola imali yesibonelelo. Yize kuthiwa inhloso kaHulumeni ngemali yesibonele-
lo ukwelekelela imindeni empofu ekukhuliseni izingane, kodwa okwenzekayo kuyaphikisana nalokhu. Okugqamile
ngale mali ukuthi ikhuthaza ukukhulelwa kwentsha.
Izinkomba zikhomba ukuthi selokhu uhulumeni aqhamuka nemali yesibonelelo intsha isikhulelwa kakhulu kunakuqa-
la. Njengoba intsha yentula imisebenzi, iningi layo liyadudana ngokuthi likhulelwe ukuze likwazi ukufinyelela emalini
yesibonelelo. Uhulumeni ubukeka ephandela emuva okwenkukhu ngokuthi ashumayeze abantu, intsha ikakhulukazi,
ukuthi bafunde ukuzithiba ocansini uma behluleka basebenzise amajazi omkhwenyana kodwa yena futhi labo abah-
lulekile ukuzithiba ukuya ocansini ebanikeza umhlomulo oyimali. Abukeka emancane amathuba okuthi singaphela
isifo sengculaza uma intsha iqhubeka nokuzibandakanya nocansi olungaphephile. Izowafaka kanjani amajazi uma
iya ocansini ngoba isuke ibheke ngabovu ukukhulelwa ukuze izitamuzele le mali yesibonelelo.
Izaguga seziphenduke omakoti abancane ngoba lezi zingane uma sezizelwe zikhahlazwa kuzona. Onina bazo bebe
begqabashiya ezindaweni zokuzijabulisa, bengazi nanyaka. Izaguga seziphenduke omama nemihlonzo eqaqam-
bayo. Angisayiphathi eyokondliwa kwezingane ngoba yona belu le mali yesibonelelo esikhundleni sokuthi yondle
izingane ixhashazwa yibo omama bezingane beyiphuze, benze izinwele baphinde bagqoke baconse. Ukuthi izingane
zidleni, sekuyoba umthwalo wazo belu izaguga zabantu. Kungani ingamane iholwe yizaguga le mali kube yizona
eziholela izingane njengoba umthwalo wokondla usemahlombe azo?
Ngiphika ngilala ngomhlane ukuthi imisebenzi iyantuleka kakhulu. Kuzosebenza bani ngoba intsha isiphenduke
okhangezile. Iyazi ukuthi inyanga nenyanga ithola imali bhamama ingacoshanga ngisho nelilodwa iphepha phansi.
Ngisho abantu abafisa ukuhlanzelwa imizi nabafuna abazanyane abasabonwa nangokhalo laba bantu ngenxa yo-
kuthi intsha eningi isizitamuzela mahhala nyanga zonke yona le mali yesibonelelo.
Kazi sakha isizwe esinjani futhi esiyakuphi ngale mali yesibonelelo? Ngokubona kwami le mali igqugquzela ubuvila
nokuzala okungahleliwe entsheni. Intsha ayifunde ukusebenza iyeke ukuba okhangezile.
Kulolu hlobo lwendaba kubhekwa izinhlangothi ezimbili ngesihloko esinikeziwe. Le ndaba icishe ifuze isihloko sen-
kulumo-mpikiswano, umehluko wukuthi impikiswano lena ikumuntu oyedwa, okungumbhali wendaba. Isihloko sale
ndaba siyaphoqa ukuba usivumele ubuye usiphikise. Ekugcineni nokho kumele kube khona uhlangothi oluvunayo.
Okubhekwayo lapha ukuthi umbhali uyakwazi yini ukusiphenduphendula isihloko, asibheke nhlangothi zonke. Akafu-
neki umuntu othi ngoba unombono othile angabe esawanaka amaphuzu amqoka aphikisana nombono wakhe.
[Lapha umbhali kumele abhale ngezInhlangothi zombili. Angabhala amaphuzu aveza ubuhle nobubi balokho isihloko
Ukuhushula isisu isenzo sokubulala umntwana noma abantwana abasesibelethweni sikamama maqede bakhishelwe
ngaphandle komzimba kamama obekhulelwe. Abantu abayi nganxanye bengemanzi, abanye bayaseseka lesi senzo
kanti abanye bayasigxeka.
Abantu abangamakholwa bayasigxeka lesi senzo, bathi abukho neze ubulungiswa ekuhushuleni izisu. Isizathu
esigqamile lapho ukuthi uNkulunkulu ukubeka kucace emthethweni elishumi eBhayibhelini ukuthi umuntu angabulali.
Ukuhushula isisu bakubona njengokubulala umphefumulo womntwana ongenacala.
UMthethosisekelo wezwe wona uyabagunyaza abesifazane ukuthi bahushule izisu uma bethanda noma benesizathu
sokwenza njalo. Nakuba izinkolo eziningi zimelana nalo mkhuba kodwa uMthethosisekelo wona ubhekelela wonke
umuntu wesifazane, okholwayo nongakholwa, uyabagunyaza ubanikeza ilungelo lokuzikhethela ukuthi bayafuna yini
ukumgcina umntwana noma bahushule isisu.
Abantu abakhulelwa bengahlosile njengezingane zesikole, zikubona kuyisisombululo ukuhushula isisu. Phela zisuke
zisaba ihlazo lokukhulelwa, nomthwalo wokuba nomntwana ongazi ukuthi uzomondla ngani ngoba awusebenzi.
Abanye njalo bakhulelwa kade bevelelwe umshophi wokuthi badlwengulwe. Nalaba bakubona kungcono ukuhushula
isisu kunokuthi bezoyiyeka ingane iphile ilokhu ibakhumbuza ngesigameko esibuhlungu esabehlela.
Abamelene naleli lungelo lokuhushula isisu bayakuvuma ukuthi kuyenzeka ukhulelwe ungahlosile kodwa nalokho
akukuniki igunya lokuhushula isisu. Uma ubona ukuthi ingane awuyidingi ngoba usemncane, izokuphazamisa
ezifundweni zakho noma emsebenzini, bakunikeza isisombululo sokuthi uyigcine esiswini uze ubelethe, bese
uyisa kwabezenhlalakahle ukuze bayitholele umzali oyidingayo. Abahluphekayo nabadlwenguliwe ababona ukuthi
ngeke babe bakwazi ukunika umntwana izidingo ezifanele nokumnakekela bamuphe uthando, nabo ababekezele
baze babelethe bese beyonikwa izeluleko noma batholelwe usizo noxhaso lwezimali. Uma lokhu kuhluleka, nabo
banganikela ngomntwana kwabezenhlalakahle ukuze athathwe ngokusemthethweni abazali abamdingayo.
Kuyenzeka ukuthi owesifazane okhulelwe isimo sakhe sempilo sibe ntekenteke, nempilo yengane ibe sengcupheni,
baze odokotela bathi akakhethe ukuthi ahushule isisu noma azibeke engcupheni yokuthi kungafa yena nomntwana.
Abanye bakubona kungcono ukuthi bahushule isisu ukuze yena asinde ekuguleni ngethemba lokuthi omunye
umntwana uzobuye amthole. Kwesinye isikhathi imishini ekwazi ukuveza ingaphakathi lomuntu wesifazane okhulelwe
iveza ukuthi umama ukhulelwe umntwana okhubazekile. Nalapha abanye bakubona kungcono ukusihushula isisu
kunokuba ingane bayilinde ize izalwe kanti bazohluleka ukuyinakekela.
Abangakholelwa ekuhushuleni isisu bakushaya indiva okushiwo ngudokotela bathi impilo ilawulwa nguNkulunkulu.
Engathi isisu kuyenzeka sizichithekele singahushulwanga. Bakhuthaza ukuthi owesifazane ozithwele onempilo
ebuthaka ahlale njalo eqashwe ngodokotela edla nemishanguzo efanelekile, iNkosi ingabahawukela basinde bobabili
nomntwana. Umntwana onokukhubazeka okuthile naye unelungelo lokuphila, futhi uyisipho esivela kuMdali ngakho
asikho isidingo sokuthi kuhushulwe isisu.
Kuliqiniso ukuthi imibono yabantu iyehlukana mayelana nalesi senzo sokuhushula isisu. Uhulumeni akaphoqi muntu
ukuthi ahushule isisu, futhi ngaphezulu kwalokho ikhona imizamo ayenzile ukwelekelela labo abangenawo amandla
okunakekela abantwana babo. Mina ngikubona kukuhle ukuthi umama awe evuka nomntwana wakhe, angalokothi
ahushule isisu.
Ingxenye engenhla
Ukuqonda inhloso, izeth- nokulandelana (nokuxhumana) kubandakanya isingeniso, umzim- kanye nesiphetho delana
ameli kanye nesimo kubandakanya isingeniso, umzimba ba kanye nesiphetho
kanye nesiphetho
AMAMAKI AN-
25–27 19–21 13–15 7–9 0–3
GAMA-30
-Impendulo yinhle kakhulu kepha -Impendulo yakheke kahle -Impendulo eyenelisayo kodwa intula -Impendulo engashayi em- -Ayikho imizamo ekhombisa
intula izimpawu ze-eseyi enembayo ukucacisa hlolweni ukuphendula ngesihloko
-Imibono ehambisanayo nendaba
-Imibono ekhombisa ukuvuthwa nehlabahlosile -Imibono iyalandelana ngokusendi- -Imibono ithanda ukuba -Akuhambisani nesihloko futhi
komqondo kanye nokukhalipha meni futhi iyamukeleka nhlakanhlaka futhi iyadida akufanelene
-Ihleleke kahle kakhulu kanye
-Ikhombisa ikhono lokuhlela kanye nokulandelana (nokuxhumana) -Kukhona okukhomba ukuhlela kanye -Ukuhlela kanye nokulandela- -Akuqondene nesihloko futhi
nokulandelana (nokuxhumana) kubandakanya isingeniso, umzim- nokulandelana (nokuxhumana) na akukho kuphithene
kubandakanya isingeniso, umzimba ba kanye nesiphetho kubandakanya isingeniso, umzimba
Ingxenye engezansi
kanye nesiphetho kanye nesiphetho
13
ULIMI, ISITAYELA & UKU- 14–15 11–12 8–9 5–6 0–3
LUNGISA AMAPHUTHA
14
-Ithoni, irejista, isitayela, ulwazimag- -Ithoni, irejista, isitayela, -Ithoni, irejista, isitayela, ulwazimag- -Ithoni, irejista, isitayela, -Ulimi aluqondakali
Ithoni, irejista, isitayela, ama kuhambisana kahle kakhulu ulwazimagama kuhambisana ama kuhambisana kahle nenhloso, ulwazimagama kuhambisana
nenhloso, izethameli kanye nesimo kahle nenhloso, izethameli kanye izethameli kanye nesimo ngokungagculisi nenhloso, -Ithoni, irejista, isitayela kanye
ulwazimagama kuyaham- nesimo izethameli kanye nesimo nolwazimagama aluhambisani
bisana nenhloso/umthele- -Ulimi lukhombisa ukuzethemba, -Ukusetshenziswa kolimi ukudlulisa nenhloso, izethameli kanye
la kanye nesimo, luyancomeka kakhulu -Ulimi lufanelekile kanye nokuset- umqondo kusendimeni -Ukusetshenziswa kolimi nesimo
shenziswa kwethoni ngendlela ukudlulisa umqondo akug-
ukukhethwa kwamagama, -Ithoni ekhomba ukuphoqa kanye efanelekile -Ithoni ifanelekile culisi -Ulwazimagama luncane
ukusetshenziswa kolimi, namasu obuciko obunembayo kakhulu okwenza kube lukhuni
izimpawu zokuloba, uhle- -Kukhombisa ukungabi nama- -Kusetshenziswe amasu obuciko -Ithoni nephimbo akugculisi ukuqonda
lo, isipelingi -Akunamaphutha sanhlobo ohlelwe- phutha ohlelweni kanye nesipe- ukukhulisa okuqukethwe
Ingxenye engenhla
ni kanye nesipelingi lingi -Kusetshenziswe amasu
AMAMAKI AYI-15 obuciko ngokungagculisi
-Ikhombise ikhono eliphezulu -Ibumbeke kahle kakhulu ukukhulisa okuqukethwe
lokubumba
13 10 7 4
-Ulimi lukhombisa ukuzethemba, -Ulimi luyahambisana futhi -Ukusetshenziswa kolimi okusendime- -Ukusetshenziswa kolimi
luyancomeka kakhulu lufanelekile ni nokungahlangani okumbalwa okunamaphutha
-Akunamaphutha ohlelweni kanye -Ithoni iyahambisana futhi -Ithoni ifanelekile kanye nokusetshen- -Imisho enhlobonhlobo imbal-
nesipelingi ifanelekile ziswa kwamasu obuciko okunomkha- wa noma ayikho
wulo
-Ikhombise ikhono eliphezulu -Kunamaphutha ambalwa ohlelo -Ulwazimagama olunomkha-
lokubumba kanye nesipelingi wulo
-Ibumbeke kahle
Ingxenye engezansi
ISAKHIWO 5 4 3 2 0–1
Izimpawu zethekisthi, -Ukuthuthuka kwesihloko okunem- -Ukuthuthuka nokugeleza -Ukuthuthuka kwendaba okusendi- -Amaphuzu ambalwa azwaka- -Amaphuzu awatholakali
bayo kwendaba meni layo
ukuthuthuka kweziga-
-Imisho kanye nezigaba
ba kanye nokwakhiwa
-Ukucacisa okunembayo -Ukucacisa okuhle, -Imisho, izigaba kwakheke kahle -Imisho kanye nezigaba kunamaphutha
kwemisho kunamaphutha
-Imisho, izigaba kwakheke kahle -Imisho, izigaba kuyalandelana -I-eseyi isenawo umqondo -I-eseyi ayinamqondo
AMAMAKI AYISI-5 kakhulu futhi kuxubile -I-eseyi isenawo umqondo
noma inamaphutha
AMAKHODI AMAMAKI
SP – (dwebela)-isipelingi esingamukelekile. L = 15
NK – inkathi engemukelekile.
R – irejista.
KM – akwenzi mqondo.
AK – akudingekile.
^ – kunegama elingekho.
GN – igama elingcono.
/ – ukwehlukanisa amagama
– ukuhlanganisa amagama
Ö – ulimi oluhle
PND- ukuphindaphinda
Incwadi yobungani iba nekheli elilodwa, lalowo oyibhalayo lihambisana nosuku olubhalwe ngokugcwele. Akusetshen-
ziswe igama lenyanga lesiZulu noma lesiNgisi elibhalwe ngokwesiZulu. Kusetshenziswa isibingelelo sobungani, un-
gambiza ngegama noma umthophe ngesithakazelo. Le ncwadi iba nesingeniso umzimba kanye nesiphetho. Njengoba
kuyincwadi yobungani, oyibhalayo uyibhala ngolimi olukhululekile. Yize ibhalwa ngolimi olukhululekile, oyibhalayo
akumele asebenzise ulimi lwasemgwaqeni okuwulimi olungavumelekile.
Kubalulekile ukuba obhalayo aqaphele irejista uma ebhala incwadi. Lokhu kumele kuhambisane nengqikithi yencwadi
kanye nomuntu ambhalelayo.
Mfundi:
• Isipelingi
• Ukwakheka kwemisho.
• Izimpawu zokuloba.
Bhala incwadi ubhalele umngani wakho okade umvakashele umxoxele ngohambo lwakho usuphindela ekha-
ya. (25)
Swayimana
3233
16 Ncwaba 2018
Smiso
Uhambo lwami ngisuka lapho kwaNongoma ngiza ngapha eGoli lwaba luhle futhi lwaba mnandi kakhulu.
Umshayeli owayeshayela itekisi kwakuyimvu yeNkosi. Wasidlalela amaculo omasikandi sisuka lapho saze sazofika
ngapha eGoli. Abagibeli kwakungathi babetshelene ngoba babecula bonke belekelele omasikandi. Bangamagagu
abantu bangakini uyezwa! Indlela angiyizwanga neze.
ESoweto ngafika liqeda kuzilahla kunina. Kwaba ukungena nje ekhaya zathi mbo izingane zakithi zifuna ngizixoxele
ngohambo lwami. Zazibuza inkithikithi yemibuzo, zifuna ukwazi kabanzi ngendawo yakwaNongoma, ezigcina ukuzwa
ngayo ezindabeni. Kwathi lapho umama eqhaqha isipho engasiphiwa ubaba wakho bajabula bonke endlini.
Kuzomele sihlele maduze nje ukuthi ngiizophinde ngize nini lapho. Phela ngayithanda leya ntombi yakwaNxumalo.
Pho yinhle yini madoda! Sengathi ngiyayibona lapho seyihleka, kuthi faca izihlathi. Uzele uZwide uyezwa!
Ungakhohlwa phela udamane ungikhonzela kuyo.
uSenzo
Durban
4000
22 Okthoba 2018
Malume
Ngahamba kahle kade nginivakashele, sengidunyazwa yizo nje lezi izindaba esezingilandela.
Ngidabuke kakhulu ukuzwa ukuthi navelelwa ingozi kwedlula umzala, uShongani. Akwehlanga lungehli, wena kaM-
shibe. Sonke sizodlula lapha nakuba singazi ukuthi nini futhi kanjani.
Ngigqemeke ingozi engeqiwa ntwala ngokwedlula emhlabeni kukamzala. Ubani nje ozongena ezicathulweni
zakhe ahlanganise iqembu? Akhumbuze amalunga eqembu amaculo amadala aphinde awafundise namasha? Si-
zomukhumbula esesifunela abaxhasi bemicimbi, aphinde asimise idolo ukuthi singapheli amandla.
Ngicela ungedlulisele ukudabuka kwami okukhulu kumalumekazi, kumzala uNtozakhe nakubo bonke ekhaya. Ngi-
yethemba uMdali uzowapholisa amanxeba, nomzala wami aphumule ngoxolo.
Ningangabazi nakancane ukungithinta uma kukhona enifisa ukuba nginisize ngakho kulesi sikhathi esinzima kanga-
ka.
uZamani
Incwadi yomsebenzi ibhalwa ngezinhloso ezahlukene, okungaba ukucela umsebenzi, ukucela isikhala esikoleni,
eyokubasela isikweletu, eya kwabezindaba, njl.
Ikheli lombhali:
• Ikheli lombhali libhalwa phezulu liqalwe phakathi nendawo liye esandleni sokudla.
Ikheli lobhalelwayo:
• Ikheli lobhalelwayo likhombisa ukuthi incwadi iya kubani noma isikhundla salowo obhalelwayo.
Isibingelelo:
Isihloko:
• Shiya isikhala noma umugqa ngaphansi kwesibingelelo bese ubhala isihloko sencwadi yakho.
• Isihloko sisiza ukuba lowo othola incwadi asheshe abone ukuthi imayelana nani. Uma usibhale ngosonhlamvukazi
bodwa asikho isidingo sokudwebela kanti uma usebenzise enye indlela yokubhala ngokwesihloko kumele
kudwetshelwe.
Umzimba:
• Kubalulekile ukuthi luhlelwe kahle kulandelwa isakhiwo esiphelele; okuyisingeniso, umzimba (kunatshwa
nengqikithi) nesiphetho.
• Yiphethe kahle indikimba yakho ngaphambi kokuthi uvalelise; njengokuthi nje uma kade kubhalwa incwadi
yokucela umsebenzi, “Ngingathokoza uma isicelo sami singaphumelela.”
Isiphetho:
Dundee
3100
2 Nhlaba 2019
Mphathi
DUNDEE
3100
Mnu/Nkk
Ngibhala le ncwadi ukucela umsebenzi wokushayela ibhasi njengoba ubukhangisiwe ephephandabeni Isolezwe lan-
gomhla ziyisi-7 Masingana 2019.
Nginezincwadi zokushayela amaloli amakhulu kanye namabhasi engazithola eminyakeni engama-20 edlule. Nginazo
nezincwadi ezingigunyaza ukuthutha abagibeli. Kusukela ngonyaka we-1996 kuze kube ngowezi-2017 ngangikade
ngisebenza enkampanini yamabhasi i-Big Ben esendaweni yaseKranskop.
Ngineminyaka engama-45, ngiganiwe futhi ngiphile kahle. Ngiphase uMatikuletsheni onezifundo zezibalo. Uma ufisa
ukwazi kabanzi ngami ungathintana nalowo owayenguMphathi wami enkampani engangisebenza kuyo uMnu. Zigi-
zendoda Ntuli. Inombolo yakhe yocingo ithi (031) 463 8093.
Yimina ozithobayo
uMadodanenzani Zibani
Lena yincwadi yomsebenzi ebhekiswe kuMhleli wephephandaba. Nayo ibhalwa ngendlela efanayo nencwadi yomse-
benzi kodwa ibuye ihluke kulokhu okulandelayo:
Ikheli lobhalelwayo likhombisa ukuthi incwadi iya kuMhleli, okuyisona sikhundla salowo incwadi ebhekiswe kuye.
Umlazi
4031
14 Okthoba 2019
Mhleli
ILanga
27 Mngeni Rd
DURBAN
4001
Mhleli
Uma amaqembu esakhankasela ukuvotelwa, aphuma athi chithi saka abambe izimbizo ezinkundleni zemidlalo. Kun-
genwe umuzi nomuzi kunikelwa ngezijumbana zokudla, kuncengwa abantu ukuthi babavotele. Abantu bethenjiswa
izulu nomhlaba. Abangasebenzi bethenjiswa imisebenzi, abangenazindlu bethenjiswa izindlu zamahhala, abagulayo
bethenjiswa usizo lwezokwelashwa nokuthola imishanguzo mahhala, amakhehla nezalukazi athenjiswa uchatha em-
alini kadekle, intsha yethenjiswa imfundo yamahhala. Ngingeziqede izethembiso zosopolitiki.
Abavoti bagitshezwa izimoto zikanokusho ezihlale zibathela ngothuli, ngisho amatekisi namabhasi awakhokhelwa.
Emakhaya nasemalokishini abantu baze bathuthwe nangamakalishi beyiswa ezikhungweni zokuvota.
Abavoti bama imigqa emide elangeni, emvuleni, emakhazeni kodwa basuke beqashwe ngeso lokhozi. Okhwehlelayo
uluthola ngokushesha usizo, osekhathele ukuma uzanyelwa isitulo ngokushesha. Izingane ngezinsuku zokhetho
ziyakwazi ukubona abantu abadala nabagulayo zibaphuthumise bavote ngokushesha. Abavoti bahlelelwa izidlo
zamahhala.
Yimina ozithobayo
Incwadi yokuzichaza ngumbhalo ongumlando womuntu ngamafuphi. Le ncwadi isetshenziswa ngumuntu ofuna umse-
benzi ngenhloso yokuzichaza ngamafuphi kumqashi. Ngokujwayelekile incwadi yokuzichaza kumele ibe neminining-
wane elandelayo:
Isibongo :
Amagama :
Usuku lokuzalwa :
Inombolo kamazisi :
Ubulili :
Izilimi engizikhulumayo :
Ikheli lasekhaya :
Ikheli lokuposa :
I - imeyili :
Inombolo kamakhalekhukhwini :
Igama lesikole :
Unyaka :
Isitifiketi :
Izifundo
:
3. UMSEBENZI
Igama lenkampani :
Indawo :
Umsebenzi engiwenzayo :
4. EZOKUQEDA ISIZUNGU :
Imidlalo engiyikhonzile :
5.ABANGAFAKAZA NGAMI
Igama:
Isibongo:
Isikhundla:
Isikhungo:
Umakhalekhukhwini
Le ncwadi ihanjiswa njengekhava yekharikhulamu vithaye. Inhloso yayo ukuheha labo obabhalelayo ukuthi bafune
ukukwazi kabanzi; bafunde ikharikhulamu vithaye yakho. Khumbula ukuthi kusuke kungewena wedwa osuke ufake
isicelo. Incwadi ehambisana nekharikhulamu vithaye isetsheziselwa ukukhetha labo abafanele ngempela umseben-
• Esibingelelweni mugagule eqondene naye uma umazi kanje: Nkosazana Nkosana/Nkosikazi Jila / Mnumzane
Mzolo Bhengu / Solwazi Zuma / Dokotela Madonsela njl. Uma ungamazi ungathi: Nkosazana/ Nkosikazi /
Mnumzane / Dokotela njl.
Umyalelo
6 Woodmead News
26 Tiger Road
Saxonworld
Johannesburg
2196
29 Masingana 2018
Mphathi WoMnyango weMfundo
Marshalltown
2196
Ngibhala le ncwadi yokucela isikhala sokuba ngumsizi kaNgqongqoshe ngenxa yalezi zizathu ezilandelayo.
Ngiphase umatikuletsheni wami ngonyaka wezi-2010. Ukuphasa kwami ngamalengiso izifundo zezilimi ezintathu
kungenza ngibe yintandokazi ezinhlangeni zabantu abahlukene zakuleli.
Nginesipiliyoni sokusebenza ngabantu abahlukene imihla ngemihla njengoba ngisebenza njengomamukeli wezi-
vakashi enkampanini engikuyo njengamanje. Ngingaba umsebenzi ovelele
kulesi sikhala sokuba umsizi kaNgqongqoshe ngenxa yokuthi kusegazini lami ukuba nothando
lwabantu, ukumamatheka kanye nokusebenza amahora eqile osuku. Lezi izinto ezizodingeka
Nginolwazi olunzulu lokugcina ulwazi nolokuhlela ulwazi kukhompyutha. Ngizuze imiklomelo wokuba umgcini lwa-
zi ovelele iminyaka emithathu landelana enkampanini engisebenza kuyo.
UMnyango weMfundo uzozuza kakhulu uma ngiqashwa ngenxa yamagalelo enginawo kulo
msebenzi.
Yimina ozithobayo
Uma umuntu ekhuluma nge-ajenda akwenzeki angakhulumi ngamaminithi omhlangano, kanjalo nalapho ekhulu-
ma ngamaminithi kuthinteka ne-ajenda yomhlangano. Ngakho kubalulekile ukuthi kufundwe i-ajenda yomhlangano
kanye namaminithi omhlangano kanyekanye. Kumele kwenzeke okufanayo nalapho abafundi sebevivinywa, babuzwe
• Igama lenhlangano
• Igama lenhlangano
• Ukuvula
• Ababekhona
• Okuvuka emaminithini
• Ezosuku
• Ezixubile
• Ukuvala
Umyalelo:
Ungunobhala wenhlangano Indonsa. Nibe nomhlangano wokukhetha abaholi abasha bale nhlangano.
Isikhathi : 17:00
1 Ukuvula
2 Ababekhona
5 Okuvuka emaminithini
7 Ezixubile
8 Ukuvala
Amaminithi omhlangano:
Isikhathi : 17:00
1. Ukuvula
Umhlangano waqala ngehora lesi - 5 ntambama. UMnu. Masilela wavula ngomthandazo. USihlalo wabonga
uMnu. Masilela ngomthandazo wase emukela wonke amalunga ayekhona emhlanganweni. Ngemuva kokwaziswa
kwabaxolisile uSihlalo wabe esechazela inhlangano ngenhloso yomhlangano.
2. Ababekhona
Jabulani Masilela, Sizakele Gabuza, Gladys Sokhela, noSibongile Zwane (unobhala wosuku).
3. Abaxolisile
Unobhala wafunda amaminithi omhlangano odlule owawungomhlaka. Umhlangano wemukela njengerekhodi eliy-
iqiniso.
Amalunga akhetha abaholi abalandelayo kanje: UMnu. Jabulani Masilela waqokelwa ukuba ngusihlalo, uSizakele
Gabuza waqokelwa ukuba umgcinimafa kwathi uGladys Sokhela waqokelwa ukuba ngunobhala.
7. Ezixubile
UMnu. Jabulani Masilela wabonga abaholi abadala ngokusebenza kwabo ngokuzikhandla ukuhola nokuthuthukisa
inhlangano. Wabe esephonsa inselelo yokuthi esikhathini esizayo kunganjani kekubuyekezwe uMthethosisekelo
wenhlangano, kuboniswane ngesigatshana esithi akekho umholi oyoqokelwa isikhundla sobuholi iziwombe ezin-
tathu kulandelana.
8. Ukuvala
USihlalo wabonga amalunga ngeqhaza alibamba kulowo mhlangano. USizakele Gabuza wavala ngomthandazo
ngehora le-18h00.
Nazi izinto ezibalulekile okumele zishiwo ngomuntu ongasekho: Amagama akhe aphelele, usuku azalwa ngalo,
ezalwa ngobani, ezalelwaphi, izikhungo zemfundo adlula kuzona, wazuzani emfundweni yakhe, izindawo asebenze
kuzona, izikhundla azitholile, usuku ahambe ngalo emhlabeni, abantu abayigazi lakhe abashiya emhlabeni njengo-
myeni wakhe noma unkosikazi, izingane, abazali, abazukulu, nokunye okubonakalayo ukuthi kubalulekile. Ubhalwa
kusetshenziswe umlandi wesithathu nenkathi edlule.
• Isihloko esiveza amagama kamufi aphelele nalelo aziwa ngalo uma likhona.
• Isingeniso: Siveza amagama aphelele kamufi, usuku azalwa ngalo, abazali bakhe,
Umzimba: imfundo yakhe, umsebenzi wakhe, iqhaza lakhe emphakathini, usuku ahambe ngalo, abantu abay-
igazi lakhe abashiye emhlabeni.
UMnu. Zakhele Khaya Mkhize wazalelwa endaweni yakwaMaphumulo zingama-23 enyangeni kaMbasa ngonyaka we-
1960, ezalwa uMnu. Duma noNkk. Zama Mkhize nabo abangasekho emhlabeni.
Waqala imfundo yakhe endaweni yakwaMaphumulo. Wafunda eMphumulo, waqhubekela eSabuyaze, wadlulela
oThukela eMandeni, wase ephothula umatikuletsheni wakhe eZenzeleni eMseleni. Waqhubekela eNyuvesi yakwaZulu,
wafunda khona izifundo zomthetho, wazuza iziqu ze-B Juris.
Wasebenza eMandeni eshayela amatekisi. Ngonyaka we-1987 waganwa nguMaMbatha babusiswa ngezingane ezine.
Ngonyaka we-1990 wajoyina umbutho wamaphoyisa Olundi, waba umqeqeshi wamaphoyisa kwezoMthetho. Wabuye
wasebenza ophikweni lokuqondisa izigwegwe. Ugcine esesebenza ophikweni lwezoMthetho, lapho asishiye esebenza
khona engu-Warrant Officer. Wasishiya emhlabeni mhla ziyi-10 kuNhlolanja wezi-2013.
Ushiye inkosikazi yakhe uMaMbatha, izingane ezine, washiya umnewabo nodadewabo abane.
I-athikhili yephephandaba/yephephabhuku.
• Isihloko- masiveze umongo wendaba kodwa sigodle ulwazi oluthile ukuze sizoheha.
• Isigaba sokuqala yisona esithwala ingqikithi yandaba ngokuthi sinikeze lokhu okulandelayo: Ubani, wenzani
kuphi nini. Ngoba kwenzenjani, kanjani?
• Amazwi ashiwo ngumuntu kuvumelekile ukuthi acashunwe, bese kusetshenziswa izimpawu zokucaphuna.
Umyalelo
Kukhona iziphambano ezibekwa eceleni komgwaqo njengophawu lokukhumbula lowo osuke eshonele
kuleyo ndawo.
Omele ILANGA uxoxisane nabantu ngenhloso yokuthola uvo lwabo ngalezi ziphambano eziseceleni komgwaqo
edolobheni lasePinetown eThekwini.
Omunye wabashayeli abansundu abasebenzisa lo mgwaqo uthe: “Thina le nto iyasethusa, ukuvele ubone
ngesiphambano emgwaqeni, okuyinto evamise ukubonakala igxunyekwe emathuneni, thina siyasihlonipha
ngokwesiko lethu.”
Ngakolunye uhlangothi indoda yomlungu ebihamba ngezinyawo ivele yathi: “Njengoba leli zwe likhululekile nje,
umuntu unelungelo lokwenza into ayithandayo kuphela uma ingezukuhlukumeza abanye abantu, ngakho-ke laba
abachoma iziphambano bagcina usiko lwabo
Iningi labantu abamnyama lithe liyawahlonipha amasiko ezinye izinhlanga, kodwa lokhu bona kuyabethusa.
Imibiko ivama ukubhalwa ezikhungweni zemisebenzi. Kungaba umbiko wezimali, umbiko, ngomphumela womdlalo,
ngeziboshwa ezeqe ejele. Njengoba imibiko imayelana nezinto ezinhlobonhlobo, kanjalo nendlela imibiko ebhalwa
ngayo iyehlukahluka. Kuyenzeka ukuthi ucelwe ukuthi ubhale umbiko.
• Ulimi olusetshenziswayo kumele luhambisane nalowo noma labo umbiko oqondiswe kubo.
• Ukuze umbiko uzwakale kahle kumele ubhalwe ngomuntu wesithathu okukhulunywa ngaye.
• Isihloko kumele sibe negama lomuntu noma abantu umbiko oqondiswe kubo.
Ucelwe nguNgqongqoshe ukuba ubhale umbiko mayelana nezimbangela zodlame neziteleka ezikoleni zase-
Qhudeni.
2. Ukuxoxisana nabazali
4. Ukuxoxisana namaphoyisa.
Okutholakele:
Ukuphetha:
Ziningi izimbangela zodlame neziteleka endaweni yaseQhudeni kanti zibonakala zidalwa yiwo uqobo
amalunga omphakathi, kubandakanya nothisha. Kudingeka umhlangano kakhukhulela ngoqo wazo zon-
ke izinhlaka zomphakathi ukuze kuvulelwane izifuba bese kuqhanyukwa nezixazululo ezingaba yikhambi
elelaphayo.
Iziphakamiso:
13 Nhlaba 2019
[UMhloli weSekethe]
Imbiko ongabekelwe mgomo ubhalwa kususelwa esigamekweni osibonile, osizwile noma osenzile. Kubhalwa into
eyenzekile ngale ndlela eyenzeke ngayo. Isibonelo: ingozi noma okunye okuboniwe.
• Akuvele ukuthi umbiko ubhalwe ngubani, lokhu kungaba sekuqaleni noma ekugcineni kombiko.
• Isingeniso: lesi sigaba siyiqoqa lawo wonke umbiko. Siphendula le mibuzo elandelayo; njengokuthi: Yini
eyenzekile? Nini? Kanjani? Kuphi? Ubani owenze lokho?
• Kuyenzeka ukuthi kucashunwe amazwi omuntu okhulumile njengoba enjalo, kusetshenziswe nezimpawu
zokuloba osobacaphuni.
Ukuchazwa kwesigameko: NgoLwesibili ekuseni mhla zingama-30 Nhlangulana 2019 kuse igumbi eligcina
amakhompyutha ligqekeziwe. Kutholakale ukuthi amakhompyutha antshontshiwe angama-20. Lokhu kubonwe
uthishanhloko ofike kuqala esikoleni.
UThishanhloko uthuke kwaphela nasozwaneni uma ebona lesi sigameko. Umangazwe ukuthi lokhu
kwenzeke naphezu kokuthi isikole sinabo onogada abagada zonke izinsuku ubusuku nemini. UThishanhloko
ubize amaphoyisa, umphathi wenkampani yonogada kanye nomphathi we-SGB. Icala lokugqekeza kanye
nokutshontshwa kwempahla livulwe nguthishanhloko uMnu Mandla Ndlovu ekuseni ngoLwesibili ngehora lesi-
09h00.
Kuzwakale ngandlebenye ukuthi umphathi wonogada uthe ukuzwa lokho, wathukuthele wagana unwabu lapho
ebathembise nokubaxosha emsebenzini wabo. Kutholakale umakhalekhwini iNokia 1650 emnyama kanye newashi
phakathi egunjini ebelinamakhompyutha.
13 Nhlaba 2018
[UMhloli weSekethe]
Amazwi alungiselelwe ukwethulwa emcimbini othile. Kubalulekile ukuthi inkulumo ihambelane nomcimbi lowo ezok-
wethulwa kuwo. Inkulumo idinga ukulungiselelwa ukuze ihleleke. Kusetshenziswa inkathi yamanje, lena yinkulumo
ngqo eyethulwa kubantu belalele, bekubuka nawe ubabuka.
• Ukubhala isihloko: Ukubhala isihloko esizoba nale mininingwane: inhloso yenkulumo, yethulwa ngubani? Kumuphi
umcimbi? Nini? wawuqhutshelwa kuyiphi indawo?
• Ukwethula inkulumo ehlukaniswe kahle ngezigaba. Lapha wethula inkulumo njengoba ocwaningile ngesihloko
wase uyihlela ukuze amaphuzu athelelane kahle. Iphuzu nephuzu lidingidwa esigabeni salo lodwa. Ekugcineni
kubalulekile ukuthi uphose inselelo kuzethameli.
• Khombisa indlela obuka ngayo izinto ukuchema, ukucwasa, ulimi oluthinta imizwa, oluncengayo nolimi
oluvumisayo.
• Uma inkulumo seyiphelile, buyisela kumphathi wohlelo ngokuthi uphinde ubonge kuye.
INKULUMO YOKUVALELISA EYETHULWA NGUTHISHA U S.A NTOMBELA EMGAZI PUBLIC SCHOOL NGO-
SUKU LOKUVALELISWA KWAKHE MHLA ZINGAMA-27 KuLWEZI 2006.
Ngiyabingelela kubaphathi bemfundo abakhona ngokwezikhundla zabo. UThishanhloko wesikole, othisha, amalun-
ga oMkhandlu olawula isikole, abazali, izivakashi kanye nabafundi.
Uma abantu sebengaphezu kwababili, kuyavama ukuthi bahlangane ngenjongo ethile. Isikole singenye yezikhungo
lapho kuhlangana khona abantu abaningi ngezinhloso ezithile. Isikole ngasinye sibandakanya othisha, abafun-
di kanye nabazali. Kothisha kubakhona uthisha oqokelwa ukuba ahole isikole. Nabazali ngokunjalo baba khona
abakhethwa ngabanye ukuba babe iliso labo. Kwezinye izikole kuze kube khona nabafundi abamele abanye aba-
fundi.
Ngibonge kakhulu ukuba ngithole ithuba lokuba ngizolekelela abafundi bakulesi sikole iminyaka eyi-12 nambili.
Kube kuningi engikufunde lapha kulesi sikole. Ngiyethemba ukuthi nami libe khona iqhaza elikhulu engilibambile
ukuthuthukisa isikole kanye nomphakathi wendawo. Uma kube khona lapho ngingenzanga kahle khona ngiyethem-
ba ukuba seniyongixolela.
4.12 Inkulumo-mpendulwano/ingxoxo
Nazi izinto okufanele abafundi baziqaphele uma bebhala lolu hlobo lombhalo:
• Isakhiwo senkulumo-mpendulwano.
• Njengemibhalo yonke kufanele kubekhona isingeniso. Esingenisweni yilapho kwethulwa khona udaba oluzoxoxwa,
nokuthi luzoxoxwa ngobani.
• Amagama alabo abakhulumayo abhalwa ngasesandleni sokunxele, abe mafishane nesibongo singasetshenziswa
• Ukukhethwa kwamagama kumele kukhombise ukwehlukana kwezinga lalabo abakhulumayo. Isibonelo: ubaba
uma ekhuluma nendodana, ingane yesikole uma ikhuluma nothisha.
• Ukuthi inkulumo-mpendulwano iqala ngesingeniso akusho ukuthi akubekhona isigaba esiyisiphetho. Isiphetho
sendaba siba senkulumweni yabo, kuzwakale ukuthi isiyaphetha.
• Ingaphetha ngokuba bezwane noma bangezwani kuye ngokuthi udaba abebeluxoxa luhamba kanjani.
Umnumzane uManzini ukhuluma nendodana yakhe uThabo ofika phakathi kwamabili abangqongqozele ukuze
bamvulele.
ubusithathaphi?
lwakoGwabini.
Umbhalo oba phakathi kwabantu ababili noma ngaphezulu. Oyedwa kuba nguye obuza imibuzo, bese kuthi omunye
aphendule anabe. Le inthavyu ivamise ukuba ihambisane nengqikithi ethile okubhekiswe kuyo. Kungaba mayela nolwa-
zi oluthile noma kuhambisane nesicelo somsebenzi. Kokunye kuba imibuzo eqondene nokuthola ulwazi oluthile ngok-
wenzekile noma okusazokwenzeka (osopolitiki, osomabhizinisi, abaholi, njl.). Obuzwayo kungaba ngumuntu nje noma
usaziwayo ebuzwa ngempilo yakhe noma ngemibono yakhe ngokuthile. I-intavyu ingenziwa bukhoma, emsakazweni,
kumabonakude noma ebhalwa phansi njengenkulumo-mpendulwano.
• Ihlelwa njengenkulumo mpendulwana kodwa umehluko ukuthi obuzayo ubuza kafushane bese kuthi ophendulayo
achaze kabanzi.
• Imibuzo (buza okuvulelekile kuya kokukhethekile, imibuzo eqonde ngqo; ukusebenzisa ubuhlakani, uzwelo, ulimi
olunxenxayo nolunenhlonipho; ukulalelisisa; ukubhekisisa impendulo, ukuphendula ngokuyikho ukukhombisa
ulwazi).
Umyalelo
Bhala i-intavyu lapho yomsakazi uMnu. Msomi woKhozi ekhuluma khona nomculi we-jazz othile odumile em-
buza ngempumelelo yakhe nangokuthi ugqozi lokucula uluthole kanjani? (25)
[KuseMsakazweni iSiyahlomula FM, uMsakazi uMsomi ubuza umculi odumile we-jazz uBabo ngesisusa sogqozi
lwakhe lokucula.]
odume kangaka.
nemininingwane yakho.
uBabo : Angibonge msakazi ithuba ongiphe lona. Ngibonga nakubalaleli
Face Book.
Isibuyekezo siwuvo lobhalayo ngokuthile okungaba incwadi, iphephandaba, iphephabhuku, ifilimu, isidi noma
idividi yomculo, indawo ethile yokuqeda isizungu okungaba eyokuya ngasethunjini, eyokungcebeleka,
eyokuzivocavoca njl. Inhloso yaso iwukwazisa ngelaka lombhali ngento abhale ngayo. Kulindeleke ukuba isibuy-
ekezo sigxile emaqinisweni egculisa noma engagculisi ukuze abawufundile bakwazi ukuzithathela izinqumo mayelana
nalokho okumbalwe ngakho.
Isibonelo sesibuyekezo
39
zamisi umqondo leki kahle
AMAMAKI AYI-10
5. IMIBHALO EMFUSHANE EDLULISA UMYALEZO (ISIZULU ULIMI
5. IMIBHALO EMFUSHANE EDLULISA UMYALEZO (ISIZULU ULIMI LOKUQALA
LOKUQALA NOLWESIBILI
NOLWESIBILI LOKWENGEZA)
LOKWENGEZA)
5.1 IZIKHANGISI
5.1 IZIKHANGISI
Ukukhangisa yindlela yokuheha abantu ngento ethile ethengiswayo ngenhloso yokuthi
bagcine sebeyithengile yize bebengahlosile. Osomabhizinisi, imvamisa, basebenzisa
Ukukhangisa yindlela yokuheha abantu ngento ethile ethengiswayo ngenhloso yokuthi bagcine sebeyithengile yize
bebengahlosile. izikhangisi ezinhlobonhlobo
Osomabhizinisi, ukuchukuluza
imvamisa, basebenzisa imizwaezinhlobonhlobo
izikhangisi yabathengi. Isikhali esikhuluimizwa
ukuchukuluza sezikhangisi
yabathen-
ukuphindaphindwa
gi. Isikhali esikhulu kwemibiko kanye
sezikhangisi ukuphindaphindwa nokusebenzisa
kwemibiko amazwi ayengayo.
kanye nokusebenzisa Ngaphandle
amazwi ayengayo. Ngaphandle
kwezikhangisi zezinto ezithengiswayo kukhona izikhangisi zemisebenzi, zemicimbi, zabashonile,
kwezikhangisi zezinto ezithengiswayo kukhona izikhangisi zemisebenzi, zemicimbi,zabashadayo, kanye
nokunye.
zabashonile, zabashadayo, kanye nokunye.
IMPHUPHU INSIKAYEZWE
INIKEZA IMINDENI AMANDLA
YENZA IMINDENI IZITHOKOZELE IZIKHATHI
ZOKUDLA
YENZA UKUBA IMIZIMBA YABANTU IHLALE
YONDLEKILE
YENZA IMINDENI INGANGENWA IZIFO KALULA
YAKHA ISIZWE ESINAMANDLA ADLULA AWEBHUBESI
Izinga:Iholo:
Level R84
7 900 – R96 984
Izinga: Level 7
Inombolo yesaziso: MDT 053
Inombolo yesaziso: MDT 053
Umuntu odingekayo: Kudingeka umuntu ophase uMatikuletsheni, onediploma ayithola kwelinye lamakholiji aqeqesha
iziphathimandla zomgwaqo, izincwadi zokushayela (ikhodi 8) abe umuntu oneminyaka emithathu enza lo msebenzi.
Umuntu odingekayo: Kudingeka umuntu ophase uMatikuletsheni, onediploma ayithola kwelinye
lamakholiji
Umsebenzi aqeqesha
azowenza: iziphathimandla
Ukuhlola zomgwaqo,
abashayeli abafuna izincwadiizincwadi zokushayela
zokushayela. Ukubheka (ikhodi
akhiphe8) abe umuntu
amathikithi abashayeli
abashayela budedengu
oneminyaka emigwaqeni
emithathu enzayomphakathi.
lo msebenzi.Ukuhola izimoto ezinesisindo esingajwayelekile emigwaqeni
yomphakathi. Ukwenza neminye imisebenzi ephathelene namaphoyisa omgwaqo. Oyocatshangelwa kangcono:
Umsebenzi
Umuntu azowenza:
oyocatshangelwa Ukuhlola
kangcono abashayeli
ngumuntu abafuna
oneminyaka izincwadi
emithathu nomazokushayela. Ukubheka
ngaphezulu enza akhiphe
lo msebenzi. Umuntu
okwaziamathikithi
ukukhulumaabashayeli
nokubhala kahle isiNgisi,budedengu
abashayela isiBhunu, isiNguni kanye nesiSuthu.
emigwaqeni yomphakathi. Ukuhola izimoto ezinesisindo
esingajwayelekile emigwaqeni yomphakathi. Ukwenza neminye imisebenzi ephathelene namaphoyisa
Usuku lokuqala emsebenzini: 01 Okthoba 2019
omgwaqo. Oyocatshangelwa kangcono:
Amafomu okufaka izicelo ayatholakala kuwo wonke amahhovisi kamasipala. Izicelo azithunyelwe kuMenenja yedolo-
bha, Midvaal Local Municipality, P.O. Box 9, Meyerton, 1960. Ifomu lokufuna umsebenzi kumele lihambisane nencwa-
Umuntu kanye
di yokuzichaza oyocatshangelwa
namaphepha kangcono
awubufakazingumuntu
bezitifiketioneminyaka emithathu
onazo, umazisi nencwadinoma ngaphezulu
yokushayela, konkeenza
kube lo
msebenzi.
nesitembu Umuntu okwazi
sasemaphoyiseni ukukhuluma
aseNingizimu Afrika. nokubhala kahle isiNgisi, isiBhunu, isiNguni kanye nesiSuthu.
Imibuzo ingaqondiswa ku: Mnu. T.T. Radebe kule nombolo yocingo: (016) 360-7478
Usuku lokuqala emsebenzini: 01 Okthoba 2019
Usuku lokugcina lokufaka izicelo: 30 Ntulikazi 2019
Amafomu
Qaphela: okufaka
Izicelo ezifike izicelo kwesikhathi
ngemuva ayatholakala kuwo
kanye wonke
nalezo amahhovisi
ezithunyelwe kamasipala. Izicelo
ngesihlanzandaba azithunyelwe
aziyukwamukelwa.
AbantukuMenenja yedolobha,
okuzoxhunyanwa Midvaal
nabo yilabo Localabazoba
kuphela Municipality, P.O.
sohlwini Box 9, Meyerton,
lwabazophekwa 1960.Ngakho-ke
ngemibuzo. Ifomu lokufuna
uma singa-
kuthintanga kwaze kumele
umsebenzi kwaphelalihambisane
izinyanga ezintathu
nencwadingemuva kosuku lokugcina
yokuzichaza lokufaka izicelo,
kanye namaphepha sicela wamukele
awubufakazi ukuthi
bezitifiketi
isicelo sakho asemukelekanga.
onazo, umazisi nencwadi yokushayela, konke kube nesitembu sasemaphoyiseni aseNingizimu Afrika.
5.2 AMAFLAYA
Imibuzo ingaqondiswa ku: Mnu. T.T. Radebe kule nombolo yocingo: (016) 360-7478
Amaflaya ngamapheshana aba nemininingwane ethile. Mancane lapho eqhathaniswa namabhrosha. Ngokuvamile
Usuku
abhalelwa lokugcina
izimo lokufaka
nezinhloso izicelo: 30Kungabhalwa
ezehlekahlukene. Ntulikazi 2019
iflaya ngenhloso yokuxwayisa abantu ngezinto ezithile,
njengotshwala, ucansi olungaphephile, isifo esihlasele endaweni, njl.
51
• UPHELELWA UBUTHONGO?
52
Ikheli: 2nd Floor, Rennie House, 41 Margaret Mncadi Avenue (Victoria Embarkment) Durban, 4001
Ikheli: 2nd Floor, Rennie House, 41 Margaret Mncadi Avenue (Victoria Embarkment) Durban, 4001
Ucingo:
Ucingo:031031
311311
4264 Ifeksi:
4264 031 031
Ifeksi: 311 4120
311 4120
EMAIL: [email protected]
EMAIL: [email protected]
53
I-imeyili yindlela yobuchwepheshe yokuthumela imibiko, izithombe nokunye ngendlela esheshayo kusetshenziswa
amakhompuyutha. Le ndlela inhle kakhulu ngoba umuntu ukwazi ukuthumela ngisho umbhalo ongamakhasi amaningi
ngesikhashana nje. Lapho umuntu othunyelelwe umbhalo eseqedile ukuwufunda uyakwazi ukuwugcina ukuze aphin-
de awufunde esikhathini esizayo uma kuvela isidingo. Nalowo owuthumele uyakwazi ukugcina ubufakazi bokuthi
nebala wawuthumela umlayezo ngelanga elithile.
H. Mmvemve
Sibongile Location
Dundee
3100
Uhlelo lomhlangano
1 Ukuvula
2. Ababekhona
5. Okuvuka emaminithini
6. Umbiko wezimali
7.Ezixubile
8. Ukuvala
Idayari incwajana lapho umuntu ebhala khona izigameko eziphathene nempilo yakhe, izinto ezibalulekile afisa ukuz-
ikhumbula, nokunye. Abanye idayari bayetha igama layo,
26/10/2017
Iphepha ebesilibhala namuhla belilula kakhulu kunalokhu abebelibabaza khona. Angingabazi ukuthi ngizoliphasa
ngamalengiso.
27/10/2017
Ukuhlangana kwami noZakhele kungiphazamise kakhulu ekuzilungiseleleni iphepha lakusasa. Noma ngithi ngiyazama
ukufunda akuvumi, ngisambona emi phambi kwami. Ngisawezwa amazwi akhe amnandi enkenteza ezindlebeni zami.
28/10/2017
Bengingazithembi neze namuhla ngoba angikwazanga ukuzilungiselela kahle izolo. Noma kanjani ngizozidlela
amahlanga nakuleli phepha lanamuhla.
29/10/2017
Namuhla usuku lwami lokuzalwa. Ngizobe ngibungazwe ngabangani bami emqashweni ntambama ngehora
lesithupha.
30/10/2017
Ngemuva kokubhala iphepha lasekuseni ngizothi hulukuqu edolobheni ngiyobheka ukuthi abangifakelanga yini imali
ekhaya.
Ifeksi ngumbhalo othunyelwa ngobuchwepheshe besimanje kusetshenziswa ucingo. Umbhalo usuka emshinini uya
komunye umshini. Ngokuvamile lo mbhalo uba nekhasi eliba nemininingwane yalowo owuthumelayo kanye neyalowo
umbhalo obhekiswe kuye. Leli khasi lisebenza njengemvilophu lapho kuthunyelwa incwadi. Yize umlayezo ushesha
ukufika lapho uthunyelwa khona, ubuthaka besikhahlamezi ukuthi umbhalo oyimfihlo ungawela emehlweni nasezan-
dleni ezingafanele.
Ithembalethu Store, P.O. Box 1399, Ladysmith, 3370 Ucingo: (0361) 551 432
Umbiko: Yemukela nali iphepha lokufaka imali ebhangi njengobufakazi bokuthi ngikukhokhele imali yakho ebekade
iyisikweletu.
Inani lamakhasi: 2
5.7 IMIYALELO
Imiyalelo yinkulumo etshela umuntu ukuthi akenzeni, kuphi, kanjani, nini, njl. Le nkulumo ingashiwo ngomlomo noma
ibhalwe phansi. Ukuze ifeze inhloso yayo kufanele icace, ingadidi, isebenzise ulimi oluzwakalayo futhi ingabi mide
kakhulu ukuze lowo oyalelwayo ezokwazi ukuyilandela.
IMIYALELO YABAHLOLWAYO:
• ISIQEPHU B: Ukufingqa
Empilweni kuyenzeka umuntu ahambele endaweni angayazi okudingeka ukuba abuze indlela kubantu ahlangana
nabo. Umuntu olayela omunye indlela usebenzisa inkombandlela yokulayela. Inhloso yenkombandlela ukukhombisa
umuntu othile indlela noma indawo ethile okumele aye kuyo. Kungaba indlela eya emzini thizeni, emsebenzini, esiko-
leni, eposini, esikhumulweni sezindiza, njalonjalo.
• Uzobe sewubona umuzi omkhulu onombhalo omkhulu othi ‘NXA NGIPHILILE!’ esangweni
Uma umuntu ezoba nomcimbi othile kudingeka ukuba ameme abantu, ikakhulukazi labo asondelene nabo nalabo aba-
bamba iqhaza elithile ekwenzeni umcimbi wakhe ukuba ube yimpumelelo. Singabala imicimbi efana nemishado, uku-
vula amatshe ezikhumbuzo, ukukhulisa izingane zamantombazane, nokunye. Amakhadi ezimemo singawehlukanisa
kabili ngokwezakhiwo zawo. Kukhona amiselwe imigomo eqinile kanye nangamiselwe migomo.
Amakhadi amiselwe imigomo asetshenziswa kakhulu uma kunesikhathi eside sokulungiselela umcimbi lowo. Lokhu
kuyavama uma kunemishado nokwembulwa kwamatshe. Emakhadini amiselwe imigomo –
• Umbiko uyaqonda ungathemelezi ngoba abashicileli babiza imali ngohlamvu ngalunye olubhaliwe.
• Izimpendulo nazo zilandela imigomo njengezimemo. Zona zingaba uhlobo lwekhadi noma kubhalwe nje
ngesandla.
• Kumele lowo omenywayo asho ukuthi uzophumelela noma cha ukuze lowo ommemayo azi ukuthi zingaki
izimeywa angazilindela. Lokhu kubalulekile, ukuze omemayo ezolungisa kahle.
• Uma kuyoba umcimbi omkhulu izimemo zikhishwa kusasele amasonto amathathu, kanti uma kungasiyo
indumezulu yomcimbi izinsuku eziyishumi nje zanele.
• Uma umcimbi umncane, noma usukelwe phezulu, izimemo zingabhalwa ngesandla nje.
• Uma kuyisidlo nje kufanele ikhadi libe nesikhathi okuyodliwa ngaso nokuthi umcimbi
• uyophela nini.
UNOMTHANDAZO BHENGU
Oyobe eshada
noPHELELANI ZUMA
UNOMTHANDAZO
Bedworthpark
Ntulikazi 2009
5.10 IPHOSIKHADI
Lena ngenye indlela yokuxhumana ngokubhala phansi ingxoxo emfishane. Ngokuvamile iphosikhadi lithunyelwa ngu-
muntu elithumela kumuntu amaziyo. Liba nekheli elilodwa lalowo othunyelelwayo, elibhalwa ngakwesokudla phezulu
lapho kubhalwa khona ikheli lobhala incwadi yobungane. Emumva kwekheli ngezansana kubhalwa isibingelelo, es-
ingaba igama lalowo obhalelwayo bese kuqala indaba emfishane eyedluliselwa kulowo elithunyelwa kuye. Othumela
ikhadi uvalelisa ngegama lakhe elaziwayo ngaphandle kwesibongo.
30 Okthoba 2009
Phuthaliyenzeka ISITEMBU
Ngihambe kahle ngisuka lapho kini. Izimpahla zami zigcineka kahle ngafika ekhaya ziphelele. Ngibafice besaphila
bonke nasekhaya, bakujabulele kakhulu ukubuya kwami ngiphile saka. Ngifunde okuningi ngenqubo namasiko
angakini. Yinhle indawo yakini uyezwa. Ngithathwe ikakhulukazi ubuhle bemvelo enganukubezwanga izintuthu
zamafemu njengoba kwenzeka emadolobheni. Ngikuthatha ngokuthi kube yisibusiso ukuza kwami ngapho ngoba
ngithe ngifika nje ekhaya umnawami wabika ukuthi usefuna ukuzokwembesa abakhwekazi kule nyanga ezoqala.
Uhambo olunje luqhamuka ngesikhathi esihle impela lapho sengiyazi kahle indlela eya kwaNongoma. Ngiyoshayela
kahle ngikhululekile; ngihamba endaweni engiyaziyo. Angingabazi ukuthi sizobonana maduze nje.
Felokwakhe
Phakamani Khuzwayo
Box 1878
KwaMashu
4360
SOUTH AFRICA
Ifomu ipheshana elinezikhala ezigcwaliswayo ngoba kufuneka imininingwane ethile. Ziningi izinhlobo zamafomu
ezigcwaliswayo. Kukhona amafomu okucela umsebenzi, okukhipha imali ebhange, okufaka imali ebhange, okucela
izikhala zokufunda, njalonjalo. Kubalulekile ukuthi lowo ogcwalisa ifomu anikeze iminingwane yakhe eliqiniso, an-
gashiyi izikhala ngenxa yobudedengu.
B. IMINININGWANE YAKHO (Uma ngabe ufake nencwadi yokuzichaza enayo yonke le Mininingwane elandelayo,
ungayigcwalisi le ngxenye elandelayo)
Isibongo:
Amagama akho aphelele:
Usuku Lokuzalwa:
Ubuhlanga: Ompisholo Owomdabu Omhlophe Ikhalathi
Ibanga 11
Ibanga 12
Ne-athikhili yephephabhuku
Imibiko ebekelwe imigomo kanye nengabekelwe migomo √
Isibuyekezo √