Isizulu HL Grade 12 Jit 2024

Download as pdf or txt
Download as pdf or txt
You are on page 1of 143

ISIZULU ULIMI

LWASEKHAYA
JIT-QEQESHA 3
IBANGA 12
ISETHULO

UMnyango WeMfundo KwaZulu-Natali ngezwi loMqondisi wakwa FET ngezandla zabeluleki


besifundo soLimi lwesiZulu bethula le nsiza kufundisa nokufunda ehlose ukwelekelela
ekufukuleni izinga lokuphunyelelwa ngamalengiso kwesiZulu esifundiswa ngaphansi kohlelo
luka-CAPS (Tahfuzwe). Leli bhuku liyinsiza edinga ukwesekelwa ngezinye kepha
engumhlahlandlela ekufundisweni kwalezi zinto ebezingekho olimini esezifakwe ngokohlelo
lwemfundo esekwe emiphumeleni. Lo ngumngenela ohlose ukwelekelela uthisha
ezingqinambeni abhekana nazo nsuku zonke ekufundiseni kwakhe.
Abeluleki bayoba abachasisi balokhu njengoba bezobamba izinkuthaza kwenza ezigodini
zabo.

ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA (HL)

IPHEPHA LESIBILI (P2)

ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA (HL)

IPHEPHA LOKUQALA (P1)

ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA (HL)

IPHEPHA LESITHATHU (P3)


ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA (HL)

IPHEPHA LESIBILI (P2)

Uyini umbuzo omfushane enkondlweni?


Embuzweni omfushane unikezwa inkondlo/ isiqephu (cishe amagama angama-200–350)
esivela enovelini / emdlalweni. Khona-ke kuzodingeka uphendule imibuzo ebhekiswe
esiqeshini esikhishiwe nasendabeni. Ezinye izimpendulo zingatholakala esiqeshini (ku-
extract) Eminye imibuzo izohlola ukuqonda kwakho ezinye izingxenye zenoveli /zedrama:
isakhiwo, abalingisi, izimpawu nezindikimba njl. Eminye imibuzo izodinga ukuthi uveze
ukuqonda kwakho inoveli/ idrama.

Uju Lwezinkondlo by ZE Sithole and NA Mahaye


INKONDLO UMBHALI
1. Izingxabo Zomyezane E J Mhlanga
2. Isiziba Senhlakanipho E J Mhlanga
3. Ukuthula B W Vilakazi

4. Imvelo K N N Gcumisa
5. Musani M S S Gcumisa
6. Impi S R C Shongwe
7. We Sinximfi Ndini M S S Gcumisa
8. Idwala likaShaka J M Sikakane
9. Uthunywe ngubani? K N N Gcumisa
10. Zinqwele ze-Afrika Imbongi Ayaziwa
11. Ucu Olumhlophe C T Msimang
12. Ithala Lobunzulu E J Mhlanga
QAPHELA:
Ngaphambi kokufunda lezi nkondlo ezingezansi uthisha kufanele agovuze abafundi
mayelana nesihloko senkondlo ngokubabuza imibuzwana ethile bese elandelisa
ngokukhetha amagama athile asenkondlweni ukuba bawachaze. Uma eseqedile
usengangena kuyona inkondlo
• Lolu uhlaka lokuhluza izinkondlo, kuningi uthisha angazitholela khona nabafundi
bebanga le-12.
• Amasu obuciko angezansi akusiza ekuqondeni inkondlo kangcono
• Bheka uhlobo lwenkondlo welekelelwa okushiwo yinkondlo yonke.

• Funda yonke inkondlo bese uthola ukuthi iyini indikimba yayo:


Izindikimba yizo imbongi ehlala icabanga ngazo kakhulu, bese kuthi lokho
akucabangile kubuswe inkolelo kanye nolwazi analo. Konke kwethulwa ekuqaleni
komsebenzi azibumbele wona.
Izindikimba ezejwayelekile: uthando, inzondo, ubungane, ukuthengiswa,
ukulahlekelwa, ubuqhawe, umona, ubuhlanga, ubulili, ukuba nezinto eziphathekayo,
inkolo, ubugebengu, impi,ukuhlukumezeka njll

• Bheka wonke umqondo wakhe ngenkondlo, nokwenza umqondo mayelana


nombhalo wakhe.Kungaba nomqondo osobala nocashile.

• Bheka ukubumbeka kwenkondlo – imigqa yakheke kanjani, amavesi kanye


nefanamsindo.

• Bheka ukukhethwa kwamagama (ukukhethwa kohlu lwamagama


asetshenzisiwe).Zama ukuqonda amagama alukhuni asetshenzisiwe nangendlela
asetshenziswe ngayo emibhalweni.

• Ukuphinda kwamagama kugcizelelwa indikimba ethile.

• Bheka imifanekisomqondo ,izifengqo kanye nokusetshenziswa kwemisindo ethile.

• Bheka umoya osenkondlweni? Zibuze ukuthi ingabe yimuphi umuzwa umbhali


wenkondlo awukhombisayo noma yethula siphi isimo?

• Bheka ithoni esenkondlweni? Zibuze ukuthi ngabe iphimbo lombhali wenkondlo


likhombisa siphi isimo?
QAPHELA :
Nakhu okungasiza abafundi ukuphendula imibuzo emifushane yezinkondlo
Kumele bakwazi ukuhleleka kwamazinga emibuzo(cognitive levels) kanye namamaki
emibuzo ayi-10 esewonke.
Isb: Umbuzo
Umbuzo 2 Umbuzo 3 Umbuzo 4 Umbuzo 5 Amamaki (4)
2.1 3.1 4.1 5.1 1+3 / 2+2
2.2 3.2 4.2 5.2
Lena imibuzo ESOBALA edinga ukuba babhale izimpendulo bezithathe ngqo enkondlweni.
Umbuzo 2 Umbuzo 3 Umbuzo 4 Umbuzo 5 Amamaki (4)
2.3 3.3 4.3 5.3 2+2
2.4 3.4 4.4 5.4
Lena imibuzo EMAPHAKATHI edinga ukuba babhale izimpendulo abazicabangela zona
ezingekho enkondlweni KODWA bebe besebenzisa ulwazi lwenkondlo KANYE nolwazi
lwabo lalwokho abuzwe ngakho.
Isb: Mhlawumbe kubuzwa ngesingathekiso, umqondo osobala, ukuxhumanisa, impindwa njl
Kumele akwazi ukuthi kuyini lokho ukuze akwazi ukuphendula.
Umbuzo 2 Umbuzo 3 Umbuzo 4 Umbuzo 5 Amamaki (2)
2.5 3.5 4.5 5.5 2
Lena imibuzo ESEZINGENI ELIPHEZULU edinga ukucabanga okujulile uma iphendulwa
ngamacala wonke bese beqhamuka nesisombululo nokutji NOMA bakwazi ukuncoma /
ukugxeka amakhono ehlukahlukene emibhalo.
Isb: Ukusetshenziswa kolimi, ukubhaleka kwenkondlo (isitayela) imibhalo njll.
Umbuzo: ‘Phawula ngekhono lembongi ekusebenziseni …’
Impendulo: Imbongi iphumelele kahle ekusebenziseni ikhono….’
QAPHELA: Uma uphendula uqala ngezinkomba zombuzo
Nakhu-ke olumele abafundi bakwenze ngaphambi kokuphendula imibuzo
A Fundisisa umbuzo wenkondlo
• Dwebela wonke amagama ayizinkomba zemibuzo.
Isb: Chaza…, Chaza kafushane…, Shono/ Yisho…, Nikeza…, Tomula… Gagula…,
Qhathanisa okungafani…, Hlanganisa okufanayo/okungefani…, Yini inhloso…, Siyini
isizathu…,Ngabe imbongi iphumelele kanjani…, Hlolisisa/ Humusha ukusetshenziswa
kwemigqa…, Phawula…/ Phawula ngokuhlolisisa …njl

• Dwebela wonke amagama asho okubuzwayo.


Isb: i-enjambamenti, ukuphindaphinda, isifengqo, umoya wenkondlo, ukuxhumana,
imvumelwano, imigqa, umqondo wenkondlo, izimo zokukhuluma, ifanamsindo njl.

• Thola incazelo yezinkomba zemibuzo ekubhulethi yesi-2.


Isb: Chaza impendulo kumele uyibeke ngawakho amagama
Chaza kafushane impendulo esesiqeshini/ enkondlweni kodwa kumele uyihlele
kabusha.

• Phawula impendulo mawuqale ngokuchaza ukuthi yini lena ebuziwe, uyigagule bese
uyayichaza(uphawula kanjani?).
Qhathanisa impendulo yakho uyibhekisa ezintweni ezimbili nangaphezulu ezibuziwe
(uqhathanisa kanjani?)njl
Thola incazelo yokubuzwayo kwibhulethi yesi-3.
Isb: Yini i-enjambamenti. Yini ifanamsindo njl.
B Amasu obunkondlo- Imibuzo engama-99% noma YONKE ibuza ngamasu obunkondlo

• Isb: Umqondo osobala, umqondo ocashile, umoya wenkondlo,indikimba kanye


nomyalezo, imifanekisomqondo(izifengqo, ukukhethwa kwamagama, ithoni, amasu
obuciko,imvumelwano, ukuphindaphinda, amagama ,amabinza,ukuxhumana,izimpawu
zokuloba,impindwa,umoya wembongi,isigqi,amasu okusebenzisa umsindo,i-
enjambamnenti njl.)

• Imifanekisomqondo
Imifanekisomqondo yilawo magama/ sigejane samazwi esithi uma siwafunda
enkondlweni kwakheke umfanekiso/ isithombe salokhu imbongi ekushoyo emqondweni.
Le mifanekisomqondo ilethwa izifengqo ezilandelayo: Uphawu, isingathekiso, isifaniso,
isenzasamuntu.
Lezi zifengqo, izaga nezisho zakha izithombemagama ngenxa yalezi zinzwa
(yokubonakalayo, yokuzwakalayo, yokunambithekayo, yokuthintekayo kanye
neyokuhogelekayo).

Uyini umbuzo omude?


Ukubhala indaba yombhalo kuyikhono elidinga ukuthi ulilungise, ukuhlela nokuzilolonga.
Lapho uphendula umbuzo omude, awuyixoxeli kabusha iinkondlo/ inoveli/idrama
okuwumbhalo wobuciko. Kunalokho, udinga ukugxila ezidingweni ezithile zombuzo
ukukhombisa nokuqonda umbuzo. .
Ithebula elilandelayo lilekelela ukuba ukwazi ukuhlela i-eseyi yombhalo. Lngasetshenziswa
lapho ulungiselela ukubhala indaba yombhalo nalapho wenza imisebenzi enikezwe kamuva
kulo mhlahlandlela.

Ibhalwa kanjani i-eseyi yezinkondlo


• Ubude be-eseyi yezinkondlo kufanele bube yikhasi noma amagama angama-190 - 240
ubude.
• Sebenzisa okulandelayo imihlahlandlela ukukusiza ukuhlela indaba yakho.
• Ngezinye izikhathi ungase ungabi naso isikhala sokubhala yonke into kulo
mihlahlandlela yokuphendula umbuzo omude.
• Ngakho-ke kufanele ukhethe lezo zibonelo ocabanga ukuthi zibaluleke kakhulu ukuthi
uziphawule ukuphendula umbuzo we-eseyi.
• Uma umbuzo ukuyalelile ukuthi ugxile ezingxenyeni ezithile zenkondlo, (isb.
Ukukhethwa kwamagama,umoya ,indikimba ,ithoni) qiniseka ukuthi ukhuluma ngalawo
masu kuphela.
• Nokho, uma i-eseyi ivuleke kakhulu futhi idinga ukuhlolisisa nokuhlaziya kwenkondlo, njl.
Lesi sakhiwo sizokusiza:
• Qaphela: Inani lezigaba(paragraphs) kwi-eseyi yezinkondlo yakho lizoncika ekutheni
umbuzo ubudinga ukuthi wenzeni.
Isb. Ngokubhekisa ekukhethweni kwamagama, umoya,ithoni okugqamisa
indikimba kule nkondlo. [10]
• Umzimba wale eseyi uzoba nesingeniso,nezigaba ezintathu, isiphetho
• Isigaba soku-1 sizoxoxa ngokukhethwa kwamagama agqamisa indikimba yo...

• Isigaba sesi-2 sixoxe ngomoya ukuthi ugqamise kanjani indikimba yo...

• Isigaba sesi-3 sixoxe ngokuthi ithoni iyigqamise kanjani indikimba yo...


Ukubeka umbono wakho, thatha uhlangothi lombuzo
PEEL

Ukunika incazelo yohlangothi oluthathayo


Ukusekela umbono ngokwendaba
Ukuxhumanisa isiphetho nesingeniso
Amagama okubuza asiza lapho kuphendulwa imibuzo
Itemu Incazelo

Nikeza Nika isizathu /amaqiniso/amaphuzu /imibono

Phawula Nikeza umbono ubhekise ngokushiwo ukuze uchaze. Uphawula kanjani?

• Gagula into/okubuziwe
• Chaza ngokubuziwe
• Sekela /ngokusesiqeshini/encwadini/enkondlweni
Qhathanisa Khombisa okufanayo nokungafani phakathi kwezinto, umqondo noma isenzeko

Yamanisa Khombisa okufanayo nokungafani phakathi kwezinto, umqondo noma isenzeko. Uqhathanisa kanjani?

Qhathanisa Uqhathanisa okunikeziwe nalokho okwaziyo

Xoxa Xoxa ngesigameko…

Xoxa kafushane Xoxa ngamafuphi indaba njengoba injalo

Xoxa Xoxa ngokuphumelele kombhali…..

Hlanganisa Uthatha uhlanganise okunikeziwe ezindaweni ezingefani ukubeke ngamagama akho ndawonye
okufanayo

Tomula Khipha, thola noma khetha impendulo; shono izimpawu ezisemqokaname the essential characteristics

Humusha Chaza ngokunikeza uvo, umbono wakho

• Uyayisho • Kudalwa yini • Imiphumela yakho iyini

Shono/Yisho Yisho imbangela …

Sekela Nikeza izizathu

Gagula Nikeza igama lento ethile

Caphuna Bhala phansi njengoba kunjalo(encwadini) bese uwafaka kubakaki. (“ ”)

Hlolisisa Kungani into yenzekile. Uhlolisisa kanjani?

• Uyayisho • Kudalwa yini • Imiphumela yakho iyini

Yisho Bhala ngamafuphi, impendulo okuyiyonayona nenembayo.

Fingqa Bhala amaphuzu abalulekile kuphela.

Chaza Shono ngamagama amaphuzu abalulekile alokho okwenzekayo/isenzeko/ucwaningo

Chaza Beka loko okubuziwe ngamagama ozicabangele wona

Chaza kafushane Xoxa ubhekise esiqeshini ngokuba uhlele kabusha leyo mpendulo

Imbangela Nikeza isizathu salokho/isenzeko esenzekayo endabeni

Umphumela? Bhala okwenzekile kudalwe isenzeko endabeni

Umthelela? Bhala ngokubuziwe ubhekise kokwenzekile nokuvelayo ngenxa yesenzeko endabeni ubhekise
nakulokho kokwaziyo

Ucabanga Veza uvo lwakho

Ngabe izenzo Bheka indlela umlingiswa enza ngayo

Ngokwakho Veza uvo lwakho


ukubona

Umbono/ Iqiniso Veza uvo lwakho

Ngabe uyazwelana Veza uvu lwakho


8

IRUBHRIKHI YOLIMI LWASEKHAYA


ISIQEPHU A: IRUBHRIKHI YOKUHLOLA UMBUZO OMUDE WENKONDLO [AMAMAKI AYI-10]

Izinkomba Kuhle kakhulu Kuhle Kuyagculisa Akugculisi kahle Akugculisi nhlobo

OKUQUKETHWE 5–6 4 3 2 0–1

-Ukuhunyushwa kwesihloko -Ukhombisa ulwazi -Isihloko usihlaziye -Ukuhunyushwa kwesihloko -Akanalo nhlobo ulwazi
okunzulu ngesihloko futhi usihumushe ngokugculisayo akugculisi kahle lokuphendula inkondlo
Ukuhunyushwa kwesihloko kahle
-Amaphuzu amahle kakhulu -Akhona amaphuzu amahle -Kuthukela kuvela amaphuzu -Akukho nhlobo
Amaphuzu anobunzulu, ahlukene asekelwe kabanzi -Impendulo echaza asekela isihloko asekela isihloko okuhambisana nenkondlo
ukusekela kanye nokuqonda kubhekiswe enkondlweni ngokwenelisayo
kabanzi ithekisthi. -Amanye amaphuzu -Ulwazi lwenkondlo -Ohlolwayo akanalo nhlobo
-Ulwazi oluhle kakhulu -Amanye amaphuzu asekeliwe kodwa ubufakazi alugculisi kahle. ulwazi lwenkondlo.
lwenkondlo. anembayo kodwa bubuye bungagculisi kwenye
6 AMAMAKI awasekeliwe onke ngendlela inkathi
elindelekile
-Ulwazi lwenkondlo
-Ulwazi lwenkondlo luhle. olugculisayo.

ISAKHIWO KANYE NOLIMI 4 3 2 1 0–1

-Isakhiwo esihleleke kahle -Isakhiwo esihleleke kahle -Kukhona nokho ukuhleleka -Isakhiwo sikhombisa -Isakhiwo asihlelekile kahle
kakhulu futhi amaphuzu ageleza kwesakhiwo amaphutha ezingeni neze
Isakhiwo, ukugeleza ngokulandelana kahle lokuhleleka
okuhlelekile kwamaphuzu -Amaphuzu ahleleke kahle -Amaphuzu awagelezi futhi -Ulimi lunamaphutha
kanye nokwethula kakhulu futhi athungelana -Ukugeleza kwamaphuzu awahlelekile -Amaphuzu awahlelekile amaningi kanye nesitayela
kahle kakhulu kuyalandeleka ngokugculisayo esingagculisi neze.
Ulimi, ithoni kanye nesitayela -Amaphutha olimi
esisetshenzisiwe embuzweni -Ulimi, ithoni kanye -Ulimi, ithoni kanye ayingcosana, ithoni kanye -Ulimi lunamaphutha -Awekho amaphuzu
omude. nesitayela kukhombisa nesitayela kuhle. nesitayela kusetshenziswe amaningi ahambelana nesihloko.
ukuvuthwa komqondo, ngokugculisayo.
kuyaheha futhi kushaya -Ithoni nesitayela akugculisi
emhlolweni kahle.
4 AMAMAKI
-Ulimi, ukupelwa
kwamagama kanye
nezimpawu zokuloba
akunamaphutha nhlobo.

QAPHELA:Uma ohlolwayo engazange abhale sanhlobo ngokubuziwe, waqoka ukuziqmbela i-eseyi akatholi lutho amamaki okuqukethwe kanye nesakhiwo
9

UKUKHETHWA KWAMAGAMA 1.IZINGXABO ZOMNYEZANE

Ukukhethwa kwamagama kuchaza ubuhlakani bembongi ekusebenziseni amagama athile


anobuchule azogqamisa futhi alekele lokho efuna ukukuveza ngenkondlo yayo. Kule
nkondlo imbongi ikhuluma ngendikimba yemfundo, ngakho ke sibheka amagama ekhehthe
ukuwasebenzisa ukugqamisa ubuhle nokubaluleka kwemfundo.
Izingxabo - Leli gama lisho izimpande zesihlahla. Lisetshenziselwe ukugqamisa imfundo
ejulile nolwazi olusabalele olufiswa/olulangazelelwa ukuzuzwa yimbongi.
Ukudepha kwelenjulo – Ukudepha kusho ukujula ushone phansi. Imbongi igqamisa ukufisa
kwayo ukufinyelela emfundweni ejulile, yekhethelo.
Utatalambu -Isiziba esishonayo. Imbongi ifisa ukufunda ize ifinyelele ekucebeni ngemfundo
yekhethelo nenzul, ibe nolwazi olusabalele.
Kuyingcebo yomhlaba nezulu - Isingathekiso Igqamisa ukuthi uma unemfundo usuke
usunothile ngolwazi lokho okuyokwenza ukwazi nokumelana nezimo zonke
ongahlangabezana nazo emiplweni.
Kuyisiyalu -Isingathekiso. Isiyalu yilapho kusuka/ kuqala khona umthombo
Igqamisa ukuthi impilo enethezekile iphelela uma unemfundo ngoba imfundo iyisiqalo
nesisekelo sempilo emnandi. Imbongi ingathekisa izikhungo zemfundo nesiyalu bese
umthombo sekuwulwazi oluyohlala njalo lukusiza impilo yakho yonke.
Ompompoza - Ukugeleza komfula. Imbongi igqamisa ukuthi ulwazi ludluliselwe kwabanye
nokuthi uma usunalo uyohlale unalo alupheli.
Ngilubalubela - Isifiso esikushisa ngaphakathi nesikuqhubela ukuthi uqhubeke nento ofisa
ukuyenza uze uyizuze. Imbongi igcizelela intshisekelo yayo ekuqhubekeni ifune imfundo
enzulu neyekhethelo ingaphazanyiswa yilutho esifisweni sayo.
Ukugxila - Ukuhlala unganyakaziswa yilutho. Imbongi iveza isifiso enaso sokubhekana
nemfundo kuphela ingaphazanyiswa yilutho, inamathele kuyo.
Ukuzinza -Ukunethezeka, ungahlushwa lutho. Leli gama lisinika umqondo wokufuna/
wokufisa ukuhlala, igxile, inethezeke emfundweni ingaphazanyiswa yilutho.
Ngijabul’ unomphela - Lisinika umqondo wokuthi imfundo iyoyinika/ iyoletha injabulo
empilweni yayo yonke.
Ukudons’ amanz’ ezinkalweni - Imbongi isebenzise isisho ukugqamisa ukumunca/
ukuthekela imfundo nasezindaweni ezikude (okuyizikhungo zemfundo) ezikude
nezahlukahlukene.
Ngikhephuzel’ uhlaza - Ukuqhakaza nobuhle bamaqabunga nezimbali. Asetshenziselwe
ukuveza ukuthi usefunde wagogoda, useyayikazela ngeziquzuqu ngenxa yokufunda azuze
ulwazi olunzulu.
Ubusika nohlobo - Izikhathi zokushintshashintsha zonyaka. Imbongi izisebenzisele
ukugqamisa ukuthi noma ngabe ibhekana nasiphi isimo empilweni( esimnandi nesinzima)
ngemfundo eyizuzile iyokwazi ukuphila.
Imvunge yemvelo - Inzwa yokulalela/ yokuzwa. – Ukwenanela kwemvelo.
Imbongi igqamisa umuzwa wenjabulo oba khona uma kuwumkhosi wokwethweswa kweziqu
benanela ukuzuza impumelelo.
10

Ingoma kaqinadolo - Umkhosi wokuqala ukudla okusha. Imbongi isivezela ukuthi ukuzuza/
ukwethweswa iziqu unika ithemba lekusasa eliqhakazile elilethwa impumelelo emva
kokufunda.
Imingamanzi - Ukumunca amanzi. Imbongi ilisebenzisele ukunikeza umqondo wokuncela/
wokwethekela ulwazi / imfundo.
Ngigcule - Lisho ukujabula, futhi lisho ukweneliseka komphefumulo uma usuzuze into
obekade uyilangazelela isikhathi eside Leli gama liqukethe umqondo wenjabulo ngokufunda
igogode, izuze impumelelo ngokuthola ulwazi/ imfundo eyanelisayo ebikade iyilangazelela.
Ngivunilis’ubuchopho ngohlaza.- Isenzasamuntu. Lesi sifenqo imbongi isisebenzisele
ukusivezela ukuthi iyohloba, inothe ngolwazi nangemfundo entsha eyincelayo ekujuleni
nengeyekhethelo.
Ayonginqwambis’ okweqhawe.- Isifaniso. Ukunqwamba kusho ukwembeswa. Imbongi
iveza umnqondo wokuthi iqhawe umuntu onqobile waphumelele, wahlabana. Kanjalo
nalapha kuvela umqondo wokuphumelela emfundweni, uthweswe iziqu ngokuhlabana
ngemfundo.
Imithombo yeziziba – Yilapho okuqala khona umfula/isiziba. Imbongi isivezela umqondo
wokuthi ulwazi/ imfundo eyincela/eyithekela emithonjeni okuyizikhungo zemfundo
iyoyisebenzisa impilo yayo yonke ingabe isahlupheka noma isaswela.
Ngigiye ngiqephuze ngosiba – Igama ‘usiba’ lisho ‘ipeni’. Imbongi isebenzise usiba lwaba
uphawu lwemfundo Imbongi igqamisa umqondo wokujabula ngemfundo yekhethelo
ebiyilangazelela, yayizuza nokuthi lolo lwazi nemfundo iyoba usizo kuyo.
Ukuqoth’ uphoko nokhothe – Lokhu kusho ukugaya ummbila noma amabele awomisiwe.
Lokhu kwakwenzelwau kuthi ahlale isikhathi eside angonakali, abe umphako wendlela
Imbongi igqamisa umqondo wokuthi imfundo/ ulwazi eluzuzile luyoba ngumphako wendlela
oluyoyisiza ukucijela izimo zempilo.
Nabazukulu badle kuchitheke inyongo - Imbongi iveza ukuthi le mfundo angeke isize
noma isebenzele yona nje kuphela kodwa kuyohlomula ngisho nesizukulwane esizayo.
Kuchitheke inyongo – Kusho ukudla kakhulu uze utshokoze-Isisho lesi esisho ukuhlala
ngokunethezeka. Imbongi igqamisa impilo engcono nemnandi eyolethwa ukuba nemfundo
eyokwenza nesizukulwane esizayo sinethezeke, sijabule futhi sibuse.
Bafinye ngendololwane -Isisho esichaza ukubusa. Ngalesi sisho imbongi isigqamisela
impilo emnandi, yokubusa negcwele injabulo ngenxa yemfundo.
Imbongi iphumelele kahle ukukhetha amagama agqamisa indikimba yemfundo yale nkondlo
ethi,” Izingxabo Zomnyezane”njengoba eveziwe kwabuye kwesekelwa ngenhla.
AMASU OKUHLUZWA KWEZINKONDLO

Umqondo wenkondlo
Umqondo yilokho inkondlo ekushoyo noma okushiwo imbongi enkondlweni. Kule nkondlo
imbongi ithi ilangazelela futhi inentshisekelo yokuphuza emthonjeni ojulile oyimfundo. Ithi
izuze imfundo ezoba usizo empilweni yayo yonke ikwazi nokuyilekelela ukumelana nezimo
zonke ehlangabezana nazo, ezimnandi nezinzima. Imbongi iphinde ithi ifisa ukuthi ngalolu
lwazi iklonyeliswe ngokuthweswa iziqu, iyijabulele imfundo eyizuzile. Ithi le mfundo iyoba
umphako wendlela okuyisinkwa sayo sokuphila esiyozuzwa nayisizukulwane siphile kahle,
sinethezeke.

Umoya
Umoya wenkondlo umuzwa noma isimo imbongi esuke ikuso uma iqamba/ ihaya inkondlo.
11

Le nkondlo inomoya wokulangazelela nokujabula. Imbongi ilangazelela ukujula ngemfundo,


ithole/ izuze ulwazi olujulile lwekhethelo oluzoyisiza ezimweni ehlangabezana nazo.
Ilangazelela ukufunda igogode, yethweswe iziqu/iminyezane njengesifundiswa, ijabulele
imfundo eyizuze kwaNgqondonkulu.

Indikimba
Indikimba ummongo/ ingikithi yenkondlo. Yilokho inkondlo emayelana nakho ngegama
elilodwa noma ibinzana lamagama. Indikimba yale nkondlo imfundo.

Umyalezo
Kubalulekile ukuzinikela ngokuphelele ungaphazanyiswa yilutho emfundweni yakho, ufunde
uze ugogode ukuze uphile impilo engcono nezonethezekisa nesizukulwane, sidle kuchitheke
inyongo.

Isigqi
Isigqi siyashesha ngenxa yomoya wokulangazelela nenjabulo. Nakuba ziziningi izimpawu
zokuloba kodwa lokho akusenzi sinense. Ukusetshenziswa kophawu lwe- Apostrofi;
ukweqiwa konkamisa kuningi nakho kuyasenza sisheshe isigqi.

Ithoni
Ithoni iveza ukufisa nokujabulela imfundo enzulu nolwazi olusabalele, isebenzise la
magama, “Ngilubalubal’ ukugxila kwelenjulo,”

Imifanekiso mqondo.
Imifanekiso mqondo yilawo magama asetshenziswa imbongi ukwakha imifanekiso
emqondweni wofunda inkondlo. Kungashiwo futhi ukuthi izithombe magama. Sikhuluma
ngezinzwa (inzwa ebonakalayo, inzwa ezwakalayo/ elalelayo, inzwa ehogelayo, inzwa
yokunambitha nenzwa yokuthinta), izimo zokukhuluma ( izifengqo, izaga nezisho) Kanye
namagama acebile.

Ukukhephuzela - inzwa yokubonakalayo.


‘Ukukhephuzela’ kusho ubuhle uma kukhulaikhala lommbila emasimini. Lisuke seluluhlza
kahle sekuzophuma nomsekuvela izikhwebu ezincane zommbila
Imbongi iyisebenzisele ukugqamisa ukuhloba ngolwazi/ ukunotha ngemfundo. Iphinde
igqamise ukuthweswa/ukuyikazela ngeziqu ngenxa yempumelelo oyizuzile
Ukumpompoza-Kusho amanzi agelezayo. Inzwa yokuzwakalayo/yokulalelwayo.
Imbongi iyisebenzisele ukugqamisa ukuthi imfundo ayipheli uma usuyitholile iyogeleza
ngokuthi idluliselwe ezizukulwaneni nezizukulwane ezizayo.
Ukuqotha uphoko nokhothe –(ukugaya ummbila namabele awomisiwe): Inzwa
yokuthintwayo.
Imbongi iyisebenzisele ukugqamisa ukuthi imfundo iyokwazi ukucijela izimo ehlangabezana.

Izifenqo
Umugqa wesi -18, isifaniso
Lwamaqabung’ ayonginqwambis’ okweqhawe;
Imbongi izifanisa neqhawe ngokunqoba/ngokuhlabana emfundweni lapho isifunde yagogoda
isithweswa iziqu/ iminyezana ngokuphumelela kwayo emfundweni.
Umugqa wesi -4…..isingathekiso
‘’Kuyingcebo yomhlaba nezulu’’- Ingathekisa imfundo nengcebo, ukuthi uma unemfundo
unothile, usuke unakho konke okuyisidingo sokuphila.
Umugqa we – 13…Isenzasamuntu
Ngizwe imvunge yemvelo ivungama
Imbongi igqamisa umsindo owenziwa imvelo nomsindo ozwakala uma kuwumkhosi
12

Izisho
Ukuchitheka kwenyongo ; umugqa we-22

Ukuhlala ngokwenethezeka. Lesi sisho imbongi isisebenze kahle ukugqamisa ukuthi


ngemfundo ezuzwe imbongi nezizukulwane nazo ziyophila kahle nangokunethezeka.
Ukugiya uqephuze ngosiba; umugqa we 20
Imbongi isebenzise usiba lwaba uphawu lwemfundo. Imbongi isigqamisela injabulo eyoba
nayo ngemfundo eyizuzile esikhungweni semfundo nokuthi iyoyisebenzisela ukusiza
nabanye.
Ukufinya ngendololwane; umugqa we23
Ngalesi sisho imbongi isivezela ubumnandi bempilo nempilo enethezekile eyoba khona
ngenxa yemfundo, nezizukulwane ziphile kahle, zibuse.

Enjambamenti
Umugqa we - 13 kuya kowe -14.
Umqondo uqala emgqeni wesi-13 uphelela emgqeni we -14
Imbongi isebenzise umsindo wokuvungama kwemvelo ukusigqamisela umsindo omnandi
womculo olethwa ukujabula kwabantu ngenxa yeziqu abazizuzile nethemba lekusasa
eliqhakazile.

Impindwa
Ngilangazelel’ ukudepha kwelenjulo/Ngilubalubela ukugxila kwenjulo
Le mpindwa iqukethe umqondo wokugcizelela ukufisa nentshisekelo yembongi ukuthola
imfundo nolwazi olunzulu nolusabalele.

Imvumelwano siqalo
Umugqa wama -20 kuya kowama -21
Ngigiye ngiqephuze ngosiba lwakwaNgqondonkulu,
Ngiqoth’ uphoko nokhothe lwendlela,
Imbongi isebenzise imvumelwano-siqalo ukuletha umgqumo osamculo ukugcizelela ukuthi
ikhuluma ngayo uqobo. Imbongi iveza injabulo ngokuzuza impumelelo emva kokufunda
iphinde ithi imfundo iyoyilekelela, ibe wusizo empilweni yayo yonke.

Umugqa we-11 kuya ku-13


Ngifunde ukudonsa amanzi ezinkalweni,
Ngikhephuzel’uhlaza ubusika nehlobo,
Ngizwe imvunge yemvelo ivungama
Imbongi isebenzise futhi imvumelwano-siqalo ukuletha umgqumo
omnandi ukugqamisa ubumnandi bemfundo

Imvumelwano
sigcino
Umugqa we-15 nowe-16
Ngilangazelel’ukudeph’okujulile
Kulezo zimpande zemingamanzi ngigcule
Le mvumelwano sigcino ilethe umgqumo omnandi,umqondo
ogcizelekayo yiwo wokulangazelela imfundo ejulile

Ukuxhumanasiqalo
Umugqa we-9 nowe-10
Ngizinz’ekujuleni kwenkululeko yomphefumulo,
Ngizinz’ekuthuleni ngijabule unomphelo,
Ngalokhu kuxhumana imbongi igcizelela ukufisa kwayo ukujula ngemfundo ze ithole injabo
nokwaneliseka, futhi igcizelela umqondo wokuthi ifuna ukuhla emfundweni unomphela
ingabe isasuka
13

Emva kokufundisisa inkondlo esencwadini yakho uphendula imibuzo elandelayo:


UMBUZO 1
1 Gagula bese utomula ukuxhumana okutholakala ebinzeni lesi-2. (2)
2 Chaza kafushane isigqi esitholakala kule nkondlo. (2)
3 Ngabe umfanekiso mqondo oqukethwe umugqa we -18 ukwelekelela
kanjani ukuqonda indikimba yale nkondlo. Sekela impendulo yakho?
(2)
4 Iyini inhloso yembongi yokusebenzisa i-enjambament emgqeni we
13 kuya kowe -14? (2)
5 Xoxa ngempumelelo yembongi yokusebenzisa impindwa kule nkondlo (2)

IZIMPENDULO
1 Ukuxhumana okusekuqaleniü
Ngizinz’ekujuleni kwenkululeko yomphefumulo,
Ngizinz’ekuthuleni ngijabul’unomphela, ü (2)
2 Isigqi sale nkondlo siyashesha ngenxa yomoya wokulangazelela ükanye
nokweqiwa okuningi konkamisa nakuba imigqa yale nkondlo ivalekile.
Imbongi ilangazelela ukuthola ulwazi olubanzi. ü (2)

3 Umfanekiso mnqondo oqukethwe umugqa wesi -18 ‘ayonginqwambisa’


umfanekisomqondo oyisenzasamuntu, ü ungilekelele ukuthi ngiqonde
indikimba yemfundo nokugqamisa ukuthi imbongi isiphumelele, yahlabana
manje isithweswa iziqu/ imiyezana ngemfundo eyizuzile. ü (2)
4 Inhloso yembongi yokusebenzisa i- enjambamenti ukuqedela
nokuxhumanisa umqondo oqale emgqeni we-13 kuya kowe-14. ü Imbongi
igqamisa umsindo wenjabulo obakhona uma kwethweswa iziqu okunikeza
ithemba lekusasa eliqhakazile. ü (2)
5 Imbongi iphumelele kahle ukusebenzisa impindwa ethi, “Ngilangazelela
ukudepha okujulile” üukugcizelela ukufisa kwayo ukujula ifune imfundo
enzulu nolwazi olusabalele. ü (2)

[10]
14

Izingxabo Zomyezane 01
Umbuzo Omude
Esikhathini sanamhlanje basekhona abantu abaphokophelela ukuzuza
imfundo esezingeni eliphezulu. Fakazela lesi sitatimende ubhekise
impendulo yakho enkondleni ethi ‘ Izingxabo zemiyezane’
Impendulo yakho ayibe amagama ayi-190 kuya kwangama-240.
Ngiyavumelana nalesi sitatimende sokuthi basekhona abantu abangenza noma yini ukuze
bazuze imfundo esezingeni eliphezulu ngoba benesifiso sokuthi ekugcineni baphile kahle
babe nekusasa eliqhakazile. Imfundo iwukhiye wempumelelo. Awukho umnyango
ongavuleki uma ufundile.
Imbongi kule nkondlo igqamisa ukufisa kwayo ukuthola imfundo ejulile nolwazi oluningi
oluzoyihlomisela noma isiphi isimo ehlangabezana naso. Ukuzuza kwayo imfundo
kuyoyenza ibe nolwazi oluyomsiza impilo yayo yonke.
Imbongi ifisa ukunethezeka emfundweni ingaphazanyiswa lutho, ukuze izuze imfundo
ejulile. Iphinde iveze ukuthi idelele konke yashiya ikhaya izama ukuyothekela ulwazi
ezindaweni ezikude. Ekugcineni imbongi igqamisa ukuthi iyojabula lapho isithweswa iziqu
emva komshikasjika wemfundo. Imbongi isebenzise isiqhathaniso ‘ ubusika nehlobo
ukugqamisa/ ukugcizelela ukuthi iyokwazi ukubhekana nanoma isiphi isimo empilweni,
esimnandi noma esinzima.
Imbongi isebenzise umfanekisomqondo oyisifaniso ‘ ayongiqwambisa okweqhawe’
ukuveza ukuthi uma isiphumelele isithwesa iziqu ngokuhlabana ngemfundo ayisophinde
ihlupheke empilweni. Imbongi isebenzise imvumelwano siqalo ‘ Ngi… Ngi’ ukugqamisa/
ukugcizelela injabulo eyoba nayo yona uqobo uma isiyizuzile le nto akade iyilangazelela.
Le mfundo iyoba umphako wendlela oyiyisiza ukucijela izimo zempilo. Ngale mfundo eyobe
iyizuzile kuyosizakala kuhlomule nesizukulwane esizayo siphile kamnandi sinethezeke.

Imbongi iphumelele kahle ukugqamisa impokophelo yayo ukuzuza imfundo esezingeni


eliphezulu ukuze iphile impilo enethezekile
15

2.ISIZIBA SENHLAKANIPHO
UKUKHETHWA KWAMAGAMA
Ukukhethwa kwamagama kuba Amagama asetshenziswe imbongi enkondlweni ngenhloso
yokugqamisa okuthile.
Kusempondozankomo- Kusuke kusayisikhathi sasekuseni kakhulu kusemnyama imibala
yezinkomo ingabonakala, kepha zisabonakala ngokumisa kwezimpondo zazo kuphela.
Imbongi lapha igqamisa ukuthi abafundi bayavuka ngalesi sikhathi bazilungiselele ukuya
esikhungweni semfundo beyothola ulwazi.
Amaqele- izindawo ezingakhele imizi yabantu kumbe ezinganayo imizi yabantu ezibizwa
ngokuthi izinkalo/ izinkangala/ amadlelo. Imbongi lapha igqamisa ukuthi umfundi
uyahamba endaweni yangakubo eyofuna imfundo kwezinye izindawo ezikude nekhaya
lakhe.
Impambankwici- indaba emxakayo noma emdidayo oyilalele uma ixoxwa kumbe
engakholakali. Imbongi lapha igqamisa ukuthi abafundi luyabadida abanye ulwazi abaluthola
esikhungweni semfundo, lokhu okwenza ukuthi bangaphumeleli kwezinye izifundo. Imbongi
iphinde futhi igqamisa ukuthi imfundo iyadida ngoba akukho lapho umuntu angathi usefunde
ngokwanele usazi yonke into.
Impicabadala- indaba emxakayo noma emdidayo oyilalele uma ixoxwa kumbe
engakholakali. Imbongi igqamisa ukuthi imfundo iyinkinga kubantu abancane nakwabadala
ngoba ngisho noma ufundisiwe, kepha luyakhohleka ulwazi olufundile. Imbongi inethemba
lokuthi noma seyidlulile emhlabeni abasele bayokwazi ukuthola iqiniso ngokujula
kwemfundo.
Ngobhaqa- uhlobo oluthile lotshani oluqinile. Emandulo abantu abampisholo balusebenzisa
lolu hlobo lotshani njengesibani ukukhaniyisa endlini. Imbongi isebenzise leli gama
njengophawu olukhombisa ukukhanya empilweni yomuntu okwenza akwazi ukuhlela kahle
impilo kanye nekusasa lakhe.
Osebeni- kulapho kuqala noma kuphela khona umfula kumbe ulwandle. Imbongi igqamisa
ukuthi owabo bashiya ukufunda ngasekuqaleni, kepha yona imbongi yaqhubeka nokufunda.
Lokhu imbongi ithi kugcina sekuyixabanisa nowabo uma sebeyibona seyifundile kube
sengathi izibona seyingcono kakhulu kunowabo.
Umhlandla- indawo ebizwa ngokuthi umhlane ingemuva emzimbeni womuntu. Imbongi
iyabalisa ukuthi iyokuthola nini ukuphumula komzimba ngoba usuyazwela ukukhathala
ngokuba ihlezi ihleli ifunda njalo.
Imfumbe- into eyinkinga/ eyindida/ exakayo. Imbongi inethemba lokuthi noma seyashona
abasele bayoqhubeka bafunde baze balithole iqiniso noma ulwazi ngale ndida eyimfundo.
Nzibase- ulwazi olubanzi. Imbongi ifuna ukuzanelisa ngolwazi eluthola esikhungweni
semfundo.
Njulase- ulwazi olujulile. Imbongi isebenzise isenzasamuntu ukugqamisa ukuthi ulwazi
oludephile olutholakala esikhungweni semfundo.
Isiziba- indawo enamanzi amaningi emfuleni edephile noma ejulie / okushona phansi
kakhulu kuyona. Imbongi ibuka isikhungo semfundo njengendawo enolwazi oludephile.
Izihlabathi- uhlobo lwenhlabathi okuvame ukuthi kungamili izitshalo ezidliwayo kuyo.
Imbongi isebenzise isihlonipho ‘izihlabathi’ ngenhloso yokugqamisa ukuthi umfundi ufika
esikhungweni semfundo engenalo ulwazi olwanele.
16

Amanzi- uketshezi esiluthola emuva kokuna kwemvula. Luletha impilo ephelele


ezitshalweni, kubantu nasezilwaneni. Imbongi isebenzise amanzi ukukhombisa ukubaluleka
kolwazi oluzuzwa umuntu ngemfundo.
Ngobuqhawe- yilapho umuntu ehlabene kokuthile abekwenza. Imbongi lapha isebenzise
igama ‘ngobuqhawe’ ukugqamisa ukuphumelela komfundi ezifundweni abezenza.
Yokudepha- indawo ebanzi ejulile. Imbongi isebenzise leli gama ngenhloso yokugqamisa
ubukhulu bolwazi oluzuzwa abafundi ngemfundo.
Ugobhoza- ukuhamba sakugijima koketshezi. Lapha imbongi iqhathanisa ukugeleza
kwamanzi okunganqamukiyo njenganolwazi olutholakala emfundweni mihla namalanga.

AMASU OKUHLUZA INKONDLO


Umqondo
Kuba yilokho inkondlo ekhuluma ngakho. Umqondo wale nkondlo uhlukene kabili kukhona
umqondo osobala kanye nomqondo ocashile okuyiwona esithola kuwo indikimba
yenkondlo. Umqondo wale nkondlo imbongi iveza ilaka layo lokulangazelela ukufunda
kanye nokucoma iqhaza lemfundo ekuzithuthukiseni ngolwazi. Imbongi iphinde
ibenethemba lokuthi noma ingadlula emhlabeni abasele bayokwazi ukuqhubeka
nokufunda baze balithole iqiniso ngokujula kolwazi lwemfundo.
Umoya
Kuba umuzwa noma isimo imbongi esuke ikuso ngesikhathi iqamba noma ihaya inkondlo.
Umoya wale nkondlo uxubile inomoya wokulangazelela kanye nowokukhathazeka.
Imbongi ithi ivuka ekuseni kakhulu ngovivi izilungiselela ukuyofunda ngoba ilangazelela
ukuthola ulwazi lwemfundo okuyilona oluyoyisiza ukuzakhela ikusasa eliqhakazile.
Imbongi iphinde iveze ukukhathazeka ngenxa yokuthi ayazi ukuthi kunini lapho iyothola
khona ukwaneliseka ngolwazi eluthola emfundweni ngoba kade kwasa ifunda, kepha
ayikakutholi ukwaneliseka ngolwazi esalutholile. Lokhu kugcina sekuyinika ithemba lokuthi
hleze abayosala emva kokuba seyashona bayosala balithole iqiniso lokujula kolwazi
lwemfundo
Indikimba
Kuba umomgo wenkondlo/ inhliziyo yenkondlo. Yilokho inkondlo emayelana nakho
ngegama elilodwa noma ibinzana lagama. Indikimba yale nkondlo imfundo.
Umyalezo
Kubalulekile ukuthi uma uqala into uzimisele ngayo, uyifune uze uyithole.
Isigqi
Kuba ukuhleleka nokubumbeka kwemigqa kanye namabinza enkondlo. Isigqi sale nkondlo
siyashesha nakuba imigqa eminingi ivalekile ngenxa yomoya wokulangazelela.
Ithoni
Iveza ukufisa nokulangazelela ukuthola ulwazi oludephile lwemfundo. “Ngithungathana
nenjabulo yokudepha”
Imifanekiso mqondo
Imifanekiso mqondo yilawo magama asetshenziswa imbongi ukwakha imifanekiso
emqondweni wofunda inkondlo. Kungashiwo futhi ukuthi izithombe magama. Sikhuluma
ngezinzwa (inzwa ebonakalayo, inzwa ezwakalayo, inzwa yokuhogelekayo, inzwa
17

yokunambitha nenzwa yokuthinta) Izimo zokukhuluma (izifengqo,izaga nezisho) Kanye


namagama acebile.
Izinzwa
Ngithwele izihlabathi -izinzwa ethintekayo—Imbongi isivezela ukuthi yaphuma ekhaya
iya esikhungweni semfundo ingenalo ulwazi olwanele.
Ngiyoncela manzi ngobhaqa – ethintekayo/enambithekayo—Imbongi ibhekise
ekutholeni ulwazi esikhungweni semfundo ephakeme
Engisigeza ngamanzomfula –inzwa ethintekayo—Imbongi igqamisa ukuthi namanje
isaqhubeka noma ayikaqedi ukuhlela lolu lwazi.
Olokhu kwasa ugeleza –inzwa ebonakalayo – Imbongi igqamisa ukuthola ulwazi lwento
eqhubekayo ehlala yenzeka.
Besizodobela inhlanzi ngodobo –inzwa ebonakalayo/ethintekayo ---Imbongi iveza
ukuthi abangani bayo basheshe bayeka noma bakhathala
Komzimba osufok’ umhlandla --inzwa eboakalayo---Imbongi iveza ukukhandleka
komzimba ikakhuklukazi umhlane wona ozimela ngawo uma uhleli ufunda
Izifengqo
Isenzasamuntu
Sizib’ esijulile Njulase
Ngisuthisa wena kwakho Nzibase Nzulase
Imbongi ibhekise emazigeni aphakeme ize iyibize ngamagama njengomuntu.
Isingathekiso
Uyimpambankwici we Njulase
Ngoba namuhla uyimpicabadala—Imbongi igqamisa imfundo ngalamagama adidayo
ukuveza ukuthi imfundo inamandla kangakanani.
Enjambamenti
Umugqa wesi-14 kuya kowe- 15
Umqondo uqala emgqeni we-14 uphele emqeni we-15. Imbongi ibuza ukuthi kunini lapho
iyofika khona ekugcineni/ noma yaneliseke ngemfundo.
Imvumelwano
Imvumelwano siqalo
Umugqa wesi-6 kuya kowesi -7
Ngiyoncelamanzi ngobhaqa
Ngisuthisa wena Nzibase
Impinda lapha iletha umgqumo omnandi osamculo ogqamisa ukuthi imbongi iyothola
ulwazi esikhungweni semfundo ephakeme.
Imvumelwano maphakathi
Umugqa woku -1 kuya kowesi -2
18

Siziba esijulile Njulase


Ngiphum’ emzini kababa
Imvumelwano maphakathi lapha iletha umgqumo omnandi osamculo ukugqamisa
ukuzilungiselela kwembongi isuka ekhaya iya esikhungweni semfundo ephakeme.

Emva kokufundisisa inkondlo esencwadini yakho uphendula imibuzo elandelayo:


UMBUZO 1
1. Nikeza imigqa enemvumelwano etholakala emgqeni wesi-2 kanye nowesi-3 (2)
bese unikeza incazelo yayo.
2. Chaza kafushane umqondo oqukethwe umugqa wesi- 7 kuya kowe-9. (2)
3. Yini inhloso yembongi yokusebenzisa isikhawu noma isizura emgqeni we-14. (2)
4. Humusha umoya otholakala emgqeni wama-21 (2)
5. Hlaziya isigqi esitholakala ebinzeni lokuqala. (2)

IZIMPEBDULO
1. Nezinhlupheko zingihlupha,
Nempilo seyaba lugwadule, ü (2)
Imbongi isebenzise imvumelwano esekuqaleni eletha umgqumo osamculo
omnandi nokugcizelela izinkinga ebhekene nazo uma iyontongela ulazi
esikhungweni semfundo. ü
2. Umqondo oqukethwe umugqa wesi-7 kuya kowesi-9 ukuveza
ukuphatheka kabi kwembongi ngenxa yokungaphumeleli kwemizamo yayo
yokuthi ibuyisane nesithandwa sayo. üü
(2)
3. Inhloso yembongi yokusebenzisa isizura emgqeni we-14 ukuphumula ü ukuze
kugqamise isimo sokudideka ukuthi ayisazi okumele ikwenze ukuzama
ukubuyisa isithandwa sayo. ü (2)

4. Umoya otholaka emgqeni wama-21 umoya wokubalisa, Imbongi isebenzise


isimo sokukhuluma okuyisisho esithi, ‘sasingamathe nolimi’ü ngenhloso
yokugqamisa ukuzwana kwabo besathandana njengoba manje behlukene
bengasezwani. ü (2)
5. Isigqi siyanensa ngoba imigqa yonke ivalekile, futhi imbongi isenzise amagama
aletha umoya wethemba. ü Imbongi inethemba lokuthi njengoba isesikhungweni
semfundo izothola ulwazi phezu kolwazana enalo. ü (2)

[10]
19

UMBUZO 2
1 Tomula imvumelwano ebinzeni lokuqala bese uyayigagula. (2)
2 Chaza kafushane umqondo oqukethwe ibinza loku -1 (2)
3 Iyini inhloso yembongi yokusebenzisa imvumelwano emgqeni
wesi- 6 kuya kowesi -7? (2)
4 Ngabe imbongi iyisebenziseleni i-enjambamenti etholakala
emgqeni we-17 kuya kowe–18? (2)
5 Phawula ngempumelelo yembongi ekugqamiseni indikimba yenkondlo emigqeni
wama-25 kuya kowama-26?
(2)

IZIMPENDULO
1 Ngiyoncelamanzi ngobhaqa
Ngisuthisa wena Nzibaseü
Imvumelwano siqalo. ü (2)
2 Umqondo oqukethwe ibinza loku-1 owokuthi imbongi iveza ukuzimisela kwayo
ngemfundo. Ithi ishiya umuzi wakubo ukuze iyothola ulwazi olwanele
esikhungweni semfundo. ü (2)

3 Inhloso yembongi yokusebenzisa imvumelwano siqalo emgqeni wesi-6 kuya


kowesi -7 u-‘ngi’ üukuletha umgqumo omnandi osamculo ukuze igcizelele ukuthi
yiyona imbongi uqobo eyofuna ukuthola ulwazi esikhungweni semfundo. ü (2)

4 Imbongi isebenzise i-enjambamenti ukuze yethule umqondo oqale emgqeni we-


17 uze uyophela emgqeni we-18. ü
Imbongi igqamisa lokhu kulandela kwayo imfundo osekugcine kwayixabanisa
nontanga yabo. ü (2)

5 Imbongi iphumelele kahle ukugqamisa indikimba yemfundo ü


emigqeni wa-25 kuya kowama-26. Lapha imbongi ithi akukho okunye ekubonayo (2)
okungayisiza ngapahandle kokuthi izithuthukise ngolwazi lwemfundo. ü
[10]

UMBUZO 3
1 Nikeza isimo sokukhuluma esitholakala ebinzeni loku-1 bese uyasigagula. (2)
2 Xoxa kafushane ngomoya otholakala emgqeni wesi-6 (2)
3 Kungani imbongi ithi yaxabana nowabo emgqeni we-18? (2)
4 Hlolisisa isu lembongi lokusebenzisa i-enjambamenti emgqeni we-14 nowe- 15. (2)
5 Ake uncome ikhono lembongi lokusebenzisa igama elinothile emgqeni wama- 28
ukugqamisa ndikimba yale nkondlo.
(2)
20

IZIMPENDULO
1 Sizib’ esijulile njulaseü
Umbizi (ngoba ukhuluma naso ngqo)ü (2)
2 Umoya otholakala emgqeni wesi-6 umoya wokubalisaü ngoba
imbongi ikhalaza ngokuthi ihamba ekhaya kubantu ebaziyo
iye ezindaweni (ezikhungweni) ezikude kubantu engabazi (2)
iyofuna imfundo. ü
3 Imbongi ithi yaxabana nowabo ngoba bona bayeka ukufunda
kepha yona yaqhubeka yaphikelela nokufunda, manje lokhu bayibona
sengathi izenza ngcono kunabo njengoba seyiphumelele
ngokwemfundo. üü (2)

4 Isu lembongi lokusebenzisa i-enjambamenti kuwukuqedela


nokuxhumanisa umqondo osuka emgqeni we-14 kuya kowe-15. ü
Imbongi igqamisa ukukhathazwa ukuthi ayazi ukuthi lukuphi ulwazi
lokujula kwemfundo. ü (2)
5 Imbongi isebenzise kahle igama ‘imfumbe’ ukugqamisa indikimba
yemfundo ukuthi iyoze ihambe emhlabeni kungatholakalanga imfihlo
yokuthi kunini lapho kwanele khona ukufunda. üü (2)

[10]
21

Isiziba senhlakanipho 02
Umbuzo Omude [10]
Akulula ukuthola ulwazi olukhulisa umuntu empilweni euma umuntu
ezihlalele ekhaya. Fakazela okushiwo imbongi kuhambisane nalesi
sitatimende ubhekise ekukhetheni amgama.
Impendulo yakho ayibe amagama ayi-190 kuya kwangama-240.
Uma uthole imfundo uyakhula ube nolwazi lwezinto ukubhekana nempilo. Lokhu
kufakazelwa imbongi kule nkondlo ephikelela ezikhungweni zemfundo ezahlukahlukene
ngenhloso yokuyothekela ulwazi.
Imbongi ithi ‘Kusempondozankomo ngovivi lokusa’. ivuka ekuseni kusemnyama ukuya
esikoleni ukuze ithole ulwazi. Iphinde ithi ‘Kwathiwa angonyus’ amaqele’ ishiye ikhaya
nendawo yakubo yehla yenyuka iya endaweni ekude ukuthola imfundo kude. Imbongi
iphinde ‘ithi Ngisathulula lesi isihlabathi,’. iveze ukuthi ifika esikhungweni semfundo
enalo ulwazi oluthile olungahlelekile olungeke lumsize ukwakha ikusasa lakhe ithole
olusha okuyimfundo.’Engisigeza ngamanzi omfula, ilokhu ithfundiswa ngaso sonke isikathi
Imbongi ithi ‘Uyimpambankwici weNjulase,’ ngenhloso yokugqamisa ukuthi imfundo
iyadida ngoba akukho lapho umuntu engathi usefunde ngokwanele usazi yonke into.
Iphinde ithi ‘Buphi ubunzulu bakho’ izibuza ukuthi ilokhu ifunde njalo imangazwe ukuthi
ayazi ukuthi iyogcina nini nokufunda.
Imbongi ithi ishiye abangani bayo ‘Engibashiy’ osebeni,’ ngenxa yokulokhu lokhu
ifunda osekwenze wangahlangana nabangani bona abahleli bezijabulela yona , ilokhu
iqhubeka nokufunda kubesengathi izibona ingcono kunabo. Imbongi izibuza ukuthi kazi
iyokuthola nini ukuphumula njnegoba ilokhu ifunda igobile izama ukuthola ulwazi sekuze
kwaba buhlungu umhlane kuyo ‘…ukufohloka umhlandla’.
Imbongi igcina ngokuzibuza ukuthi hleze kuyothi seyashona kube khona abakwazi
ukuxazulula bachaze ukuthi uma ufunda ungafunda uze ugcine kuliphi ibanga nezinga.
Yingakho isebenzise la magama ‘…isiyithonga basale badalule imfumbe’.
Ngempela ulwazi okuyimfundo ulithola ngokuhlanganela nabanye abantu. Lokhu
ukufakazelwa ukubona imbongi kule nkondlo ithola ulwazi, imfundo ezikhungweni
ezahlukene okwenza yangabe isaba nanesikhathi sokuhlangana nabangani bayo.
[Inani lamagama 218]
22

3.UKUTHULA
UKUKHETHWA KWAMAGAMA
Sicambhalale- Ukulala ngokungenhloso yokuzumeka. Lapha imbongi isivezela ukuthi ifisa
ukuziphumulela ingcebeleke nesithandwa sayo ,ilale ibheke phezulu ezihlabathini
zolwandle.
Ufasimbe- Into eyinkungu eba semehlweni/ kube ulwelwesi olwenza ubuke lufifi. Lapha
imbongi igcizelela ukuthi lendawo efisa ukuthi bahlale kuyo kuba nenkungu edala bangaboni
ukuqala nokuphela kwezinto.
Ngiqumbelane- Ukugcwala umoya esiswini okwenza ungakhululeki. Lana imbongi igcizelela
ukuthi uma ikule ndawo ithola ukujabula okuphelele.
Usikisiki- Ugqozi/intsisekelo. Imbongi ithi izizwa yenelekisekile ngokuchitha isikhathi sayo
lapha olwandle.
Inhlokomo- Umsindo omkhulu ongethusi okhomba ukujabula. Olwandle kulapho
kunomsindo wamgagasi owenza imbongi ibe nokujabula okukholu enhliziyweni yayo
Amazwana- Umsind wabantu bekhuluma. Imbongi iveza ukuthi uma iziphumelele icimezile
iyaye izwele kude abantu bekhuluma sengathi iyaphupha.
Ukuhamba ngezinyawo- Ukuhamba phansi ungagibeli lutho olunamasonto. Imbongi ithi
abanye abantu kule ndawo behla benyuka abangeni emanzini
Ukuhamba ngomoya- Ukuhamba ngamabhodi abaphakamisa emanzini / akwazi ukwenza
badade/babhukude. Imbongi iveza ukuthi abanye abantu bazibhukudela emanzini begibela
izikembe ezenza baduduleke phakathi olwandle.
Ukukhohlisa- Ukwenza into engesilo iqiniso. Imbongi iveza ukuthi abantu abakule ndawo
benza izinto ezahlukene njnegoba kukhona nalaba abtshuzayo olwandle/emanzini sengathi
ngamahlengwethwa.
Imithi- izihlahla ezisetshenziselwa ukugwedla emanzini. Imbongi iveza okuhle okwenziwa
ngabanye abantu abagwedlayo izikebhe abahamba ngazo emanzini/olwandle.
Izindwani eziluhlaza- Imbewu yotshani. Imbongi iveza ukuthi bagwedla beqhelukisa utshani
ubugwinywe imifula yabududulela olwandle
Umoya- Into ongeke wayibamba kodwa enamandla.. Lapha imbongi iveza ukuthi lokhu
kusetshenziswa kwesigwedlo kwenza usikebhe silokhu siqhubekezela phambili ngenxa
yamandla abawafakayo.
Ngiyabezwa- Ukulalela into. Lapha imbongi incoma ukuthi noma ngabe iziphumulela lapha
kodwa ikuzwa konke okuhle okwenzeka kule ndawo yingakho imema isithandwa sayo ukuba
ingcebeleke naso.
Ngiyabathanda- Ukwenza into ekujabulisayo. Lapha imbongi iqinisekisa isithandwa sayo
ukuthi okwenziwa yilabantu iyakujabulela kakhulu , nabantu abakulendawo abayihlukumezi /
abayiphazamisa ekungcebelekeni kwayo ,bayiphatha kahle yingakho ithi asize naso
azojabula kanye nayo.
23

AMASU OKUHLUZWA KWEZINKONDLO


Umqondo wenkondlo
Umqondo yilokho inkondlo ekushoyo noma okushiwo imbongi enkondlweni. Kule nkondlo
imbongi iveza ubuhle bokuthula obulethwa imvelo emphefumulweni yayo.

Umoya
Umoya wenkondlo umuzwa noma isimo imbongi esuke ikuso uma iqamba/ ihaya inkondlo.
Le nkondlo inomoya wokulangazelela nowokuncoma njengoba ifisa ukuthola ithuba lokuhla
nothandiweyo wakhe bajabule ndawonye behlezi olwandlwe..

Indikimba
Indikimba ummongo/ inhliziyo yenkondlo. Yilokho inkondlo emayelana nakho ngegama
elilodwa noma ibinzana lamagama. Indikimba yale nkondlo imvelo/ ukuthula okulethwa
imvelo.

Umyalezo
Kubalulekile ukuthi ube nesikhathi sokukhombisana uthando ngokuvakashela endaweni
ejabulisayo nenokuthula.

Isigqi
Isigqi siyashesha ngenxa yomoya wokulangazelela nokuncoma . Nakuba ziziningi izimpawu
zokuloba kodwa lokho akusenzi sinense. Ukusetshenziswa kophawu lwe- Apostrofi;
ukweqiwa konkamisa kuningi nakho kuyasenza sisheshe isigqi.

Ithoni
Ithoni iveza ukufisa nokujabulela ukwenzeka kwezinto olwandlwe okwenza imbongi ibe
nokujabula.

Imifanekiso mqondo.
Imifanekiso mqondo yilawo magama asetshenziswa imbongi ukwakha imifanekiso
emqondweni wofunda inkondlo. Kungashiwo futhi ukuthi izithombe magama. Sikhuluma
ngezinzwa (inzwa ebonakalayo, inzwa ezwakalayo/ elalelayo, inzwa ehogelayo, inzwa
yokunambitha nenzwa yokuthinta), izimo zokukhuluma (izifengqo, izaga nezisho) Kanye
namagama acebile.

Izinzwa
Sicambalale - inzwa yokubonakalayo.
Imbongi iyisebenzisele ukugqamisa ukuthi ifisa ukuphumula nesithandwa sayo olwandlwe..
Le ndaw’ egcwel’ inhlokomo- Inzwa yokuzwakalayo.
Imbongi iyisebenzisele ukugqamisa ukuthi kule ndawo kuno msindo omnandi ewuzwayo.
Kuyona ngizw’ amazwan’ abantu bekhuluma,- Inzwa yokuzwakalayo
Imbongi iyisebenzisele ukugqamisa ukuthi konke okwenzeka kule ndawo ikuzwa kancane
ngenxa yokuthi isuke ingakunakile okukhulunywa abantu abalapha.
Abant’ abahamba ngezinyawo nangomoya- Inzwa yokubonakalayo.
Imbongi iyisebenzisele ukugqamisa ukuthi abanye abnatu bakule ndawo abahlali phansi
balokhu bezihambela esihlabathini solwanlwe.
Abanye bentanta nangaphezulu kwamanzi- Inzwa yokubonakalayo
Imbongi iyisebenzisele ukugqamisa ukuthi abanye balabantu bayazibhukudela nje abanake
lutho.
Abanye balokhu benyakazisana nemithi- Inzwa yokuthintekayo
Imbongi iyisebenzisele ukugqamisa ukuthi abanye abnatu bahamba ngezikebhe
besesbenzisa izigqedlo ukubhukuda/ukuqhuba izikebhe abahamba ngazo.
Ngiyabezwa bekhuluma, woza ungizwise- Inzwa yokuzwakalayo..
Imbongi iyisebenzisele ukugqamisa ukuthi uma ikule ndawo iziphumulele iyaye izwe abantu
24

bezikhulumela benganake lutho okwenziwa abanye yingakho ifisa ukuthi lo muntu


emthandayo naye engeza kule ndawo engenakho ukuxabana nomunye umuntu.

Enjambamenti
Umugqa wesi-7 kuya kowesi-8
Le ndaw’ egcwel’ inhlokomo, kuyo kubuthene
Konk’ okuhle nokuphas’ umphefumulo wami.
Umqondo uqala emgqeni wesi-7 uphelela emgqeni we -8
Imbongi ithi uma ihlezi lapha olwandlwe ibona konke okwenzieka khona ithola ukuthokoza
ngaphakathi enhliziyweni yayo.

Imvumelwano
Imvumelwano siqalo
Umugqa we -10 kuya kowe -11
Abant’ abahamba ngezinyawo nangomoya,
Abanye bentanta nangaphezulu kwamanzi.
Imbongi isebenzise imvumelwano siqalo ukuletha umgqumo osamculo nokugcizelela ukuthi
kunabantu abenza izinto ezahlukene kule ndawo njnegoba abnaye bengangenile emanzini
abnaye bezibhukudela..

Umugqa wama -16 kuya kowama -17


Ngiyabezwa bekhuluma, woza ungizwise.
Ngiyabathanda, bayangithanda, woz’ uzizwele.
Imbongi isebenzise imvumelwano siqalo ukuletha umgqumo osamculo nokugcizelela ukuthi
ikhuluma ngayo uqobo njengoba ingagxilisi igqondo yayo konkwenzekayo kule ndawo futhi
nabantu abakule ndawo abanandaba nokwenziwa ngomunye umuntu yingakho Ibiza
isithandwa sayo ukuze ithokoze naso.

Ukuxhumana okuekugcineni
Umugqa wama -16 kuya kowama -17
Ngiyabezwa bekhuluma, woza ungizwise.
Ngiyabathanda, bayangithanda, woz’ uzizwele.
Imbongi isebenzise ukuxhumana siqalo ukugqamisa ukuthi ikhuluma ngayo uqobo
njengoba ingagxilisi igqondo yayo konkwenzekayo kule ndawo futhi nabantu abakule
ndawo abanandaba nokwenziwa ngomunye umuntu yingakho Ibiza isithandwa sayo ukuze
ithokoze naso.

Emva kokufundisisa inkondlo esencwadini yakho uphendula imibuzo elandelayo:


UMBUZO 1
1 Tomula ifanamsindo elitholakala emgqeni wesi-3 bese uyaligagula. (2)
2 Chaza kafushane ukusetshenziswa kwe-enjambamenti kumugqa wesi-4 kuya
kowe-6. (2)
3 Ngabe ukusetshenziswa komfanekisomqondo okusemgqeni wesi-9
kukwelekelele kanjani ukuqonda leli binza. (2)
4 Yini inhloso yembongi ekusebenziseni imvumelwano esemgqeni we-16 nowe-
17. (2)
5 Phawula ngesigqi sale nkondlo. (2)
25

IZIMPENDULO
1 Ehlabathin’ elimhlophe eligcwel’ ufasimbe, ü
Ifanankamisa ü (2)
2 Ukusetshenziswa kwe-enjambamenti emigqeni wesi-4 kuya kowe-6
ukuxhumanisa umqondo osemgqeni wesi-4 ophelela emgqeni wesi-6.ü
Imbongi iveza ukuthi yiyo le ndawo eyilethela injabulo, ukuthula kanye
nokweneliseka komphefumulo wayo. ü (2)
3 Ukusetshenziswa komfanekisomqondo wokuzwakalayo “Ngizwa amazwana
‘ü kungelekelele ukuthi ngiqonde ukuthi kule ndawo kunabantu abahamba
ngezinyawo bekhulumela phansi ngoba abawubangi umsindo noma
bekhuluma. ü (2)
4 Inhloso yokusebenzisa imvumelwano siqalo ‘Ngi-‘ ukuletha umgqumo omnandi
osamculo ünokugcizelela ukuth imbongi ikhuluma ngayo uqobo ukuthi yiyo (2)
ezwa konke lokhu okukhulunywa yilaba bantu. ü
5 Isigqi sale nkondlo siyashesha ngenxa yomoya wokuncoma nokulangazelela
ünjengoba ethi ‘woza uzizwele’ Nakuba ziningi izimpawu zokuloba kodwa (2)
akusenzi sinense. ü
[10]
26

UKUTHULA 03
Umbuzo Omude
UB.W Vilakazi kule nkondlo uthi uma umuntu esolwandle uye abone izinto
ezimlethela injabulo nokuthula. Fakazela lesi sitatimende ubhekise
ekukhethweni kwamgama nomoya otholakala kule nkondlo,
Impendulo yakho ayibe amagama ayi-190 kuya kwangama-240.
Kuyiqiniso ukuthi uma umuntu esolwandle uye aba nokuthula okumangalisayo
emphefumulweni wakhe. UVilakazi kule nkondlo uthi uma esolwandle kunezinto ezenza
ajabule njengoba efisa ukuhamba nomuntu amthandayo ahlale naye kule ndawo
osolwandle emlethela ukuthula.
Imbongi kule nkondlo ifisa ‘ sicambalale osebenzi lolwandlwe nogu’ ukuziphumulela
ingcebeleke nesithandwa sayo esihlabathini sasolwandlwe. Kule ndawo efisa bahlale kuyo
kuye ithi ise‘ ehlabathini’ elimhlophe’ eligcwele ufasimbe’kube ‘ ngoba ufika kuyo
umbozwe inkungu edala ukuba bangaboni ukuqala nokuphela kwezinto. Iphinde igcizelele
ukuthi kule ndawo ithola ukujabula okuphelele, izizwa yenelisekile ngokuchitha isikhathi
sayo lapho olwandle yingakho ithi ; …ngiqumbelana’ futhi iletha’ usikisiksi
lomphefumulo nonembeza’.
Imbongi ithi nakuba kukhona ukuthula kodwa kule ndawo imbongi iyaye izwe abantu
bekhuluma ibezwela kude engathi iyaphupha abanye abantu kule ndawo behla benyuka
abanye bahamba bentanta emanzini abanye bagwedla izikebhe kusiphuke izitshalo
ezingaphansi kwamanzi njengoba isebenzise lamagama’ …Kuyona ngizw’ amazwan’
abantu bekhuluma’. Imbongi ibuye income ukuthi kulabantu abakhulumi iqiniso uma
ubabuza ukuthi kungani behamba phezu kwamanzi bavele bathi ‘..ngamahlenegthwa’
Nakuba isuke iziphumulele kodwa iyakwazi ukubona konke okuhle okwenzekayo.
Yingakho-ke imema isithandwa sayo ukuba size sizojabula nayo ngoba okwenziwa abantu
abakule ndawo iyakujabulela kakhulu, abayihlukumezi futhi abayiphazamisi bayiphatha
kahle. Yingakho ithi ‘ Ngiyabezwa bekhuluma, woza unizwise, …woz’uzizwele.
Kuyiqinso ukuthi uma usolwandle uba nokuthula, ukujabula nokuneliseka okwenzeka
emphefumulweni.wakho. Lokhu kufakazelwa ngamazwi anokuncoma nokujabula
asetshenziswe imbongi kule nkondlo aveza ukwaneliseka emphefumulweni yaVilakazi.
27

4.IMVELO
UKUKHETHWA KWAMAGAMA
Ehungeka - Eheheka / efikelwa umuzwa wokuthanda/ethatheka.Imbongi ifikelwa umuzwa
wokuthanda imvelo.
Amagumb’ omhlaba - Izingxenye zonke zomhlabaImbongi ibona imvelo isabalele kuwo
wonke umhlaba.
Iklabile - Ukukhululeka kwezilwane ehlane.Imbongi ibona izilwane eziyimvelo zikhululekile
ehlane nalo eliyimvelo.
Izimila - Okuzimilelayo enhlabathiniImbongi izwa sengathi konke okuzimilela emhlabathini
kuyahlabelela kamnandi.
Lufukuka - Luphakama / lukukhulaImbongi izwa uthando lwemvelo lukhula ngamadla.
Ngitshakadule - Ukugxumagxuma kwenkonyane ngenxa yenjabuloImbongi ijabulela ubuhle
bemvelo ize yehluleke ukuzibamba.
Ukuthuthumela - Ukwesaba okukhulu/ ukuba novalo olukhuluImbongi izizwa inokwesaba
okukhulu uma ibona labo abacekela phansi imvelo.
Bebhubhisa - Beqothula / beshabalalisa/beqedaImbongi ikhathazwa yilabo abashabalalisa /
abaqeda imvelongokushesha bengashiyi lutho.
Imihlambi - Izilwane eziningi ezindawonye. Imbongi ithokoziswa ukubona izilwane
ngokwehlukana kwazo zikhululekile futhi zithokozile.
Bengazi nanyaka - Benganandaba nomonakalo odalekayo. Imbongi ikhathazwa yilabo
abacekela phansi imvelo bangabi nandaba nomonakalo odalwa ukwenza kwabo.
Iqothulwe - Iqedwe kungasali lutho Imbongi ikhathazwa ukuthi imvelo izophela nya
kungasali lutho.

AMASU OKUHLUZWA KWEZINKONDLO


Umqondo wenkondlo
Umqondo yilokho inkondlo ekushoyo noma okushiwo imbongi enkondlweni. Kule nkondlo
imbongi ikhuluma ngobuhle bemvelo obutholakala emhlabeni wonke.
Umoya
Umoya wenkondlo umuzwa noma isimo imbongi esuke ikuso uma / ihaya inkondlo. Umoya
wale nkondlo uxubile. Ngasekuqaleni kwale nkondlo kukhona umoya wokuncoma kanti
ngasekugcineni kukhona umoya wokugxeka. Imbongi incoma ubuhle bemvelo obutholakala
kuwo wonke amagumbi omhlaba. Incoma ubuhle obutholakala esibhakabhakeni, ubuhle
bemvelo obutholakala emhlabeni. Ebinzeni lokugcina imbongi igxeka abantu
abangayinakekeli imvelo. Laba bantu bayicekela phansi, bangakhombisi nembeza.
Indikimba
Indikimba iphendula umbuzo wokuthi imbongi ikhuluma ngani. Indikimba ingumongo
wenkondlo yonke ukusuka ebinzeni lokuqala kuze kuyofika ebinzeni lokugcina. Indikimba
ingaba igama elilodwa noma ibinzana lamagama. Indikimba yale nkondlo imayelana
nemvelo/ ubuhle bemvelo.
Umyalezo
28

Kubalulekile ukuthanda nokunakekela imvelo ngokwahlukana kwayo.


Isigqi
Isigqi siyashesha ngenxa yomoya wokuthanda imvelo. Nakuba ziziningi izimpawu zokuloba
kodwa lokho akusenzi sinense isigqi. Ukusetshenziswa kophawu lwe- apostrofi/ ukweqiwa
konkamisa kuningi, nakho kuyasenza sisheshe isigqi.
Isigqi siphinde sinense ngenxa yomoya wokukhathazeka. Imbongi ikhathazwa ukubona
abantu abangayinakekeli imvelo lokho okungayenza iphele bese kuphazamiseka nokuphila
kwabantu.
Ithoni
Inkondlo iqukethe ithoni yokuhalalisa kanye neyokukhathazeka. Amagama asetshenziswe
yimbongi aveza ukubabaza ubuhle bemvelo ngokwenzeka emkhathini nasemhlabeni.
Igagula izilwane izimila kanye nokunye okuhambisana nemvelo bese iphinde ikhathazeke
ukubona abantu bengayinakekeli imvelo.
Imifanekiso mqondo
Imifanekiso mqondo yilawo magama asetshenziswa imbongi ukwakha imifanekiso
emqondweni walowo ofunda/ohaya inkondlo. Kungashiwo futhi ukuthi izithombe magama.
Sikhuluma ngezinzwa (inzwa yokubonakalayo, inzwa yokuzwakalayo/ yokulalelekayo, inzwa
yokuhogelekayo, inzwa yokunambithekayo nenzwa yokuthintekayo), izimo zokukhuluma
(izifengqo, izaga nezisho) namagama acebile.

Izinzwa
10. Izimila zihuba ingoma yenjabulo – Inzwa yokuzwakalayo. Imbongi iyisebenzisele
ukugqamisa ubuhle bemvelo ezwakala kamnandi sakuhuba ingoma.
11. Ngiluzwe uthando lwemvelo lwenyuka.- Inzwa yokuzwakalayo. Imbongi iyisebenzisele
ukugqamisa ukukhula komuzwa ewuzwayo wokuthanda imvelo.
15. Ngitshakadule njengenkonyan’ ibona unina -Inzwa yokubonakalayo.
Imbongi iyisebenzisele ukugqamisa injabulo enayo eyenza igxumagxume okwesilwane
kwasona esiyimvelo.
21. Bebhubhisa ubuhle bezwe bengezwa – Inzwa yokubonakalayo.Imbongi iyisebenzisele
ukugqamisa ukukhathazeka enako uma ibona abantu beqeda imvelo.

Izifenqo
Umugqa we-10: Isenzasamuntu Izimila zihuba ingoma yenjabulo –Imbongi igqamisa
ubuhle bemvelo.
Umugqa we-15, isenzasasilwane Ngitshakadule njengenkonyan’ ibona unina -
Imbongi ijabule kakhulu yehluleka nokuzibamba uma ibuka imvelo.
Umugqa we-15, Isifaniso Ngitshakadule njengenkonyan’ ibona unina
Imbongi ijabule kakhulu yehluleka nokuzibamba uma ibuka imvelo.
29

Izisho

Uma ngiphakamisa’ amehlo ami : umugqa woku-1Imbongi iyajabula uma ibuka imvelo kuba
sengathi kukhona okuyidonsayo.
Enjambamenti
Umugqa we - 16 kuya kowe – 17
16. Ngibone kuyifanele imvelo ukuba
17. Siyiphe lonke uthando njengokway’ ukusithanda.
I- enjambamenti yilapho umqondo womugqa ongenhla uphelela emugqeni olandelayo.
Imbongi iphosa inselelo yokuba siyithande imvelo ngoba nayo uqobo imvelo iyasithanda.
Ukuphindaphinda
Ukuphindaphinda igama uthando ngenhloso yokugcizelela uthando imbongi enalo ngemvelo
nesifiso enaso sokuba abantu bayithande imvelo njengayo.
Imvumelwano siqalo
Umugqa we -11 kuya kowe -12
Ngiluzwe uthando lwemvelo lwenyuka.
Ngiqalaze ngibon’ ubuhle bezintaba zezwe
Imbongi isebenzise imvumelwano ukuletha umgqumo omnandi osamculo ogqamisa ukuthi
ikhuluma ngayo uqobo. Imbongi iveza umuzwa ewuzwayo wokuthanda imvelo.
Umugqa wama-21 kuya kowama-23
Bebhubhisa ubuhle bezwe bengezwa,
Bengezwa kwabumnandi bokubusiseka,
Bengazi nanyaka ngokungehla
Imbongi isebenzise imvumelwano ukuletha umgqumo omnandi osamculo nokugcizelela.
Imbongi igcizelela ukwenza kwabantu abashabalalisa imvelo, okuyenza yesabe kakhulu.
Ukuxhumana okutshekile
Umugqa wesi-3 kuya kowesi- 4
Ngizw’ amehlo ami ehungeka,
Ehungwa uthando lwemvelo
Ngalokhu kuxhumana imbongi igcizelela ukuthatheka kwayo ngenxa yokuthanda imvelo.
Umugqa wama-21 nowama - 22
Bebhubhisa ubuhle bezwe bengezwa,
Bengezwa kwabumnandi bokubusiseka,
Imbongi igcizelela ukungabi nandaba kwabantu abashabalalisa imvelo.
30

UMBUZO 1 (UMBUZO OMFUSHANE)


1 Tomula ukuxhumana okutholakala ebinzeni loku-1 bese usho uhlobo lwako. (2)
2 Chaza kafushane ukuphindaphinda kwegama ‘uthando’ebinzeni lesi-2. (2)
3 Iyini inhloso yembongi yokusebenzisa imvumelwano etholakala emgqeni we- (2)
14 kuya kowe-16?
4 Ngabe ukusetshenziswa kwefanamsindo elisemgqeni wama-21 likwelekelele
kanjani ukuqonda leli binza.
(2)
5 Hlolisisa isigqi esitholakala ebinzeni lokugcina. (2)
IZIMPENDULO
1 Ehungwa uthando lwemvelo,
Imvelo eyadalwa uMdali. ü
Ukuxhumana okutshekile. ü (2)
2 Imbongi iphindaphinde igama ‘uthando’ ukugcizelela uthando enalo ngemvelo,
eluzwa lukhula ngaphakathi kuyo luyenze izithole isigxumagxuma kuhle
kwenkonyane libona unina. ü Imbongi ithi sengathi le mvelo ingathandwa
inakekelwe ngaso sonke isikhathi. ü (2)
3 Inhloso yembongi yokusebenzisa imvumelwano siqalo u- ‘ngi’ ukuletha
umgqumo omnandi osamculo ü nokugcizelela umuzwa wothando lwemvelo.
Imbongi izizwa iba nothando nokujabula okumangalisayo okuyenza ibone
kufanele ukuthi imvelo inikezwe uthando futhi inakekelwe. ü (2)
4 Ukusetshenziswa kwefanangwaqa u-‘b’ elisemgqeni wama-21 kuletha
umgqumo omnandi osamculo nokugcizelelaü. Kungelekelele kahle ukuqonda
ukuthi uma abantu bengayishabalalisa imvelo ngenxa yokungayinakekeli
ngendlela efanele umhlaba ungaba yindawo okungaphileki kahle kuyo. ü (2)
5 Imbongi ikwazile ukuveza isigqi esinensayo , imigqa eminingi ivulekile futhi
ayinazo izimpawu zokuloba. Ubuningi bemigqa emide kanye nomoya
wokukhathazeka kwenza isigqi sinense. üImbongi ikhathazekile ngabantu
abangenandaba nokuphathwa kwemvelo ngendlela efanele. Ukuphatha kabi
imvelo kungayenza iphele kuze kuphazamiseke nempilo uqobo. ü
(2)
[10]
31

UMBUZO 2
1 Nikeza isizathu sokweqiwa konkamisa emgqeni woku-1 kuya kowesi-2. (2)
2 Chaza kafushane ukiuthi kungani imbongi isebenzise ukuxhumana (2)
emgqeni wesi-3 kuya kowesi-4 kule nkondlo.
3 Iyini inhloso yembongi ekusebenziseni i-enjambamenti emgqeni wesi-6
kuya kowesi-7 kule nkondlo?
(2)
4 Chaza umoya otholakala ebinzeni lesi-2. (2)
5 Phawula ngethoni equkethwe umugqa we-18 kuya kowama-22. (2)
IZIMPENDULO
1 Isizathu sokweqiwa konkamisa emgqeni woku-1 kuya kowesi-2
ukukhombisa isigqi e sisheshayo ngenxa yomoya wokujabula. üImbongi
ijatshuliswa ukubona ubuhle bemvelo. ü (2)

2 Ngizw’ amehlo ami ehungeka,


Ehungwa uthando lwemveloü
Imbongi isebenzise ukuxhumana okutshekile emgqeni wesi-3 kuya kowesi- (2)
4 ukugcizelela ukuthatheka kwayo uma ibuka imvelo. ü
3 Lapho ngiphakamisel’ amehlo esibhakabhakeni,
Ngibon’ izinyoni zemvelo zijabule.
Imbongi isebenzise i-enjambamenti ukuze ikhombise / iveze ukuthi
umqondo osemgqeni wesi-6 uphelela emgqeni wesi-7. üKule migqa
imbongi iveza ukuthakasa kwemvelo ekubona uma ibheka emkhathini
lapho izinyoni zijabule. ü (2)
4 Umoya wokujabula/wokuthakasa otholakala ebinzeni lesibili. ü Imbongi
ijatshuliswa ukubona ubuhle bemvelo ize izwe nothando lwemvelo lukhula
kuyona. Imbongi ize yehluleke nokuzibamba
Igxumagxume ngenxa yenjaulo. ü (2)

5 Umugqa we-18 kuya kowama-22 uqukethe ithoni yokukhathazeka. ü


Imbongi ikhathazwa abantu abangabuboni ubuhle bemvelo. Laba bantu
bashabalalisa kwasani okuyimvelo futhi abakhathazeki ngabakwenzayo. ü (2)
[10]
32

Imvelo – K.N.N Gcumisa 04


Umbuzo Omude [10]
Imvelo iyinto eyisimanga, kubalulekile ukuthi yongiwe ukuze umhlaba
uphile impilo engenabungozi.
Uyavumelana yini nalesi sitatimende esingenhla? Sekela ubhekise
ekukhethweni kwamagama kwembongi agqamisa umoya nethoni kule
nkondlo.
Impendulo yakho ayibe amagama ayi-190 kuya kwangama-240.
Ngiyavumelana nalesi sitatimende ngoba abantu abangayongi imvelo baba nenkinga
yokuhlaselwa izifo nokulinyalelwa izingqalasizanda. Imbongi ithi kule nkondlo ubuhle
obulethwa imvelo ebubonayo kwenza kube kuhle emhlabeni wonke ngakho-ke ifisa
abantu bayiphathe kahle.
Imbongi ithi ‘Uma ngiphakamisa amehlo ami” ibheka ndawo zonke ‘ihungwa’ idonswa
uthando olukhulu lwemvelo edalwe nguNkulunkulu Iyaqhubeka imbongi ibuka imvelo
ngokusabalala kwayo ize ithi lemvelo ayikho endaweni eyodwa kodwa isabalele nomhlaba
wonke. Isib umugqa wesi-2: “Kuwo womane amagumbi omhlaba”
Okufakazela lokhu ilamagama asetshenziswe imbongi asemgqeni wesi-6 athi;
“ngiphakamisela amehlo ami esibhakabhakeni” lapha imbongi incoma ekubona
emkhathini okuyizinyoni zemvelo ezithokozile iphinde ituse izilwane ezinhlobonhlobo,
ezeluke ngokukhululeka ehlane zingaphazanyiswa ilutho isib umugqa wesi- 9 ithi:
“ngibona imihlambi ehlane iklabile”. Imbongi iphinde income injabulo yokuzimilelayo
isib umugqa we-10 “izimila zihuba”. Uma ibona lobu buhle izwa uthando lwemvelo
lukhula ngamandla ize izibone isitshakadula njengenkonyane libona unina. Okungukuthi
isuke isigxumagxuma ngenxa yenjabulo ingasakwazi ukuzibamba. Leli binza ligqamisa
umoya wokuncoma / wokutusa oveza isigqi esisheshayo kanye nethoni yokuncoma.
Imbongi izithola inokwesaba kanye novalo uma ibona indlela engeyinhle abantu
abaphatha ngayo imvelo lokhu kufakazelwa umugqa we-19 umzimba uthuthumele iba
nokukhathazeka ngabantu abaqeda imvelo bengaboni ubuhle kanye nenjabulo obulethwa
imvelo kubona. Isib “bengazi nanyaka”. Imbongi iveza ukukhathazeka okukhulu ithi uma
imvelo ingashabalaliswa iqedwe nya kungasali lutho umhlaba ngeke usaba nayo injabulo
nokuphila. umugqa wama -24: “…iqothulwe” lokhu kuveza isigqi esinensayo kanye
nethoni yokukhathazeka nokwesaba.
Impela imvelo iyisimanga lokhu kuvezwe umoya wokuthanda kanye nowokuncoma olethe
isigqi esisheshayo kanye nethoni yothando neyokuncoma. Imbongi iphinde iveze
ukukhathazeka nokwesaba ngokunganakekelwa kahle kwemvelo okuletha isigqi
esinensayo kanye nethoni yokukhathazeka.
33

5.MUSANI
UKUKHETHWA KWAMAGAMA
Musani-Ukutshela abantu ukuba angakwenzi okuthile/bapheze/bakuyeke. Lapha kule
nkondlo imbongi icela abantu ukuba bayeke ukukhala.
Ukukhala-ukuphuma izinyembezi emehlweni ngenxa yokungaphatheki kahle. Okunye
ukukhala ngento ethile eyenzeke kuwena. Imbongi icela bangamkhaleli othandiweyo noma
umama njengoba esedlulile emhlabeni.
Ukubibitheka-ukuphuma izinyembezi emehlweni noma ukukhala izwi lingaphumi. Imbongi
ifisa ukuthi bangabe besakhala.
Ukulila-Ukukhala ngokumemeza noma ukukhala Imbongi ifuna bangakhali kakhulu kodwa
babe nethemba ngalo obashiyile.
Kanazi–ukuchaza ukungabi nalwazi mayelana nento ethile. Imbongi ibabuza ukuthi
abanalwazi yini ukuthi othandiweyo/umama wayo uye kuyiphi indawo nokuthi ungokabani.
Ukuthuthumela-ukwesaba into ethile. Lapha imbongi iduduza abasabayo ngenxa
yokuhamba kukamama wayo.
Kanazi yini ukuth’ ungokabani na? umbuzombumbulu-Lapha imbongi ibuza umbuzo
enempendulo yayo ukuthi umama ungowoMdali.
Eseyekhaya-indawo lapho umuntu ehlala khona. Imbongi isebenzise igama elinothile
ukugqamisa ukuthi isho ekhaya eZulwini.
Usebiziwe-Ukuza lapho uyalelwa khona. Imbongi igqamisa ukuthi umama ubengeke
esawuziba umyalelo woMdali.
Vulani izinhliziyo zenu kuyena (isenzasamuntu)-Imbongi ifuna abantu mabavule izinhliyo
zabo kuMdali.
AMASU OKUHLUZWA KWEZINKONDLO
Umqondo wenkondlo
Umqondo yilokho inkondlo ekushoyo noma okushiwo imbongi enkondlweni. Kule nkondlo
imbongi ililela uma osedlule emhlabeni. Iyabakhuza ukuthi bangamukhaleli uma kodwa
bajabule ngoba ungowoMdali futhi useyeKhaya. Icela abakhalayo baduduzwe kanye
nabasabayo ukuba bavume ukuthi ubesebiziwe bese bevula izinhliziyo zabo bazivulele
intando kaNkulunkulu.
Umoya
Umoya wenkondlo umuzwa noma isimo imbongi esuke ikuso uma iqamba/ ibhala/ihaya
inkondlo. Le nkondlo inomoya nowosizi. Imbongi ikhathazekile ngenxa yabantu abakhalela
uma ibona bengenathemba bengazi nokuthi ubizwe uMdali futhi useseKhaya.
Indikimba
Indikimba ummongo/ inhliziyo yenkondlo. Yilokho inkondlo emayelana nakho ngegama
elilodwa noma ibinzana lamagama. Indikimba yale nkondlo ukufa.
Umyalezo
Kubalulekile ukuthi uzilungiselele indlela yakho usaphila ukuze nabasele bangabi naxhala.
Kungaba neminye imiyalezo engaba khona kodwa makusekelwe ngokusenkondlweni.
Isigqi
34

Uma kukhulunywa ngesigqi kubhekwa umgqumo wenkondlo ukuthi ngabe inkondlo


iyashesha noma iyanensa. Kuye kubhekwe ukuvuleka nokuvaleka kwemigqa, kubhekwa
ubude nobufishane bemigqa, ubude nobufishane bamagama, ukweqiwa konkamisa kanye
nezimpawu zokuloba. Konke lokhu kuhambisana nomoya okungaba umoya wokujabula,
wosizi, wokukhathazeka njalonjalo. Isigqi sale nkondlo siyanensa nakuba ziningi izimpawu
zokuloba ekugcineni kwemigqa kanye nemigqa emifushane ngenxa yomoya wale nkondlo
wosizi noma wokukhathazeka kwenza isigqi sinense. Umqondo wenkondlo nawo wenza
isigqi sinense ngoba ikhuluma ngokufa.
Ithoni
Ithoni ivezwa amagama asetshenzisiwe enkondlweni kube yithina esiyifundayo ukuthi ngabe
aveza ukukhathazeke, ukudideka, ukudinwa njalonjalo. Le nkondlo iqukethe ithoni
yokukhathazeka/yosizi. Imbongi icela ukuba bangakhali isebenzise la magama,
‘ukubibitheka, ukulila” njalonjalo. Ibuye ibe nethoni yokududuza/yokunikeza ithemba
njengokusebenza kwamagama “ kwamagama “ey’ ekhaya, ubizwe nguyena”.
Imifanekiso mqondo.
Imifanekiso mqondo yilawo magama asetshenziswa imbongi ukwakha imifanekiso
emqondweni wofunda inkondlo. Kungashiwo futhi ukuthi izithombe magama. Sikhuluma
ngezinzwa (inzwa ebonakalayo, inzwa ezwakalayo/ elalelayo, inzwa ehogelayo, inzwa
yokunambitha nenzwa yokuthinta), izimo zokukhuluma (izifengqo, izaga nezisho) kanye
namagama acebile.
Izinzwa
Musani ukukhala-inzwa yokulalela /yokubona. Imbongi iyisebenzisele ukugqamisa ukuthi
laba abasele abangamkhaleli ongasekho ngoba ubiziwe nguMdali.

Thulani-inzwa kulalela. Imbongi iyisebenzisele ukugqamisa ukuthi esikhundleni sokuba


bakhalele othandiweyo wabo kodwa kufanele bamjabulele ngoba usebizwe uMdali.
Ukuthuthumela-inzwa yokubona. Imbongi iyisebenzisele ukugqamisa ukuthi abangesabi
kodwa baduduzeke ngobizwe uMdali.
Izifenqo
Umugqa wesi-5 umbuzombumbulu. Kanazi yini ukuthi uyephi na? Ibuza umbuzo
enempendulo yayo. Yazi kahle ukuthi uma
uye ekhaya lakhe.
Umugqa wesi-7 umbuzombumbulu
Kanazi yini ukuth’ ungokabani na? Ibuza umbuzo enempendulo yayo. Yazi kahle ukuthi
umama ungowoMdali.
Umugqa we-11 isihlonipho
Usebiziwe- lapha imbongi isebenzise igama lokuhlonipha
esikhundleni segama usefile ukugqamisa ukuthi kufanele
bamjabulele othandiweyo njengoba esebiziwe.
Isisho

Ukuthuthumela-Lesi sisho imbongi isisebenze kahle ukweluleka abasabayo ukuthi kufanele


bangabi navalo ngosehambile ngoba uye ekhaya.
Enjambamenti
Umugqa we-11 kuya kowe-12.
35

Umqondo uqala emgqeni we-11 uphelela emgqeni we-12


Imbongi inxusa/icela ukuba abathandiwe bathokoze kuthi nabasabayo nabo bathuliswe
ngomama osebiziwe.
Umugqa we-13 kuya kowe-14.
Umqondo uqala emgqeni we-13 uphelela emgqeni we-14
Imbongi ithi abavume ukuthi ubesebiziwe bese bevula izinhliziyo zabo bazivulele intando
kaNkulunkulu.
Imvumelwano siqalo
Umugqa wesi-7 nowesi-8.
Kanazi yini ukuth’ ungokabani na?
Kaniqondi yini ukuth’ akuwenu na?
Imbongi isebenzise imvumelwano ukuletha umgqumo osamculo ukugqamisa/ukugcizelela
ukuthi othandiweyo bekungeyena owabo kodwa ubengowoMdali/uNkulunkulu.
Ukuxhumana okusekuqaleni
Umugqa woku-1 nowesi-2.
Musani ukukhala.
Musani ukubibitheka.
Imbongi isebenzise ukuxhumana okusekuqaleni ukugqamisa/ ukugcizelela ukuthi
bangamkhaleli umama njengoba esebiziwe waya ekhaya noma usebizwe uMdali.
Ukuxhumana okusekugcineni
Umugqa wesi-9 kuya kowe-10.
Pho nihlushwa yini um’ esey’ ekhaya?
Pho anithokozi ngani um’ ey’ ekhaya? .
Imbongi isebenzise ukuxhumana okusekugcineni ukugqamisa/ ukugcizelela ukuthi
bangahlushwa lutho kodwa bajabule ngoba umama usesekhaya lakhe.

Emva kokufundisisa inkondlo esencwadini yakho uphendula imibuzo elandelayo:


UMBUZO 1
1 Tomula ubuye ugagule inzwa etholakala emgqeni woku-1 (2)
2 Chaza kafushane ukusetshenziswa kombuzombumbulu etholakala emgqeni wesi-6 (2)
kuya kowe-10.
3 Ucabanga ukuthi imbongi iyisebenzise kahle yini i-elipsizi emgqeni wesi-4 (2)
4 Uyavumelana yini nomyalezo odluliswa imbongi kule nkondlo? Sekela impendulo (2)
yakho.
5 Phawula ngokukhethwa kwegama elithi ‘nguyena’ elitholakala emgqeni we-13. (2)
36

IZIMPENDULO
1 Musani ukukhala ü
Inzwa yokuzwakalayo ü (2)
2 Imbongi isebenzise umbuzombumbulu ukukhombisa ukudideka njengoba laba
ekhuluma nabo bekhalela othandiweyo wabo osedlule emhlabeni. üIveza ukuthi
abantu akumele bakhale ngoba uma umuntu edlula emhlabeni usuke engayena
owethu kepha umomnikazi wakhe. ü (2)
3 Imbongi isebenzise iyisebenzise kahle i-elipsizi(u…..ma) ukugqamisa ukungakwazi
ukuqedela nokubambeka kwenkulumo . ü imbongi ikhathazekile ukubona ukuthi
umama usehambile emhlabeni futhi iyabuza ukuthi bamkhalelani . ü (2)

4 Ngiyavumelana nomyalezo owethulwa imbongi ngoba sonke lapha emhlabeni


sizodlula siye ekhaya likaBaba. üNgakho-ke akumele sikhale uma kukhona
osedlulile lapha emhlabeni ngoba usuke egodukile waya kuBaba. ü
NOMA
Angivumelani nomyalezo wembongi wokuthi akumele sikhale uma kukhona
osedlulile emhlabeni noma ukudlula komuntu. ü Ukushiywa umuntu othandiweyo
noma osendelene naye kwenza lowo osele aphatheke kabi ngoba kuba khona
isikhala kulabo abasele emuva. ü (2)
5 Imbongi ikhethe kahle igama elithi nguyena elitholakala emgqeni we-13
ukugcizelela ukuthi lo muntu osedlulile emhlabeni usephindele kuMdali wakhe
okunguye owamdalayo. üü (2)

[10]

UMBUZO 2
1 Tomula bese ugagula isifengqo esitholakala ebinzeni lesi-2. (2)
2 Fingqa ngamaphuzu amabili umqondo oqukethwe ibinza lokuqala. (2)
3 Chaza ukuthi isimo sokukhuluma esiqukhethwe umugqa wama -23 sikwelekele
kanjani ekuqondeni leli binza.
(2)
4 Ngabe ukuxhumana okusemgqeni we -9 kuya kowe-10 kusetshenziselweni (2)
kule nkondlo?
5 Phawula ngempumelelo yembongi ekukhetheni amagama adwetshetshelwe
emgqeni wama-21.
(2)

IZIMPENDULO
1 Ngikhephuzele uhlaza ubusika nehlobo. ü
isiqhathaniso. ü (2)
2 Ibinza lokuqala liqukethe umqondo wokuthi imbongi ifuna ukuzuza
imfundo/ulwazi olunzulu nolusabalele. ü Lolu lwazi liyoyilekelela ukuthi ihlale
ngokunethezeka impilo yayo yonke. ü (2)
37

3 Isimo sokukhuluma esithi, “ Bafinye ngendololwane,”siyisisho esichaza


ukubusa. üLesi sisho singelekeleke ekuqondeni ukuthi le mfundo imbongi
eyizuzile ayizukusiza yona nje kuphela kodwa nezizukulwane kanye nesizwe
siyobusa, sinethezeke. ü (2)
4 Imbongi isebenzise ukuxhumana siqalo emgqeni -9 kuya ku -10 ‘Ngizinz’…’
üukugcizelela ukufisa kwayo ukuhlala inamathele emfundweni
ingaphazanyiswa yilutho, ijabulele ukuzuza ulwazi oluyoyisiza impilo yayo
yonke, ngalo ikwazi ukubhekana nazo zonke izimo ehlangabezana nazo. ü (2)

5 Imbongi iphumelele kahle ukukhetha amagama ‘ uphoko nokhothe’


üukugqamisa ukuthi ngalolu lwazi elutholile iyolusebenzisa libe umphako
wendlela empilweni, ize lolu lwazi ilwedlulisele ezizukulwaneni nazo zisizakale,
zibuse, zijabulele ubumnandi bempilo. ü (2)
[10]
UMBUZO 2
1. Tomula ukuxhumana okutholakala emgqeni woku-1 kuya kowesi-3, ubuye
ukugagule.
(2)
2. Xoxa kafushane umqondo otholakala kule nkondlo. (2)
3. Chaza umoya otholakala kule nkondlo. (2)
4. Hlaziya ukukhethwa kwamagama okuhlonipha atholakala emgqeni we-11 nowe- 12. (2)
5. Phawula ngekhono le mbongi ukwethula isigqi sale nkondlo. (2)
IZIMPENDULO
1 Musani ukukhala,
Musani ukubibitheka.
Musani ukulila ü
Ukuxhumanasiqalo. ü (2)
2 Umqondo wale nkondlo umayelana nabantu abakhalayo ngenxa yokudlulelwa
othandiweyo wabo. üImbongi iyababuza ukuba bakhalelani ngoba akumele bakhale
uma kukhona odlulile emhlabeni. Lo odlulile emhlabeni usuke esebyela ekhaya
kuMdali wakhe. ü (2)
3 Umoya otholakala kule nkondlo umoya wosizi üngoba kukhona abantu abakhalayo
bekhalela osedlulile emhlabeni. Imbongi izama ukubaduduza ngoba ithi kubo asikho
isidingo sokuba bakhale ngoba odlulayo emhlabeni usuke eya kuMdali. ü (2)

4 Imbongi isebenzise amagama okuhlonipha ukufa ‘usebiziwe’ nelithi, ‘ngosebiziwe’.


üLa magama ahlonipha umuntu osuke esemdala oshonile obesekungalindeleka
ukuthi angashona. ü (2)

5 Imbongi iphumelele kahle ukwethula isigqi sale nkondlo. isigqi sale nkondlo siyanensa
ngenxa yomoya wokukhathazeka futhi imigqa yonke yale nkondlo ivalekile. üOkunye
okwenza isigqi sale nkondlo sinense ukuthi le nkondlo ikhuluma ngokufa. ü (2)

[10]
38

Musani!
Umbuzo Omude [10]
Abantu bayaye badideke uma kufika ukufa emindenini yabo.
Uyavumelana nalesi sitatimende esingenhla. Sekela ubhekise kumoya,
ithoni kanye nokukhethwa kwamagama.
Impendulo yakho ayibe amagama ayi-190 kuya kwangama-240.
Impela kuyiqiniso ukuthi abantu uma beshowelwe bayakhala kakhulu bakhombise ukuthi
nethemba abasenalo. Imbongi ithi abantu bayakhala kule nkondlo bakhalela umama wabo
ongasekho.
Imbongi emgqeni woku-1 kuya emgqeni we- 4 ikhathazwa ukubona abantu abakhalayo
ngendlela ezahlukene. imbongi iphinde igqamisa ukuthi abantu baba nosizi uma
beshonelwe nokudideka okuholela ekutheni bakhale kakhulu, bangabi nethemba.
Imbongi emgqeni we-5 kuya kowe- 8 ikhathazekile ukubona abantu abalilayo ngenxa
yokulahlekelwa umama wabo kugqamisa ukuthi imbongi iyadideka ukuthi njengoba
bekhala kangaka abazi yini ukuthi usephindele ekhaya, bebebolekilwe noma uphindele
kumnikazi wakhe. Imbongi iphinde iveze ithoni yosizi uma abantu beshonelwe bekhala.
Imbongi emgqeni we- 9 kuya kowe-10 ikhombisa ukudideka noma ukukhathazeka uma
abantu abashonelwe bekhala kangaka ukuthi abazi yini ukuthi usebiziwe. Abazi yini ukuthi
usebuyela ekhaya ezulwini.
Iphinde imbongi emgqeni -11 kuya kowe-12 iyaduduza abashonelwe ukuthi abangakhali
kodwa abathokoze ngoba usebiziwe. Imbongi ithi abangasabi njengoba behanjelwe
ngumama wabo, mabakhulule izinhliziyo zabo ngoba useyekhaya akuyena owabo.
Imbongi emgqeni wesi-13 kuya kowe-14 iyaduduza ukuthi abasele mabavule, baxolise
izinhliziyo ngoba usebizwe nguMdali.
Kubalulekile uma umuntu eseshonile ukuthi samukele ngoba akuyena owethu kodwa
ungokaMdali. Yingakho imbongi ithi kule nkondlo abantu badidekile njengoba
beshonelwe umzali wabo baze benza izinto ezahlukene ukukhombisa ukungakholwa
ukuthi umuntu usuke ephindele kuNkulunkulu owamdalayo.
39

6.IMPI
UKUKHETHWA KWAMAGAMA

Ngamaviyiviyo - Izigaba ezakha amabutho. Lapha imbongi igcizelela abafundi abaphuma


ezindaweni ezahlukahlukene abenza izifundo ezahlukene/ Imbongi ithi kuhlangene
amabutho ngokwezigaba zawo.

Kudedangendlale wenkundla – Indawo enkulu, evulekile. Imbongi igcizelela ukuthi lesi


khungo semfundo sikhulu kakhulu, sikwazi ukuthatha isibalo esikhulu sabafundi/ Amabuho
ahlanganele endaweni evulekile ukubhekana nempi.

Nezingeqiwa ntwala – Izingozi ezinkulu ezivulekile ekhanda. Lokhu kugqamisa izinkinga


ezinkulu/ezijulile futhi ezahlukene abafundi abafika nazo/ Imbongi ithi kukhona asebelimele
emakhanda kulempi.

Namanxebakazi – Ingozi yokugwazwa eba semzimbeni. Imbongi igqamisa ukukhandleka


kwemizimba yabafundi ngenxa yezinkinga abafika zibakhungethe/ Imbongi ithi abanye
sebegwazekile balimele emzimbeni.

Nemikhontshwana – Imikhonto emincane. Lokhu kugqamisa ulwazi oluncane abafika nalo


ngenkathi bezoqala ukufunda kulesi sikhungo/ Imbongi ithi noma ngabe sekukhona
abalimele kodwa yona isasindile ,isaqhubeka nokulwa ngesikhali esiphethe.

Lopha – Ukuvuza kwegazi. Lapha imbongi igqamisa ubuhlungu obuzwiwa abafundi


ngabodwana, omunye umuntu ongakwazi ukububona ngenxa yokuthi bayaziqinisa / Imbongi
thi impi iyaqhubeka noma ngabe sewulimele.

Uwonke – Wonke umuntu. Lapho imbongi igcizelela ukuthi akekho ongafisi


ukufunda/uyayifisa imfundo/ Imbongi ithi uma umuntu esesempini akabe esaphela amandla ,
uqhubeka nokubhekana nomuntu

Eyamanyamfokwe – Amavila. Imbongi igcizelela ukuthi uma uyivila awudingeki ngoba


uzohluleka/ Imbongi ithi uma uyigwala awulungi ukubhekana nempi.

Isihlangwana – Ihawu elincane lokuvika. Imbongi igcizelela ukuthi nakuba


isafunda/isekhona kulesi sikhungo yingenxa yokuphumelela ngengciciyela kwayo / Imbongi
ithi noma ngabe sekukhona abalimele kodwa yona uqobo isakwazile ukuzivela ekutholeni
izingozi. Isaqhubeka nokubhekana nale mpi.

Sesiyigwaza bukhoma – Ukugwazana nibhekene. Imbongi igcizelela isikhathi esinzima


lapho isuke isibhala izivivinyo ezilukhuni/ Imbongi ithi le mpi eyilwayo iya ngokuqina
njengoba abaningi sebelimele.

Amavak’amb’ambulula – Ukubaleka kwamagwala. Imbongi igcizelela ukuthi labo


abahluleka ukubekezela bayeka ukufunda/ Imbongi ithi abanye bayahluleka ukuqhubeka
nokulwa , bakhetha ukuyibalekela le mpi.

Kubusa ukuzisola – Ukuzibona unecala. Imbongi igcizelela ukuthi sebeyazisola ukuthi


ababekezelanga ngani ezifundweni zabo, bayazisola ukuthi baphikelani nobuvila/ Imbongi
ithi laba ababalekile empini akube kusaba mnandi lapho bebona ukuthi bashiyile ,
bayibalekela impi.
40

Ukugadla – Ukushaya/ukulwa. Imbongi igcizelela ukuzisola kwabo ngokungafundi


ngokuzikhandla/./ Imbongi ithi wonke umuntu angabobaleka ngoba uzogcina kumphatha
kabi ukwehluleka kwakhe ukulwa.

Ungebizelwe muntu - Akekho okuphoqayo. Imbongi igcizelela ukuthi akekho ozokulandela


ngemuva/ozokuphoqa ukuba ufunde, uzibonela wena isidingo sakho/ Imbongi ithi noma
akekho umuntu ongabiza omunye ukuthi akazolwa ngakho-ke umuntu uyazibonela isimo
bese ekhetha ukuba ingxenye yokulwa.

Ngayilwa – Ukubhekana nempi. Igcizelela ukuthi nayo yafunda ngokuzikhandla yagcina


iphumelele/ Imbongi ithi yona yakwazi ukubhekana nempi , yangabaleka, yakwazi
ukunqoba.

Imini nobusuku – Zikhathi zonke. Imbongi igcizelela ukunxusa kwayo abafundi ukuthi
abafunde ngaso sonke isikhathi, bengaphumuli/ Imbongi ithi uma ufuna ukunqoba njengayo
ukuthi kumele ukwazi ukubhekana nempi ngezikhathi zonke.

Izikhali zikusinda – Into elimazayo uma ulwa empini. Imbongi igcizelela ukunxusa kwayo
kubafundi ukuba babekezele bafunde noma sekungaphezu kwamandla/ Imbongi ithi uma
usempini ungabo khala ngobunzima kodwa kumele uqhubeke nokulwa.

Yimiyocu – Izibazi eziba semzimbeni. Imbongi igcizelela ukuthi bengabunaki ubunzima


abahlangabezana nabo ezifundweni zabo, baqhubekele phambili/ Imbongi ithi noma ngabe
sewunezibazi , usushayekile kodwa ungakunaki osekwenzekile kuwe ukuze unqobe.

Udumo – Ukwaziwa abantu abaningi, kuyo yonke indawo. Imbongi igcizelela ukunxusa
kwayo ukuba abafundi bagxile ezifundweni zabo bangalibali ukwenza izinto ezijabulisa
abanye abantu kodwa ezingeke zibasize ngalutho bona. Uma benze njalo bayophumelela/
Imbongi ithi uma usempini ungabolwa ngoba ufuna ubuqhawe nokuhlonishwa.

AMASU OKUHLUZWA KWEZINKONDLO

Umqondo wenkondlo
Umqondo yilokho okushiwo yimbongi enkondlweni yayo. iLe nkondlo inomqondo osobala
nocashile. Imbongi ithi abafundi abafunde ngokuzimisela, babekezele uma
behlangabezana nezinkinga ekufundeni kwabo. Ukuze bezophumelela./ Imbongi ithi
amabutho akazinikele empini noma ngabe kunzima kangakanani ukuze anqobe.

Umoya
Umoya wemkondlo isimo imbongi esuke ikuso ngenkathi ihaya/iqamba inkondlo yayo. Le
nkondlo inomoya wokunxusa. Imbongi inxusa abafundi ukuba bafunde ngokuzimisela futhi
babekezele noma behlangabezana nezinkinga ukuze bezophumelela.

Indikimba
Indikimba ingumongo noma yingqikithi yenkondlo.. Ingaba igama elilodwa noma amabili.
Indikimba yale nkondlo imfundo./ impi
Umyalezo
Kubalulekile ukuthi uma wenza into uyenze ngokuzimisela nangokwethembeka,
ungadikibali noma kunzima.
41

Isigqi
Siyanensa ngenxa yomoya wokunxusa futhi nemigqa eminingi ivalekile. Nakuba kukhona
ukweqiwa konkamisa okuningi kepha ngenxa yomoya wokunxusa siyanensa. Imbongi
inxusa ukuba abafundi bafunde ngokuzimisela futhi babekezele noma behlangabezana
nezinkinga ukuze bezophumelela.

Ithoni
Ithoni yokunxusa. Imbongi inxusa abafundi ukuthi bazimisele futhi babekezele ekufundeni
kwabo. Ukuze baphumelele.

Imifanekisomqondo
Imifanekiso mqondo yilawo magama asetshenziswa imbongi ukwakha isithombe
emqondweni wofunda inkondlo. Kungashiwo futhi ukuthi izithombe magama. Sikhuluma
ngezinzwa (inzwa yokubonakalayo, inzwa yokuzwakalayo/yokulalelekayo, inzwa
yokuhogelekayo, inzwa yokunambithekayo nenzwa yokuthinta), izimo zokukhuluma
(izifengqo, izaga nezisho) namagama acebile.

Izinzwa
Umfanekisomqondo wokubonakalayo ngamaviyoviyo - Imbongi ithi abafundi
abaphuma ezindaweni ezahlukahlukene abenza izifundo ezahlukene.(Sekela nangempi)

Kudedangendlale wenkundla – Umfanekisomqondo wokubonakalayo. Imbongi


igqamisa ubukhulu balesi khungo semfundo nokuthi sikwazi ukuthatha isibalo esikhulu
sabafundi. (Sekela nangempi)

Namanxebakazi – Umfanekisomqondo wokubonakalayo. Imbongi igqamisa


ukukhandleka kwemizimba nezinhliziyo zabafundi ngenxa yezinkinga abanazo. (Sekela
nangempi)

Nemikhontshwana – Umfanekisomqondo wokubonakalayo. Imbongi igqamisa ulwazi


oluncane abafundi abafika benalo ngenkathi bezoqala ukufunda kulesi khungo. (Sekela
nangempi)

Lopha – Umfanekisomqondo wokubonakalayo. Imbongi igqamisa ubuhlungu


obuzwiwa abafundi ngabodwana/omunye umuntu ongakwazi ukububona ngenxa yokuthi
bayaziqinisa. (Sekela nangempi)

Isihlangwana - Umfanekisomqondo wokubonakalayo. Imbongi igqamisa ukuthi


nakuba isafunda/isekhona kulesi sikhungo yingenxa yokuphumelela ngengciciyela kwayo
ezifundweni. (Sekela nangempi)

Seyigwaza bukhona – Umfanekisomqondo wokubonakalayo (isisho) Imbongi


igcizelela isikhathi esinzima lapho isuke isibhala izivivinyo ezilukhuni/ezinzima.

Amavak’amb’ambulula – Umfanekisomqondo wokubonakalayo. Imbongi igcizelela


ukuthi labo abanga mavila / abahlulwa ukubekezela bayeka phansi ukufunda. (Sekela
nangempi)

Ukugadla – Umfanekisomqondo wokubonakalayo. Imbongi igcizelela ukuzisola kwabo


42

ngokungafundi ngokuzikhandla. (Sekela nangempi)

Izikhali zikusinda – Umfanekisomqondo wokubonakalayo/ wokuthintekayo. Imbongi


igcizelela ukunxusa kwayo kubafundi ukuba babekezele bafunde noma
sebehlangabezana nobunzima. (Sekela nangempi)

Yimiyocu – Umfanekisomqondo wokubonakalayo. Imbongi igcizela ukuthi bengakunaki


ubunzima abahlangabezane nabo ekufundeni, baqhubeke bafunde. (Sekela nangempi)

Imvumelwano
Emgqeni wesi – 9 kuya kowe – 10

Ngimi nowami umkhontshwana

Ngimi nesam’isihlangwana

Imbongi isebenzise imvumelwano sigcino ukuletha umgqumo osamculo omnandi


nokugcizelela ukuthi nakuba isafunda yingenxa yokuphumelela ezifundweni zayo
ngengciciyela.

Emgqeni we – 12 kuya kowe – 13

Amavak’amb’ambulula

Kunamuhla kubus’ukuzisola

Imbongi isebenzise imvumelwano sigcino ukuletha umgqumo osamculo omnandi


nokugcizelela ukuthi lapho abahluleka ukubekezela bayeka ukufunda sebeyazisola.

Emgqeni we – 19 kuya kowama – 20

Yilw’imini nobusuku

Nom’izikhali zikusinda

Imbongi isebenzise imvumelwano maphakathi ukuletha umgqumo osamculo omnandi


nokugcizelela ukunxusa kwayo ukuthi babekezele bafunde zikhathi zonke noma
behlangabezana nezinkinga.
Ukuxhumana
Emgqeni wesi – 3 kuya kowesi – 5

Amaviyo nezingeqiwa ntwala

Amaviyo namanxebakazi

Amaviyo nemikhontshwana

Imbongi isebenzise ukuxhumana siqalo ukugqamisa ukuthi la bafundi bafika


bekhandlekile emzimbeni nasezinhliziyweni zabo ngenxa yezinkinga abanazo.

Emgqeni we – 14 kuya kowe – 15

Ngokwesab’ukugadla kule mpi


43

Ungebizelwe muntu kule mpi

Mfowethu yilwa le mpi

Imbongi isebenzise ukuxhumana sigcino ukugqamisa ukunxusa kwayo abafundi ukuthi


abazimisele bafunde ngokuzikhandla ngoba akekho ozobalandela ngemuva.

Emgqeni wama – 22 kuya kowama – 23

Khohlwa yimiyocu

Khohlw’udumo

Imbongi isebenzise ukuxhumana siqalo ukugcizelela ukuthi abafundi bengabe


besabunaka/besagxila ubunzima asebedlule kubo futhi bengenzi izinto ezingeke zibasize
ngalutho ngoba befuna ukujabulisa abanye. Ithi abafunde.
Ifanankamisa
Emgqeni we – 12

Amavak’amb’ambulula

Imbongi isebenzise ifanankamisa ukuletha umgqumo osamculo omnandi njengoba ithi


abafundi abehlulwa ukubekezela bashiya phansi ukufunda
Ifanangwaqa
Emgqeni we – 13

Kunamuhla kubus’ukuzisola

Imbongi isebenzise ifanangwaqa ukuletha umgqumo osamculo omnandi njengoba ithi


sebeyazisola/sebeyazigxeka ukuthi aba baphikelani nobuvila.

Emva kokufundisisa inkondlo esencwadini yakho uphendula imibuzo elandelayo:


UMBUZO
1. Chaza ukuthi ukuxhumana okutholakala ebinzeni loku-1 kusetshenziswe leni? (2)
2. Xoxa kafushane ngesigqi esitholakala ebinzeni lesibili. (2)
3. Chaza ukuthi Ukukhethwa kwegama elibhalwe ngokugqamile kukulekelele kanjani (2)
ukuqonda umyalezo wale nkondlo.
4. Qhathanisa umqondo oqukethwe umugqa wesi-5 kanye nomugqa wesi-9. (2)
5. Phawula ngokuqhathanisa okutholakala ebinzeni lokugcina kule nkondlo. (2)

IZIMPENDULO
1. Amaviyo nezingeqiwa ntwala,
Amaviyo namanxebakazi,
Amaviyo nemikhontshwana. ü
44

Ukuxhumana okusekuqaleni, imbongi ikusebenzise ukugqamisa ukuthi kunamabutho


ahlukene ahlangene kule ndawo /nkundla yempi. Noma kunabafundi abaningi
abahlangene kulesi sikhungo semfundo.. ü (2)

2. Isigqi sale libinza lsiyanensa ngenxa yomoya yokukhathazeka nemigqa yaleli binza
ivalekile. ü Imbongi iphatheke kabi/ikhathazekile ngegazi elophela ngaphakathi
iphinde incenge abantu ukuthi abangasabeli kude kodwa abayilwe le mpi. ü (2)

3. Ukukhethwa kwegama ‘amanyamfokwe’ kugqamisa umuntu oyivila elikhulu. ü


Lokhu kuwugqamise kahle umyalezo wokuthi le mpi ngeyabantu abakhuthele
abangawona amavila ngoba uma uyilo uzohluleka ukuyinqoba. ü (2)

4. Qhathanis Le migqa iqukethe umqondo ofanayo wokuthi kuphethwe izikhali


esizosetshenziswa ukubhakana nale mpi imbongi ekhuluma ngayo. ü Kepha
umugqa wes-5 ubhekise kubantu abaningi imbongi ebabiza ngamaviyo kanti umugqa
wesi-9 wona ukhuluma ngembongi uqobo lwayo okuyiyo ephethe lo mkhonto. ü (2)
5. Imbongi isebenzise kahle isifenqo sokuqhathanisa esitholakala emugqeni we-19:
Yilw’ imini nobusuku, ü
Lesi sifenqo sigqugquzela ukukhuthala kubantu abafuna ukubhekana nempi /
nokufunda ukuba kumele bazi ukuthi asikho isikhathi sokuphumula abahlale
belungele noma yini eqhamukayo. ü (2)
45

Impi 06
Umbuzo Omude [10]
UShongwe enkondlweni yakhe uthi imfundo yakwangqondonkulu.
Ibalulekile.
Hlaziya ngokuhlolisisa lesi sitatimende ubhekise ekukhethweni
kwamagama kanye nothoni.
Impendulo yakho ayibe amagama ayi-190 kuya kwangama-240.

Kuyiqiniso ukuthi mfundo yakwangqondonkulu ibalulekile. Imbongi ithi abafundi


bayafika isikhungweni semfundo ephakeme, baphumelele abanye behluleke.
Imbongi ebinzeni lokuqala iveza ukuthi kanabafundi abaningi abaqhamuka ezindaweni
ezahlukene beze kwangqondonkulu ukuzofuna Imfundo njengoba ithi ;
Amaviyoviyo…kudedangendlala’. Lesi sikhungo semfundo sikwazi ukuthatha isibalo
esikhulu sabafundi. Iningi labafundi bafika nezinkinga eziningi. Abafundi babhekana
nezinkinga eziningi ngabojwana, bayaziqinisa kodwa baqhubeke nezifundo zabo njengoba
ithi ‘…amanxebakazi…nemikhontshwana’..
UShongwe njengembongi uthi Imfundo idinga isibindi nokubekezela ngoba uma uyivila/
igwala awulungi ukubhekana nezinselelo zemfundo njengoba ethi ‘ Akuyon’
eyamanyamfokwe’. Imfundo idinga abantu ababekezelayo ngoba bakhona abahlulekayo
ngenxa yokuhluleka ukubekezela. Emfundweni kuyangokuqina ngoba kukhona izikhathi
ezinzima lapho abaningi bengaphumeleli khona bebaleke bayeke phansi indaba yemfundo
kodwa yona isaphumelela ngaleyo gcacamezela njengoba ithi .
Abafundi abangakwazanga ukubekezela bayakubalekela ukufunda kodwa ekugcineni
bayazisola ngokubalekele isikole nokusa ukufunda ngokuzikhandla Kwanqondonkulu
akekho umuntu okulandela ngemuva ozokuphoqa ukuthi ufunde. Uzibonela wena isidingo
sokubaluleka kokufunda njnegoba ithi ‘ Amavak’ amb; ambulula….
Imbongi incenga abafundi ukuba bazimisele ngokufunda, bafunde kusakhanya yingakho
ithi’Yilwa imini nobusuku’. Imbongi ikhuthaza ukuthi abafunde ngesikhathi zonke
bengalali noma kanzima bengakunaki kodwa baqhubekele phambili nezifundo zabo.
Imbongi iphinde ibaqhuqhuzele ukuthi bagxile ezifundweni ngoba nayo yafunda
yaphumelela yingakho ithi’ Nam’ ngayilwa nganqoba’.
Imfundo ibalulekile idinga ukubekezela okukhulu, ayimdingi umuntu oyisahluleke empilweni
ngoba ngeke akwazi ukubhekana nezinselelo zakwangqondonkulu. Ingakho imbongi
iinxusa abafundi ukuthi bafunde noma kunzima kangakanani ngoba nayo kwazile ukufunda
yaphumelela ngenxa yokubekezela kwayo.
46

UKUKHETHWA KWAMAGAMA 7. WE SINXIMFI NDINI

Qhumuk ‘uhleke- imbongi isebenzise igama ‘Qhumuk’ uhleke’ ukugqamisa ukuthi


abantu abanomona bahleka sakubhuqa uma bebona abantu abaphumelelayo.
Ukuqhumuka ukuhleka kakhulu. Imbongi ibonakala ibhuqa sakukhuthaza lo ohlekayo
ukuthi ahleke kakhulu, angazibambi. Uma uqhumuka usuke uhleka kungalindelwe,
uphubuka.
‘Sinximfi ndini’ - Lapha imbongi igqamisa ukuthi abantu abanomona bahlala
benganeliseki ngakho konke okwenzeka kubantu abaphumelelayo, bayakhononda
benximfe ukukhombisa ukubabukela phansi.Imbongi ikhuluma naso ngqo isinximfi.
Uyisigqila somona- Isigqila umuntu osebenza komunye umuntu ngaphandle
kwenkokhelo. Imbongi ibona lo muntu ethwele kanzima.Umona umenzisa izinto
ezingalungile ufukuziswa umona.
Klibhi klolo- lokhu kushiwo uma ubabaza ukhombisa ukucasuka nokubhinqa. Imbongi
igqamisa umona , bayakloloda. Imbongi iyabagxeka ukuthi bayakloloda njalo uma bebona
umuntu ophumelelayo.
Sichwensi- Imbongi isibiza lo muntu ngesichwensi.Isichwensi umuntu owenza izinto
noma yikanjani angacabangeli imizwa yabanye abantu; isideleli noma isigcwaneki.
Ayisengangamlomo- Lesi isaga esisho ukukhulumela futhi.umlomo nje kuphela ayikho
indaba.Akunjengokukhuluma kwakhe.
Bakubonile abanamehlo- Lesi saga sichaza ukuthi ngoba wenza mina kanje boze
bakuthole abakwazi ukwenza njengawe.(Kwashiwo uGcugcwa esefa elaliswe esangweni
kuphuma izinkomo zimgxoba ngoba kwakuyisijeziso sokweba izinkomo,Wayezikhokhela
ngazo izinkomo ngoba iLembe alisigcinanga isethembiso sokubakhokhela sebenze
izikhali.Wathi:’ ubulala mina kanje? nawe bayokubona abanamehlo’ )
Lokhu okubi akwenze kubantu, kukhona asebekwenzile nakuye.Sebeze bamthola naye.
Nximfa unximfile: Ukunximfa ukwenza umsindo okhombisa ukucasuka.Imbongi ithi
akenze akujwayele ukunximfa. Imbongi isawugqamisa umona kubantu uma ethi
bayanximfa uma umuntu ephumelela bekhombise ukungamjabuleli ‘Nximfa unximfile’.
Ebese esho ukuthi bangamavila benjalo nje abanalutho bona abazenzela lona.
Uyozuf’ usongizandla- Akukho akwenzayo okumusa empumelelweni. Uyoze afe
engezanga lutho.
Uyozuf’ ungahlabananga- Uyoze afe engaphumelelanga. Uyoze afe engenalutho,
engazuzanga lutho.
Ngifel’ umona- Akamjabuleli ngempumelelo yakhe.
Sifamona - imbongi ikhethe igama ‘Sifamona ‘ eligqamisa ukuthi umona abanawo uba
mkhulu kakhulu ngalabo abazisebenzelayo. Umuntu njengoba enomona uyinto ephila
ngokucela ukudla kubangani nasezihlotsheni ngoba uswele kwabanye.‘ophila
ngokwethekela’
Cekeful’uzidelise- imbongi ikhethe ukusebenzisa amagama ‘Cekeful’ uzidelise’ lapha
igqamisa ukuthi lomuntu onomona uthanda ukukhuluma kabi (ukuhleba) ngabanye abantu
abaphumelelayo. Yena akaziboni ukwehluleka kwakhe.
Ubon olwami ugongolo- Imbongi igqamisa lokhu ngokukhetha amagama athi ‘olwami
ugogolo’ ubona ububi kwabanye yena akaziboni.
Gubhela kwesakho -Imbongi ikhethe amagama athi ‘Gubhela kwesakho’ ukugqamisa
ukuthi umuntu onomona ufuna ukuthi konke kube ngokwakhe abanye bangabi nalutho.
Konke ufuna kuze kuyena yedwa.
Liphixiphixi -Imbongi ikhethe igama ‘Liphixiphixi’ ukugqamisa ukuthi umuntu onomona
uyishaya emuva ayishaye phambili. Uze enze sengathi uyabathanda abaphumelelayo
kanti uyabakhohlisa. Uyabakhohlisa nabo baze bamethembe.
Ngibamb’ emehlweni- Usho ukuthi ngikhohlise , kulungile.
Lala lulaza - isaga esisho umuntu othanda ukwenza abanye abantu izilima ngokuthatha
izinto zabo ngoba ethi balibele.
47

Bayokwengul’ abakwengulayo- bayoze bamthole.


Sikhohlisani- Imbongi igqamisa ukuba namanga komuntu ohlale egxeka
Uthi kulele kunye- ucabanga ukuthi imbongi iyisilima. Kanti ihlakaniphile ‘kulele ngakubili’
Ngiluthe ungithonye- Imbongi igqamisa ukuthi umuntu ogxekayo uyakwazi ukukhohlisa
abantu bakholwe yilokho akushoyo.
Abant’ abayi nganxanye- lesi saga sisho ukuthi akusibo bonke abantu abakujabulelayo
akwenzayo.
Ugomolophonjwana- Ukugomonqa/ ukuphenduphenduka emoyeni. Imbongi igqamisa
ukuphendukelwa yilo muntu onomona,
Liphixiphixi- umuntu ongumxabanisi. Imbongi igqamisa umqondo wokuthi umuntu
onomona uphinde abe ngumxabanisi.
Bangiwezil’abangifeli mona- kukhona abagcine beyisizile imbongi yaphumelela.

AMASU OKUHLUZWA KWEZINKONDLO

Umqondo wenkondlo
Umqondo yilokho inkondlo ekushoyo noma okushiwo imbongi enkondlweni. Kule nkondlo
imbongi ikhuluma ngabantu abanomona, abafuni ukubona abanye abantu bephumelela.
Bagxeka yonke into. Ithi lolu hlobo lwabantu aluvamisile ukuphumelela ngoba
alukhuthalele ukwenza kepha luhlale lusonge izandla. Lolu hlobo lwabantu luze lufe
lungenalutho ngoba esikhundleni sokuthi lwenze noma luzame lona lulibala ukunaka
abanye abantu. Lubagxeke kepha lona lube lungenzi lutho.
Umoya
Umoya wenkondlo umuzwa noma isimo imbongi esuke ikuso uma iibhala/ ihaya inkondlo.
Le nkondlo iqukethe umoya wokugxeka. Imbongi igxeka izenzo zalaba bantu abanomona
ngoba babukela phansi imisebenzi yabanye abantu. Iyabanxusa laba bantu abangafuni
ukubona abanye bephumelela ukuba nabo abaphenduke benze okuhle bengalokhu
bebheke okubi kodwa.
Indikimba
Indikimba ummongo/ ingqikithi yenkondlo. Yilokho inkondlo emayelana nakho ngegama
elilodwa noma ibinzana lamagama. Indikimba yale nkondlo umona.
Umyalezo
Kubalulekile ukuthi uma ungumuntu ungabi nomona uma ubona omunye umuntu
ephumelela empilweni noma enezinto ongenazo wena. Kuhle ukubongela omunye umuntu
uma izinto zimhambela kahhe ungamfeli umona, umjabulele.
Isigqi
Isigqi siyanensa ngenxa yomoya wokugxeka. Nakuba i-enjambamenti iningi futhi
kunonkamisa abaningi abeqiwe kule nkondlo lokho akusenzi isigqi senkondlo sisheshe.
Namagama amafishane awasenzi isigqi sisheshe ngenxa yomoya wokugxeka.
Ithoni
Ithoni yokucasuka – imbongi igxeka izenzo zomuntu onomona ovele anximfe ngaso sonke
isikhathi uma ebona izinto zihambela kahle abanye abantu.
Imifanekiso mqondo.
Imifanekiso mqondo yilawo magama asetshenziswa imbongi ukwakha imifanekiso
emqondweni wofunda inkondlo. Kungashiwo futhi ukuthi izithombe magama. Sikhuluma
ngezinzwa (inzwa ebonakalayo, inzwa ezwakalayo/ elalelayo, inzwa ehogelayo, inzwa
48

yokunambitha nenzwa yokuthinta), izimo zokukhuluma ( Izifengqo, izaga nezisho) Kanye


namagama acebile.
Izinzwa
Ukucekefula - inzwa yokuzwakalayo. Imbongi iyisebenzisele ukugqamisa ukukhulumela
safuthi komuntu onomona ngenxa yokubona abanye abantu bephumelela.
Izisho

Ukubamba emehlweni umugqa wama-25

Ukukhohlisa – Lesi sisho sisho ukulkhohlisa umuntu ngoba nakhu ufuna izinto zihambele
wena kahle, Ngalesi sisho imbongi igqamisa umqondo wokuthi umuntu onomona uvele
akukhohlise kube sengathi uyakucoma athi angabheka eceleni bese eyamximfa.

Ukuhlabana; umugqa wama 40

Ukunqoba empini. Imbongi ithi nayo isize yaphumelela kade beyifela ymona isize
yakhohlwa.
Izaga

Emgqeni wama -27 kuya kowama-38

Lala lulaza bayokwengula.

Sisho ukuthi uma ulibele bazofika abahlakaniphile bakuhlaniphele. Imbongi igqamisa


umqondo wokuthi lo muntu akaqhubeke nje amhlakaniphele ngoba vele unomona ngaye
kodwa bakhona abazoqhamuka bamzwele.

Emgqeni wama- 37 kuya kowama-38

Kulele kunye ukube kubili ngabe kuyavusana. Lesi saga sishiwo lapho khona umuntu
ebekeka enza izinto eziwubuwula. Imbongi iveza ukuthi lo obethi kulele kunye usithwe
yisithupha ngoba sekulele kubili okusho ukuthi izinto azenzayo seziqala ukukhombisa
ubuhlakani.

Emgqeni wama- 36 kuya kowama -37. Abantu abayi nganxanye bengemanzi. Imbongi
igqamisa umqondo wokuthi bakhona abantu abangeke babe nomona ngezinto ezenzayo,
abangeke bafane nalesi sinximfi.
Enjambamenti
Umqondo uqala emgqeni woku-1 uphelela emgqeni nowesi -2.
Imbongi isebenzise umqondlo wokuklodela lo muntu onomona wokuthi akaqhubeke ahleke
njengoba ejwalele ukunximfa.
Umqondo uqala emgqeni wesi- 15 uphelela emgqeni we – 16.
Imbongi igqamisa umqondo wokuthi lo muntu onomona akanalutho enjalo nje uphila
ngokucela kubantu. Abanye abantu baphila ngamandla abo kodwa yena uhlala
ngokucela/ngokunana.
Imvumelwano
Umugqa wesi-3 kuya kowe -4 Imbongi isebenzise imvumelwano-siqalo ukuletha
umgqumo osamculo ukugcizelela ukuthi ikhuluma ngomuntu onomona.
49

Imvumelwano siqalo

Uyisigqila somona
Umon’ongumthakathi
Umugqa we-11 kuya kowe-12 Imbongi isebenzise imvumelwano maphakathi ukuletha
umgqumo osamculo ukugcizelela ukuthi ikhuluma ngomuntu onomona ohlezi, engenzi
lutho.Lo muntu uyoze afe engazuzanga lutho.

Imvumelwano maphakathi
Uyozuf’ usongizandla
Uyozuf’ ungahlabananga
Ukuxhumana

Emugqeni we- 3 nowesi – 4 Ukuxhumana okutshekile.

Uyisigqila somona,
Umon’ ongumthakathi.

Imbongi igqamisa ukuthi umuntu onomona uphenduka isigqila sawo ufana nse nomuntu
othakathayo.

Emgqeni we-11 nowe-12 ukuxhumana okusekuqaleni

Uyozuf’ usongizandla’

Uyozuf’ ungahlabananga.

Imbongi igqamisa ukuthi umuntu onomona uze afe engenalutho ngenxa yomona.

Emgqeni we-13 kuya kowe-14

Ukuxhumana okusekugcineni

Ngifel’ umona

We Sifamona

Imbongi igqamisa ukuthi umuntu onomona uhlale enomona njalo uze abizwe ngesifamona
ngenxa yobunjalo bakhe,

Emgqeni wama-31 kuya kowama-32 ukuxhumana okumaphakathi.

Uthi kulele ngakunye


Kanti kulele ngakubili,
Imbongi igqamisa ukuthi umuntu onomona ucabanga ukuthi ulibele/ akaboni ukuthi isize
yabona ukuthi bamfela umona.
50

1. Gagula bese utomula imvumelwano etholakala ebinzeni loku-1. (2)


2. Xoxa kafushane ngomqondo otholakala ebinzeni lesi-2. (2)
3. Yini inhloso yembongi yokusebenzisa yokuxhumana okusemigqeni wesi-3 nowesi-4. (2)
4. Chaza umoya otholakala ebinzeni lesi-5. (2)
5. Hlolisisa ithoni etholakala ebinzeni lokugcina kule nkondlo. (2)
IZIMPENDULO
1. Imvumelwano siqalo
Uyisigqila somona. ü
Umona ongumthakathi. ü (2)
2. Leli binza likhuluma ngomuntu onomona osekuphele amazwi njengoba kukhona
abakwazi ukudelela ngaphezu kwakhe. Imbongi ithi umona wakhe ukhombisa ukuthi
yena lo muntu akanalutho wande ngomlomo kuphela. üü (2)

3. Imbongi isebenzise ukuxhumana okutshekile


Uyisigqila somona,
Umon’ ongumthakathi. ü
Ingenhloso yokugqamisa ukuthi lo umuntu ohlale enza izinto ezimbi unenhliziyo (2)
embi .ü
4. Imbongi igqamisa umoya wokudumala/ wokukhathazeka. Imbongi idunyazwa/
ikhathazwa ukuthi lo muntu ubona izinto zabanye ezingahambi kahle kanti naye
unezinkinga zakhe ezimbhekile , ezicishe zifane nezabo. üü
(2)
5. Ithoni yokujabula/yokubhuqa. Kunobuqiniso bokuthi kuyenzeka umuntu obekuhleka/
ekubhuqa akufake ugqozi lokuthi usebenze kanzima ugcine uphumelele. ü Imbongi
ithi konke okubi okwenziwa yilo muntu kwenze yasizwa ngabanye abantu
yaphumelela. ü (2)
51

We Sinximfi Ndini!
Umbuzo Omude [10]
Imbongi ithi mubi umuntu onomoba kwabanye abantu.
Hlaziya lesitatimende ngokuthi ubheke ekukhethweni kwamagama
nethoni.
Impendulo yakho ayibe amagama ayi-190 kuya kwangama-240.
Isingeniso
Kuyiqiniso ukuthi akukuhle ukubona umuntu enomona komunye umuntu. Imbongi kule
nkondlo iveza ukungathokozi ukubona lo muntu enezenzo ezingezinhle komunye umuntu
ize imgxeke.
Imbongi ithi ‘nximfa sinfi ndini’ ikhathazwa ukubona lo muntu onomona ohlala ebona
okuhle okwenziwa noma okuzuzwe omunye umuntu bese yena eba nomona. Imbongi
iphinde imbongi iklolodela lo muntu onomona ukuthi kuyaye kuthi uma eseboniwe izenzo
zakhe ngabantu, lo muntu onomona akabe esakwazi ngisho nokukhuluma uba namahloni
yingakho ithi’ Ayisengangamlomo, bakubonile abanamehlo’.
Imbongi ithi lo muntu oyisifamona akasebenzi uphila ngokucela okusho ukuthi uphila
ngamandla abanye abantu. Imbongi isho nokuthi uthi uma ebona izinto zabanye abantu
ezinhle bese ekhuluma kabi ngabo uze akhohlwe nokuthi naye unakho okubi ngaye
yingakho imbongi ithi’ …ophila ngokwethekela…abanye bephila ngezithukuthuku’.
Imbongi ithi lo muntu ungugombela kwesakhe, konke kumele kube ngokwakhe akafuni
abanye bazuze. Ubona ukuthi abanye abantu abahlakaniphile kanti akaziboni yena ukuthi
uyisigqilq somona yingakho ithi ‘Kuhlafun’owakh’umhlathi’. Imbongi ize ithi umona
wakhe wenza ukuthi abe umkhohlisi futhi unethonya lokuthi angasheshi abonakale
yingakho ithi ‘We sikhohlisani’ noma kunjalo imbongi ithi bakhona ababubonayo ububi
bakhe bengabe besavumelana naye.
Imbongi icasukile futhi igxeka izenzo zabantu abanomona abahlale benximfa uma bebona
izinto zimhambela kahle omunye umuntu yingakho ithi ‘ Ngiluth’ ungithony,…ngenzel’
ugomolophonjwana…’.noma anagqhubeka nezenzo ezimbi uyehluleka ukuphumelela
kugcine yena.
Kuyiqiniso ukuthi umuntu onomona kwabanye abantu ugcina ngokungaphumeleli. Lokhu
kufakazelwa okushiwo imbongi kule nkondlo njengoba igxeka lo muntu onomona kodwa
ekugcineni akaphumeleli ezenzweni zakhe ezimbi kuphumelela imbongi.
52

8. IDWALA LIKASHAKA
UKUKHETHWA KWAMAGAMA
Ukukhethwa kwamagama kuchaza ubuhlakani bembongi ekusebenziseni amagama athile
anobuchule azogqamisa futhi alekele lokho efuna ukukuveza ngenkondlo yayo. Kule
nkondlo imbongi ikhuluma ngedwala likaShaka ayehlala kulo na ebheke ngalapho
kuzoqhamuka khona abelungu, nangempela baqhamukela kuyena olwandle
lwaseSibubulungu( eThekwini)
Idwala - Leli gama lisho itshe elikhulu elingagudluzeki futhi elingahlukaniseki kalula..
Imbongi ithi iNkosi uShaka wayehlala kuleli tshe.
Elahlula - Leli gama lisho ukungaphumelelei ukwenza into. Imbongi ithi abelungu bahluleka
ukuligaya/ukulibulala.
Elengamele- Ukwengamela kusho ukubheka/ukubhekwa kwento. Imbongi ithi ekupheleni
kolwanlde kukhona leli tshe elikhulu.
Kuhle kwenkosi- isifaniso- imbongi ifanisa inkosi ibhekene nezimpi zezinye izizwe.
Imikosi- Leli gama lisho imibungazo ebea khona. Imbongi iifanisa leli dwala nezimpi
ezahlekene ezaziliwa uShaka.
Elabikezela- Leli gama lisho ukumemezela into ethile ezokwenzeka. Imbongi ithi iNkosi
uShaka yayimi kuleli dwala ngenkathi imemezela ukuthi abalungu bayoqhamuka kule
ndawo.
Lungu –isenzukuthi. Leli gama lisho ukuvele kuvele into esikhaleni ingalindelwe muntu.
Imbongi ithi okwakumenyezelwe yinkosi uShaka kwafezeka ngokuthi baqhamuke abelungu
baengalindelwe.
Elalibuka- Leli gama lisho ukubakhona abantu uma benza into ethile. Imbongi ithi iNkosi
uShaka wayema kulo leli dwala abheke amabutho akhe elungiselela/ eziqeqeshela impi
engaqhamuka.
Ukwenza ifutho- Leli gama ifutho lisho ukuba nomdlandla wokwenza okuthile. Imbongi ithi
iNkosi uShaka wayebuka umdlandla owawukhonjiswa amabautho khona olwandle.
Eligezw’amagagasi- la magama asho ukuthi amanzi olwandle ayebuye alimboze leli dwala
uma eza ngamandla emaningi. Imbongi ithi kwakwenzeka amanzi eze ngamandla afike ale
mboze leli tshe.
…adl’ aMaqaqasi- Amaqaqasi kwakungelinye lamabutho eNkosi uShaka. Lapha imbongi
ithi amagagasi afika athatha amukisa amabutho ayeseduze naleli dwala.
Ejutshwe- Leli gama lisho ukuthunywa ukwenza into ethile. Imbongi ithi kukhona amabutho
ayelapha osebeni lolwandle ayekade ethunywe iNkosi uShaka ashona.
Eliseyisisekelo- Leli gama lisho ukuqala kwezinto. Imbongi ithi abelungu bafika kuleli zwe
ngokuqhamuka emanzini/olwandle.
Liseyisisekelo- Leli gama lisho into okusaxoxwa ngayo. Imbongi ithi iNkosi uShaka
usahlonishwa ngoba kusaxoxwa ngayo nokubusa kwayo okwahlula abelungu bezama
ukuqeda umbuzo wakhe.
lwandle luamabutho
53

AMASU OKUHLUZWA KWEZINKONDLO

Umqondo wenkondlo
Umqondo yilokho inkondlo ekushoyo noma okushiwo imbongi enkondlweni. Kule nkondlo
imbongi ithi iNkosi uShaka wayehlala kule ndawo yaseSibubulungu osebenzi lolwandle
alinde ukubhekana nokufika kwabelungu namabutho akhe okwakungaMaqaqasi..

Umoya
Umoya wenkondlo umuzwa noma isimo imbongi esuke ikuso uma iqamba/ ihaya inkondlo.
Le nkondlo inomoya wokuncoma nowokukhathazeka. Imbongi incoma ubuhlakani beNkosi
uShaka ngokungabayekeli abelungu ukuthi bavele bazifikile ezweni ngaphandle kokudlula
kuyena. Iphinde ibe nnomoya wokubalisa njengoba imbongi ithi nakuba kwakuhle ukulinda
olwandle kepha kunamabutho emuka ethathwa ngamagagasi olwandle. Ekugcineni inkondlo
iphinde inomoya wokutusa ubuqhawe beNkosi uShaka okusakhulunywa ngakho.

Indikimba
Indikimba ummongo/ ingikithi yenkondlo. Yilokho inkondlo emayelana nakho ngegama
elilodwa noma ibinzana lamagama. Indikimba yale nkondlo ubuqhawe/umlando/ukudabuka
kwezinto njengoba iNkosi uShaka wakwazi ukuvikela isizwe sayo ihlale ilindele phakathi
nolwandle ukufika kwabelungu.

Umyalezo
Umyalezo yilokho imbongi efisa ukukudlulisa ngokuhaya/ngokubhala inkondlo. Kubalulekile
ukuzinikela uma wenza into njengoba iNkosi uShaka yazinikela , yaba yiNkosi ekwaziyo
ukubhekana nabelungu ukuze bangazenzile endaweni yayo.

Isigqi
Isigqi siyashesha ngenxa yomoya wokuncoma nakuba kukhonyana nowokubalisa. Imigqa
mifishane inamagma amabili , namabinza ayalingana eminingi inezimpawu zokuloba kodwa
lokho akusenzi isigqi sinense ngenxa yomoya wokuncoma.

Ithoni
Ithoni iveza ukujabula indlela iNkosi uShaka azinikela ngayo namabutho egade ukufika
kwabelungu okusaxoxwa ngakho nanamuhla.

Imifanekiso mqondo.
Imifanekiso mqondo yilawo magama asetshenziswa imbongi ukwakha imifanekiso
emqondweni walowo ofunda inkondlo. Kungashiwo futhi ukuthi izithombe magama.
Sikhuluma ngezinzwa (inzwa yokubonakalayo, inzwa yokuzwakalayo/ yokulalelekayo, inzwa
yokuhogelayo, inzwa yokunambithekayo nenzwa yokuthintekayo), izimo zokukhuluma
(izifengqo, izaga nezisho) namagama acebile.

Izinzwa
Ukuliqhephula - inzwa yokuthintekayo.
Imbongi iyisebenzisele ukugqamisa ukuthi akekho owakwazi ukuhlukanisa itshe /umbuso
elalihlala iNkosi uShaka.
Elengamele - Inzwa yokubonakalayo
Imbongi iyisebenzisele ukugqamisa ukuthi kukuleli dwala lapho amabutho ayehlala eduze
kwalo azungeze/agade iNkosi uShaka.
Elebikezela - Inzwa yokuzwakalayo
Imbongi iyisebenzisele ukugqamisa ukuthi iNkosi uShaka yayikule ndawo ngenkathi itshela
abantu bayo ukuthi kuzofika abelungu beqhamuka khona lapha olwandle.
Elalibuka - Inzwa yokubonakalayo
54

Imbongi iyisebenzisele ukugqamisa ukuthi iNkosi uShaka wayehlala kulo abuke amabutho
akhe uma ezilungiselela ngokuhlabelela ukubhekana nempi.
Elaligezwa - Inzwa yokubonakalayo/yokuthintekayo
Imbongi iyisebenzisele ukugqamisa ukuthi leli dwala laliphakathi nolwandlwe, amagagasi
aphakama athatha ibutho leNkosi uShaka.iNkosi uShaka.

Izifenqo
Umugqa wesi -7,isifaniso
‘Kuhle kwenkos’ imele…’
Imbongi ifanisa leli tshe nokuma kweNkosi uma ime phambi kwamabutho eya empini.
Umugqa wama-23…..isingathekiso
‘Liseyisizekelo’- Ingathekisa idwala nendaba exoxwayo ingapheli.
…lungu…isenzukuthi

Enjambamenti
Umugqa woku-1 kuya kowesi-2.
Umqondo uqala emgqeni woku-1 uphelela emgqeni wesi-2
Imbongi isebenzise le enjambamenti ukuveza ukuthi leli tshe likuyiphi indawo nolwandle.

Impindwa
Yidwala likaShaka
Le mpindwa iqukethe umqondo wokugcizelela umlando omkhulu wokufika kwabelungu
befikela eNkosini uShaka owayevikela isizwe samaZulu.

Imvumelwano
Umugqa wesi-2 kuya kowesi-3
EliseSibubulungu,
Elahlul’ abelungu
Imbongi isebenzise imvumelwano-siqalo ukuletha umgqumo osamculo ukugcizelela ukuthi
leli tshe likuyiphi indawo nokuthi abaphumelelanga abelungu ukulihlukanisa/ ukuliphihliza

Umugqa wesi-2 kuya kowesi-3


EliseSibubulungu,
Elahlul’ abelungu
Imbongi isebenzise imvumelwano-sigcino ukuletha umgqumo osamculo ukugcizelela ukuthi
leli tshe likuyiphi indawo nokuthi abaphumelelanga abelungu ukuliphihliza/ukulihlukanisa

Umugqa we-10 kuya kowe-11


Elabikezel’ umLungu,
Nempela wathi lungu
Imbongi isebenzise imvumelwano-sigcino ukuletha umgqumo osamculo ukugcizelela ukuthi
lokwakumenyezelwe yiNkosi uShaka ngokufika kwabelungu kwenzeka ngoba bavele
baqhamuka njengoba base belindiwe.

Umugqa we-14 kuya kowe-15


Elalibuk’ amabutho
Ezam’ ukwenz’ ufutho
Imbongi isebenzise imvumelwano-sigcino ukuletha umgqumo osamculo ukugcizelela
nokuthi iiNkosi uShaka wayehlala abukele amabutho ezilungiselela ukulwa/ukuvikela
umbuso wakhe.

Umugqa we-14 kuya kowe-15


Elalibuk’ amabutho
Ezam’ ukwenz’ ufutho
Imbongi isebenzise imvumelwano-siqalo ukuletha umgqumo osamculo ukugcizelela nokuthi
55

iiNkosi uShaka wayehlala abukele amabutho ezilolonga

Umugqa we-18 kuya kowe-19


Eligezw’ amagagasi,
Won’ adl’ aMaqaqasi
Imbongi isebenzise imvumelwano-sigcino ukuletha umgqumo osamculo ukugcizelela
nokuthi ukuzilungiselela kwamabutho phakathi nolwandlwe kwaba nobungozi bokuthi
amanye agwinye yilo ulwandle ngenza yokuthathwa ngamagagasi.

Umugqa wama-22 kuya kowama-23


Eliseyisisekelo.
Liseyisizekelo
Imbongi isebenzise imvumelwano-sigcino ukuletha umgqumo osamculo nokugcizelela
umlando wokufika kwabelungu nobuqhawe obakhonnjiswa yiNkosi uShaka ezinikele
ngokuvikela umbuso wayo kubelungu.

Emva kokufundisisa inkondlo esencwadini yakho uphendula imibuzo elandelayo:


UMBUZO 1
1 Tomula uphinde ugagule uhlobo lwemvumelwano etholakala ebinzeni lokuqala (2)
2 Chaza kafushane umqondo otholakala ebinzeni lesibili. (2)
3 Ngabe umfanekisomqondo oqukethwe umugqa we-14 ukulekelele kanjani ukuqonda (2)
okushiwo yileli binza?
4 Yini inhloso yembongi ukusebenzisa i-enjambamenti emgqeni wama-21 kowama-22? (2)
5 Phawula ngempumelelo yembongi ukusebenzisa isigqi sale nkondlo. ngokufa. (2)

IZIMPENDULO
1 EliseSibubulungu
Elahlul' abelungu ü
Imvumelwano siqalo ü (2)
2 Umqondo webinza lesi-2 ugqamisa ukuphakama kwedwala likaShaka. Elisho
ukuphakama kombuso weNkosi uShaka. ü Umugqa wesi-7 isebenzise
umfanekisomqondo wokubonakalayo ‘Elengamel’ ulwandle’ ‘Kuhle kwenkosi imele
imikhosi yempi’, imbongi ifanisa leli litshe likaShaka neNkosi esuke yengamele (2)
zonke izinhlobo zemikhosi yakwaZulu. ü
3 Imbongi isebenzise umfanekisomqondo obonakalayo oyisenzasamuntu ‘Elalibuk’
amabutho’ üukugqamisa ukuthi inkosi uShaka yayiqapha amabutho ihleli kulo leli
dwala ngenkathi ezilolonga olwandle. (2)
4 Imbongi isebenzise i-enjambamenti ukuqedela umqondo osuka emgqeni wama-21
kuya kowama-22 igqamisa ukuthi konke okuyisisekelo sobukhosi benkosi uShaka
eyayikwenza yayikwenza ihlezi kulo leli dwala, ngakho-ke. ü (2)

5 Imbongi iphumelele kahle ukwethula isigqi esisheshayo, ngoaba inkondlo inomoya


wokuncoma, yonke imigqa mifishane futhi ivulekile. üImbongi incoma ubuhlakani
benkosi uShaka ekusebenziseni leli dwala ukuqeqesha ababutho, ukulola imikhonto
nokugada izitha. ü (2)
56

UMBUZO 2
1 Nikeza umfanekisomqondo otholakala ebinzeni loku-1. (1)
2 Chaza kafushane ngokusetshenziswa kwe enjambamenti etholakala emgqeni we-11
nowe-12.
(3)
3 Ngabe ukusetshenziswa kwempindwa kunamthelela muni ekuqondeni kwakho
le nkondlo. (2)
4 Yini inhloso yembongi ukusebenzisa imvumelwano emgqeni we-14
nowe-15. (2)

5 Phawula ngokusetshenziswa kwesenzukuthi ebinzeni lesi-3. (2)

IZIMPENDULO
1 Umfanekisomqondo wokuthintekayo. ü (1)
2 Imbongi isebenzise i-enjambamenti ukuxhumanisa umqondo oqale emgqeni we-11
uphelele emgqeni we-12ü. Imbongi iveza ukuthi uShaka wayekulo lelidwala la atshela
khona abantu bakhe ukuthi kuzofika abelungu ünangempela baqhamuka khona
olwandle. ü (3)
3 Ukusetshenziswa kwempindwa ‘Yidwala likaShaka’ ü ukugcizelela ubuqhawe
bukaShaka nesibindi ayenaso sokuvikela umbuso wakhe ngokusebenzisa leli dwala
kanye nokuqonda umlando omkhulu wokufika kwabelungu. ü
(2)
4 Imbongi isebenzise imvumelwano siqalo u ‘e’, ngenhloso yokuletha umgqumo
omnandi osamculoü nokugcizelela ukuthi iNkosi uShaka wayehlala abuke amabutho
ezilolonga olwandle elindele ukuvikela isizwe sikaZulu. ü
(2)
5 Imbongi iphumelela kahle ukusebenzisa isenzukuthi ‘lungu’ üukugqamisa ukuthi
abelungu bavela baqhamuka kuleso sikhashana bengaziwa muntu ukuthi (2)
bazokwenzani. ü
57

Idwala LikaShaka
Umbuzo Omude [10]
Kuyenzeka imvelo iba nomlando esizweni esithile okwenza abantu
bakholelwe kuwo.
Hlaziya ngokuhlolisisa lesi sitatimende ubhekise ekukhethweni
kwamagama aqgamisa imifanekiso-mqondo nokushiwo imbongi.
Impendulo yakho ayibe amagama ayi-190 kuya kwangama-240.
Kuyiqiniso ukuthi isizwe nesizwe siyaye sixoxe ngemvelo enomlando kuso. Kungaba
uhlobo oluthile lwesihlahla, umfula, idwala nokunye okungaba umlando waleso sizwe.
Kule nkondlo ethi, Idwala LikaShaka kukhulunywa ngemvelo eyidwala enomlando
esizweni samaZulu.
Imbongi ithi leli dwala lalisendaweni yaseSibubulungu. Abamhlophe bafika kule ndawo
bazama ukulihlakaza leli dwala kodwa behluleka langaphihlizeka noma langasuka.
Imbongi ithi leli dwala ‘ ~Elengamel’ ulwandle’ ukuveza ukuthi liphakathi nolwandle
ekugcineni kwalo. Imbongi iphinde ifanise leli dwala nendlela iNkosi uShaka ayema
ngayo kuleli dwalo emele amabutho njengoba ithi ‘kuhle kwenkos’ imele imikhosi
yempi’.
Imbongi ithi iNkosi yayime kuleli dwala la ayetshela khona isizwe namabutho ache ukuthi
kuzoqhamuka abelungu kule ndawo yingakho imbongi ithi ‘ Elabikezela’ umlungu’
nempela baqhamuka kulo lolu lwandlwe bengalindelwe muntu njengoba imbongi ithi ‘
nempela wathi lungu’. Imbongi ithi sengathi leli dwala yilona ‘elalibuka amabutho
‘ayelindele ukufika kwabelungu nokuvikela umbuso ezilolonga. Leli dwala lalibuye
limbozwe amagagasi ‘ eligezwa amagagasi’ agcina emakhulu athatha amabutho ‘ won’
adl’ aMaqaqasi’ ayethunywe yiyona iNkosi uShaka ukuzogada nokuvikela isizwe ashona
kanjalo.
Imbongi igcina ngokuthi leli dwala kusakhulunywa ngalo ‘ Eliyiseyisisekelo’ ngoba
liwumlando wokuqala kwamandla obukhosi bakwaZulu. Imbongi iphinde ithi
‘Liseyisizekelo’ yilona elisinika umlando wenkosi uShaka nokufika kwabelungu kwaZulu.
Impela isizwe nesizwe siba nemvelo eba nomlando kuso. Kule nkondlo Idwala
LikaShaka kusakhulunywa ngalo namanje ngenxa yeNkosi uShaka eyakwazi ukuvikela
umbuso wamaZulu ngokuhlala kule ndawo yaseSibubulungu ilinde izinkonjane zezulu
ezagcina ngokufikela kuye.
58

9. UTHUNYWE NGUBANI?

UKUKHETHWA KWAMAGAMA
Ukukhethwa kwamagama kuchaza ubuhlakani bembongi ekusebenziseni amagama athile
anobuchule azogqamisa futhi alekele lokho efuna ukukuveza ngenkondlo yayo. Kule
nkondlo imbongi ikhuluma ngemisebenzi yokufa okufikela wonke umuntu kuyo yonke imizi.
Imbongi ize izibuze ukuthi phakathi kukaSathane noNkulunkulu ubani ovuma ukuthi abantu
bafe.
We kufa –(umbizi) Imbongi ikhuluma nako ngqo ukufa loku ekubizayo
Ungihlebele – igama elinembayo elichaza ukuthi utshela umuntu into ethile ongafisi ukuthi
omunye ayizwe.Imbongi njengoba ibuza ayifisi ukuthi impendulo ezoyithola yayizwe abanye
abantu.
Uthunywe ngubani?(umbuzombumbulu) Imbongi iyazibuza umbuzo ongenampendulo.
Imbongi ibuza khona ukufa ngqo ukuthi ngubani kanti lona okuthumile ukuba
kuzosihlukumeza kusibangele nosizi.
Uzosibangel’ usizi- igama elinembayo. Okusho ukwenza into kumuntu ezomenza
angaphatheki kahle. Imbongi iveza ukuthi ukufa uma sekufikile abantu abaphatheki kahle.
Okuph’amandlakazi- igama elinembayo. Lichaza ukuba namandla amakhulu njengoba
imbongi ibuza ukufa ukuth la mandla angaka okunqoba kuwathathaphi ukufa.
Angangawamabutho akwaMandlakazi.- (Isifaniso) Ufanisa amandla. Ukufa uma kufika
kuqeda amandla. Uphelelwa indlela yokwenza awunawo amandla okukuphikisa uma
sekufikile,
Uphoqoze – isenzasamuntu esishosho ukuphula noma ukuqhephula into ethile. Imbongi
igqamisa ukuthi ukufa yiko okubulalayo noma okuthatha imiphefumulo yabantu.
Izithomb’ ezingamaklume – igama elinembayo elichaza umbila osemncane osemusha
osengamachefe. Imbongi ithi loku kufa ekhuluma ngakho kuthatha ngisho izingane
ezincane.
Omthathe, omsimbithi nomthombothi – isingathekiso Izinhlobo ezithile zezihlahla.
Lapha imbongi ithi ukufa akukhethi kuthatha abantu abasemazingeni ahlukahlukene ,
okungabantu abasakhula, asebekhulile nabadala.
Umsimbithi-Isihlahla esingaphuki kalula olwenza izinduku .
Umthombothi-Isihlahla esiqinile esisetshenziselwa ukubaza.
AbakwaMthombothi,abakwaMsimbithi kanye nabakwaMthathe – (isenzasamuntu)
Imbongi ithi uthi nabo bangafakaza ukuthi ukufa sekuke kwafika nakubona.
AbakwaMthombothi bangavuma-Kuthatha noma umuntu esingacabanga ukuthi
akanankinga empilweni, kodwa ukufa kufike kumthathe.
AbakwaMsimbithi bangavuma-NabakwaMthathe bavume-Kusho ukuthi wonke umuntu
akekho okwazi ukunqaba ukufa.
Usuke wabenzakalisa-Akekho umuntu ongeke afakaze ngesimo esisike sabavelela.
Wonke umuntu kuba nento ayishoyo ngokufa ukuthi sonke sike sadlula kulesi simo.
Bayafakaza ngokufa ukuthi nabo kwake kwafika kubona.
Uthunywe ngoMkhulukhulu? – (umbuzombumbulu) Ubuza umbuzo ongenampendulo
njengoba ebuza ukuthi ukufa kungabe kuthunywe uSathane noma uNkulunkulu yini?
59

AMASU ANHLOBONHLOBO OKUHLUZA


Umqondo
Umqondo yiloko okushiwo / okwethulwa yimbongi enkondlweni.
Kungaba umqondo osobala noma kube umqondo ocashile. Le nkondlo inomqondo osobala
lapho imbongi ikhuluma ngqo nokufa efisa ukuba kumnyenyezele ngokuthi njengoba kukhona
kuthunywe ngubani.
Imbongi iphinde iveze ukuthi ukufa uma sekufikile kwenza abantu baphatheke kabi Imbongi
ikhuluma ngabantu abashonelwayo ezigabeni ezahlukene. Ikhuluma ngesimo esifikayo singabi
sihle lapho kushone khona abantu abehlukahlukene, yingakho ifuna ukwazi ukuthi lesi simo
sidalwa ubani. Ubani lona odala isimo esaziwa yibona bonke abantu. Ubani odala lesi simo
esingabi sihle emakhaya sokwedlula kwabantu abehlukahlukene ngokwezigaba zabo. Imbongi
iyabuza ukuthi ngabe imvume kaSathane noma uNkulunkulu na njengoba bonke abantu
sebedlule kusona.
Indikimba
Indikimba yale nkondlo ukufa. Imbongi ithi ukufa kufika kubulale abantwana abancane,
abasakhula nabadala.. Ibuka ukufa kuphiwe amandla amakhulu okunqoba emhlabeni.
Umoya
Umoya wokukhathazeka. Imbongi ibheka izinto ezenziwa ukufa okuthi uma kufikile kuthathe
izingane, kuthathe abantu ngokwezigaba zabo. Imbongi ikhathazwa nawukuthi akukho futhi
ukufa lapho kungafikanga khona sekufike yonke indawo, sekuthathe abantu abehlukene
yingakho bevuma kufike yonke indawo. Kuyayikhathaza ukuthi ukufa akukhethi. Ubani lona
owathi akufike. Yingakho igcina ngokuzibuza ukuthi kungabe uSathane noma uNkulunkulu na?
Isigqi
Isigqi sale nkondlo esinensayo ngenxa yomoya yokukhathazeka. Imbongi ikhathazwa ukufa
okunamandla amakhulu njengoba kuthatha lonke uhlobo lwabantu. Imigqa eminingi ivalekile
nezimpawu zombuzo nakuba kunokweqiwa konkamisa kweminye imigqa ngenxa yomoya
wokukhathazeka isigqi siyanensa.
Ithoni
Ithoni evela kule nkondlo ithoni yokudideka njengoba imbongi ididwa ukuthi ayazi ukuthi ukufa
kuthunywe ubani? Iphinde ididwe nawukuthi akukhethi uma sekufikile kuthatha omncane
nomdala. Imbongi ifisa ukwazi ukuthi lesi simo singanqotshwa kanjani sidalwa yini.
Umyalezo
Kumele sihlale silindile ngaso sonke isikhathi ngoba ukufa kukhona futhi kufika kunoma ubani,
akekho ongeke adlule emhlabeni noma ongeke aphunyule.
Imvumelwano

Imvumelwanosiqalo
Uthunywa ngubani wena?
Ukuba’uzosibangel’ usizI?
Imbongi isebenzise imvumelwano siqalo “U” ukuletha umgqumo osamculo omnandi
nokugcizelela umbuzo-mbumbulu obuzwa imbongi ukuthi ngabe lokhu kufa ubani owathi akuze
kuzosihlukumeza, abantu baphatheke kabi bangahlali kahle.
Imvumelwanosigcino
Ukuba uzosibangel’usizi
Nguban’ okuph’ amndlakazi
Iletha umgqumo osamculo omnandi ngenhloso yokugcizelela ukuthi njengoba ukufa kusiphatha
60

kabi kangaka ngabe kuwathathaphi amandla angaka okunqoba.


Kungabe uyisithunywa sikaSathane
Noma uthunywe ngoMkhulukhulu
Imvumelwanomaphakathi
Iletha umgqumo osamculo omnandi ngenhloso yokugciselela ukuthi ikhuluma nako ukufa ibuza
ukuthi ngabe ithunywe uSathane noma uNkulunkulu.
Ukuxhumana
Nguban’ okuph’amandlakazi
Angangawamabuth’ akwaMandlakazi
Ukuxhumana okusekugcineni
Ukugqamisa umqondo wamandla amakhulu ukufa okunawo.
AbakwaMsimbithi bangavuma
NabakwaMthathe bavume
Ukuxhumana okusekugcineni. Imbongi igqamisa ukuthi lezi zizwe zingafakaza nazo ukuthi
ukufa kwafika nakuzona.
Ukuxhumana maphakathi
Kungabe uyisithunywa sikaSathane
Noma uthunywe ngoMkhulukhulu
Imifanekisomqondo
Imifanekiso mqondo yilawo magama asetshenziswa imbongi ukwakha imifanekiso emqondweni
walowo ofunda inkondlo. Kungashiwo futhi ukuthi izithombe magama. Sikhuluma ngezinzwa
(inzwa yokubonakalayo, inzwa yokuzwakalayo/ yokulalelekayo, inzwa yokuhogelayo, inzwa
yokunambithekayo nenzwa yokuthintekayo), izimo zokukhuluma (izifengqo, izaga nezisho)
namagama acebile.

Owephula uphoqoze- wokuthintekayo/wokubonakalayo


Ukugqamisa umqondo wokuthi ukufa kufika kuhlukanise umzimba nomphefumulo kubantu.
Izifengqo
Umbizi - We kufa
Imbongi ikhuluma nakho ngqo ukufa icela ukuba kumtshele ukuthi kuthunywe ngubani?
Isenzamuntu – Owephul’ uphoqoze ngawo
Imbongi ithatha ukufa wakunika izimpawu zomuntu ophilayo yathi kuphula kuphoqoze
ukudlulisa umqondo wokuthi yiko ukufa okuhlukanisa umzimba kanye nomphefumulo.
AbakwaMsimbithi bangavuma -isenzasamuntu
Imbongi inikeza into engaphili izimpawu zomuntu ophilayo njengoba ithi izihlahla zingafakaza
okusho ukuthi akekho umuntu ongakaze ashonelwe.
Isifaniso – Angangawamabutho akwaMandlakazi, lapha ufanisa amandla amakhulu ukufa
okunawo njengoba ewafanisa namandla amabutho akwaMandlakazi.
Isingathekiso – Omthathe, omsimbithi nomthombothi. Imbongi Ibiza abantu
abasemazingeni ahlukahlukene abanqotshwa ukufa ngezihlahla ezahlukahlukene.
61

Umbuzombumbulu – Uthunywa ngubani wena?


Imbongi ibuza umbuzo engeke iyithole impendulo yawo njengoba ibuza ukufa okungakhulumi
ukuthi kuthunywa ngubani?
Ifanamsindo
Ifanankamisa – Omthathe, omsimbithi nomthombothi?
Imbongi iletha umgqumo osamculo omnandi ukugcizelela ukuthi abantu abasemazingeni
ahlukahlukene njengoba ebabiza asebake bashonelwa.
Ifanangwaqa – Omthathe, omsimbithi nomthombothi?
Imbongi iletha umgqumo osamculo omnandi ukugcizelela ukubiza abantu abasemazingeni
ahlukahlukeni njengoba ebabiza ngezihlanhla ezinhlobonhlobo.
Umugqa wesi-6 kuya kowesi-8
I-enjambamenti
Owephul’ uphoqoze ngawo
Izithomb’ ezingamaklume
Omthathe, omsimbithi nomthombothi?
Imbongi iqedela umqondo oqale emggeni wesi – 6 waphelela emgqeni wesi – 8 ukuveza ukuthi
ukufa kubulala abantu abancane nabasezigabeni ezehlukahlukeni.
Umbuzo1 omfushane: Uthunywe Ngubani?
1 Tomula ubuye ugagule isifengqo esitholakala emgqeni wesi-1 (2)
2 Chaza kafushane umoya oqukethwe umugqa wesi-2 kuya kowesi-3. (2)
3 Chaza ngokusetshenziswa kwe- enjambamenti etholakala emgqeni we-10 kuya kowe-12. (2)
4 Iyini inhloso yembongi ngokusebenzisa ukuxhumana emgqeni we-13 nowe-14? (2)
5 Phawula ngempumelelo yembongi yokusebenzisa ifanamsindo emgqeni wesi-8. (2)
(10)
IZIMPENDULO
1 We kufa, ak’ ungihlebele, ü (2)
Umbizi. ü
2 Le migqa inomoya wokukhathazeka. üImbongi ikhathazwa ukufika kokufa kungalindelwe (2)
kubantu ize ibuze umbuzo ingadinge mpendulo njengoba ibuza ngalo muntu oyinike umyalelo
wokuthi kubulale abantu , kudaleka umunyu nobuhlungu bezinhliziyo. ü
3 Imbongi isebenzise i-enjambamenti emgqeni we-10 kuya kowe-12 ukuxhumanisa nokuqedela (2)
umqondo ekugqamiseni ukuthi laba bantu abadala, asebekhulile akulula ukuthi bangaphikisa
ukufa ngoba bakubonile kuphoqophoqoza izingane nabadala. üü
4 Inhloso yembongi yokusebenzisa ukuxhumana maphakathi (2)
Kungabe uyisithunywa sikaSathane?
62

Noma uthunywe ngoMkhulukhulu? ü


Ukugqamisa ukuthi kungabe ukufa kunikezwe indoda yobumnyama umyalelo wokuthi kubulale
noma kuthunywe nguMdali wezinto zonke. ü
5 Imbongi iphumelele kahle ukusebenzisa ifanankamisa u-‘a’ ukuletha umgqumo osamculo (2)
nokugcizelela ukuthi lezi zihlahla eziqinile imbongi ekhuluma ngazo okungaba ngabantu
abadala, abakhulile abazele lezi zingane eziphoqophoqozwa ukufa. üü
(10)

Umbuzo 2
1 Bhala uhlobo lwesifengqo esitholakala emgqeni wesi-2 bese unikeza incazelo (2)
yaso.
2 Chaza kafushane ukusetshenziswa kwemvumelwano emgqeni wesi-2 kuya kowesi-3. (2)
3 Ngabe umugqa wesi-7 ukwelekelele kanjani ukuqonda le nkondlo? (2)
4 Yini inhloso yembongi yokusebenzisa ifanangwaqa emgqeni wesi-8 ? (2)
5 Hlaziya isigqi sale nkondlo. (2)
(10)

IZIMPENDULO
1 Umbuzombulu.
Imbongi izibuza umbuzo ingeke ithole mpendulo njengoba ibuza ukufa ukuthi kungani (2)
ibulale abantu kukhalwe emzini yabantu.
2 Ukusetshenziswa kwemvumelwano siqalo u-‘u’- esemgqeni wesi-2 kuya kowesi-3 (2)
Uthunywe ngubani wena?
Ukub”uzosibangel”usizi?
Ukuletha umgqumo omnandi osamculo lapho imbongi izibuza ukuthi ukufa kuthunywe
ubani.
3 Umugqa wesi-7 othi izithomb’ezingamaklume ungelekelele ukuba ngiqonde ukuthi ukufa (2)
kuthatha ngisho abantwana abancane abasakhula.
4 Inhloso yembongi yokusebenzisa ifanangwaqa u‘th’ kule nkondlo ukuletha umgqumo (2)
omnandi osamculo lapho imbongi ithi ukufa akukhethi kuthatha abantu abasemazingeni
ahlukahlukene.
5 Imbongi iphumelele kahle ukusethulela isigqi sale nkondlo esinensayo ngenxa yomoya (2)
wokukhathazeka nakuvaleka kwemigqa nakuba kunokweqiwa konkamisa futhi kunemigqa
evulekile. Imbongi ikhathazwa ukufa okuhlasela lo mndeni okuphoqophoqoza abantu
abadala nabancane. (10)
63

UTHUNYWE NGUBANI?
Umbuzo Omude [10]
Kunesimo esingesihle sokushonelwa esithi uma sikwehlele sikushiye
unokudideka sivuse imibuzo eminingi. Fakazela lesi sitatimende
ubhekise enkodlweni nokukhethwa kwamgama, umoya, ithoni.
Impendulo yakho mayibe ngamagama angama-190 kuya kwamgama-240.
Ngiyavumelana nalesi sitatimende ngoba uma kufika ukufa emndenini kuba khona
ukudideka kubantu.Imbongi inokudideka ngesimo esingesihle esidalwa ukufa.Lokhu
kufakazelwa amagama akhethwe imbongi ahambisana nomoya nesigqi.
Imbongi isebenzise umbuzombumbulu ngoba inokudideka lapho khona ithi ‘uthunywe
ngubani wena?...ukuba uzosibangela’ usizi’ ukufa akuyinyenyezele igama lalo muntu
okuthumile.Lpkhu kufa uma sekufikile kuletha ukukhathazeka/ukudumala. Imbongi iphinde
yasebenzisa umbuzombulu izibuza ukuthi ‘nguban’ okuph’ amandlakazi…’ukufa
kuwathathaphi amandla amakhulu kangaka.Lokhu kufa kuyayimangaza imbongi ngoba
akukhethi kuthatha omdala nomncane nabantu abasemazingeni ahlukahlukene.Imbongi
ize yakhetha amagama amaklume,omthathe nomsimbithi.Konke lokhu kwenza isigqi
sinense ngenxa yomoya wokukhathazeka.
Imbongi ithi ‘AbakwaMthombothi bangavuma’ ukukhombisa ukudidekile ukuthi bakhona
kanti nabantu abangofakazi bokuthi ukufa sekuke kwafika kubo lapho. Imbongi
inokudideka ukuthi uma sekufikile ukufa akekho okwazi ukwenqaba. Imbongi iyadideka
ukuthi akekho umuntu ongafakazi ngokufa.lokho okusho ukuthi wonke umuntu useke
wadlula kulesi simo esingesihle esiwukufa yingakho ithi ‘…NabakwaMthathe bavume’.
Lokhu kuphinde kuyimangaze ukuthi kahle kahle lokhu kufa kuthunywe nguSathane noma
nguMdali yingakho ithi ‘Kungabe uyisithunywa sikaSathane noma uthunywe
ngoMkhulukhulu?’
Ngempela abantu babanakho ukudideka ngesimo esingesihle esidalwe ukufa. Lokhu
kufakazelwa okushiwo imbongi kule nkondlo njnegoba izibuza imibuzo eminingi
ukukhombisa ukudideka uma kufike ukufa nokuthi akekho ongakaze ehlelwe yilesi simo
sokushonelwa.
64

UKUKHETHWA KWAMAGAMA 10. ZINGQWELE ZE-AFRIKA (SANKOMOTA)

Ukukhethwa kwamagama kuchaza ubuhlakani bembongi ekusebenziseni amagama athile


anobuchule azogqamisa futhi alekele lokho efuna ukukuveza ngenkondlo yayo. Kule
nkondlo imbongi ikhuluma ngomculo, ngakho- ke sibheka amagama agqamisa umculo.
Uzolile-Ukuba nokuthula- Imbongi ikhuluma ngeqembu lomculo iSankomota. Imbongi ithil
leli qembu lihlonishwa umhlaba wonke futhi liletha ukuthula.
Izingqwele- Umfana obehlula bonke ekwaluseni. Imbongi isichazela ngokuthi leli qembu
liyahlonishwa ngoba lehlula onke amanye amaqembu omculo.
Ubhedu- Inyama enonile ehamba nephaphu nenhliziyo edliwa izingqwele. Imbongi igqamisa
ukuthi leli qembu licula umculo wekhethelo. Uhlobo lomculo eliwuculayo awuculwa yinoma
ubani.
Ezinzulwini-Ekujuleni kwenhliziyo. Imbongi ichaza ukuthi izingoma eziculwa yile liqembu
zithintha ekujuleni komphefumulo.
Baboph’ imithwalo –Ukuthatha okungokwakho uhambe. Imbongi ithi izingoma eziculwa ileli
qembu ziqeda ukukhathazeka.
Bashantshule- Ukuhamba ungabheki emumva. Imbongi ithi uma leli qembu selicula
kuphela indumalo liqeda nezinsizi zihambe unomphele.
Ningamuki-Ukuhamba ongaphinde ubuye.Imbongi igqamisa umqondi wokuthi leli qembu
lingahlakazeki/lingayeki ukucula alihlale likhona.
Ngqambothi- Imvunge yomculo emnandi onjengomculo wamakhwaya odinga uwulalele
ukuze uzwe ubumnandi. Imbongi igqamisa ubumnandi bohlobo lomculo oculwa yileli qembu.
Uzohloba-ukuvunula/ukugqoka kahle. Imbongi ingqamisa umqondo wokuthi ukuba khona
kwaleli qembu wenza umhlaba ube muhle.
Kuchwaze-umsindo owenziwa izihlwele okhombisa ukuthakasela into enhle eziyibonayo.
Imbongi igqamisa ukuthi abathameli bomculo baleli qembu babanga umsindo wenjabulo
kanye nokuhalalisa uma leli qembu licula.
Nhlokomo-umsindo wobumnandi. Imbongi igqugquzela leli qembu ukuthi liqhubeke
nokucula kamnandi.
Namahlokohloko-Inyoni enombala ompofu, ingaphansana kwejuba ngobukhulu yakhela
isidleleke emagatsheni alengayo, isidleke sakhiwa ngobukhulu ubunono futhi kunzima
ukufinyelela esidlekeni. Imbongi ifaniswa leli qembu nenyoni amahlokohloko ukugqamisa
ukuthi leli qembu lakhiwe ngamalunga eqophelo eliphezulu futhi leli qembu litholakala
kanzima uma ulifuna.
Kuhlaluke-Ukuvela obola kwento. Imbongi igqamisa ukuthi umculo oculwa yileli qembu
uveza ukuthi kulo mhlaba kunezinto ezinhle.
Ningaphezi-Ningadinwa/ ningayeki/ ningakhathali. Imbongi igqugquzela leli qembu lomculo
ukuthi lingakuyeki ukucula.
Amagoda- Uhlobo lokweluka izinwela izibophe uzenze ingqathu bese uyazishutheka ukuze
zingaqaqeki. Imbongi igqamisa ukuthi iyahluleka ukuzibamba uma leli qembu selicula ivele
nayo icule nalo leli qembu.
Umzwangedwa-Isizungu/ isithukuthezi,
65

Samuku-Ukuthula ungakhulumi - Imbongi igqamisa ukuthi isizungu siyaphela uma ilalele


umculo waleli qembu futhi ayikwazi ukuthula ingaculi.
Washwibashwiba-Ukunyakaza uye le nale ngesivinini esikhulu. Imbongi ingqamisa ukuthi
uma elalele leli qembu lomculo inhliziyo yakhe ithola ukujabula okukhulu.
Elingenamngcele. Izwe elikhululekile. Imbongi igqamisa ukuthi leli qembu uma licula liletha
inkululeko.
Ezikhophozela- Ukubuka ngokwesaba. Imbongi igqamisa indlela leli qembu elicula ngayo
phambi kwezibukeli, uma seliculela phansi okungathi liyesaba ukucula.
Bashaya bachitha-Isisho esichaza ukuhamba ungaphinde ubuye. Imbongi igqamisa ukuthi
leli qembu liletha uthando liqede ukungezwani.
Wadlondlobala-Ukukhula kwento ngamandla amakhulu/ngesivinini. Imbongi igqamisa
ukuthi uthando luyakhula ngenxa yaleli qembu.

AMASU OKUHLUZWA KWEZINKONDLO

Umqondo wenkondlo
Umqondo yilokho inkondlo ekushoyo noma okushiwo imbongi enkondlweni. Le nkondlo
ikhuluma ngeqembu lomculo iSankomota. Imbongi ithi leli qembu lomculo ngendlela elicula
ngayo likhothanyelwa umhlaba wonke. Leli qembu lehlula amanye amaqembu omculo.
Umcula oculwa ileli qembu uthinta ingaphakathi lomphefumulo. Uma leli qembu selicula
kuphela usizi nokudumala.
Umoya
Umoya wenkondlo umuzwa noma isimo imbongi esuke ikuso uma iqamba/ ihaya inkondlo.
Imbongi iveza umoya wokuncoma nokunxenxa. Imbongi incoma leli qembu licula kamnandi
futhi liwehlula onke amanye amaqembu omculo ngendlela elicula ngayo. Imbongi iphinde
inxenxe ukuthi leli qembu licula umculo wekhethelo ukuthi maliqhubeke njalo nomculo walo
omnandi lingawuyeki.

Indikimba
Indikimba umongo/ ingqikithi yenkondlo. Yilokho inkondlo emayelana nakho ngegama
elilodwa noma ibinzana lamagama. Indikimba yale nkondlo umculo ngoba imbongi ikhuluma
ngomculo omnandi oculwa iqembu lomculo iSankomota.

Umyalezo
Into enhle iyanconywa, imbongi ikhuthaza abafundi bale nkondlo ukuthi bafunde ukuncoma
uma kukhona okuhle okwenziwa abanye abantu ukuze labo abenza okuhle
bezogqugquzeleka ukuthi bangayeki, baqhubeke nokwenza into enhle.

Isigqi
Isigqi sale nkondlo sixubile. Isigqi sale nkondlo siyashesha sibuye sinense ngenxa yalezi
zizathu. Umugqa wesi-2, wesi-3, we-10, we-14, we-16,wama-23, wama-24, wama-25 kanye
nama-26 imbongi isebenzise isigqgi esisheshayo ngoba iyancoma. Ibuye imbongi
isebenzise isigqi esisheshayo ngoba iyaphoqa kule migqa: we-12 kanye nowe-18. Uphawu
lombabazi emgqeni wesi-9, we-12, we-15, we-16 kanye nomugqa wama-26 wenza ukuthi
isigqi sale nkondlo sisheshe. Imbongi ibuye isebenzise isigqi esinensayo uma isincenga
ukuthi leli qembu lingapheli emgqeni wesi-8 kanye nowe-15.

Ithoni
Ithoni iveza ukuncoma kanye nokuncenga ngoba imbongi incoma iqembu leSankomota
indlela elicula kahle ngayo ibuye incenge leli qembu ukuthi lingayeki ukucula.
66

Imifanekiso mqondo
Imifanekiso mqondo yilawo magama asetshenziswa imbongi ukwakha imifanekiso
emqondweni wofunda inkondlo. Kungashiwo futhi ukuthi izithombe magama. Sikhuluma
ngezinzwa (inzwa ebonakalayo, inzwa ezwakalayo/ elalelayo, inzwa ehogelayo, inzwa
yokunambitha nenzwa yokuthinta), izimo zokukhuluma ( Izifengqo, izaga nezisho) Kanye
namagama acebile.

Izinzwa
Zidl’ ubhedu lwengoma, umugqa wesi-3. Imbongi isebenzise inzwa yokunambithekayo
ngoba ifuna ukusivezela ukuthi leli qembu isankomota licula umculo oseqopheleni eliphezulu
futhi ongaculwa yinona ubani.
Nenhliziy’ edabukil’ ithinteke, umugqa wesi-5. Imbongi isebenzise inzwa yokuthintekayo
ngoba ufuna ukusivezela ukuthi umcula omculwa ileli qembu leSankomota uqenda inhliziyo
ebuhlungu. Imbongi iphinde yayisebenzisa futhi inzwa yokuthintekayo emgqeni wesi-6 uma
ithi abakwaNdumalo baboph’ imithwalo. Imbongi igqamisa ukuthi umculo oculwa
iSankomota uqeda ukudumala.
Emgqeni wesi-7 imbongi isebenzise inzwa yokubonakalayo uma ithi: Bashaye
bashantshule. Imbongi igqamisa umqondo wokuthi ukukhathazeka kuyashabalala uma
iqembu leSankomota licula. Imbongi iyaphinda futhi isebenzisa inzwa yokubona emgqeni
we-10 uma ithi: Umhlab’ uzohloba ngengubo yothando. Isagqamisa umqondo wokuthi
umhlaba uba muhle ngoba abantu baba nothando ngenxa yomculo weSankomota.
Emgqeni we-11 imbongi isebenzise inzwa yokulalelekayo uma ithi: Kukikizwe kuchwaze.
Imbongi iqgamisa ukuthi uma abantu bezobukela iqembu leSankomota licula, izihlwele
ziyakikizela kuze kube nomsindo omkhulu ngoba zisuke zijabulela umculo.
Emgqei wama-28 imbongi ithi iphunga lothando lagcwal’ umhlaba. Isebenzise inzwa
yokuhogelekayo ukuze kugqame ukuthi umculo oculwa iqembi iSankomota uletha uthando
emhlabeni wonke.

Izifenqo
Imifanekiso mqondo yilawo magama asetshenziswa imbongi ukwakha imifanekiso
emqondweni wofunda inkondlo. Kungashiwo futhi ukuthi izithombe magama. Sikhuluma
ngezinzwa (inzwa ebonakalayo, inzwa ezwakalayo/ elalelayo, inzwa ehogelayo, inzwa
yokunambitha nenzwa yokuthinta), izimo zokukhuluma ( izifengqo, izaga nezisho) Kanye
namagama acebile

Isisho- Zidl’ ubhedu lwengoma, Isisho amagama enkulumo anothile angesiwona umusho
ophelele. Imbongi isebenzise lesi sisho esichaza into noma umuntu ovelele ukugqamisa
ukuthi leli qembu lomculo ngelekhethelo.
Ukwenzasamuntu -AbakwaNdumalo baboph’ imithwalo, Ukubopha imithwala kusho
ukuqoqa konke okungokwakhe uhambe. Imbongi igqamisa ukuthi leli qembu lomculo liletha
induduzo enhliziyweni
Ukwenzasamuntu- Umhlab’ uzohloba ngengubo yothando, into engaphili inikwa
umsebenzi owenziwa into ophilayo. Inhloso yembongi ukugqamisa ukuthi leli qembu lenza
ukuthi abantu bathandane.
Ukwenzasasilwane- Khuphulani leyo nhlokomo!- Isifengqo lapho into engesisona
isilwane inikwa isenzo sesilwane. Ukuhlokoma umsindo owenziwa izinyoni amahlokohloko.
Imbongi isebenzise lesi sifengqo ukugqamisa ukuthi leli qembu lomculo lithi imalicula
lizwakale kamnandi ezindlebeni zabantu abalalele.
Izisho
67

Isisho- AbakwaNzondo bashaya bachitha! Isisho amagama enkulumo anothile


angesiwona umusho ophelele. Lesi sisho sichaza ukuhamba unomphele ungaphinde
ubheke emumva. Imbongi isebenzise lesi sisho ukugqamisa ukuthi leli qembu uma selicula
nalobo abanomona waleli qembu abangafunu ukulibona liphumelela, kodwa uma selicula
bavele bazizwe sebewuthanda umculo waleli qembu. Leli qembu ngisho ungalithandi ugcina
usulithanda indlela elicula ngayo.
Enjambamenti
Umugqa wesi- 8 kuya kowesi-9.
Umqondo uqala emgqeni wesi-8 uphelela emgqeni wesi -9 Imbongi kule migqa yomibili
incenga leli qembu leSankomota ukuthi lingahambi bese iphinda ilincenga ukuthi liqhubeke
nokucula kahle.

Impindwamqondo
AbakwaNdumalo babophe’ imithwalo.
Bashaye bashatshule,
Le mpindwamqondo iqukethe umqondo wokugcizelela ukuthi leli qembu lomculo liqeda
ukukhathazeka.

Ufanamsindo
Umugqa wesi-13
Ehlokoma namahlokohlok’ ehlobo – “o”
Imbongi igqamisa umsindo omnandi olethwa umculo omnandi waleli qembu.

Imvumelwano Siqalo
Umzwangedwa wangival’ samuku!
Umphefumulo wami washwibashwiba,
Le mvumelwano siqalo ilethe umgqumo osamculo omnandi, kanye nokugcizelela ukuthi
imbongi izizwa injani ngaphathi enhliziyweni uma leli qembu lomculo licula.
Zasholo phansi kamnandi,
Zahlekis’ umhlab’ ongahleki,
Le mvumelwano siqalo ilethe umgqumo osamculo omnandi nokungcizelela ukuthi leli qembu
lomculo linamalungu abaculi abangabantu besilisa kuphela nanokuthi babuye behlise
amaphimbo abo uma becula futhi baletha ukujabula emhlabeni.

Imvumelwano siqalo
Umugga woku-1 nowesi-2
Umhlaba uzolile,
Uhloniph’ izingqwele
Le mvumelwano siqalo iletha umgqumo omnandi okusamculo. Ugqamisa ukuthula
nokuphatheka kabi kwabantu ngenxa yalama qhawe omculo aphumele emculweni.

Umugqa wama-23 nowama-24


Zasholo phansi kamnandi
Zahlekis’ umhlab’ ongahleki
Le mvumelwano siqalo iletha umgqumo omnandi. Imbongi igqamisa ukuphela kwesimo
esingesihle abantu baba nokujabula emhlabeni obekungemnandi ukuphila kuwo
Imvumelwano maphakathi
Umugqa we-19 nowama-20
Umzwangedwa wangival’ isamuku
Umphefumulo wami washwibashwiba
Le mvumelwano maphakathi iletha umgqumo omnandi. Imbongi igqamisa ukuthi lo mculo
uletha injabulo nobumnandi ingabe isazibona noma ihlezi yodwa.
Ukuxhumana maphakathi
68

Umugqa wama-27 nowama-28


Umlilo wothando wadlondlobala
Iphunga lothando lagcwal’ umhlaba
Lokhu kuxhumana maphakathi imbongi ikusebenzela ukugcizelela isimo sokukhula
kokuzwana kuwo wonke umuntu kube mnandi yonke indawo.

Emva kokufundisisa inkondlo esencwadini yakho uphendula imibuzo elandelayo:


UMBUZO 1
1 Gagagula indikimba etholakala kule nkondlo? (1)
2 Chaza ngokusetshenziswa kwemvumelwano emgqeni wama-23 kanye (2)
nowama-24.
3 Ukusetshenziswa kwesimo sokukhuluma emgqeni wesi-7 kukwelekelele kanjani (2)
ekuqondeni leli binza?
4 Yini inhloso yembongi ukuphindaphinda igama elibhalwe ngokugqamile kule (2)
nkondlo?
5 Hlaziya isigqi esitholaka ebinzeni lesi-4. (3)

IZIMPENDULO
1 Indikimba etholakala kule nkondlo yindikimba yomculo. ü (1)
2 Imbongi isebenzise imvumelwano siqalo u’za’
Zasholo phansi kamnandi,
Zahlekis’ umhlab’ ongahleki, ü
Ukuletha umgqumo osamculo omnandi nokugcizelela√ ukuthi leli qembu
lomculo libuye lehlise amaphimbo ngendlela emnandi uma licula futhi liletha
ukujabula emhlabeni onosizi. ü (2)

3 Ukusetshenziswa kwesisho “Bashaye bashantshule” singelekelele ukuba


ngiqonde ukuthi indumalo ihamba unomphele ingaphinde ibheke emumva. ü
Imbongi isebenzise lesi sisho ukugqamisa ukuthi leli qembu uma selicula
lithinta izinhliziyo ezikhathazekile ezigcwele usizi ize ithi “nenhliziyo edabukile (2)
ithinteke. ü
4 Inhloso yembongi yokuphindaphida ‘izingqwele’ ukugcizelela impumelelo
yeqembu lomculo elibizwa ngokuthiwa iSankomote ngokuthi alibize
ngezingqwelü. Ingqwele umfana obehlula bonke ekwaluseni. Imbongi ibe
isisebenzisa ikhono lokuthi iphindaphinde isigathekiso esithi ingqwele
ukugcizelela ukuthi ngempela leli qembu lomculo liwahlula wonke amanye
amaqembu uma kuziwa emculweni ngoba leli qembu lihlonishwa umhlaba (2)
wonke. ü
5 Isigqi esitholaka ebinzeni lesi-4 siyasheshaü ngenxa yomoya wokujabula futhi
kunokweqiwa konkamisa okuningi, nakuba imigqa yonke ivalekile kodwa
ngenxa yomoya wokujabulaü Imbongi ijatshuliswa umculo omnandi waleli
qembu owenza bonke abantu bajabule, kuphele ukuzondana bathandane, ize (3)
isebenzise amagama athi “ Zahlek’ umhlaba ongahleki,iAbakwaNzondo
bashaya bachitha’. ü [10]
69

UMBUZO 2
1 Gagula uhlobo lwesifengqo esitholakala emgqeni wama-20 (1)
2 Chaza kafushane okushiwo imbongi emgqeni wama-26 (2)
3 Yini inhloso yembongi yokusebenzisa uphawu oluwumbabazi emgqeni we-12? (2)
4 Ngabe umfanekisomqondo obhalwe ngokugqamile emgqeni we-19 ukwelekelele (3)
kanjani ukuqonda umqondo waleli binza?

5 Phawula ngempumelelo yembongi yokusebenzisa ithoni yokuncenga emgqeni (2)


wesi-8.
[10]
IZIMPENDULO
1 Ukwenzasamuntu/isenzasamuntu. ü (1)
2 Imbongi igqamisa indlela leli qembu elicula ngayo ukuthi lihlanganisa abantu
abaningi bazwane kuphele ukuzondana kwande ukuthandana emhlabeni jikelele
ize isebenzisa amagama athi “Iphunga lothando lagcwala umhlaba wonke”. üü (2)

3 Inhloso yembongi ukusebenzisa umbambazi emgqeni we-12 ukugcizelela


okukhombisa ukuphoqa. Imbongi iphoqa leli qembu ukuthi licule kakhulu
kunakuqala. üü (2)

4 Umfanekisomqondo oyisenzasamuntu obonakalayoü othi ‘Umzwangedwa


wangival’ isamuku!’ üungilekelele kahle ukuqonda ukuthi kuleli binza imbongi
igqamisa ukuthi ukucula kahle kwaleli qembu kuyenze yazibona isicula kanye
nalo ithakasile futhi izwa seyikhululekile kwingcindezi yesizungu ebinaso (3)
yazizwa isiphila ngokukhululeka. ü
5 Imbongi iphumelele ukusebenzisa ithoni yokuncenga üukugqamisa ukuthi leli
qembu lomculo licula kahle. Imbongi iyalincenga ukuthi
lingahambi/lingehlukani/lingapheli. ü (2)
[10]
70

Zingqwele Ze-Afrika (Sankomota)


Umbuzo Omude [10]
Umculo uyaluletha uthando nenjabulo kubantu emhlabeni wonke jikelele.
Hlaziya ngokuhlolisisa lesi sitatimende ubhekise kule nkondlo ngokubhekisa
ekukhetheni kwamagama, umoya kanye imifanekisomqondo.
Impendulo yakho ayibe amagama ayi-190 kuya kwangama-240.
Kuyiqiniso ukuthi umculo uyaluletha uthando nenjabulo kubantu emhlabeni wonke jikelele.
Imbongi ikhuluma ngeqhaza lomculo weqembu leSankomota elethe uthando nenjabulo
emhlabeni jikelele.
Imbongi iithi ‘umhlaba uzolile’ uyathula uhloniphe leli qembu la liqala ukucula ize
ilincome ilibize ‘ngezingqwele…’Imbongi ithi uma abantu belalele umculo waleli qembu
bathinteka ekujuleni kwezihliziyo kuphele konke ukukhathazeka. Imbongi iphinde ithi
‘abakwaNdumalo babopha imithwalo bashaye bashuntshule’ .ukuveza ukuthi lapho
licula leli qembu liqeda zonke izingxabano nokuphatheka kabi okusuke abantu benakho ,
bagcina bethokoza bananele lo mculo weSakomota.
Imbongi inxusa leli qembu ukuba lingayeki ukucula kepha liqhubeke njalo nomculo
omnandi ukuze umhlaba wonke ugcwale uthando njengoba ithi ‘umhlaba uzohloba
ngengubo yothando. Iphinde ithi abantu bajabulela ubuhle beqhaza obulethwa umculo
weSankomota obuvele obala emhlabeni wonke njengoba ithi kuba ‘nenhlokomo’ la
licula abantu bebanga umsindo bejabulela izingoma abazilalele.
Imbongi inxenxa leli qembu ithi alize lingadikibali nokucula kamnandi ngoba lenza abantu
bangakwazi ngisho nokuzibamba uma selicula., bayadansa bathokoze kuphele ngisho
isizungu, izinhliziyo zabo zigxumagxume bazizwe bekhululekile njengoba ithi ‘amagoda
okuzibamba agqabuka’
Lezi zingqwele zomculo zicula zize zibheke phansi kwasakuhlonipha zisho kamnandi
amaphimbo azo kujabule bonke abantu emhlabeni bathandane kuphele ukuzondana ize
njengoba imbongi ithi leli qembu ‘lihlekisa umhlaba ongahleki, abakwaNzondo
bashaye bachithe’.
Kuyiqiniso impela ukuthi umculo uyaluletha uthando nenjabulo kubantu emhlabeni wonke
jikelele lokhu kufakazelwe umculo weqembu lase-Afrika iSankomota ojabulisa abantu
emhlabeni wonke jikelele ngisho nabaphesheya kwezilwandle imbala. Leli qembu liqeda
ukudumala kanye nesizungu , lenza abantu babe yimbumba.
71

11. UCU OLUMHLOPHE


UKUKHETHWA KWAMGAMA

Ucu - Lwakhiwa ngamaqhosha noma ngamaqanda ngoba yilobu buhlalu obukhudlwana


kunalobu obujwayelekile. Ucu lusetshenziswe njengophawu lothando. Lwakhiwa ngokuthi
kuthathwe intambo kufakwe ubuhlalu obumhlophe kuboshwe njengomgexo. Lo mgexo
weziwa ngobuhlalu obumhlophe kuphela. Esikhathini esiningi intombi isuke iyoqoma ngalo.
Uma intombi isigajwe uthando lwensizwa ethile ibe isibikela iqhikiza layo okuyilona
elihambisa ucu ensizweni njengophawu lokuthi isiyaqoma. Luwuphawu lokwazisa insizwa
ukutha uthando seluyehlulile.
Uzi – intambo eyakhiwe ngamagxolo esetshenziswa ukwakha ucu. Uzi utshani obuqinile
obuyaye bulukwe bube yintambo encane bese kutshutshwa kubo ubuhlalu obumhlophe
ukwakha ucu. Ucu luyisibonakaliso sentombi lapho isizinekela othandweni. Ikhipha lolu cu
ilunike insizwa. Kwesinye isikhathi akubi yiyona intombi eluhambisayo ucu, luhanjiswa
yiqhikiza kulesi sesheli ukukhombisa ukuthi intombi isivumile. Ucu lwakhiwa ngobuhlalu
obumhlophe.

Obugabisa – ukuhalisa noma ukununusela ngobuhle bothando. Ucu ukuze lube luhle
kufanele lube mhlophe. Umbala omhlophe ezintombini umele ubumsulwa.

Iminjunju – Ubuhlungu obusenhliziyweni. Imbongi iveza ubuhlungu obumnandi obakheka


senhliziyweni ngenxa yothando. Ngaphandle kokuthi itshitshi linobuhlungu bokuthanda
insizwa kodwa linokujabula ngaphakathi ngenxa yothando oselwakhekile.

Kutshutshwa – Ukuchusheleza kwenaliti kuthungwa imbongi ekuqhathanisa neminjunju


yothando enalo. Ngenkathi elwenza ucu usuke esenqumile ukuthi uyayikhetha lensizwa.
Akusibo ubuhlungu bento embi kodwa obothando.

Alunasiqalo alunasiphetho –(i-okzimoroni) imbongi iveza ukuthi lujule kanjani uthando


lwayo kulo ecela kuye uthando. Igqamisa ukuthi uthando ekulona alusoze lwaqedwa muntu
luyinto ehlangane. Kulolu cu, akukho la kuvela khona ukuthi yilona luphi uhlamvu oluqalayo
nala lugcina khona. Uma selwakhiwe ucu, uthando, akasakwazi ukubona ukuthi beluqalephi
nokuthi luphela kuphi. Uthando yinto ongakwazi ukuyibona la luqala khona nala luphela
khona.

Cwayicwayi/Phayiphayi (isenzukuthi) - Imbongi iveza ukubukana ngamehlo agcwele


uthando kulowo ezincengela kuye ukuba bathandane. Imbongi igqamisa ubuhle bothando
olungenasici phakathi kwababili. Iba namahloni okubheka insizwa, indlela ebuka ngayo uma
igcwele uthando. Ayikhulumi, kodwa amehlo ayo yiwona akhulumayo ngothando olukuyo.

Lungumhlanganisi lungumxhumanisi –imbongi isebenzise isenzasamuntu ukugqamisa


ukuthi uthando lungumanqoba ngoba luhlanganisa abantu abasuke bezinikele ngezinhliziyo
zabo omunye nomuye. Uma intombi isuke isinika insizwa ucu, lokhu kuwuphawu
oluhlanganisa insizwa nentombi.
Isibopho – Ukuthembisana. Imbongi iveza ukuthi uma selukhulile uthando abathandanayo
balandela isigaba sokuqala esiholela ekutheni babophe ifindo lomshado. Intombi
isiyazibophezela kule nsizwa ngokukhipha kwayo lolu cu. Bobabili bayazibophezela omunye
komunye.
Luyisizinda – Lolu cu seluwumzekelo, isibonelo sokuthi uthando lwabo luqale kuphi.

La maqanda (isingathekiso)- imbongi ngathekisa izithandani ngamaqanda lapha iveza


ukubaluleka kokuhloniphana phakathi kwabantu asebezinikele othandweni. Uthando
oluhlanganise lezi zithandani kumele luphathwe kwahle, luhlonishwe.
72

Gadalala (isenzukuthi) - imbongi iveza ukuthi uma lolu thando lungaphathwa kahle
luyaphela nya kube ngathi alikaze laba khona. Lolu thando olumelwe ucu, uma
lungahlonishwa, luzophela.

Isanhlaka senhlakanhlaka – Ukuchitheka kwento kabuhlungu. Imbongi iveza ukuthi


luyophela kabuhlungu kungakholakali uthando uma kungekho ukuphathana kahle kwababili
abasuke bethandana. Kuyoba lukhuni ukuthi luphinde lube khona lolu thando.

Kochitheka uphoko (isisho) – ukonakala kwezinto. Uphoko umphako owakhiwe


ngommbila/ngamabele agayiwe. Luchitheka luhlakazeke uphoko ngoba lomile. Uphoko uma
seluchithekile alubutheki phansi ngoba lusuke seluhlakazekile lugcwele nomhlabathi.
Imbongi iveza ukuthi uma kungekho ukuhloniphana nokuthembana kulolu thando
kuyokonakala izinto ngenxa yokwephula izifungo. Luyobe seluphela nya uthando lwale
ntombi (lwakwamfazi!) kule nsizwa uma ingaluhloniphanga njengoba ibilunikiwe.

AMASU OKUHLUZWA KWENKONDLO

Umqondo wenkondlo
Umqondo wenkondlo ilokho okusuke kusemqondweni wembongi ngenkathi ibhala/ihaya
inkondlo. Umqondo wehlukaniswe kabili; umqondo osobala kanye nomqondo ocashile. Le
nkondlo inomqondo osobala.
Le nkondlo ikhuluma ngocu. Ucu okuwuphawu lothando. Imbongi iveza ukuthi lowo
olukhiphayo unikela ngenhliziyo yakhe kulowo asuke ecela kuye uthando.
Le nkondlo ikhuluma ngentombi ezinikela ensizweni, evuma uthando lwensizwa esuke
iyeshela.
Umoya wenkondlo
Umoya wenkondlo kubhekwa isimo imbongi eyayikuso ngesikhathi ibhala inkondlo. Inkondlo
ingaba nomoya wothando, wokujabula wokunxusa, wokukhathazeka njalo njalo
Le nkondlo inomoya oxubile; wothando nowokuxwayisa. Amabinza amabili okuqala
agqamisa umoya wothando bese kuthi leli lokugcina linomoya wokuxwayisa ukuthi uthando
lwabo kumele balunakekele uma kungenjalo luyophela kabuhlungu.

Indikimba
Indikimba umongo noma ingqikithi yenkondlo. Indikimba ingaba igama elilodwa noma
isigejana samagama.
Indikimba yale nkondlo uthando. Imbongi kunomuntu othile emncengayo ukuthi aluphathe
kahle uthando lwabo ngoba uma kungenjalo lophela kabi.

Imifanekisomqondo
Uma kukhulunywa ngemifanekisomqondo kubhekwa amagama asetshenzisiwe/amasu
obuciko asetshenziswe yimbongi ukwakha isithombe esithile engqondweni ngokusebenzisa
izinzwa; okuyinzwa yokubonakalayo, yokuhogelekayo, yokuthintekayo, yokuzwakalayo
kanye neyokunambithekayo, izisho, izaga nezifengqo.

Inzwa ethintekayo: yeka leyo minjunju yothando kutshutshwa, (umugqa wesi-3) imbongi
igqamisa umqondo wokuthi uma itshitshi selakha ucu, kusuke sekukhona othathe inhliziyo
yalo. Inhliziyo yetshitshi isuke isigxumagxuma isigajwe uthando ngesikhathi itshutsha
ubuhlalu entanjeni. Yize ukutshutsha ubuhlalu entanjeni kungumsebenzi okhathazayo kepha
itshitshi alikuzwa ukukhathala ngoba lisuke lisothandweni.
Inzwa yokubonakalayo: Lolu cu alunasiqalo nasiphetho (umugqa wesi-5). Kuchaza ukuthi
lolo cu luyindilinga, lubumbene. Imbongi igqamisa umqondo wokuthi akekho umuntu
ongakwazi ukungena phakathi kwabantu abathandanayo.
73

Ngamehlwana amsulwa luthi phayiphayi. Ukubuka umuntu ngamehlo agcwele uthando.


Imbongi igqamisa ukuthi itshitshi lisuke lingakaze liqome phambilini. Ukuqoma kulo yinto
eqalayo ukwenzeka. Itshitshi uma libuka uthando lapho seliqomile licabanga ukuthi
lumsulwa (alunazinkinga).
Ubuhlalu koba yisanhlaka senhlakanhlaka (umugqa we-13). Ukuchitheka kwento
engamaqanjana/eyindilingana iginqike ihlakazeke igcwale phansi ingabutheki. Imbongi
igqamisa umqondo wokuphela kothando ngendlela yokuthi abantu bangaphinde bakwazi
ukuxolelana.
Inzwa ethintekayo- Ungaluphatha gadalala luyagqashuka (umugqa we-12). Ukuhlukana
kanzima kwento ekade ibopheke yaqina. Imbongi igqamisa ukuthi ngisho ngabe uthanda
lukhulu kangakanani kodwa abathandanayo uma bengaphathene kahle, uthando luyaphela
bese kuba buhlungu.

Isigqi
Uma kukhulunywa ngesigqi kubhekwa umgqumo wenkondlo ukuthi ngabe inkondlo
iyashesha noma iyanensa. Kuye kubhekwe ukuvuleka nokuvaleka kwemigqa, kubhekwa
ubude nobufishane bemigqa, ubude nobufishane bamagama, ukweqiwa konkamisa kanye
nezimpawu zokuloba. Konke lokhu kuhambisana nomoya okungaba umoya wokujabula,
wosizi, wokukhathazeka njalo njalo.

Isigqi siyanensa ngenxa yomoya wothando nokuxwayisa. Imigqa eminingi ivalekile


namagama amade nakuba kubuye kube nokweqiwa konkamisa kweminye imigqa.

Ithoni
Ithoni yokuncoma, imbongi incoma ubuhle bothando phakathi kwababili.

Umyalezo
Kumele umphathe kahle umuntu omthandayo.

Imvumelwanosiqalo
Umugqa woku-1 nowesi-2
Kwakhethw’ uzi oluwusinga lobumhlophe;
Kwaqokw’ ubuhlal’ obugabis’ ubumhlophe;
Imbongi isebenzise imvumelwano-siqalo ukuletha umgqumo osamculo omnandi
ukugcizelela okwenziwayo mayelana nokwakhiwa kothando

Umugqa wesi-8 kuya kowe-10


Lungumhlanganisi kanye nomxhumanisi,
Luyisibopho sezifungo isibili;
Luyisizinda sezinhliziy’ ezimbili.
Imbongi isebenzise imvumelwano-siqalo ukuletha umgqumo osamculo omnandi
ukugqamisa okwenziwa uthando ukuthi lungumanqoba oluhlanganisa izinhliziyo zabantu
ababili bazinikele omunye komunye.

Umugqa we-11 kuya kowe-13


Uzi oluhlanganise la maqanda wolwazisa,
Ungaluphatha gadalala luyogqashuka,
Ubuhlalu koba yisanhlaka senhlakanhlaka,
Imbongi isebenzise imvumelwano-siqalo ukuletha umgqumo omnandi ukugqamisa ukuthi
kulukhuni ukuthi lolu thando luphinde lube khona uma ungaluphathi kahle.
Imvumelwanomaphakathi
Umugqa woku-1 nowesi-2
Kwakhethw’ uzi oluwusinga lobumhlophe;
74

Kwaqokw’ ubuhlal’ obugabis’ ubumhlophe;


Imbongi isebenzise imvumelwano-maphakathi ukuletha umgqumo omnandi ukugqamisa
okusetshenziswayo uma kuqala uthando.

Imvumelwanosigcino
Umugqa we-12 nowe-13
Ungaluphatha gadalala luyogqashuka,
Ubuhlalu koba yisanhlaka senhlakanhlaka,
Imbongi isebenzise imvumelwano-sigcino ukuletha umgqumo omnandi ukugqamisa
ukugqamisa ukuthi kulukhuni ukuthi lolu thando luphinde lube khona uma ungaluphathi
kahle.

Ukuxhumanasigcino
Umugqa woku-1 nowesi-2
Kwakhethw’ uzi oluwusinga lobumhlophe;
Kwaqokw’ ubuhlal’ obugabis’ ubumhlophe;
Imbongi isebenzise ukuxhumanasigcino okugqamisa ubuhle nobumsulwa bentombi esuke
izwa lolu thando ngaphakathi. Imbongi isebenzise ukuxhumanasigcino ukugqamisa
umqondo wokuthi ubuhlalu obuwumbala omhlophe yibo kuphela obusetshenziswa
ngamatshitshi..
Umugqa wesi-4 nowesi-5
Luny’ uhlamvu lwesiqalo nolwesiphetho,
Lolu cu alunasiqalo nasiphetho.
Imbongi isebenzise ukuxhumana sigcino okugqamisa ukuthi uthando alubonakali ukuthi
luqalaphi lugcinephi.

Umugqa wesi-9 nowe-10


Luyisibopho sesifungo isibili;
Luyisizinda senhliziyo ezimbili.
Imbongi igqamisa umqondo wokuthi ucu luyisethembiso sothando ngoba izinhliziyo ezimbili
zihlanganiswa yilona ucu.
Ukuxhumanasiqalo/ ukuxhumanamaphakathi
Umugqa wesi-6 nowesi-7
Ngamehlwana amhlophe luthi cwayicwayi;
Ngamehlwana amsulwa luthi phayiphayi;

Lokhu kuxhumana kugqamisa okwenziwa yintombi ngamehlo ayo agcwele uthando


ngenkathi ibuka insizwa, ize ibe namahloni ingayibuki emehlweni ngqo. Imbongi igcizelela
umqondo wokuthi amehlo etshitshi asuke egcwele uthando.
Imbongi isebenzise ukuxhumana maphakathi luthi ukugcizelela ukuthi ukhuluma
ngothando. Imbongi ithi uthando olusuke lugabhe itshitshi lubonakala emehlweni.

Ifanangwaqa
Umugqa wesi-2
Kwaqokw’ ubuhlal’ obugabis’ ubumhlophe
Imbongi isebenzise ifanangwaqa ukuletha umgqumo omnandi ukugqamisa ubunjalo
bobumsulwa bothando.
75

Impindamqondo
Umugqa wesi-6 nowesi-7
Ngamehlwana amhlophe luthi cwayicwayi;
Ngamehlwana amsulwa luthi phayiphayi;

Le mpindamqondo iqukethe umqondo wokuthi le ntombi isibhekene ngqo nensizwa futhi


indlela eyibuka ngayo igcwele uthando oluyenza ingayibuki emehlweni ibe namahloni.

Isenzukuthi
Umugqa wesi-6 nowesi-7
Ngamehlwana amhlophe luthi cwayicwayi;
Ngamehlwana amsulwa luthi phayiphayi;

Lesi senzukuthi zigqamisa ubumsulwa bamehlo entombi esuke ibuka ngawo insizwa esuke
isizinikela othandweni lwayo, iyacwayiza ngamehlo akhombisa uthando.

Umugqa we-12
Ungaluphatha gadalala luyogqashuka,
Lesi senzukuthi sigqamisa ukuxwayisa kwembongi mayelana nothando ukuthi uma
uluphatha budlabha luyaphela.

Uphawu
Ubumhlophe- Umugqa wesi-2. Leli gama liwuphawu koluhlanzeka/ ubungcwele/ ukungabi
nachashazi/ ubumsulwa. Imbongi ilisebenzise ukugqamisa umqondo wokuthi amatshitshi
agqoka ubuhlalu obumhlophe ngoba asuke engakonakali.

Emva kokufundisisa inkondlo esencwadini yakho uphendula imibuzo elandelayo:


UMBUZO 1
1 Tomula bese ugagula imvumelwano etholakala ebinzeni. (2)
2 Chaza kafushane ngokusetshenziswa kokuxhumana emgqeni wesi-6 kuya (2)
kowesi-7.
3 Yini inhloso yembongi ekusebenziseni isifengqo emgqeni wesi-5? (2)
4 Chaza isigqi esitholakala ebinzeni lesi-3. (2)
5 Phawula ngempumelelo yembongi ekukhetheni la magama adwetshelwe (2)
( Ungaluphatha gadalala luyogqashuka,) emgqeni we-12 kule nkondlo.
IZIMPENDULO
1. Kwakhethwa uzi oluwusinga lobumhlophe
Kwaqokwa ubuhlalu obugabisa ubuhlalu obumhlophe. ü
Imvumelwano siqalo ü (2)
2. Imbongi isebenzise ukuxhumana siqalo ‘ngamehlwana …’ üukugqamisa ukuthi
intombi yehlulwe uthando lwensizwa yingakho isizinikela kuyona. ü
(2)
76

3. Inhloso yembongi ekusebenziseni isiqhathaniso ‘ …alunasiqalo nasiphetho. (2)


Ukugqamisa ukuthi akulula ukubona ukusuka nokuphela kwalo. üImbongi ithi
nocu uma seluphelile ukwakhiwa awube usabona la kuqalwe khona lwakhiwa
nalapho luphethe khona. ü
4. Leli binza linesigqi esinensayo, imigqa eminingi ivalekile futhi imbongi inomoya
wokuxwayisa. Imbongi ithi uthando akumele udlale ngalo ngobaluzophela.
(2)
5. Imbongi iphumelele kahle ukukhetha la magama ukugqamisa ukuthi uma
uthando ungaluphethe kahle luyaphela.
(2)
UMBUZO 2
1 Tomula ugagule ukuxhumana okutholakala ebinzeni lokuqala. (2)
2 Chaza kafushane indikimba egqanyiswa umugqa wesi-6 kuya kowesi-7. (2)
3 Fingqa ngamaphuzu amabili okushiwo ibinza lokugcina kule nkondlo. (2)
4 Chaza ngokusetshenziswa kwemvumelwano emgqeni wesi-8 kuya kowe 10. (2)
5 Phawula ngempumelelo yembongi ekukhetheni amagama abhalwe (2)
ngokugqamile ebinzeni lokugcina kule nkondlo.
[10]
IZIMPENDULO
1 Kwakhethw’ uzi oluwusinga lobumhlophe,
Kwaqokw’ ubuhlal’ obugabisa ubumhlophe, ü
Ukuxhumanasigcino. ü (2)
2 Le migqa igqamisa indikimba yothando. Imbongi igqamisa ukuthi intombi
ayikwazi ukubheka insizwa ngqo, iyakhophoza ngenxa yokuhlulwa wuthando.
üü (2)

3 • Uthando kumele uliphathe kahle uluhloniphe


• Uma ungaluphethe kahle uthando luyaphela lube nezinkinga. üü (2)

4 Imbongi isebenzise imvumelwano siqalo ‘Lu…..u’ükuletha umgqumo osamculo


omnandi kule nkondlo nokugcizelela uthando ilona elihlanganisa abantu (2)
abathandanayo . ü
5 Imbongi iwakhethe kahle lama gama ‘kuchitheka uphoko’ ukugqamisa ukuthi (2)
uma uthando lungaphethwe kahle kuba nezinkinga luphele. üü
[10]
77

UCU OLUMHLOPHE
Umbuzo Omude [10]
Uthando luyigugu lutholakala kanzima futhi akumele udlale ngalo uma
usulutholile. Fakazela lesi sitatimende ubhekise ekukhetheni amagama
Impendulo yakho ayibe amagama ayi-190 kuya kwangama-240.
Ngiyavumelana nalesi sitatimende esithi uthando lutholakala kanzima akumele udlale
ngalo nokuthi uthando luyigugu alutholakali kalula ngoba insizwa ibekezela isikhathi eside
isaphemba uthando enhliziyweni yentombi,iyinika nentombi ithuba lokuba icabange
ngalesi sicelo sayo.
Imbongi ithi ‘…uzi ubusinga lobumhlophe’ intombi iyaye ithathe isikhathi sayo ukuqoma
insizwa ngoba isuke isayofuna uzi ezolinika insizwa. Intombi yakha ucu ngobuhlalu
obumhlophe bekhethelo uma lwenziwa kuba nobuhlungu obuhambisana nesineke kanye
nokubekezela okuwuphawu lothando. Lolu cu ‘…Luny’ uhlamvu lwesiqalo
nolwesiphetho’ uma seluqalile uthando alubonakali uhlamvu okuqalwe ngalo
nokuphethwe ngalo .
Imbongi isebenzise ‘uphayiphayi nocwayicwayi’ uveza ukubukana nensizwa ngamehlo
agcwele uthando lokuzincengela omunye komunye iphinde igqamise ubuhle obuyigugu
bothando. Intombi ayikhulumi kodwa ikhulunyelwa amehlo ngotha`ndo esinalo ngensizwa.
Uthando seluyabahlanganisa, sebenezethembiso abathembisana zona bobabili
ezibahlanganisayo sebenhliziyonye.
Njengoba intombi isinikeze insizwa ucu sebevumelene ngothando sekumele lolu thando
baluphathise okwezikhali zamantungwa, bangaluphathi gadalala bazisane , bahloniphane
uma bengenzanga kanjalo uthando lwabo ngeke lube luhle kuzonakala izinto lushabalale
Ngempela kuyiqiniso ukuthi uthando luyigugu futhi lutholakala kanzima uma usulitholile
ludinga ukuphathwa kahle, lunakekelwe kungadlalwa ngalo ngoba uma udlale ngalo
kuzonakala izinto.
78

UKUKHETHWA KWAMAGAMA 12. ITHALA LOBUNZULU

Ithala:-indawo ephakeme endlini yesZulu lapho kubekwa khona imikhonto


lobunzulu:-ukudepha komqondo ujule/ukuzika kwamanzi ashone phansi kakhulu
Isihloko siveza ukujula kwendaba yokulwa kwabantu abamnyama befuna imfundo.
MtakaNdul’ emnyama – ‘mtaka’ iveze isiphongozo sokuthi izingane /umtwana womuntu
omnyama.
Induli:- utshani bokwenza amacansi obumile ngasemfuleni endaweni enesihlabathi.
Imbongi ithi abantu abamnyama babe yisizwe esidelelekile esibukelwa phansi, senziwe
umata wokunyathelwa ngabelungu.
Umthombo –umfula ogelezayo okuchaza ulwazi olungapheli.
Odlondlobale –ukuthuthuka kwento. Imbongi ithi umuntu omnyama wathola ulwazi wakhula
ngokomqondo.
Abasezitheni bawugqiba ngezixhokolo –abasezitheni abantu bezinye izinhlanga
ababandlulula abantu abamnyama.
Ngezixhokolo – amatshe amakhulu ayiqoqo. Imbongi ithi abelungu bazamile ukucindezela
abantu abamnyama bevinjelwa ukuba bathuthuke kwezemfundo.
Zamatshe asezinkeleketheni ezingenazala –
asezinkeleketheni – iwa noma amatshe amakhulu ayiwa .
Ezingenazala – izala- indawo lapho kulahlwa khona izibi ekhaya, ivamise ukuvunda .
Imbongi ithi lezi zizwe zicindezela umuntu omnyama ukuthi angabi nakusasa nantuthuko
empilweni.
Ithala seligezi incokazi – Ithala imikhonto eminingi ndawonye lokho okugudlisela imfundo
njengeskhali sempumelelo.
Incokazi - inkomazi exube amabala abomvu namhlophe umzimba wonke. Imbongi ithi isimo
singcono , abantu sebengafunda yona imfundo efike nabelungu.
Enezimpiko iyandiza iyophuza –enezimpiko- ukuba namandla okwenza okuthile. Imbongi
iveza ukuthi wonke umuntu usekhululekile ukwenza noma yini ayifisayo ngesikhali sakhe
esiyimfundo ukuthola ulwazi olujulile.
Kuleya nzulu yomthombo ochich’ uju – inzulu ulwazi olujulile-
ochich’ uju –ukugcwala injabulo. Imbongi ithi emveni kokuthola ulwazi olujulile kulethe
injabulo nezinguquko ezikhomba ukukhanya ezimpilweni zabantu.
Lwenzulu yobuchopho – iyobuchopho ukuhlakanipha –Imbongi ithi imfundo ilethe
ukuhlakanipha esizweni esinsundu
Mntaka afrika kulukhuni ezweni lakobelungu – imbongi ijeqeza emuva lapho ikhumbula
umuntu omnyama esacindezelekile nenkululeko engenayo.
Zilokhu zishabasheka zifukula – ukushabasheka kusho ukukhwishizela ungapheli
amandla uze uzuze lokho okufunayo.
Zifukula – ukuqukula/ ukuphakamisa into/,ukulekelela noma ukusiza umuntu ukuze athole
ulwazi. Imbongi ithi izifundiswa zakithi azikhathali ukunikezela ulwazi kulabo abasakhula.
Uquqaba lwakwethu olwagudluzwa ugqinsi lwenkungu ebuchosheni –
79

Uquqaba - abantu abaningi abangagqame ngalutho.


Ugqinsi lwenkungu – into eyakhele ndawonye okungaba umbala. Iyasebenzisa uma isuswa
/ ukungabi nalwazi lwezinto ezithize. Imbongi ithi izifundiswa zakithi azikhathali zifundisa
abantu abamnyama abangazi lutho ukuze nabo bathuthuke ngolwazi bayilangazelele
imfundo.
Inkundla ngeyakho bhaqa lwangomusa –
inkundla – indawo evulekile.
Ubhaqa- utshani obuqinile obusetshenziswa ukukhanyisa. Imbongi isebenzise uphawu
lokukhanya , ithi selifikile ithuba lokuba usebenzise isikhali sakho esiyimfundo
ukuhlangabezana nazo zonke izimo empilweni ukulungiselela ikusasa.
Kayiphons’ izikhali ephanda – igama ephanda - indawo ephezulu yokugaxa izikhali endlini
yesintu. Imbongi ithi abantu abayeke ukulwa basebenzisa isikhali sabo esiyimfundo
ukubhekana nezinqinamba zempilo.
Nangosib’ oluxoxa imibono -usiba into esetshenziselwa ukubhala indaba. Imbongi ithi
izifundiswa ziyokwazi ukubhala izincwadi zixoxa ngomlando wesintu ngokuhlukahlukana.
Elihle kakhulu libanjwa ngobuchopho libuyiswe ngobuchopho - imbongi ithi izwe
liphathwa ngabantu abafundile abazolibuyisela kubantu abamnyama ngemfundo.
Usicoshe imvuthuluka sibumbe isizwe somlando wezonwele olude- imvuthuluka into
eningi eyezinsalela zokuthize noma izinto eziwiselwe phansi. Imbongi ithi ngemfundo
encane abayitholile bakwaze ukuxoxa ngomlando (wokucindezelwa) wabelungu.

AMASU OKUHLUZWA KWEZINKONDLO


Umqondo wenkondlo
Imbongi ithi abantu abamnyama babe yisizwe esidelelekile esibukelwa phansi, senziwe
umata wokunyathelwa ngabelungu. Imbongi ithi abelungu bazamile ukucindezela
nokuvimbela ukuba bathuthuke kwezemfundo kepha umuntu omnyama wakwazi ukuthola
ulwazi wakhula ngokomqondo. Imbongi ithi akubanga lula ukubhekana nabelungu
abacindezeli bomuntu omnyama ukuthi angabi nakusasa nantuthuko empilweni. Imbongi ithi
abantu bathe bangafunda yona le mfundo efike nabelungu isimo sezinto saba ngcono.
Yingakho imbongi iveza ukuthi wonke umuntu usekhululekile ,akuqhutshekwe kufunde
ngakho lokhu okuncane esikutholayo.

Umoya
Le nkondlo inomoya oxubile ,owokukhathazeka nowokuncoma . Imbongi ikhathazwe
ukubona ubunzima obubhekene nabantu abamnyama becindezelwa ngabelungu. Ithi
kuyona leyo ncindezelo umuntu omnyama ugcine ekwazile ukuthola imfundo yingakho
incoma .

Indikimba
Indikimba yalenkondlo imfundo.

Umyalezo
Umlayezo oqukethwe yile nkondlo ukubaluleka kwemfundo nokusetshenziswa kwemithombo
eyahlukene ukuthuthukisa ulwazi nakuba kuwulwazi olungaphelele kodwa alubunjwe
kwakhiwe isizwe esingenakuphela / Kubalulekile uma wenza into uzimisele noma ngabe
isimo sinzima kangakanani ngoba ugcina uphumelele empilweni.

Isigqi
80

Isigqi sale nkondlo sixubile siyanensa sibuye sisheshe ngoba inkondlo inomoya
wokukhathazeka nowokuncoma. Nakuba kunokweqiwa konkamisa kwamanye amagama.

Ithoni
Kule nkodlo sithola ithoni yokukhathazeka/yokudumala. Imbongi ikhathazwa ukuthi abantu
abamnyama baphiliswa kanzima abelungu , bathola ulwazi kanzima becindezelwe..

Imifanekisomqondo
Imifanekiso mqondo yilawo magama asetshenziswa imbongi ukwakha imifanekiso
emqondweni walowo ofunda inkondlo. Kungashiwo futhi ukuthi izithombe magama.
Sikhuluma ngezinzwa (inzwa ebonakalayo, inzwa ezwakalayo/ elalelayo, inzwa ehogelayo,
inzwa yokunambitha nenzwa yokuthinta), izimo zokukhuluma (izifengqo, izaga nezisho)
kanye namagama acebile.

Izinzwa

‘Enezimpik’ ingandiza iyophuza’: (ukwenzasasilwane/ umfanekisomqondo


wokunambithekayo) – imbongi inxusa abantu ukuba baye kofunda ukuze kuguqulwe isimo
sabo somqondo.
‘ ‘selibukwa ngobhaqa’: (yokubonakalayo/isingathekiso) --- imbongi ifanisa imfundo
nobhaqa lokukhanyisa, ithi abantu abafunde ngoba amathuba emisebenzi bayowathola
ngoba befundile.
‘Ugqinsi lwenkungu’: (ihaba) imbongi igqugquzela bonke abantu ukuba baye kofunda
ukuze kuzosuswa inkungu yokungazi bese kufakwa ulwazi.

‘Nangosib’ oluxox’ imibono’: (ukwenzasamuntu/ wokuzwakalayo) – manje sekumele


bahlome izikhali zemfundo ( amapeni, izincwadi) bayeke imikhonto babhale izincwadi
ukugcina umlando.
‘Sicosh’ imvuthuluka sibumbe’: (wokuthintekayo) – noma esikutholayo kubukeka
kuyinsalela kepha singahlanganisa sakhe izwe lethu.

Izinzwa
ochich’ uju: (yokunambithekayo) – ithi abaye kofunda ukuze bezothola ulwazi oluningi.
‘uquqaba: (yokubonakalayo) – abantu bonke mabafunde bahlome ngezikhali zemfundo
uma befuna impilo engcono.
Kayiphons’ izikhali ephanda’: (yokubonakalayo) imbongi inxusa abantu ukuba babeke
phansi izikhali manje kepha balwe ngemfundo.

UMBUZO 1
1 Tomula isifengqo esitholakala emgqeni wesi-2 bese usigagula. (2)
2 Fingqa ngamaphuzu amabili umqondo oqukethwe umugqa wesi-5 kuya kowesi- (2)
8.
3 Chaza ukusetshenziswa kwe-enjambamenti etholakala emgqeni wesi-2 (2)
kuya kowesi-4
4 Yini inhloso yembongi yokusebenzisa ukuxhumana okutholakala emgqeni we- (2)
10 kuya emgqeni we-11.
5 Hlolisisa ithoni otholakala emigqeni wama-20 kuya kowama-21. (2)
[10]
81

IZIMPENDULO
1 Umthomb’ odlondlobaleü
Isingathekisoü (2)
2 • Imbongi abantu sebevumelekile ukuzikhethela ukuthi bafunde
• Imbongi ithi lolu lwazi olunothile lutholakala ezikhungweni zemfundo
ephakeme.üü
(2)
3 Imbongi isebenzise i-enjambamenti ukuxhumanisa umqondo osemgqeni
wesi-2 kuy
e emgqeni wesi-4. Imbongi igqamisa ukuthi umuntu (2)
omnyama uphumelele nakuba ebecindezelwe lingekho ithemba lokuthi
kukhona okuhle okungavela kuye. üü
4 Inhloso yembongi ukusebenzisa ukuxhumana okutshelekile ‘Elanamuhla libukwa
ngobhaqa, Izimbaqa eziqhakaze ethala’ ukugcizelela ukuthi esikhathini
sanamuhla kumele ube nemfundo , etholakala kanzima kungalindelwe muntu. (2)
üü
5 Le migqa igqamisa ithoni yokucasuka. Kunobuqiniso bokuthi kuyenzeka uthole
into ngendlela ehlukumezayo. Imbongi ithi umuntu omnandi uthole imfunjwana
eyenze wakwazi ukuxoxa ngemvelaphi yakhe yokucindezelwa ngabelungu. üü (2)

[10]
82

Ithala Lobunzu
Umbuzo omude (10)
Akuzange kube lula kubantu abamnyama ukuthola imfundo esezingeni eliphezulu,

Fakazela lesi sitatimende ubhekise kokushiwo imbongi, ukukhethwa kwamagama


nomoya.

Impendulo yakho ayibe amagama ayi-190 kuya kwangama-240.

Umlando oxoxwayo ngobandlululo lwaseNingizimu Afika luyakuveza ukuthi abantu


abamnyama bebecindezelwe ngazindlela zonke kungelula ukuba bafunde. Kule nkondlo
imbongi ikhuluma ngobunzima abantu abamnyama ababebhekene nabo kungelula ukuba
bathole imfundo.

Imbongi ithi ‘umthombo odlondlobale’ ukuveza ukuthi umuntu omnyama ukwazile


ukuziveza azimisele ngokufuna ukuthola ulwazi kungalindelwe muntu. Imbongi iphinde ithi ;
…ngezixhokolo igqamisa ingcindezelo yabantu abamnyama benikwa imfundo engasho
lutho, okwakucatshawangwa ukuthi ngeke ibe nazithelo noma namiphumela emihle.
Yingakho imbongi ithi ‘Ithala seligez’ incokazi’ ukugqamisa ukuthi isimo sesishintshile,
abantu sebeyakwazi ukuyofunda bathole ulwazi.

Imbongi iqhubeke nokubalisa uma ixoxa le ndaba yokucindezelwa kwabantu abamnyama ;


ithi ‘ Elanamuhla selibukwa ngobhaqa…izimbanqa….’ ukuveza ukuthi kudingeka umuntu
ofundile kulesi sikhathi samanje othole imfundo ekade engabalulekile/ enganakiwe. Ithi
imbongi labo asebefundile bayakwazi ukwelekelela abangakayitholi imfundo babanike ulwazi
, yingakho ithi ‘ …zishabasheka zifukula…uquqaba…olusagudluza. Ngakho-ke imbongi
ithi; Inkundla ngeyakho bhaqa lwangomusa’. Okusho ukuthi wonke umuntu ofuna ulwazi
nemfundo akasavinjelwa muntu, usekhululekile ukuyo funda.

Imbongi iphinde iveze isimo sabantu abamnyama ababebhekene naso uma ithi ,
‘Kayiphons’ izikhali ephanda’ igqamisa ukuthi esikhathini sakudala abnatu babephila
ngokulwa ngakho-ke abantu abamnyama kumele bakhohlwe ukulwa ngemikhonto kodwa
balwe impi yokusebenzisa umqondo yingakho ithi imbongi ‘ Indlondlobale ngenzulu
yobuchopho’.

Imbongi income ukuthi uma abantu sebefundile bayakwazi ukubhala phansi babeke imibono
yabo futhi ikholelwa ekutheni izwe libuye ngenxa yemfund. Yingakho ithi , Sicosh’
imvuthuluka sibumbe’ ngemfundo ebisezingeni eliphansi yabantu abinikwa abantu
abamnyama yenze bakwazi ukuyisebenzisa baxoxa umlando wokufunda kwabo ngaphansi
kombuso wabelungu.

Impela umlando oxoxwayo ngobandlululo lwaseNingizimu Afika luyakuveza ukuthi abantu


abamnyama bebecindezelwe ngazindlela zonke kungelula ukuba bafunde. Lokhu
kufakazelwa imbongi ikhuluma ngobunzima abantu abamnyama ababebhekene nabo
kungelula ukuba bathole imfundo kodwa bathi uma beyithola bakwazi ukufundisa abanye ,
babhala umlando wokuhlukunyezwa ngabelungu..
83

IRUBHRIKHI YOLIMI LWASEKHAYA


ISIQEPHU A: IRUBHRIKHI YOKUHLOLA UMBUZO OMUDE WENKONDLO [AMAMAKI AYI-10]

Izinkomba Kuhle kakhulu Kuhle Kuyagculisa Akugculisi kahle Akugculisi nhlobo

OKUQUKETHWE 5–6 4 3 2 0–1

-Ukuhunyushwa kwesihloko -Ukhombisa ulwazi -Isihloko usihlaziye -Ukuhunyushwa kwesihloko -Akanalo nhlobo ulwazi
okunzulu ngesihloko futhi usihumushe ngokugculisayo akugculisi kahle lokuphendula inkondlo
Ukuhunyushwa kwesihloko kahle
-Amaphuzu amahle kakhulu -Akhona amaphuzu amahle -Kuthukela kuvela amaphuzu -Akukho nhlobo
Amaphuzu anobunzulu, ahlukene asekelwe kabanzi -Impendulo echaza asekela isihloko asekela isihloko okuhambisana nenkondlo
ukusekela kanye nokuqonda kubhekiswe enkondlweni ngokwenelisayo
kabanzi ithekisthi. -Amanye amaphuzu -Ulwazi lwenkondlo -Ohlolwayo akanalo nhlobo
-Ulwazi oluhle kakhulu -Amanye amaphuzu asekeliwe kodwa ubufakazi alugculisi kahle. ulwazi lwenkondlo.
lwenkondlo. anembayo kodwa bubuye bungagculisi kwenye
6 AMAMAKI awasekeliwe onke ngendlela inkathi
elindelekile
-Ulwazi lwenkondlo
-Ulwazi lwenkondlo luhle. olugculisayo.

ISAKHIWO KANYE NOLIMI 4 3 2 1 0–1

-Isakhiwo esihleleke kahle -Isakhiwo esihleleke kahle -Kukhona nokho ukuhleleka -Isakhiwo sikhombisa -Isakhiwo asihlelekile kahle
kakhulu futhi amaphuzu ageleza kwesakhiwo amaphutha ezingeni neze
Isakhiwo, ukugeleza ngokulandelana kahle lokuhleleka
okuhlelekile kwamaphuzu -Amaphuzu ahleleke kahle -Amaphuzu awagelezi futhi -Ulimi lunamaphutha
kanye nokwethula kakhulu futhi athungelana -Ukugeleza kwamaphuzu awahlelekile -Amaphuzu awahlelekile amaningi kanye nesitayela
kahle kakhulu kuyalandeleka ngokugculisayo esingagculisi neze.
Ulimi, ithoni kanye nesitayela -Amaphutha olimi
esisetshenzisiwe embuzweni -Ulimi, ithoni kanye -Ulimi, ithoni kanye ayingcosana, ithoni kanye -Ulimi lunamaphutha -Awekho amaphuzu
omude. nesitayela kukhombisa nesitayela kuhle. nesitayela kusetshenziswe amaningi ahambelana nesihloko.
ukuvuthwa komqondo, ngokugculisayo.
kuyaheha futhi kushaya -Ithoni nesitayela akugculisi
emhlolweni kahle.
4 AMAMAKI
-Ulimi, ukupelwa
kwamagama kanye
nezimpawu zokuloba
akunamaphutha nhlobo.

QAPHELA:Uma ohlolwayo engazange abhale sanhlobo ngokubuziwe, waqoka ukuziqmbela i-eseyi akatholi lutho amamaki okuqukethwe kanye nesakhiwo nolimi
84

AMANOVELI/ UMDLALO

A FUNDISISA UMYALELO / UMBUZO

ISIHLOKO

ISITATIMENDE INDLELA OBONA


NGAYO /
UMYALELO / INDIKIMBA
UMBUZO

I – ESEYI

(Khumbula izehlakalo)

B UKUHLELEKA KWEMPENDULO

1.ISINGENISO

3.ISIPHETHO 2.UMZIMBA
85

IMPI YABOMDABU ISETHUNJINI: BUTHELEZI JC


IZEHLAKALO/ IZIGAMEKO

• Ukufika kukaNjini Cele emzini kaBafana eMlazi esuka eMpaphala.


• Ukungemukeleki kukaCele emzini kaBafana ngoba engalishayanga iphoyinti.
• UBafana uyawuchitha umbono kaNjini unqaba uyaphetha ukwamukela izingane zikaLinono.

• U-Uzithelile uyazivikela ekugcwanekweni uKhanjana ongumfana elusa naye ngokumthela


induku amehlule.

• UPopie wenqaba ukuthatha izingane zikaLinono noma uMathiloni Dladla emyala.


• Ukufika kukaBen Martin kwaJeffrey, Wilson & Sons efisa ukusiza abantu abambamnyama
ethembe ukuxhunyaniswa nabo nguBafana uyadumala lapho emtshela emehlweni ukuthi
yena akahlanganise lutho nabantu baselokishihi yena usonta nabelungu.
• UBafana uthethisa u-Euthenisia ngokuntshontsha imali kaMaXakushe nemoto kaMiss
Hawkins.
• UBafana ukhuluma noPoppie ngodaba lokwebiwa kwemali kaMaXakushe uEuthenisia.
• UPoppie uxabana noMaXakushe ngokumeqa axoxele uBafana udaba lokwebiwa kwemali
yakhe u-Euthanisia aphethe ngokumxosha.
• U-Euthenisia uyeqa eMlazi alibangise eMpaphala kwamkhulu wakhe uCele afike amukelwe
ngezimhlophe aze ahlatshiswe imbuzi athelwe ngenyongo afakwe nesiphandla imbala.
• Iqala phansi ingxabano phakathi kukaPoppie noBafana eLa Lucia uma esefuna ukwenza
iziqu zePhd engafuni uBafana.
• UBafana uxabana noPoppie ngodaba lwemoto ayithengele izingane ngaphandle
kokuvumelana.
• UBafana uxabana noMaMthunzi ngokwebiwa nokulinyazwa kwemoto yakhe uPrisca
noNkebelele.

• UMgwazeni ukhwela uyadilika kuNgubane ngokulimala kukadadewabo uPrisca umdonsa


ngendlebe ukuba esule icala lokuthathwa kwemoto yakhe ngapandle kwemvume uma
engakwenzi lokho uzombulala.

• UBafana ubalekela kuCebo Masuku kwaMashu ababefunda naye eManzimtoti.

• UBafana uxabana noMaMsibi ngenxa yobudedengu bukaFafana obuholele ekulimaleni


kwemoto kaSibeko.
86

IMPI YOMDABU ISETHUNJINI 01


UMBUZO OMUDE [25]
Lithatha osemsamu limphose emnyango, lithathe osemnyango limphose
emsamu. Hlaziya lesi sitatimende usibhekise kwiNoveli ethi Impi
Yabomdabu Isethujini.
Impendulo yakho mayibe ngamagama angama-290-340.
Ngiyavumelana naleso sitatimende esithi lithatha osemsamu limphose emyango. Lesi
isimo sokukhuluma esiyisaga, sichaza ukuthi obusayo angagcina esehlupheka,
ohluphekayo angagcina esebusa. Kule noveli ethi Impi Yabomdabu Isethunjini
kunabalingiswa ababusayo ,abaphila impilo ephezulu kodwa bagcina sebehlupheka,
bese kuba nabalingiswa abahluphekayo kodwa abagcina sebebusa. Lokhu sikubona
UBafana uvela njengomlingiswa onakho konke obusayo lokhu kugqama ngenkathi
uBafana exosha umalume wakhe uNjini ngoba engalwenzanga uhlelo
lokuhlangana.Usemnika ikhadi lakhe lokuhlangana Lokhu kugqama ngendlela ekudliwa
ngayo , impahla engaphakathi endlini ,uhlobo lwezimoto anazo lokhu kumenza
angakwazi nokubingelela nomakhelwane.Lokhu kuphila kahle kuka Bafana akazazisi
izihlobo zakhe uze ahluleke nokwamukela izingane zikaLinono ongudadewabo
okungoUzithelile no Lungisani lezi uCele eze ngazo ukuzozicelela indawo
yokuhlala uBafana ugcina esemkhakhabise okwenja .

UBafana akafuni ukusiza abantu abamnyama njengoba uBern Martin ayenesifiso


sokusiza abamnyama. UBafana utshela uBen ukuthi ayikho yena into
emhlanganisa nabantu bakwaMashu nase Lindelani, yena nomndeni wakhe basonta
nabeLungu. Konke okwenziwa uBafana kumveza ngokusobala ukuthi ukubusa
kwakhe kumenza azibone engcono kunomndeni waseMpaphala. UBafana unikwa
uTerry Lewis izincwadi kodwa uyehluleka ukuzifunda ushiya umsebenzi ngenxa
yophuzo olunamandla,Emuva kokushiya usebenzi izinto seziyaqala ziyamphendukela
uBafana useze uzimbandakanya nophuzo olunamandala.UBafana uya eMadadeni
lapho afika wazibiza ngoJohnny ozishaya injingana ngenxa yokuba nemali. wathola
umasihlalisane onguMaMthunzi. UPrisca oyindodakazi kaMaMthunzi nesoka lakhe
uNkebelele bantshontsha imoto kaBafana bayayigingqa, uyashiya eMadadeni
ngenxa yokusatshiswa uMgwazeni oyindodana kaMaMthunzi.UMgwazeni usabisa
uBafana ngokuthi uma engalisuli icala naye impilo yakhe izosulwa emhlabeni. Uya
eThekwini uhlala naMaMsibi ufika ushayisa imoto yakwamakhelwane, uMhlolithwasa
uyamxosha uthi akaphindele eMpaphala ayosusa isinyama. UBafana eseshawe
umhlaba ubuyela eMpaphala kubantu abahluphekayo futhi anqaba ukubasiza
ngoba ebusa, uthola ukwamukeleka kwaCele kanye nomndeni wonke uyahlatshiswa
UBafana uqhubeka nezifundo zakhe ugada nepulazi likaHlanganisani anqaba
ukumsiza konke lokhu kfakazela ukuthi lithatha osemsamu limbeke emnyango lithathe
osemnyango limbeke emsamu.
UPoppy uyabusa unakho konke uze angabazi abanye abantu. Lokhu ukukhombisa
emva kokuba uBafana amtshele ukuthi umalume uCele ubezocelela izingane
zikaLinono indawo yokuhlala. Lokhu kuphetha ngokuthi baxabane uze athi yena
ungowaseLokishini eLaksi, okusho ukuthi yena ungcono kunabantu baseMpaphala,
uze axoxele ozakwabo emsebenzini lolu daba, nabo bahlukana phakathi abanye bathi
akazithathe abanye bathi akangazithathi. UPoppy uphatha kabi abantu abagulayo
ngenxa yokuthi abasemakhaya, uthi usayoqala ngokudla. UPoppy uchitha ukudla
emgqonyeni ngenxa yokubusa kodwa kukhona umndeni olambile eMpaphala. UPoppy
utshelwa nguBafana ukuthi u-Euthenesia untshontshe imali kaMaXakushe athenge
ngayo izingubo, uPoppy ukhombisa ukuvuna indodana yakhe. Uhlanganisa imali
87

eyathathwa u-Euthenesia ukhokhela uMaXakushe qede uyamxosha, lokho kuveza


ukuthi usebenzisa ukubusa kwakhe ukucindezela abantu abahluphekayo.
UPoppy ufonelwa uHlanganisani ufuna ukumtshela ukuthi u-Euthenesia
uphephile,uPoppy ukhombisa ukwedelela akambuzi impilo umshana wakhe ngoba
ukubusa kwakhe kwenza angaziboni ecela usizo kuHlanganisani. UPoppy ukhombisa
ukungayinameli inyama ebuya no-Euthenesia eMpaphala ngoba yena ukholelwa
enyameni ehloliwe. UPoppy emqhudelwaneni ukhombisa ukungazithandi izingane
zikaLinono futhi uzibukela phansi ngoba zona zihlupheka yena enakho konke. Uze
enze imizamo yokuzibulala kodwa uyahluleka. UPoppy usebenzisa ukubusa kwakhe
uthengela izingane zakhe imoto engaxoxisananga noBafana, lokhu kwenza ukuthi
uBafana ashiye umuzi wabo ose Lalucia,aphindele eMlazi. UPoppy ubuyela
eMpaphala ayengayifuni nokuyibona esehamba ngezinduku, uCele uyamemukela
ngezandla ezimhlophe.Lokhu kugqamisa ukuthi lithatha osemsamu limbeke emnyango
lithathe osemnyango limbeke emsamu.

U-Uzithelile ukhule ehlupheka kodwa lokho akumnqandanga ukuba agcine


esebusa. Simthola eqala ediphini ngaphambi kokuba aye esikoleni aphinde aphase
ngamalengiso. U- Uzithelile usebenza ngokuzikhandla ngenhloso
yokushintsha isimo senhlupheko ababhekene nayo. Udla umhlanganiso
emqhudelwaneni wokugijima eThekwini. Uyadlula uya eGoli nakhona ubashaya
amakhanda, udlulela phesheya kwezilwandle uthola umfundaze wokuyofunda
phesheya. Emva kokufunda phesheya wenza izinguquko eMpaphala,uthuthukisa
abantu besifazane kanye nabantu basemakhaya. Impilo iyashintsha ugcina esedla
izambane likapondo.Lokhu kuveza ukuthi ngempela liyamthatha osemnyango liphose
emsamu.
UHlanganisani ungumlingiswa okhaliphile ngoba simthola ebamba amatoho
ezingadini zabelungu ngenhloso yokuxosha ikati eziko ekhaya kwaCele.
UHlanganisani uyakuthanda ukufunda izincwadi aqhathanise imibono yababhali. lokho
kwenza ukuba agcine esephumelela, uHlanganisani uphuma phambili
emqhudelwaneni wokugijima eThekwini, udlulela eGoli nakhona udla umhlanganiso.
UHlanganisani ufunda oNgoye adlulele eMelika. Emva kokufunda uHlanganisani
wenza ushintsho eNyuvesi yasoNgoye. EMpaphala kwaCele nakhona kuba
noshintsho kuphilwa kahle ngenxa yezingane zikaLinono uphinda asize umalume
wakhe owayengafuni ukubathatha besahlupheka.Lokhu kuphinde kukugqamise ukuthi
lithatha osemnyango limbeke emsamu.
UCele uyahlupheka kodwa lokho akumshintshi indlela akhathalela ngayo umndeni,
lokhu sikubona ngesikhathi efika emzini womshana wakhe ezocelela izingane
zikaLinono indawo yokuhlala kepha akalutholanga usizo, uBafana wamkhakhabisa
okwenja. UCele ngesikhathi ebuyela eMpaphala wayephatheke kabi indlela aphathwa
ngayo umshana wakhe kodwa uthe efika ekhaya wambeka uBafana emthandazweni
wabe esezibonela uMaKhumalo ukuthi umyeni wakhe akahambanga kahle
eThekwini. UCele ugcina esebusa esenomuzi omuhle, ukhombisa ukungambambeli
amagqubu uBafana, okunalokho uyamamukela emzini wakhe, uyamhlabisa ujabulela
ukuthi ubuye esaphila nomndeni wakhe lokhu kuphinde kugqamise ukuthi ngempela
liyamthatha osemnyango limbeke emsamu lithathe osemsamu limbeke emnyango.

Ngalezi zibonelo ezingenhla kucace bha ukuthi lithathe osemsamo lamphose


emnyango,lathatha osemnyango lamphosa emsamo .U mndeni waseMlazi eThekwini
ububusa ungasizi muntu kodwa ugcina ungasabusi sezijikile izinto kulapho
abaseMpaphala sebebusa ngemuva kokuhlupheka isikhathi eside.
88

IMPI YABOMDABU ISETHUNJINI 02


UMBUZO OMUDE [25]
Abantwana abakhula kanzima kuvamile ukuthi baphumelele kunabantwana
abakhula bebusa bekuthola konke abakudingayo.
Fakazela lesi sitatimende ubhekisa impendulo yakho kule Noveli ethi Impi
yabomdabu isethunjini.
Impendulo yakho mayibe ngamagama angama-290-340.

Kuyiqiniso elingephikwe ukuthi kwesinye isikhathi izingane zikhule kanzima kuvamile


ukuthi ziphumelele kunalezo ezikhule zibusa zikuthola konke ezikudingayo.Lokhu
kungaba yibangela yokuthi uma ukhula kanzima uyaye ube nezifiso zokuthi ngelinye
ilanga nawe uphile impilo engcono usuphumile ebunzimeni.Kanti lezi ezikhula zibusa
ziyaye zingabi nalo ugqozi ngoba zisuke sezinakho konke ezikudingayo futhi
zethembele emafeni abazali.Lokhu kuyafakazeka kule Noveli impi yabomdabu
isethunzini lapho zithole ingane ezikhule kanzima ziphumelela kakhulu kunalezo
ezikhule zibusa.Singabala u- Uzithelile kanye noHlanganisani abakhule kanzima bese
sibala noMelody kanye noEuthenasia abakhule bebusa.

U-Uzithelile ukhula kanzima ekhuliswa umkhulu kanye nogogo wakhe uvuka ekuseni
njalo ngoLwesihlanu aye kodipha izinkomo lokho kwenza aphuthelwe ikilasi lezibalo .
Ulwa nabafana ekwaluseni engasizwamuntu njengoba ashaya uKhanjana emdelela
ngoba engowesifazane phakathi kwabafana lokho kukhula kanzima kuka-Uzithelile
akumkhubazanga ngabe simbona eephokophela empumelelweni .Uyaphumelela
nasekugijimeni uze athole umfundaze wokuyofunda eMelika ,uma esebuya
ugqugquzela abantu besifazane ukuba bavuke bazithathe bangagcini ngokusebenza
emakhishini. Konke lokhu kudalwe ukukhula kanzima okuyikona okumbeke
empumelelweni.

UHlanganisani ukhule kanzima uvuka ekuseni njalo uma linile ayokha amakhowa ukuze
awadayise athole imali yokuthenga izincwadi zakhe nodadewabo u-Uzithelile
.Ngezimpelasonto usebenza emajalidini eShowe uze abizwe ngongajana
nangongubondala ngoba egqoka izingubo aziphiwe abelungu.Esikoleni uhlangabezana
nobunzima lapho edelelwa abafana baselokishini bemsola ngokuthakatha ngoba enza
kahle ezifundweni .Konke lokhu akumthenanga amanandla ngoba efuna ukuphumelela
ashintshe impilo yakhe .Uyaphumelela esikoleni nasekugijimeni uze ayofunda phesheya
uma ebuya phesheya uyalekelela enyuvesi yasOngoye ukubuyisa isithunzi sayo
.Wakha umuzi wakhe Kanye nowakaCele . Konke lokhu kwenza izinto kahle kudalwa
ubunzima adlule kubo.

U-Euthenasia ukhule kahle ethola konke akufunayo .Uzalwa abazali abasebenzayo.


Ekhaya kunesisebenzi uMaXakushe angasazi nokuthi siwubani Uyasithuma
njengengane encane .Ufunda esikoleni sabelungu njengoba egijima unomqeqeshi
omqeqeshayo .Ugqoka izingubo ezibizayo ezinamagama .Umama wakhe uPoppie
umthengela imoto ngoba entshontshe imoto kathisha wakhe uMiss Hawkins .Lokhu
kukhulu kahle kwakhe akumenzanga waphumelela njengokucabanga nokufisa
kwabazali bakhe,kodwa kudingeke ukuthi abuyele eMpaphala kulezi zingane ezikhule
zihlupheka okungo Hlanganisani no-Uzithelile okuyibona abamlekelelile ukuze
aphumelele njengoba egcine esewudikotela wamehlo.

UMelody ukhula kahle ekhulela ekhaya elifudumele . Uyintombazane engenzi lutho


89

njengoba kunesisebenzi esiwuMaXakushe .Uhlala abuke umabonakude usuku lonke.


Ukhuluma nesoka lakhe uPrince ocingweni angaqedi kuze kuthethe uMaXakushe.
Uyazipenda ebusweni ,ufaka nezinzipho alungise nezinwele .Kukho konke lokhu
kubusa nokuphila kahle kodwa impilo yakhe ayihambi kahle.Uyakhulelwa uthola
izingane ezimbili engashadanga .Akawutholi umsebenzi awuthandayo uze ubhalela u-
Uzithelile incwadi emtshela ngempilo yakhe enzima esho nokuthi usefisa
nokuzibulala.U-Uzithelile ufundela ubafowabo incwadi evela kuMelody beseMelika
banquma ukuba athengelwe amathikithi ebhanoyi eze kubona ukuze ezofunda
phesheya njengabo.Impilo kaMelody iwubufakazi bokuthi ukuphuma ekhaya elinakho
konke akukwenzi uphumelele empilweni kodwa uyabadinga abanye abantu ngisho
nalabo abakhulanga bebusa ukuze bakuleklele.

Amaphuzu angenhla awubufakazi bokuthi abantwana abakhule kanzima


bayaphumelela kunalabo abakhule bebusa . Izingane zakwaNgubane okungu
Hlanganisani ,Uzithelile,Euthinasia noMelody bawubufakazi obuqanda ikhanda ukuthi
impumelelo ayenziwa indlela okhule ngayo.

IMPI YABOMDABU ISETHUNJINI 03


UMBUZO OMUDE [25]
Kulesi sikhathi samanje kusenabantu abanobuntu obumangazayo
nabangenabo ubuntu. Sekela lesi sitatimende ngokwenzeka kule noveli.
Impendulo yakho mayibe ngamagama angama-290-340.
Lesi sitatimende siyiqiniso ngoba esikhathini esiphila kusona bakhona abantu
abasenobuntu obumangazayo,abasiza abanye abantu bengabheke nzuzo, udumo
nokunconywa .Kuphinde kubekhona nalabo abangenabo ubuntu sanhlobo.Abalingiswa
abanobuntu uCele,MaXakushe,Hlanganisani no u-Uzithelile.Abangenabo ubuntu uPoppie
no Bafana.
UCele usuka eMpaphala uzocelela izingane zikaLinonookunguHlanganisani no u-
Uzithelile indawo yokuhlala kuBafana. Usizau-Euthenasia uma ehlaselwa isifub
uyamkhulekela,nakuba yena engamukelwanga kahle kwaNgubane. Wafika
kwaNgubane ephethe umngenandlini, nakuba bengawamukelanga kwaNgubane.
Ukhipha umphako bawudla noMadonsela, baze bapha nomakesi. Akapheli mandla
ngokunakekela uHlanganisani no-Uzithelile. Wamukela u-Euthenasia ngesikhathi
efika eMpaphala uze uyamhlabisa, umthela ngenyongo, umfaka isiphandla
aphinde amuse nasemalibeni. Wamukela umndeni wakwaNgubane ngesikhathi
usushaywe umhlaba uze uyabahlabisa ubathela ngenyongo.
UMaXakushe ukhulisa izingane zakwaNgubane ngothando nakuba abazali
bazo bengenaso isikhathi sezingane zabo. Uzifundisa inhlonipho, indlela
yokuziphatha, uzenzisa umsebenzi wesikole. Unakekela uBafana njengendodana
yakhe.Akamzondanga u-Euthenasia ngezenzo zakhe zokumntshontshela.Ukhombisa
inhlonipho kuPoppie nakuba yena wayemdelela.

UHlanganisani uyawuthanda umndeni wakwaNgubane nakuba azi ukuthi


eMlazi abamamukeli.Ukukhuthaza uMelody ukuba aphumelele esikoleni
ayofunda.Wamukela izingane zikaMelody ulandela usikompilo ukuthi izingane
zegazi lakhe ezakhe.Wayebuya nezincwadi ejalidini, anikezenezingane zomphakathi
ukuthi zifunde.Wayengaphindiseli okubi ngokubi kulabo ababemhlukumeza,
oSikhumbuzo noZenzele bembiza ngengane yenyanga.
90

Wayepha abanye abafundi umphako wakhe esikoleni. UZithelile uyala uMelody ukuthi
avuke azithathe. Wadela umsebenzi wobudokotela phesheya kwezilwandle
wabuyelaeMpaphala eyothuthukisa imiphakathi kanye nabesifazane
abamnyama.Usiza abantu besifazane ukuba bazithuthukise bangasebenzi emakhishini.

Akanabo ubuntu ,uxosha umalume wakhe uNjini Cele ngekathi efike kwakhe eMlazi
ngoba ethi akalwenzanga uhlelo lokuhlangana,uyenqaba ukuthatha izingane
zikadadewabo uLinono okungoHlanganisani no Uzithelile .Akezwani nomakhelwane
akababingeleli . uBafana uphinde anqabe ukwelekelela u Ben Martin ukumxhumanisa
nabantu abamnyama .Ngenkathi kunomqhudelwano Ongoye akafuni izingane zakhe u-
Euthinasia noMelody bahlangane nezingane zaseMpaphala .Akaxhumani nomndeni
wakhe waseMpaphala noma esenkingeni akawubikeli umndeni lezi zenzo zikaBafana
azibukhombisi ubuntu.

Uwunkosikazi kaBafananaye ongenabo ubuntuakamkhuzi umyeni wakhe umangabe


enqaba ukuthatha izingane zika Linono . Ukhuluma ngalokho emsebenzini akaliboni
iphutha noma sebemkhuza abanye ,unqaba ukusiza isiguli saseMpaphala ufuna
ukukhothanyelwa nokuncegwa ngomsebenzi wakhe.Akanaso isikhathi sokukhuluma
nendodakazi yakhe uMelody njengoba esesigabeni sokukhula emaphutheni ayo, akanaso
isikhathi sika Hlanganisani ngesikhathi emshyela ucingo ngesikhathi efuna ukumtshela
ukuthi u-Euthy useMpaphala.Uxosha uMaXakushe ngoba engafuni ukuqondisa ingane
yakhe emaphutheni.Ushisa izincwadi zika Bafana ngoba ufuna abuyele ekhaya.Uthengela
izingane imoto bengavumelananga ngomyeni wakhe .Izenzo zikaPoppie ziwubufakazi
ukuthi akanabo nhlobo ubuntu.

Kuliqiniso elingephikwe ukuthi basekhona abantu abasenobuntu kanti nabangenabo


ubuntu basekhona. Amaphuzu angenhla ayakufakazela lokhu. uNjini ,uMaXakushe,
uHlanganisani no-Uzithelile bayabuveza ubuntu kule noveli. UBafana noPoppie
bangabalingiswa abakhombise ukungabi nabuntu.

IMPI YABOMDABU ISETHUNJINI 04


Umbuzo Omude
Lithatha osemsamu limphose emnyango, lithathe osemnyango
limphose emsamu. Hlaziya uhlolisise lesi sitatimende usibhekise
kwiNoveli ethi Impi Yabomdabu Isethujini.
Impendulo yakho mayibe ngamagama angama-290-340. [25]

Ngempela kuyiqiniso okushiwo yilesi sitatimende ngoba kuyenzeka abantu abebebusa


bephila kahle bagcine sebehlupheka Kule noveli kunabalingiswa okunguBafana,
uPoppy, u-Uzithelile, uHlanganisani kanye noCele abagcine sebephila impilo
yokuhlupheka beqale ngokubusa nabaphile impilo yokubusa bebe beqale
ngokuhlupheka.

UBafana uvela njengomlingiswa onakho konke obusayo lokhu kugqama ngenkathi


uBafana exosha umalume wakhe uNjini ngoba engalwenzanga uhlelo
lokuhlangana.Usemnika ikhadi lakhe lokuhlangana Lokhu kugqama ngendlela ekudliwa
ngayo , impahla engaphakathi endlini ,uhlobo lwezimoto anazo lokhu kumenza
angakwazi nokubingelela nomakhelwane.Lokhu kuphila kahle kuka Bafana akazazisi
izihlobo zakhe uze ahluleke nokwamukela izingane zikaLinono ongudadewabo
okungoUzithelile no Lungisani lezi uCele eze ngazo ukuzozicelela indawo
yokuhlala uBafana ugcina esemkhakhabise okwenja
91

UBafana akafuni ukusiza abantu abamnyama njengoba uBern Martin ayenesifiso


sokusiza abamnyama. UBafana utshela uBen ukuthi ayikho yena into
emhlanganisa nabantu bakwaMashu nase Lindelani, yena nomndeni wakhe basonta
nabeLungu. Konke okwenziwa uBafana kumveza ngokusobala ukuthi ukubusa
kwakhe kumenza azibone engcono kunomndeni waseMpaphala. UBafana unikwa
uTerry Lewis izincwadi kodwa uyehluleka ukuzifunda ushiya umsebenzi ngenxa
yophuzo olunamandla,Emuva kokushiya usebenzi izinto seziyaqala ziyamphendukela
uBafana useze uzimbandakanya nophuzo olunamandala.UBafana uya eMadadeni
lapho afika wazibiza ngoJohnny ozishaya injingana ngenxa yokuba nemali. wathola
umasihlalisane onguMaMthunzi. UPrisca oyindodakazi kaMaMthunzi nesoka lakhe
uNkebelele bantshontsha imoto kaBafana bayayigingqa, uyashiya eMadadeni
ngenxa yokusatshiswa uMgwazeni oyindodana kaMaMthunzi.UMgwazeni usabisa
uBafana ngokuthi uma engalisuli icala naye impilo yakhe izosulwa emhlabeni. Uya
eThekwini uhlala naMaMsibi ufika ushayisa imoto yakwamakhelwane, uMhlolithwasa
uyamxosha uthi akaphindele eMpaphala ayosusa isinyama. UBafana eseshawe
umhlaba ubuyela eMpaphala kubantu abahluphekayo futhi anqaba ukubasiza
ngoba ebusa, uthola ukwamukeleka kwaCele kanye nomndeni wonke uyahlatshiswa
UBafana uqhubeka nezifundo zakhe ugada nepulazi likaHlanganisani anqaba
ukumsiza konke lokhu kufakazela ukuthi lithatha osemsamu limbeke emnyango lithathe
osemnyango limbeke emsamu.

Ngalezi zibonelo ezingenhla ziwubufakazi bokuthi lithatha osemsamo lamphose


emnyango,lathatha osemnyango lamphosa emsamo .U mndeni waseMlazi eThekwini
ububusa ungasizi muntu kodwa ugcina ungasabusi sezijikile izinto kulapho
abaseMpaphala sebebusa ngemuva kokuhlupheka isikhathi eside.

UPoppy uyabusa unakho konke uze angabazi abanye abantu. Lokhu ukukhombisa
emva kokuba uBafana amtshele ukuthi umalume uCele ubezocelela izingane
zikaLinono indawo yokuhlala. Lokhu kuphetha ngokuthi baxabane uze athi yena
ungowaseLokishini eLaksi, okusho ukuthi yena ungcono kunabantu baseMpaphala,
uze axoxele ozakwabo emsebenzini lolu daba, nabo bahlukana phakathi abanye bathi
akazithathe abanye bathi akangazithathi. UPoppy uphatha kabi abantu abagulayo
ngenxa yokuthi abasemakhaya, uthi usayoqala ngokudla. UPoppy uchitha ukudla
emgqonyeni ngenxa yokubusa kodwa kukhona umndeni olambile eMpaphala. UPoppy
utshelwa nguBafana ukuthi u-Euthenesia untshontshe imali kaMaXakushe athenge
ngayo izingubo, uPoppy ukhombisa ukuvuna indodana yakhe. Uhlanganisa imali
eyathathwa u-Euthenesia ukhokhela uMaXakushe qede uyamxosha, lokho kuveza
ukuthi usebenzisa ukubusa kwakhe ukucindezela abantu abahluphekayo.

UPoppy ufonelwa uHlanganisani ufuna ukumtshela ukuthi u-Euthenesia


uphephile,uPoppy ukhombisa ukwedelela akambuzi impilo umshana wakhe ngoba
ukubusa kwakhe kwenza angaziboni ecela usizo kuHlanganisani. UPoppy ukhombisa
ukungayinameli inyama ebuya no-Euthenesia eMpaphala ngoba yena ukholelwa
enyameni ehloliwe. UPoppy emqhudelwaneni ukhombisa ukungazithandi izingane
zikaLinono futhi uzibukela phansi ngoba zona zihlupheka yena enakho konke. Uze
enze imizamo yokuzibulala kodwa uyahluleka.
92

UPoppy usebenzisa ukubusa kwakhe uthengela izingane zakhe imoto


engaxoxisananga noBafana, lokhu kwenza ukuthi uBafana ashiye umuzi wabo ose
Lalucia,aphindele eMlazi. UPoppy ubuyela eMpaphala ayengayifuni nokuyibona
esehamba ngezinduku, uCele uyamemukela ngezandla ezimhlophe.Lokhu kugqamisa
ukuthi lithatha osemsamu limbeke emnyango lithathe osemnyango limbeke emsamu.

U-Uzithelile ukhule ehlupheka kodwa lokho akumnqandanga ukuba agcine


esebusa. Simthola eqala ediphini ngaphambi kokuba aye esikoleni aphinde aphase
ngamalengiso. U- Uzithelile usebenza ngokuzikhandla ngenhloso
yokushintsha isimo senhlupheko ababhekene nayo. Udla umhlanganiso
emqhudelwaneni wokugijima eThekwini. Uyadlula uya eGoli nakhona ubashaya
amakhanda, udlulela phesheya kwezilwandle uthola umfundaze wokuyofunda
phesheya. Emva kokufunda phesheya wenza izinguquko
eMpaphala,uthuthukisa abantu besifazane kanye nabantu basemakhaya. Impilo
iyashintsha ugcina esedla izambane likapondo.Lokhu kuveza ukuthi ngempela
liyamthatha osemnyango liphose emsamu eMpaphala,uthuthukisa abantu besifazane
kanye nabantu basemakhaya. Impilo iyashintsha ugcina esedla izambane
likapondo.Lokhu kuveza ukuthi ngempela liyamthatha osemnyango liphose emsamu.

Ngalezi zibonelo ezingenhla ziwubufakazi bokuthi lithatha osemsamo lamphose


emnyango,lathatha osemnyango lamphosa emsamo .U mndeni waseMlazi eThekwini
ububusa ungasizi muntu kodwa ugcina ungasabusi sezijikile izinto kulapho
abaseMpaphala sebebusa ngemuva kokuhlupheka isikhathi eside.

UCele uyahlupheka kodwa lokho akumshintshi indlela akhathalela ngayo umndeni,


lokhu sikubona ngesikhathi efika emzini womshana wakhe ezocelela izingane
zikaLinono indawo yokuhlala kepha akalutholanga usizo, uBafana wamkhakhabisa
okwenja. UCele ngesikhathi ebuyela eMpaphala wayephatheke kabi indlela aphathwa
ngayo umshana wakhe kodwa uthe efika ekhaya wambeka uBafana
emthandazweni wabe esezibonela uMaKhumalo ukuthi umyeni wakhe akahambanga
kahle eThekwini. UCele ugcina esebusa esenomuzi omuhle, ukhombisa
ukungambambeli amagqubu uBafana, okunalokho uyamamukela emzini wakhe,
uyamhlabisa ujabulela ukuthi ubuye esaphila nomndeni wakhe lokhu kuphinde
kugqamise ukuthi ngempela liyamthatha osemnyango limbeke emsamu lithathe
osemsamu limbeke emnyango.

Ngalezi zibonelo ezingenhla ziwubufakazi bokuthi lithatha osemsamo lamphose


emnyango,lathatha osemnyango lamphosa emsamo .U mndeni waseMlazi eThekwini
ububusa ungasizi muntu kodwa ugcina ungasabusi sezijikile izinto kulapho
abaseMpaphala sebebusa ngemuva kokuhlupheka isikhathi eside.
93

BENGITHI LIZOKUNA 01
Umbuzo Omude (25)
Ukuthanda umuntu kakhulu kungaba nemiphumela ongemihle kuwe
nakwabanye abalingiswa.
Uyavumelana yini nalesi sitatimende esingenhla? Bhekisa impendulo
yakho encwadini ‘ Bengithi lizokuna’
Impendulo yakho mayibe ngamagama angama-290-340.
Ngiyavumelana nalesi sitatimende uma ngibhekisa encwadini ethi ‘ Bengithi Lizokuna,
ukuthanda umuntu kakhulu kungaba nemiphumela engemihle kumuntu nakwabanye
abantu. Lokhu kufakazelwa yilaba balingiswa abalandelayo uNontobeko,uNkululeko,
uNgidi, uNdumiso kanye noXolani.
UNontobeko uthanda kakhulu uMhlengi kangangoba uyahluleka ukwamukela uma ethi
abahlukane uncamela ukuth acishe azibulale ngokuziphonsa emotweni. Inhliziyo yakhe
ayivumi ukusuka kuMhlengi iloknu inamathele noma esethole umuntu omthanda
ngokweqiniso, uNkululeko kodwa uyamala ngosuku olwandulela umshado, ulokhu efuna
ukubuyela kuMhlengi kangangoba uze athathe isinqumo sokuyomthungatha eGcilima.
Uyamthola kodwa abasakwazi ukuqhubeka nokuthandana ngoba sewaba umuntu
wesifazane onguMahlengi.
UNkululeko uthanda uNontobeko ngendlela emangalisayo, uze wahlukana nazo zonke
izintombi zakhe. Umthanda naphezu kwemibandela ambekela yona eyokuthi inhliziyo
yakhe isanamathele kuMhlengi, uma egcina ngokuhluleka utshela uNkululeko ukuthi
kyofanele amukele. uNkululeko uyasheshisa uyamlobola. Ngosuku olwandulela umshado
uNontobeko uyamala. Kwafaziseka amazwi akhe okuthi inhliziyo yakhe isanamathele
emuva kuMhlengi. UNkululeko ethathaimpilo yakhe ngokuzibophela emthini ngebhande.
UNgidi umthanda ngempela uzinyobulala wakhe uMhlengi. Emva kukushona kukamama
kaMhlengi wathatha isinqumo sokuthi akasophinde abe nomunye umuntu wesifazane.
Uthengela uMhlengi ipulazi kodwa uMhlengi akalamukeli, kunokuba alamukele uveza
ukuthi yena uthanda abantu bobulili obufana nobakhe (gay). Uyise uyamxosha emzini
wakhe, ugcina enza into ayethe ngeke ayenze, uthandana noNomalanga, kanti kuzofika
uNontobeko ethungatha uMhlengi okwaholela ukuthi baphume inqina beyomthungatha
uMhlengi. Ekugcineni bayamthola usewumuntu wesifazane.
UNdumiso uyamthanda ngempela uMahlengi, akafunu lutho ngaye noma uSbu
emqwashisa ngabantu besifazane ulokhu ethi nje “Hhayi uMahlengi”. Lukhula kakhulu
uthando lwabo ikakhulu uma esesola ukuthi kukhona omunye umuntu wesilisa othandana
noMahlengi. uthatha isinqumo sokuyobamba uNgidi inkunzi ngenhloso yokusheshe
alobole uMahlengi. Uma ebuya uthola incwadi emalayo ivela kuMahlengi. Uthe
esamangele kwangena amphoyisa ezombophela ukubamba inkunzi.
UXolani uzizwa enothando olumanglisayo lukaMahlengi. Seloku ashada uyaqala
ukuzizwa ethanda umuntu wesifazane ngendlela athanda ngayo uMahlengi. Akasakwazi
ukuzibamba, ukhohlwa ngisho izinto okufanele azenze nomdeni wakhe, ukhohlwa ukuthi
bekufanele baye eemcimbini noLungile kanye nezingane. Uhluleka ngisho nokufihla,
useze uyamphupha uziwa uLungile. Luyakhula uthando uze ufikelwa umuzwa
wokumdivosa uLungile ukuze ashsde noMahlengi, ngoba ubona sengathi wenza iphutha
washeshe washada. Ukushaya indiva ukushaywa kwakhe uNdumiso uze ufika
94

kunkosikazi emabokoboko. Ushonelwa yizingane ngesikhathi ezishiyele ezikhiyele endlini


ehambe noMahlengi ukuyodla isidlo sakusihlwa. Kuthi noma kufika izihlobo ziyobaduduza
uzishiya kanjalo aphikelele kuMahlengi. Uma efika kuMahlengi uzithela enndenini wakhe
lapho athola iqiniso lokuthi wayengumuntu wesilisa uMhlengi.
Impela uthando luyamenza umuntu ukuba enze izinto azozisola ngazo,
njengalabalingiswa abenza izinto abagcina bezisola ngazo; okungoNontobeko, uXolani,
uNgidi, uNdumiso kanye noNkululeko.

Kuyiqiniso ukuthi ukungathembeki kwabantu uma besebudlelwaneni 02


bezothando kuba nemiphumela engemihle.
Fakazela lesi sitatimende ubhekise impendulo yakho encwadini ethi
(25)
Bengithi Lizokuna.
Impendulo yakho mayibe ngamagama angama-290-340.
Lesi sitatimende esithi ukungathembeki kwabantu uma besebudlelwaneni bezothando
siyiqiniso ngoba abanye abalingiswa abakule noveli abathembekanga ebudlelwaneni
babo lokho kube nemiphumela engemihle. Laba balingiswa okunguMhlengi, uNontobeko,
uNgidi, uXolani noSbu abathembekanga ebudlelwaneni babo bezothando.
UMhlengi akathembekanga kuNontobeko wamfihlela ukuthi ugay lokho kwenze
uNontobeko ahlalele ethembeni elingekho lokuthi uyophinde abuyelane noMhlengi. Uma
ethola uthando kuNkululeko ugcina eqa ebusuku ngosuku olwandulela usuku lomshado
noNkululeko, uyobheka uMhlengi eGcilima ngethemba lokuthi uzomthola baqhubeke
lapho begcine khona.
UNontobeko naye akathembekanga kuNkululeko ngoba uvumile ukuthi amlobole yize azi
ukuthi usenothando lukaMhlengi.Lokho kube nomphumela ongemuhle ngoba uNontobeko
wamala uNkululeko ngosuku olwandulela umshado wamshiya wayobheka uMhlengi
owayelokhu ekhona enhliziyweni yakhe. Kwamphatha kabi uNkululeko ngoba waze
wazikhunga wafa.
UNgidi akathembekanga kuNomalanga ngokuthi amtshele iqiniso lokuthi kwenzakalani
phakathi kwakhe nendodana yakhe uMhlengi. UNgidi uyathula uba matasa nokubheka
indodana yakhe ngaphandle kokumtshela uNomalanga okuholela ekutheni baxabane
kakhulu uNgidi noNomalanga. UNomalanga ubhala incwadi uyahlukana noNgidi ngoba
kwakumele bahlangane baqedele indaba yokuthunyelwa kwabakhongi kwaNdlovu.
UXolani elele nomkakhe uLungile uphupha ebiza igama likaMahlengi, uyakuzwa lokho
uLungile kuyamcasula ugcina exabana naye. UXolani ushiya izingane zodwa endlini
ezikhiyele uyoshaywa umoya noMahlengi, unkosikazi wakhe usemsebenzini. Izingane
zisha ziyangqongqa nendlu akazisoli ngoba uma kufika izihlobo zizobaduduza uzitshela
ukuthi umuntu okuwuyena obadinga kakhulu uLungile yena uyahamba uyobona
uMahlengi kanti uzohlangana nezimbila zithutha. Uthola ukuthi uMahlengi lona
omhlanyisayo wayeyindoda phambilini engakabuguquli ubulili bakhe. UXolani ulahlekelwa
yiko konke anako, umndeni wakhe,usala nenhliziyo ebuhlungu ngenxa yokuqonywa
eshadile.
UMahlengi akathembekanga kuNdumiso ngoba akamtsheli ukuthi akasanalo uthando
95

lwakhe okube nomphumela ongemuhle wokubuyela kukaNdumiso ebugebengwini uya


kwaNgidi ubamba inkunzi aphinde abulale uNyambose ngoba efuna ukuthola imali
yokulobola uMahlengi ukuze avimbe ngoba usola ukuthi kukhona osekudla
amantshontsho emsamo.
USbu akathembekanga kuZakithi ngoba ufice kukhona uNomthi endlini kaSbu lokhu kube
nomphumela ongemuhle wokuthi bagcine sebelwa . UZakithi ugcina ebuyela emuva
emayoywana ehamba enxapha ubala engasakwazanga ukuchitha isikhathi esimnandi
nesithandwa sakhe uSbu.
Izenzo zabanye abalingiswa zokungathembeki ebudlelwaneni babo bezothando zibe
nemiphumela engemihle ezimpilweni zabanye abalingiswa nakubo.
Asilungile kahle lesi siphetho????

Ukuvumela imizwa yokuphila ubulili obuhlukile kunendlela odalwe ngayo 03


kunemiphumela emibi empilweni yakho neyabanye abantu.
Fakazela lesi sitatimende ubhekise kumlingiswa onguMhlengi/Mahlengi
nakwabanye abalingiswa abathintekayo. (25)

Impendulo yakho mayibe ngamagama angama-290-340.


Ngiyasifakazela lesi sitatimende esithi ukuvumela imizwa yokuphila ubulili obuhlukile
kunendlela odalwe ngayo kunemiphumela emibi empilweni yakho neyabanye abantu.
Lokhu kumlimazile kakhulu uMhlengi.
UMhlengi uthandana noNontobeko kodwa unemizwa yabantu besifazane uthatha isinqumo
sokuguqula ubulili abe umuntu wesifazane. Ngaphambi kokuya eKapa ukuyoguqula ubulili
bakhe uya kuNontobeko uyamala ngaphandle kokumtshela isizathu. Loku kwayiklebhula
kakhulu inhliziyo kaNontobeko uyaphuma eflatini lakhe ingqondo yakhe ididekile uziphosa
emotweni kaNkululeko. UNkululeko umphuthumisa esibhedlela enovalo lokuthi kungenzeka
le ntombazane ishone ngendlela eyayilime ngayo.
UMhlengi uphikelela eGcilima kuyise uNgidi uyomtshela ukuthi ugay.Loku kuyamcasula
uNgidi ubhodla umlilo uyamxosha emzini wakhe uzama ukuncenga uMhlengi kuba nhlanga
zimuka nomoya. UNgidi uthembisa ukumhlakaza ubuchopho ngenhlamvu. Konke loku
kwamphatha kabuhlungu uMhlengi njengoba uma ephuma emzini kayise uyaphenduka
abheke isithabathaba somuzi wakubo ayengakholwa ukuthi kungabe usewubuka
okokugcina njengoba uyise emxosha.
Ukushintsha kukaMhlengi ubulili kwayilimaza kakhulu impilo kaNontobeko kuhlula ngisho
esthole isinqandamathe esisha esinguNkululeko. Uyahluleka ukumnika uthando ngendlela
efanele yingakho ehlukana kabuhlungu noNkululeko ngosuku olwandulela umshado.Loku
kwenza kukaNontobeko kuphatha kabi uNkululeko ngoba uyamthanda uNontobeko uphinde
acabange nemali abayichithile belungiselela umshado ongaze usaba khona. Isenzo
sikaNontobeko siphatha kabi imindeni yabo ukuba uMhlengi wayengabushintshanga ubulili
konke loku kwakungeke kwenzeke.
Ukushintsha kukaMhlengi ubulili kuhlukumeze noNgidi uyise. UNgidi uhlaselwa umlisa
ozenza isifundiswa saseNyuvesi onguNdumiso ngenxa yokuthi ufuna imali angalobola
ashade ngayo lo Mahlengi wansondo’ Kulesi sigameko kuhlukumezeka uNgidi kanye no-
anti osebenza emzini kaNgidi. UNdumiso uma esebaleka udubula abulale uNyambose
96

weNkosi ngoba esaba indlela ambuke ngayo, ucabanga ukuthi angambophisa.


Lo Mhlengi osewuMahlengi oseyisiphalala sentokazi enhle kwenza ukuthi uXolani uma
ehlangana naye emhlanganweni wosomabhizinisi abancane ahluleke ukulalela
okukhulunywa emhlanganweni aze afise ukuthi ngabe umhlangano usuphelile ukuze
azethule kule ntokazi. Ukubona uMahlengi kulo mhlangano kwenza uXolani athatheke
agcine eskhohlwa nayizinto ezibalulekile eziphatha umndeni wakhe njengoba babehlele
ukuya emcimbini. Uma efika emva kwesikhathi ekhaya wenza okuhlukile okufana nokuthi
abonge ukudla okuyinto angayenzi, uphinda afike enuka amakha abantu
besifazane,iphunga lotshwala aphike ukuthi usebuyele otshwaleni. Uma sebelele noLungile
umkakhe uphupha uMahlengi aze aphumisele loko kwenza ukuthi kube nengxabano
phakathi kukaXolani noLungile.
UXolani uyazikhipha noMahlengi bashaywa umoya, ukhiyela abantwana endlini ngethemba
lokuthi uzoshesha ukubuya. Izingane zingqongqa nendlu. UXolani uya kuMahlengi ukuze
amduduze, uhlangana nembibizane yokuthi uMahlengi ndini ubengumuntu wesilisa
ngaphambilini. UXolani ulahlekelwa yikho konke anako ngenxa yokuhlangana naloMahlengi
owayeziguqule ubulili.
Ukuvumela imizwa yokuphila njengomuntu wesifazane kukaMhlengi yikona okudale
imiphumela emibi empilweni yakhe kanye neyabanye abalingiswa.

BENGITHI LIZOKUNA 04
Umbuzo Omude [25]
Ukuthanda umuntu kakhulu kungaba nemiphumela ongemihle kuwe
nakwabanye abalingiswa.

Uyavumelana yini nalesi sitatimende esingenhla? Bhekisa impendulo yakho


encwadini ‘ Bengithi lizokuna’

Impendulo yakho mayibe ngamagama angama-290-340.

Isingeniso

Ngiyavumelana nalesi sitatimende uma ngibhekisa encwadini ethi ‘ Bengithi Lizokuna,


ukuthanda umuntu kakhulu kungaba nemiphumela engemihle kumuntu nakwabanye abantu.
Lokhu kufakazelwa yilaba balingiswa abalandelayo uNontobeko,uNkululeko, uNgidi,
uNdumiso kanye noXolani.
Umzimba

UNontobeko uthanda kakhulu uMhlengi kangangoba uyahluleka ukwamukela uma ethi


abahlukane uncamela ukuth acishe azibulale ngokuziphonsa emotweni. Inhliziyo yakhe
ayivumi ukusuka kuMhlengi iloknu inamathele noma esethole umuntu omthanda
ngokweqiniso, uNkululeko kodwa uyamala ngosuku olwandulela umshado, ulokhu efuna
ukubuyela kuMhlengi kangangoba uze athathe isinqumo sokuyomthungatha eGcilima.
Uyamthola kodwa abasakwazi ukuqhubeka nokuthandana ngoba sewaba umuntu
wesifazane onguMahlengi.

UNkululeko uthanda uNontobeko ngendlela emangalisayo, uze wahlukana nazo zonke


izintombi zakhe. Umthanda naphezu kwemibandela ambekela yona eyokuthi inhliziyo yakhe
isanamathele kuMhlengi, uma egcina ngokuhluleka utshela uNkululeko ukuthi kyofanele
amukele. uNkululeko uyasheshisa uyamlobola. Ngosuku olwandulela umshado uNontobeko
97

uyamala. Kwafaziseka amazwi akhe okuthi inhliziyo yakhe isanamathele emuva kuMhlengi.
UNkululeko ethathaimpilo yakhe ngokuzibophela emthini ngebhande.

UNgidi umthanda ngempela uzinyobulala wakhe uMhlengi. Emva kukushona kukamama


kaMhlengi wathatha isinqumo sokuthi akasophinde abe nomunye umuntu wesifazane.
Uthengela uMhlengi ipulazi kodwa uMhlengi akalamukeli, kunokuba alamukele uveza ukuthi
yena uthanda abantu bobulili obufana nobakhe (gay). Uyise uyamxosha emzini wakhe,
ugcina enza into ayethe ngeke ayenze, uthandana noNomalanga, kanti kuzofika
uNontobeko ethungatha uMhlengi okwaholela ukuthi baphume inqina beyomthungatha
uMhlengi. Ekugcineni bayamthola usewumuntu wesifazane.

UNdumiso uyamthanda ngempela uMahlengi, akafunu lutho ngaye. Noma uSbu


emqwashisa ngabantu besifazane ulokhu ethi nje “Hhayi uMahlengi”. Lukhula kakhulu
uthando lwabo ikakhulu uma esesola ukuthi kukhona omunye umuntu wesilisa othandana
noMahlengi. uthatha isinqumo sokuyobamba uNgidi inkunzi ngenhloso yokusheshe alobole
uMahlengi. Uma ebuya uthola incwadi emalayo ivela kuMahlengi. Uthe esamangele
kwangena amphoyisa ezombophela ukubamba inkunzi.

UXolani uzizwa enothando olumanglisayo lukaMahlengi. Seloku ashada uyaqala ukuzizwa


ethanda umuntu wesifazane ngendlela athanda ngayo uMahlengi. Akasakwazi ukuzibamba,
ukhohlwa ngisho izinto okufanele azenze nomdeni wakhe, ukhohlwa ukuthi bekufanele baye
eemcimbini noLungile kanye nezingane. Uhluleka ngisho nokufihla, useze uyamphupha
uziwa uLungile. Luyakhula uthando uze ufikelwa umuzwa wokumdivosa uLungile ukuze
ashsde noMahlengi, ngoba ubona sengathi wenza iphutha washeshe washada. Ukushaya
indiva ukushaywa kwakhe uNdumiso uze ufika kunkosikazi emabokoboko. Ushonelwa
yizingane ngesikhathi ezishiyele ezikhiyele endlini ehambe noMahlengi ukuyodla isidlo
sakusihlwa. Kuthi noma kufika izihlobo ziyobaduduza uzishiya kanjalo aphikelele
kuMahlengi. Uma efika kuMahlengi uzithela enndenini wakhe lapho athola iqiniso lokuthi
wayengumuntu wesilisa uMhlengi.

Impela uthando luyamenza umuntu ukuba enze izinto azozisola ngazo, njengalabalingiswa
abenza izinto abagcina bezisola ngazo; okungoNontobeko, uXolani, uNgidi, uNdumiso
kanye noNkululeko.

BENGITHI LIZOKUNA 05
Umbuzo Omude [25]
Ukuthanda umuntu kakhulu kungaba nemiphumela ongemihle kuwe
nakwabanye abalingiswa.

Uyavumelana yini nalesi sitatimende esingenhla? Bhekisa impendulo


yakho encwadini ‘ Bengithi lizokuna’

Ngiyavumelana nalesi sitatimende uma ngibhekisa encwadini ethi ‘ Bengithi Lizokuna,


ukuthanda umuntu kakhulu kungaba nemiphumela engemihle kumuntu nakwabanye
abantu. Lokhu kufakazelwa yilaba balingiswa abalandelayo uNontobeko,uNkululeko,
uNgidi, uNdumiso kanye noXolani.

UNontobeko uthanda kakhulu uMhlengi kangangoba uyahluleka ukwamukela uma ethi


abahlukane uncamela ukuth acishe azibulale ngokuziphonsa emotweni. Inhliziyo yakhe
ayivumi ukusuka kuMhlengi iloknu inamathele noma esethole umuntu omthanda
ngokweqiniso, uNkululeko kodwa uyamala ngosuku olwandulela umshado, ulokhu efuna
ukubuyela kuMhlengi kangangoba uze athathe isinqumo sokuyomthungatha eGcilima.
Uyamthola kodwa abasakwazi ukuqhubeka nokuthandana ngoba sewaba umuntu
98

wesifazane onguMahlengi.

UNkululeko uthanda uNontobeko ngendlela emangalisayo, uze wahlukana nazo zonke


izintombi zakhe. Umthanda naphezu kwemibandela ambekela yona eyokuthi inhliziyo yakhe
isanamathele kuMhlengi, uma egcina ngokuhluleka utshela uNkululeko ukuthi kyofanele
amukele. uNkululeko uyasheshisa uyamlobola. Ngosuku olwandulela umshado uNontobeko
uyamala. Kwafaziseka amazwi akhe okuthi inhliziyo yakhe isanamathele emuva kuMhlengi.
UNkululeko ethathaimpilo yakhe ngokuzibophela emthini ngebhande.

UNgidi umthanda ngempela uzinyobulala wakhe uMhlengi. Emva kukushona kukamama


kaMhlengi wathatha isinqumo sokuthi akasophinde abe nomunye umuntu wesifazane.
Uthengela uMhlengi ipulazi kodwa uMhlengi akalamukeli, kunokuba alamukele uveza ukuthi
yena uthanda abantu bobulili obufana nobakhe (gay). Uyise uyamxosha emzini wakhe,
ugcina enza into ayethe ngeke ayenze, uthandana noNomalanga, kanti kuzofika
uNontobeko ethungatha uMhlengi okwaholela ukuthi baphume inqina beyomthungatha
uMhlengi. Ekugcineni bayamthola usewumuntu wesifazane.

UNdumiso uyamthanda ngempela uMahlengi, akafunu lutho ngaye. Noma uSbu


emqwashisa ngabantu besifazane ulokhu ethi nje “Hhayi uMahlengi”. Lukhula kakhulu
uthando lwabo ikakhulu uma esesola ukuthi kukhona omunye umuntu wesilisa othandana
noMahlengi. uthatha isinqumo sokuyobamba uNgidi inkunzi ngenhloso yokusheshe alobole
uMahlengi. Uma ebuya uthola incwadi emalayo ivela kuMahlengi. Uthe esamangele
kwangena amphoyisa ezombophela ukubamba inkunzi.

UXolani uzizwa enothando olumanglisayo lukaMahlengi. Seloku ashada uyaqala ukuzizwa


ethanda umuntu wesifazane ngendlela athanda ngayo uMahlengi. Akasakwazi ukuzibamba,
ukhohlwa ngisho izinto okufanele azenze nomdeni wakhe, ukhohlwa ukuthi bekufanele
baye eemcimbini noLungile kanye nezingane. Uhluleka ngisho nokufihla, useze
uyamphupha uziwa uLungile. Luyakhula uthando uze ufikelwa umuzwa wokumdivosa
uLungile ukuze ashsde noMahlengi, ngoba ubona sengathi wenza iphutha washeshe
washada. Ukushaya indiva ukushaywa kwakhe uNdumiso uze ufika kunkosikazi
emabokoboko. Ushonelwa yizingane ngesikhathi ezishiyele ezikhiyele endlini ehambe
noMahlengi ukuyodla isidlo sakusihlwa. Kuthi noma kufika izihlobo ziyobaduduza uzishiya
kanjalo aphikelele kuMahlengi. Uma efika kuMahlengi uzithela enndenini wakhe lapho
athola iqiniso lokuthi wayengumuntu wesilisa uMhlengi.

Impela uthando luyamenza umuntu ukuba enze izinto azozisola ngazo, njengalabalingiswa
abenza izinto abagcina bezisola ngazo; okungoNontobeko, uXolani, uNgidi, uNdumiso
kanye noNkululeko.
99

UMDLALO
UMBUZO 1: UMBUZO OMFUSHANE
KUDELA OWAZIYO – B P MAPHUMULO
Fundisisa lesi siqeshana somdlalo bese uphendula imibuzo elandelayo
ISIQESHANA A

(Ehlathini laseMphekandlubu maqondana nehlanze lasoThukela, uChivenga unqamula


ezindleleni zesintu ulibangise eMangethe. Ethi engazelele lutho avukelwe isigubhukane
nguMdaluli lona obekade emlalele unyendle efokozini lotshani obude)
MDALULI: (Ngezwi eliphuma ngomfutho nelethusayo) Qhu! Zasha! Washa
mqhuqhumbe nantu uqhomfane. Yaze yahlangana-ke namhlanje. Ehhe!
Ayaphela amaphupho. Kade ngangivele nginesfiso sokuba sihlangane
esikhaleni kwaNtombela, ngakho-ke zibambe ziqine ndodamphini.
Yizinkani zababili-ke namhlanje. Ngithi usufike eMphelandaba.
CHIVENGA: (wethukile, useze waqethuka waphakamisa izandla samuntu ovikayo)
Yehheni we bantu! Nansi imihlola ingehlela bakithi. Ngavinjezelwa
isqhwaga ehlathini nje, ngabe ngisikweleta malini?
MDALULI: (ngezwi eliphakeme) Sengiyabathe ngiyakuzama ngenkwayindane kanye
nangedelamagugu, lutho angikutholi kwerekwere ndini, kodwa-ke
namhlanje ngikutholile. Ngikuthole endaweni efanele nangesikhathi
esifanele. Libuke uligcine-ke namhlanje Uya kwaGoqanyawo.
CHIVENGA: (wexwayile ngezwi elidabukisay, usikhuluma ubukwerekwere isiZulu)
Ngoba sengenzeni? Ngoneni kuwe mnumzane wami?
MDALULI: (ngokufutheka useze wamqwebulela amehlo) Kanti usabuza wena ekubeni
vele nje unayo impendulo? Usuka lena kwelakini eMozambikhwi
uzongephuca isinkwa sami kuleli, ucabanga ukuthi ngizoyishayela
ihlombe-ke mina into efana naleyo?
CHIVENGA: (usemcwebisele amehlo, usikhuluma ubukwerekwere isiZulu) Phela
akusimina engimela abantu empambanamigwaqo ngicele ukubakhela
izindlu, kepha yibona abazisukela emakhaya abo bafike ekhaya lami
bezicela usizo kumbe bangifonele. Wena kumele ube nekhono eledlula
elami emsebenzini wobumeselandi ukuze ube newozawoza kubantu.
[Inkundla yesi-5:isigcawu sesi-1,ikhasi 92]

1 Nikeza isizinda ngokwendawo kulesi siqeshana. (1)


2 Yini imbangela yodweshu phakathi kukaChivenga noMdaluli ngokwesiqeshana? (2)

3 Ngabe amazwi kaMdaluli abhalwe ngokugqamile achaza ukuthini? (2)


4 Amazwi kaMdaluli adwetshelwe amveza njengomlingiswa onjani? Sekela (3)
impendulo yakho.
5 Chaza kafushane ngokuvezwa komlingiswa onguMbhebhezeli noMemela (3)
mayelana ngokwezinkolelo zabo kulo mdlalo. Sekela impendulo yakho.
100

6 Fingqa ngamaphuzu amathathu okwaholela ekutheni uMdaluli axoshe uLondiwe (3)


emzini wakhe.
7 Iyini inhloso yombhali ukusebenzisa indikimba yodlame lwasekhaya kulo (2)
mdlalo?
8 Ucabanga ukuthi wawuzobanjani umphumela ukube uLondiwe akabizanga (3)
abomthetho ukuzoxazulula inkinga eyayibhekene noMdaluli?
9 Ngokwakho ukubona kwakufanele yini ukuthi umlingiswa onguLondiwe abize (3)
abomthetho ukuzobopha uyise? Sekela impendulo yakho.
10 Ngabe uyavumelana yini ukuthi lo mdlalo uphele ngopholavuthondaba? Sekela (3)
impendulo yakho.
IZIMPENDULO
1 Kusehlathini laseMphekandlubu maqondana nehlanzi lasoThukela. ü (1)
2 UChivenga noMdaluli banodweshu lwangaphandle ngoba uMdaluli umsola
ngokuthi umthathela umsebenzi wakhe wokwakha ekubeni engeyena
wokudabuka kuleli. üü (2)

3 Amazwi adwetshelwe achaza ukuthi uChivenga uphuce uMdaluli umsbenzi wakhe (2)
akaphila ngawo. üü
4 Amazwi kaMdaluli amveza njengomlingiswa ongumthakathi ngoba kade emzama
ukumthakatha ngomuthi uChivenga kodwa imizamo yakhe ingaphumeleli. üüü
(3)
5 Bobalili bavezwe njengabalingiswa abanezinkolelo zamaphupho. UMemela
uhlaselwa yiphupho ubusuku bonke uze uxoxela umngani wakhe uMbhebhezeli
ngalo naye aze amcebise ukuthi uthole ungqeqe wamaphupho ongacacisa leli
phupho lakhe. Bese ephinde elichaza ukuthi likhomba izinhlupheko ezizayo (3)
azobhekana nazo empilweni yakhe. üüü
6 • UMdaluli wayefune indabandaba kuMaMlanduli ngenkani wathi uma
enqaba wamshaya. ü
• ULondiwe wabiza amaphoyisa waboshwa uMdaluli, weza necebo lokuthi
uMaMlanduli ancenge uLondiwe ukuthi asule icala. ü
• UMdaluli uyaphuma ejele ukhumbuza uLondiwe ukuthi izinkunzi ezimbili
azibusi esibayeni esisodwa. ü (3)

7 Inhloso yombhali ukugqamisa ukuthi udlame lwanoma yiluphi uhlobo (2)


alwamukelekile ekhaya nasemphakathini. üü
8 Ngicabanga ukuthi uMdaluli wayezoqhubeka ashaye uMaMlanduli lokhu
kwakungaholela ekutheni alimale noma afe njengoba wayengafuni ukuvula icala.
üüü (3)

9 Kwakufanele ngoba umthetho uthi uma kukhona ukuhlukumezeka okwenzakalayo


emphakathini, wonke umuntu unelungelo lokubikela amaphoyisa. üüü
(3)
101

UMBUZO 2 (UMBUZO OMFUSHANE)

Fundisisa lesi siqeshana esilandelayo bese uphendula imibuzo:

Esangweni lomuzi kaMdaluli, umsindo wemoto esondelayo ize ime. Kuvuleke izicabha ehle
amaphoyisa athathe amagxathu ambalwa esengena emnyango ongemuva lapho esawavulele
khona u Londiwe. Angene endlini maqedene afike ame emhubheni wekamelo lezidumo.
Umdaluli usalokhu emshaya umkakhe, uzwakala ekhuluma enhlinhliza.
MAMLANDULI: (ngezwi elidabukisayo, uzwkala engaphakathi, ukhuluma enhlinhliza)
Kulungile baba wekhaya, qhubeka nje wena nalokhu kungihlukumeza
kwakho kodwa ngithi nje mina bayoze bakubone abanamehlo. Unesandla
esilula wena lapha kimina ngoba nje ngiwumuntu wesifazane kodwa ukuba
ngiwumuntu wesilisa, ngabe kade uwukhwicile umsila.
MDALULI: Ehhe! Ngikudendebulela wona njalo lamaganyana akho ayiziswana. Yimina
njalo lona ongabe usekhwice umsila? Ngabe uyazizwa kodwa ukuthi
usuyangedelela-ke manje? Bengingabe sengikwice umsila nje ngiyinja yini?
(kuwo lowo mnyama kuzwakale umsindo wokungqongqoza okunesankahlu
lapha esicabheni.)
MDALULI: ( uzwakala engaphakathi, emangele)
Ubani-ke lona osezongiphazamisa lapha emzini wami ngisazincokolela
kamnandi kangaka nomfazi wami? Bahlupha kabi laba bantu abalunywa
izimbungulu nobutumushe emizini yabo ngoba ubafica sengqubuleka nje
bengena bephuma emizini yabantu ungazi nokuthi bamenywe ngubani,
kungahlatshiwe futhi kunjalo nje.
ZAYEKA: (uzwakala engaphandle ngezwi elinesankahlu)
Yithina singamaphoyisa. Sisebenzela ophikweni olumelene nodlame
lwasekhaya lapha eSundumbili. Sivulele wenabo! Vula!
MDALULI: (uzwakala engaphakathi ngezwi elinokweyisa)
Uqambe ushilo phoyisa ndini. Lutho olubaziwe! Angivuli mina! Kukwami
phela lapha. Yihlazo phela leli olikhulumayo wena lokuthi ufuna ukungena
ngo “dli”
Ijazi lephoyisa ngibe ngazi kahle kamhlophe ukuthin uzoba yisiphazamiso
esikhulu lapha ebudlelwaneni bami nomkami nokwenza ngisemshikashikeni
omnandi kangaka nomkami?
102

ZAYEKA: (uzwakala engaphandle, ehleka engahleki) Hho!


Mhlawumbe wena ucabanga ukuthi kwenqakwa amagenda lapha, yingakho
nje umgichithela isikhathi ngoba sewuze wakhohlwa nawukuthi
ngiyasebenza lapha mina. Uyazi ukuthini? Angenqeni phela mina ukuvele
ngisebenzise amagunya ami njenge phoyisa wokuba ngivele ngisibhodloze
mina lesi sicabha. Awuthi futhi kengi … ( asho esikhahlela ngamawala)
MDALULI (Uzwakala engaphakathi) Kahle ngamawala bo muntu womthetho. Ngilinde
ngikuvulele. (Asho abe egudluza umshudo ngaphakathi maqedane
kuvuleke)
ZAYEKA Ehhe! Sase sithelekile ngaphakathi. Sangena maqedane lagcwala umoya
ibhulukwe endodeni! E… Ake usisize kanjena ke mnumzane wami:
njengamanje phuma uyongena evenini. Uyangizwa kuthi ngithini lapha
kuwe?
MDALULI (Usehlahle amehlo, umangele) Ngoba kwenzenjani? Ngizoze ngingene
evenini nje ngoba konakalephi?
ZAYEKA (ngezwi eliphakeme) Habe! Kanti usabuza wena ekubeni uvele nje unayo
impendulo? (athinte kancane isikhwelela) Laleka-ke sikutshele thina esizazi
kangcono: usuboshiwe!
MDALULI (useqwebule amehlo) Ngize ngiboshwe nje nina bomthetho, ngimangalele
ngubani?
ZAYEKA (ngesankahlu) Ungaze ubuze lowo mbuzo ucimeze kanjalo nje, usho ngoba
ungaboni njalo wena ukuthi sewenze monakalo muni? Lo mame esimfica
enhlinhliza lapha futhi ekhophoza izinyembezi ebusweni, ngabe uqonde
ukusitshela ukuthi kade eniselwa yinkasa yezivande namasimu?
MDALULI (ngezwi lokujabha) Cha bantu bomthetho akungakho ukuthi kade ekhala
umkami njengoba nimbona nje. Eqinisweni uxhoshwe u- u carry powder
emehlweni obomvu lona obizwa ngokuthi yi Rajar… ( aphazamiseke)
LONDIWE (ngezwi eliphakeme) ayikho le nto eshiwo ngubaba nina bomthetjo. Nguye
lona okade ebhaxabula umami. Useyifihle ngaphansi kombhede nje
lemvubu abemtitinya ngayo.
[Inkundla yesi-3:isigcawu sesi-5,ikhasi 64-67]

UMBUZO
1 NIkeza isizinda ngokwendawo kulesi siqeshana. (1)
2 Shono isizathu sodweshu phakathi kukaMaMlanduli noMdaluli. (2)
3 Chaza isizathu esaholela ekutheni uLondiwe ashayele imbokodo ebomvu (3)
ucingo.
4 Yini inhloso kaMdaluli ngokuqamba amanga emaphoyiseni ngokukhala (3)
kukamaMlanduli?
5 Yisiphi isizathu esaholela ekutheni uLondiwe ashayele amaphoyisa ucingo. (2)
6 Chaza kabanzi ngesizathu esaholela ekutheni uMdaluli azonde uChivenga. (3)

7 Ngokubona kwakho kwamukelekile yini okwenziwa uLondiwe ukuthi ashayele (2)


abakwasidlodlo uuze kuboshwe uyise.
103

8 Ucabanga ukuthi wawuzobanjani umphumela emnyangweni wezasekhaya (3)


ukuba akboshwanga uHeshane?
9 Phawula ngempumelelo yombhali ekugqamiseni indikimba yalomdlalo (3)
ngokubheka labalingiswa abalandelayo, uMdaluli, umaMlanduli no Chivenga
10 Uyazwelana yini nomlingiswaonguHlengiwe mayelana nobuqili obenziwa ngepasi (3)
lakhe. Yikuphi ongakwenza uma ungahle uhlangabezane nalesi simo?
[25]

IZIMPENDULO

1 Isizinda salesi siqeshana kusemzinii kaMdaluli. ü (1)


2 Isizathu sokuthi kube nodweshu ukuthi uMaMlanduli wenqaba ukunika
uMdaluli indababandaba. üü (2)
3 ULondiwe washayela abakwasidlodlo ucingo ngoba uMdaluli wayeshaya
umaMlanduli emshayela ukuthi unqaba nendabandaba. üüü (3)
4 Inhloso kaMdaluli yokuqamba amanga emaphoyiseni kwakuwukuzivikela
ekutheni engaboshwa ukuze kuzoba sengathi uLondiwe ubeqamba amanga. (3)
üüü
5 Isizathu esaholela ekutheni uLondiwe ashayele amaphoyisa ucingo yingoba
uMdaluli wayeshaya unina umaMlanduli futhi kukhiyiwen nasemnyango. üü (2)
6 Isizathu sokuthi uMdaluli azonde uChivenga ukuthi wayethi umthathela (3)
amakhasimende akhe futhi usemzame ngayo yonke indlela akaloyeki. üüü
7 Okwenziwa uLondiwe kwamukelekile ngoba wayengafa unina bekhona bese
kuvela ukuthi ayikho imizamo abayenza ukumvikela. Nanokuthi kwakukhiyiwe
ngapakathi endlini ka ayeshaywa khona umaMlanduli. üü (2)

8 Umphumela wawuzoba mubi ngoba kwakuzokwanda abantu bokufika


bethole ubuzwe ngendlela engekho emthethweni futhi kwakuzokwanda
nabesifazane abaganiswa bengazi, ngaleyondlela kuphazamiseke umnyango
wezasekhaya. üü (2)
9 Umbhali uphumelele ekegqamiseni indikimba yalomdlalo ethi udlame
lwasemakhaya nokuhlukunyezwa kwabokufika. Kulomdlalo sithola uMdaluli
ehlukumeza umaMlanduli nezingane zakhe Kanye noChivenga (3)
ongowokufika. üüü
10 Ngiyazwelana noHlengiwe nokwamehlela ngepasi lakhe ngoba
kwakuwubugebengu ukuganiswa kwakhe engazi futhi akuhambisani (3)
nosikompilo lwesintu. üüü
[AMAMAKI ESEWONKE : 25]
104

UBHUKU LWAMANQE – E J MHLANGA


UMBUZO 1: UMBUZO OMFUSHANE
Fundisisa lesi siqeshana somdlalo bese uphendula imibuzo elandelayo
ISIQESHANA B

NKULULEKO (Ngokucasuka) Ubungasho ngani sonke lesi sikhathi ukuthi ikhamera


ikhona emnyango?
PHINDISIWE (Ngokufutheka) Akuwona umbuzo ongabuza mina lowo. Angithi nihlale
nibamba inkunzi emabhange kanti nenza kanjani ngoba yinto yokuqala
okufanele uyazi emqondweni wakho leyo. Phum-ke kimina. (Aqhubeke
afake ukhiye ukuze kuvuleke umnyango.)
NKULULEKO Kahle! Ingakuluphi uhlangothi leyo khamera ngoba kangiyiboni mina?
Ngifuna ukuphonsa leli jezi ngiyivale uma kungenjalo ngiyihlaba
ngenhlamvu.
PHINDISIWE Cha phela ubulima obuphindiwe lobo ngoba umsindo wesibhamu yiwona-
ke oyokudonsela amehlo. Imenenja yaseSuphamakethe isikhona iyosola
dlel amhoyisa.
NKULULEKO Ungalokothi ungibize ngesilima wena.
PHINDISIWE Esathunywa ugwayi sabuya neboza angikuncengi phela mina.
NKULULEKO Ungangicasuli wena vula lapha sekuyobonakala khona.

PHINDISIWE (Ngesibindi avule umnyango.) Phakathi! (Emgquba).


NKULULEKO (Eqalaza) Sikuphi isisefo semali? (Ebheke) ngakuPhindisiwe osefile
wuvalo.)
PHINDISIWE (Eqonda kusona. Avule amkhombise amasaka email.) Yiyona-ke lena
kayisekho enye.
NKULULEKO (Embheka ngamehlo agcwele ulaka.) Hheyi ungazodlala wena. Yincane
kabi le mali.
PHINDISIWE Kangisazike ukuthi enye ngiyithathephi mina?
NKULULEKO Phindisiwe ngishilo uma siza lapha ukuthi kasizodlala. Ngeke ungitshele
ukuthi le nkeshezane yiyona mali ibhange enalo leli. (Akhiphe isibhamu)
Uyayibona lento. Ngicela ukuthi sizwane ingagcini isisebenza kuwena
kungafanele.
PHINDISIWE Ungangidubula Nkululeko? (Esegcwele izinyembezi emehlweni.)
NKULULEKO Akulutho lokho. Yekela ukulokhu uchitha isikhathi ngemibuzo engasizi
ngalutho. Khipha imali dlela ! Akuyona eyakho le mali. (Emhlohloloza
ngesibhamu)
PHINDISIWE Kahle Nkululeko uyangilimaza.
NKULULEKO Ufuna ukwenziwa ngale dlela ngoba ulibele ukukhuluma. Isikhathi
siyahamba singaze siboshwe. Phangisa-ke!
PHINDISIWE (Useyaqhaqhazela manje. Avule kwesinye isisefo esithe ukucasha.)
Shesha-ke nawe.
105

NKULULEKO Isiphelele? Indawo enifaka kuyo imali ye ATM ikuphi?


PHINDISIWE (Eyovula omunye umnango lapho engena khona uma befaka imali ye-
ATM.)
NKULULEKO Kuxhuxhuma injabulo ebona izizumbulu zemali zilele kumakhasethi
ahlukshlukene. Ngadla mina kababa ngingasaqali, (Ayitape samuntu
onwampela uju lwezinyosi. Usejatshuliswa umgodla asewuthwele
emahlombe.) Cha sekunesisindo esibonakalayo. (Ezwe umsinjwana
wabantu ngaphandle) Ake uthule ngizwe.
UMUNTU (Ngokumangala) Nansi imihlolo madoda. Umshini wemali uyasebenza
WOKUQALA kepha akukho mali ephumayo.
UMUNTU (Naye esondele efake elakhe ikhadi) Ayi bo sidliwa kanjena-ke
WESIBILI ngamabhange baqede lapho baphike. Nakimina yileso. (Kumiwe
isikhomololo ngaphandle. Akasekho manje ofuna ukufaka ikhadi lakhe
ngoba naye kungaba isona leso. Abanye bajike bahambe bathi
sebeyozama phambili.)
UMUNTU (Esondeza ubuso edlula embotsheni ebonakayo ngaphakathi ebhange.)
WOKUQALA Kukhona okwenzeka lapha ngaphakathi.
[Inkundla yesi-4:isigcawu sesi-5,ikhasi 93]

1 Yimuphi umoya otholakala ekuqaleni enkulumeni kaNkululeko kule (2)


siqeshana? Sekela impendulo yakho.
2 Chaza isizinda ngokwenkathi ngokwalesi siqeshana (3)
3 Fingqa ngamaphuzu amathathu izigameko ezaholela ekutheni
Unkululeko afune ukuyobamba inkunzi ebhange. (3)
4 Chaza kafushane ukuthi ubudlelwano bukaMaqoma noSikela buyithuthukise
kanjani indikimba yalo mdlalo.
(3)
5 Ngabe amagama adwetshelwe achaza ukuthini, ngokwenzeka kulesi (2)
siqeshana.
6 Yini edala udweshu kulesi siqeshana? (2)
7 Yini inhloso yombhali yokusebenzisa umlingiswa onguNkululeko kulo mdlalo (2)
8 Ngokubona kwakho ukuyobamba inkunzi ebhange kukaNkululeko
kwakuyoba yisisombululo yini ekuxazululeni izinkinga zakhe? Ukube
kwakunguwe wawuyokwenzenjani (3)

9 Uyavumelana nokuthi umlingiswa onguMaMhlongo uvezwe njengomlingiswa (2)


owunakekelayo umndeni wakhe? Sekela impendulo yakho.

10 Phawula ngempumelelo yombhali ekwethuleni isingeniso/isethulo kulo (3)


mdlalo.
106

IZIMPENDULO
1 Umoya otholakala enkulumeni kaNkululeko owokudinwa ngoba uPhindisiwe
engamtshelanga ukuthi ebhange kunamakhamera ebe ewazi uPhindisiwe. üü
(2)
2 Isizinda ngokwenkathi kulesi siqeshana yinkathi yamanje ngoba sekunamabhange
okubanjwa kuwo imali, amakhamera ebhange, isbhamu esasiphethwe uNkululeko
Kanye ne-ATM yokukhipha imali. üüü (3)

3 • Wayesephelwe umsebenzi emva kokuthwalela uPhindisiwe icala, manje


wayesefuna imali yokuziphilisa. ü
• Wayefuna ukuchithela uPhindisiwe umuzi ngoba wenqaba ukuthi
babuyelane. ü
• Yingoba uPhindisiwe wayethembise uNkululeko ukuthi akeze neprojekthi
ezomfakela imali yena uzomelekelela/. ü
• Yingoba uNkululeko wayengasasebenzi esefuna into yokuziphilisa futhi (3)
wayesephelelwe umsebenzi. ü
4 Ubudlelwano bukaMaqoma noSikela buyithuthukisile indikimba yobugebengu
uSikela walekelela uNkululeko ekwenzeni isitifiketi somshado somgunyathi ngoba
esebenza emnyangweni wezasekhaya noMaqoma walekelela uNkululeko
wazenza ubaba wakhe beyokwenza ubugebengu kwaMathonsi. üüü (3)
5 Amagama adwetshelwe aveza ukuthi uma kuzwakala umsindo wesibhamu lokhu
kuzokwenza abantu baqaphele/basole ukuthi ukuthi kukhona okushaya amanzi
ebhange. üü (2)

6 Udweshu lwangaphandle kuNkululeko noPhindisiwe ludalwa ukuthi uPhindisiwe


ubengamtshelanga uNkululeko ukuthi kunamakhamera ebhange. üü
(2)
7 Inhloso yombhali ekusebenziseni uNkumbulo ukwelekelela/ukubonisa
uThamsanqa ezinkingeni zakhe. Ngenkathi uThamsanqa enenkinga noPhindisiwe
uyena akayemuqinisa idolo ukuthi engavumeli ukudlala izigebengu. Wameluleka
nangokuthi angesheshe aganwe. üü (2)
8 Kwakungeke kube isisombululo ngoba ukubamba inkunzi ukufaka impilo
engcupheni okungaka ukuboshwa noma ukufa, ukube kwakuyimi ngangiyomukela
konke okwenzekile, ngihambe ngiyofuna umsebenzi ngiqhubeke nempilo. üüü (3)

9 Ngiyavumelwana, uyawunakekela umndeni wakhe, ubona ukuthi uThamsanqa


akaphephile kuNkululeko ucabanga ukufonela amaphoyisa, ulwela uThamsanqa
akafuni uPhindisiwe adlale ngaye emva kokuthi uPhindisiwe ekhuluma ngezimfihlo
ocingweni, ufuna ukuyiyela yena mathupha kwaMakhunga eyolanda izinkomo (2)
zendodana yakhe. üü
10 Umbhali uphumelele kahle ekungeniseni indaba. Sitholile ummleli uPhindisiwe,
isisusa sodweshu ukufona kukaNkululeko efuna babuyelane efuna nengane yakhe
uZiphozonke nendawo ibhange Iforum lapho kusebenza khona uPhindisiwe. üüü (3)
[AMAMAKI ESEWONKE : 25]
107

UMBUZO 2: UMBUZO OMFUSHANE


UBHUKU LWAMANQE - E J MHLANGA
Fundisisa lesi siqeshana somdlalo bese uphendula imibuzo elandelayo

(UThamsanqa usemsebenzini. Namuhla akafikanga ngesikhathi esejwayelekile. Ufika umzimba


wakhe utubekile. Uhlezi ehhovisi imicabango isina idedelana.)
THAMSANQA (Izandla zombili uzibeke ezihlathini. Kuyabonakala ukuthi imicabango
isezinkalweni. Aze aphimisele.) Ewu madoda, umzimba wami ubuhlungu.
Ungathi ngilale ngidlile kanti lutho. (Azelule okomuntu ovuka
ebuthongweni.) Hmm...izinto zingimele ngenhla. Kangiyazi lento aseyiyona
uPhindisiwe. Namuhla ekuseni ubengemuhle neze. Ingabe kwenzenjani
madoda? Ingabe mfihlonilena ayigodlile? Okungixakayo ukuthi zonke izimo
besibhekana nazo ngqo sisobabili noma ngabe zilukhuni kanjani.
Kangiyazi lento esidala ukuthi angivalele ngaphandle manje. Kusha-ke
lokhu. (Kukhale ucingo. Asukume aluphakamise.) Yebo, nguThamsanqa
Mathonsi okhulumayo ngingakusiza?
MATHONSI Kuhle ekuseni ndodana. Niyavuka kodwa/
THANSANQA Sivuka nani kodwa Mbuya ngoba kusinda kwehlela?
(Edonsa intambo yocingo ukuze abuyele esihlalweni abehlezi kusona.)
MATHONSI Ubudoda yibona-ke lobu ndodana. Phela izinkinga yizona ezihluza
ubuchopho bomuntu. Kithina sekungamahlalakhona. Sesajwayela
ukuligwinya lishisa. Okubalulekile ukulwa impi eqondene nawe ngqo.
Lapho-ke kufanele ukhiphe zonke izikhwepha zakho ukuze uyahlule.
(Ehleka kancane)

THAMSANQA Kunjalo baba kepha zikhona ezinye izinkinga ezingaphezu kokwenza.


Phela kuyashiwo ukuthi injobo ithungela ebandla noma-ke kuphinde
kuthiwe iningi liyabona ububende.
MATHONSI Kunjalo ndodana. Ngithemba uyakhumbula ngikudonsa ngendlebe
ukuthi ukubuka izinto ngeso lokhozi kufanele kube yisikhali sakho.
Izimpikokazi zalo zibe yisiviko sakho. Ubuchopho balo bube yiklwa lakho
lokuhlabana.
THAMSANQA Ngikhumbula kahle kamhlophe Mbuya kaMhlandla.
MATHONSI Ngiyazi wawucabanga ukuthi ngikhuluma amazwi obunkondlo ngoba
ngiyimbongi phela, kepha ngangazi ukuthi uma imizuzu yempilo ilokhu
inyathelana izimo ziyaguquka. Liyabalela.
Liguqubele.
THAMSANQA Lisho uliphinde baba. Ngiyakwazi lokho.
MATHONSI Sesifikile leso sikhathi semisinga yeshisandlu engangikhuluma ngaso.
Ngasho ngathi ngelinye ilanga like likhiphe umkhovu etsheni, ngelinye futhi
lidlisele ngamathe ezimpukane ligcine ngakho ukuyidliva selibuyisa
ngezikhukhula. Indoda ibonakala lapho-ke ukuthi izikhali zayo izifumbethe
kanjani. Ewu, sengilibele ukwanda nezindaba sengikhohlwa ukungena
odabeni engize ngalo, phela wena usemsebenzini ndoda ungephike nathi
108

esiphenduka nezicelu lize liyoshona.


THAMSANQA Lezo zeluleko ngizikhumbula kahle kamhlophe baba. Ngesinye isikhathi
umane uphunduleke nje uzwe izinduku sezikuqoqoda ikhanda. Likhulu
elokuthi kuhle inkunzi uyibambe ngezimpondo ngoba wayibamba
ngesinxele konakele. Wahlasela kusile nje Mbuya ilibangisephi?
MATHONSI Ingalibangisaphi ndoda yamadoda ngoba umkhonto uqonde kuwena ngqo.
Ndodana nginesifiso ukuthi namuhla wedlule lapha ekhaya uma uphuma
emsebenzini. Kukhona udaba olibucayana engithanda ukuthi siludingide
nawe.
THAMSANQA (Ngovalo) Kwenzenjani baba kukhona okonakele?
MATHONSI (Ehlise umoya) Cha ungethuki ndodana. Kukhona okuthanda
ukungiphazamisa emqondweni kepha wena ngicela wedlule lapha ekhaya
njengoba ngisho ukuze ngehlise leli gwebu lovalo enginalo.
(Inkundla yesibili isigcawu sokuqala ikhasi 32-34)

IMIBUZO
1 Nikeza isizinda ngokwendawo kulesi siqeshana (1)
2 Yini imbangela yodweshu kuThamsanqa ekuqaleni kwalesi siqeshana (2)
3 Ngabe amazwi abhalwe ngokugqamile amveza njengomlingiswa onjani (2)
uMathonsi? Nikeza isizathu sempendula yakho
4 Chaza kafushane ngokuxhumana kwenkulumo-mpendulwana nesenzeko (3)
phakathi kukaThamsanqa noNkululeko ngenkathi beficana kwaMathonsi.
5 Yamanisa ubudlelwano bomlingiswa owuSarah nokubanjwa kwenkunzi (3)
ebhange
6 Chaza isizathu sokusetshenziswa kwesu lokubikezela ephusheni (2)
likaMaMhlongo
7 Qhathanisa izenzo zabalingiswa okuwuKholekile noNkumbulo kubangani (3)
babo.
8 Uyavumela nokuthi uPhindisiwe usudalile isixakaxaka empilweni (3)
kaThamsanqa? Sekela impendulo yakho
9 Ngokucabanga kwakho kwakufanele yini uNkumbulo amfihlele uThamsanqa (3)
ukuthi wayazi ngobudlelwano bukaPhindisiwe noNkululeko? Sekela
impendulo yakho
10 Phawula ngempumelelo yombhali ekwethuleni isiphetho salo mdlalo? (3)
[AMAMAKI ESEWONKE : 25]
109

IZIMPENDULO
1 Kusemsebenzini ehhovisi likaThamsanqa. ü (1)
2 UThamsanqa unodweshu lwangaphakathi ehlezi ehhovisi lakhe ecabanga
indlela uPhindisiwe akaseyiyo emva kocingo olungene ebusuku emzini wabo.
UPhindisiwe ukhombise ukuthi uyamazi lo muntu obeshaya ucingo maye (2)
uyamfihlela uThamsanqa. üü
3 Amveza njengobaba oqotho/onothando ngoba kuyabonakala ukuthi indodana (2)
yakhe uyayinika izeluleko zokuthi ikhule ibe yindoda eqotho. üü
4 Inkulumo-mpendulwano eyaba phakathi kukaNkululeko noThamsanqa
ngenkathi bebanga ukuthi uNkululeko wabiza uPhindisiwe ngomkhuhlane
womfazi lokho kwaholela kwisenzeko sokuthi uNkululeko agcine ekhiphele (3)
uThamsanqa
isibhamu. üüü
5 Umlingiswa owuSarah uyena izikhiye zebhange iForum ezazihlala kuye,
uPhindisiwe wasebenzisa yena ukuyalela oNkululeko behamba naye ukuba
beyosabisa uSarah ukuze kutholakale izikhiye zebhange. üüü (3)

6 Iphupho likaMaMhlongo ephupha uZiphozonke ethathwa wahlanya luyomfaka


ehlathini elesabekayo, lulibikezela ukuthi uZiphozonke akasiyona ingane
kaThamsanqa. üü (2)

7 UKholekile kwakuwumngani kaPhindisiwe, uNkumbulo kuwumngani


kaThamsanqa.
Izenzo zabo ohlangothini lobungani azifani. UKholekile udayisa umngani
wakhe uPhindisiwe ngokuthatha izindaba kuye bese ezihambisa kuNkululeko
kanti uNkumbulo uwumngani weqiniso kuThamsanqa ngoba uyamunika
izeluleko njengomngani futhi akamtsheli umngani wakhe into ayibonayo ukuthi (3)
izomhatha kabi. üüü
8 Ngiyavumelana uThamsanqa uwumyeni othembekile kuPhindisiwe kodwa
yena wenza izenzo zokukhohlakala kumyeni wakhe. Ukungaziphathi kahle
kukaPhindisiwe kuholele ekutheni uThamsanqa aze athathe isinqumo (3)
sokuyolanda izinkomo zakhe kwaKhunga. üüü

9 Kwakufanele ngoba akufanele ungene izindaba zabantu abathandanayo uma


sebexolelene uyosala wedwa enkingeni.
Kwakungafanele ngoba UNkumbulo ungumngani noNkululeko, kwakufanele (3)
adlale indima yobungani kuyena ngokuthi amqwashise ngesenzo ayesibona
singesihle esenziwa UPhindisiwe. üüü
10 Umbhali uphumelele kahle ekuphetheni indaba yakhe kupholavuthondaba,
lapho khona uPhindisiwe, uNkululeko, uMaqoma, uSikela noKhabalethu
begwetshwa emva kokuyobamba inkunzi ebhange. üüü (3)

[AMAMAKI ESEWONKE : 25]


110

UMBUZO 3 (UMBUZO OMFUSHANE


ISIQESHANA E
Fundisisa lesi siqeshana somdlalo bese uphendula imibuzo elandelayo.

MATHONSI: (Ekhwehlela.) Uqinisile umama wakho ndodana. Usindwe yizinyawo


njengoba bengingasakwazi ukuyibamba le nsizwa. Bengilokhu
ngigqolozele emnyango ngithi uyangena lutho. Akonakele lutho-ke
ndodana ngoba mhlawumbe kwenzeke kahle ningatholani lapha hleze
bekuyosuka uthuli lwezichwe. 5

THAMSANQA: (Ehlahle amehlo.) Insizwa yakuphi leyo?


MATHONSI:
Yehlisa umoya ndodana. Luselude ukhalo. Uyothi lapho udundubala lesi
sisekeseke sentaba uyobe usuvovekile uma uthatha izinto ngamawala.

THAMSANQA: Cha ngiphuthume baba kwenzekani kanti?

MATHONSI: Ake ngibuze ngale ndlela ndodana, ngiyazi kungumbuzo oxakayo futhi
ongavusa uhlevane kepha-ke kayikho indlela engingaluqala ngayo lolu
daba. Okwesibili usuyindoda manje. Kayikho indoda eyake yakhela enye 10
umuzi. Ngokusho kanjena ngiqonde ukuthi kungesize ngalutho ukuletha
uqhekeko nengxabano emzini wakho.
Ngixolele ngokubuza ngale ndlela ndoda. Umethemba kangakanani
umkakho? (Amjolozele ezinhlamvini zamehlo.)

THAMSANQA: (Ebukeka edidekile yilo mbuzo kayise, kepha aqunge isibindi


awuphendule)Ngumbuzo onzima kakhulu lona kepha ngizowuphendula 15
ngale ndlela, bengingemthathe uPhindisiwe abe ngumkami uma
bengingamethembi futhi ngingamthandi.

MATHONSI: Uyakuthanda ngokweqiniso yena, akukho enigodlelene khona?

THAMSANQA: Ngingeqiniseke ngalokho baba nawe uyazi ukuthi umuntu unesifuba


sakhe esaziwa nguyena yedwa angeke asichathazela omunye umuntu. 20
Ngifunga ngiyagomela ukuthi okuningi siye sihlale phansi sibonisane
ngakho sigcine sifinyelela esivumelwaneni. Ngokwazi kwami akukho
engingathi ungifihlele induku emqubeni ngakho.

MATHONSI: Ungadinwa ndodana. Lo mbuzo kawulona iphutha kepha kukhona lapho


ngiqonde khona
25
THAMSANQA: Kukhona yini okusolayo kumkami baba?
111

MAMHLONGO: (Engena egulukudela ingathi kukhona okumjoja ngemuva.) Uyabona 30


ndodana impilo yokuganana inzima kakhulu. Kuyinto enzima
ukwethembeka kepha kufanele kungayekwa nje ngoba izimfihlo lezi
ziyinkinga kungakho kuye kuthiwe ayikho impunga yehlathi ngoba lapho
imfumbe ibhoboka khona buchitheka bugayiwe. Akuyona-ke into enhle
ukulokhu kusolwa abalele ukuthi babhedisa izinto ngabomu kanti 35
akubona abazibhedisayo bafela nje ukuthi babizwe ngezithutha.

MATHONSI: Nami nginezezela emkhondweni kamama ndodana. Ngingalokhu


ngigudla iguma Thamsanqa, kukhona okwaziyo ngempilo kamakoti
ngaphambi kokuba nishade? 40

THAMSANQA: Kuningi kakhulu engikwaziyo mama nawe baba.


45
MATHONSI: Wakutshela ukuthi unezingane azishiya ekhaya?

THAMSANQA : (Athi ukudideka kancane.)


Yebo,ngiyazazi.

MAMHLONGO: (Enikina ikhanda.) Ngiyakweshwama–ke lokhu baba. Ndodana,kanti


akuthi lapho kulotsholwa ithokazi libelethiswe nenkonyane lalo?

[Inkundla Yesi-2, IsigcawuSesi-3]


IMIBUZO

1 Nikeza ithoni etholakala enkulumweni yomlingiswa onguMathonsi kulesi siqeshana bese (2)
unika isizathu sempendulo yakho.
2 Nikeza isizathu sokuba isimo senhlalo singabi sihle ekuqaleni kwalesi siqeshana. (2)
3 Chaza kafushane ngamaphuzu AMATHATHU ukuthi imibuzo ebuzwa (3)
nguMathonsi kuThamsanqa kulesi siqeshana iyithuthukise kanjani indikimba yalo mdlalo.
4 Fingqa ngamaphuzu AMATHATHU iphupho likaMaMhlongo. (3)
5 Yini inhloso yombhali yokwethula umlingiswa onguNkumbulo kulo mdlalo? (2)
6 Qhathanisa izenzo zomlingiswa onguMakhangela unina kaPhindisiwe Kanye nomlingiswa (3)
onguMaMhlongo unina kaThamsanqa ekukhuliseni izingane. Sekela impendulo yakho.
7 Chaza okushiwo ngamagama abhalwe ngokugqamile kulesi siqeshana. (2)
8 Ucabanga ukuthi wawuzoba njani umphumela empilweni kaThamsanqa ukube wamxolela (3)
uPhindisiwe?
9 Ngabe isenzo somlingiswa onguPhindisiwe sokuthandana noNkululeko (2)
siyamukeleka kuwena? Sekela impendulo yakho.
10 Xoxa ngempumelelo yombhali ekwethuleni isingeniso kulo mdlalo. (3)
[AMAMAKI ESEWONKE : 25]
112

IZIMPENDULO
1 Ithoni etholakala enkulumweni yomlingiswa onguMathonsi iveza ithoni
yothando/yokuyala njengoba elokhu ebiza uThamsanqa ngendodana
yakhe njalo umaekhuluma naye.UMathonsi uyamyala nangokwakhiwa (2)
komuzi. üü
2 Isizathu sokuthi isimo senhlalo singabi sihle kulesi siqeshana ukuthi uMathonsi
noMaMhlongo abaphathekile kahle ngenxa yokufika kwensizwa abangayazi
njengoba bechazela uThamsanqa osebonakala kumcasula ukuzwa ngale nsizwa. (2)
üü
3 Imibuzo ebuzwa uMathonsi kulesi siqeshana iyithuthukise kahle indikimba
yobugebengu emuva kwemibuzo ebibuzwa nguMathonsi, ebuza
uThamsanqa ngoPhindisiwe ukuthi umazi kangakanani, uThamsanqa
uthola ukuthi uPhindisiwe ubethandana noNkululeko engazi. UMathonsi
noMaMhlongo bathola ukuthiuPhindisiwe unezingane abangazazi.
UPhindisiwe uhlangana noNkululeko nabangani bakhe ukwenza itulo
lokubulala uThamsanqa kanye nokubamba inkunzi ebhange i-Forum. üüü (3)

4 • UMaMhlongo uphuphe uhlanya luqukula uZiphozonke ngoba luthi


uyingane yalo. √
• Limthathe lwamphonsa ehlozini elikhulu elengame isiziba sikamaminzela. ü
• UMaMhlongo walulandela uhlanya ethwele izandla ekhanda kwase kuqubula igovu. ü (3)

5 Inhloso yombhali yokwethula umlingiswa onguNkumbulo kulo mdlalo


Ukuxwayisa ngokuthi ungabomethemba umngani njengoba uNkumbulo
wehluleka ukuxoxela uThamsanqa ngezenzo zikaPhindisiwe noNkululeko. üü (2)

6 Izenzo zomlingiswa onguMakhangela kanye noMaMhlongo ekukhuliseni


izingane,bakhulisa izingane ngezindlela ezingefani. UMaKhangela akanalo
iqiniso, ufihlela abakwaMathonsi ngenkathi bezolobola akabazisi ukuthi
uPhindisiwe unezingane ezimbili azitholele ekhaya/uvuna uPhindisiwe
emuva kokushayisa ingane; nguyena okhokhela uNkululeko imvalamlomo
kanti uMaMhlongo unothando lweqiniso uma uThamsanqa enezinkinga
ezivelayo uyambiza, ambonise yize esenomuzi wakhe. üüü (3)
7 Amagama abhalwe ngokugqamile kulesi siqeshana achaza ukuthi
Kwakungamele yini izingane zikaPhindisiwe eze nazo uma ezogana
kwaMathonsi. üü (2)
8 Umphumela wawuzoba muhle empilweni kaThamsanqa ngoba wayezoqhubeka
113

bahlalisane kahle nomndeni wakhe njengoba wayemthanda ngokweqiniso


uPhindisiwe.Wayezogcina isethembiso sabo somshado sokwehlukaniswa
ngukufa. Babengeke baphinde babe nezimfihlo. üüü
NOMA
Umphumela wawuzoba mubi empilweni kaThamsanqa ngoba wayengahlala
ngokungamthembi uPhindisiwe engazi ukuthi uzoqhubeka yini abe nezimfihlo
njengoba wayemcelile ukuba kungabibikho ukufihlelana. Wayengagcina
(3)
engasamthandi kahle uma ecabanga izimfihlo nobugebengu abenzile. Agcine
ehlukanisile naye. üüü
9 Isenzo somlingiswa onguPhindisiwe asamukelekile ngoba uPhindisiwe
Kwakungafanele ukuthi athandane noNkululeko ngoba wayeshade
noThamsanqa. Kwakumele amlinde uma esehambile. Ukube walinda wayengeke
azithole esesenkingeni yokuba nengane nomuntu ongesiye umyeni wakhe. üü (2)

10 Umbhali uphumelele kahle ukusethulela isingeniso salo mdlalo ngoba


Usethulele ummeleli onguPhindisiwe ebhekene nenkinga yemfihlo anayo
NoNkululeko njengoba ethi ufuna babuyelane. Isizinda senkathi yamanje
Nendawo yasemadolobheni eGoli kanye nesimo senhlalo esishubile
ngenxa yokubelesela kukaNkululeko eshaya izingcingo emsebenzini
kaPhinidsiwe eBhange i-Forumemtshela ukuthi uzodalula izimfihlo abanazo (3)
naye. üüü
[AMAMAKI ESEWONKE : 25]

UMBUZO 4 (UMBUZO OMFUSHANE)


Fundisisa lesi siqeshana esilandelayo bese uphendula imibuzo:

(Khona emzini wakwa Mathonsi.)


MATHONSI: (Ebuka indodana yakhe esiluthuqasana nje.)Uzibonele-ke mfana
wami lokho ebesikhuluma ngakho.
THAMSANQA: Okungikhalisa kakhulu ukungabikhona kukaPhindisiwe. Bengifuna
ukuzwa ukuthi lolu daba ubeyoluphendula athini ikakhulu indaba
kaZiphozonke ngoba phela lo mlisauyibhedlile.
MAMHLONGO: Phela ngenye indaba lena kaZiphozonke. Kwamina ingifocoza
umbombo. Kangazi Nokuthingingayiqala ngiyithini ukuyixoxa.
Sekufanele uthathe isinqumo manje Thamsanqa. Konke
kusezandleni zakho.

MATHONSI: Ubukhona bukamakoti bekungeke kwasiguqula isimo sezinto.


Okwesibili bekufanele Ulale phansi ungavumi ukucinaniswa yigwebu
lentukuthelo kuze kubhoboke ithumba.

THAMSANQA : Lolu daba aluluncane njengoba bengicabanga. Khona nginakho


114

ukusolasola ukuthi Kungenzeka lesi sitifiketi yilezi okuthiwa


ziyathengwa. Kukhona into ayifunayo lo Nkululeko.
MAMHLONGO Uma usenokiungabaza ndodana kukuwe lokho. Umbuzo wami
kuwena munye nje vo, uthini ngale nkulumo engiyitshelwe
ngumkakho luqobo ukuthi savumelana ngingamoneli umuzi?
THAMSANQA : Kangenziwa kanjena mina. Kufanelengiqonde ngqo kwaMakhunga
bangichazele kahle ngale nto, izinkomo zami ngifuna bazibeke la
(Ekhomba intende yesandla sakhe sangakwesokunxele.
MAMHLONGO : Baze bangamahumusha abantu madoda. Kusho khona ukuthi
benza ibhizinisi?

MATHONSI Ungasho uliphinde lelo mkami.


THAMSANQA: Kangazi noma yibhadi yinilokhu okungehlelayo noma
yilesosikhathi sobunzima obuke bufike kumuntu engazelele?
MATHONSI: Kungenzeka ndodana. Yonke into inesikhathi sayo. Kufanele
uqaphele mfana ungathathi izinto ngamawala. Uyothatha imihla
namalanga ugcine ungamtholanga lowo ocabanga ukuthi akanasici.
Wonke umuntu unesici zilungisele ukulungisa yena lo. Inqobo nje
uma usamthanda.
THAMSANQA Kulukhuni ukuba yindoda. Ngabe uPhindisiwe lona ongenza into
ebuhlungu kangaka? Yeka isikhathi sami nothando lwami
engiluchithe naye?
MAMHLONGO Namanje ngathi ngiyaphupha angiyikholwa lento eyenzekayo.
UPhindisiwe ngimthanda kangaka kanti akumuntu walutho?
MATHONSI Ngiyamangala nkosikazi uma ukhuluma kanjalo ngomakoti ube wazi
kahle ukuthi akusoka lingenasici. Ukhona yini akwenza khona.
Njengoba usuthi akumuntu walutho? Engikwaziyo ukuthi selokhu
afika lapha ekhaya akakaze aphakamise iphimbo. Anikaze nixabane
ngaphandle kokuthi kukhona engingakwaziyo. Uzothini uma le nto
ekhulumekayo ngaye akulona iqiniso?
THAMSANQA Iqiniso linye nje ukuthi ngigaya izibozi ngaphakathi noma ngazi
ukuthi kungenzeka lendaba ingabi yilona iqiniso. Okubalulekile nje
kukhona okushaya amanzi.
MAMHLONGO Ngamanye amazwi umuntu okhohlakele lapha yimina?

MATHONSI Akekho okhulume ngokukhohlakala ngixakwa yilamazwi


owaphimisa ngezindebe zakho. Engikushoyo ukuthi umuntu
makanikezwe ithuba azihlambulule ngaphambi kokunqunyelwa
ogodweni nxa sekuvela ukuthi ubhecwe ngobende engaludlanga
niyothini? Intukuthelo ingeke yakusiza ngalutho Thamsanqa, thola
ubufakazi bese uthatha isinqumo esifanela.
THAMSANQA Uyazi baba nalento yokuthi kufanele kulokhu kucatshangwa kayisizi
ngalutho. Ngeke kuthi izinto zonakele kulokhu kucatshangwa
undendende ukufa kwezinyane.

[Inkundla yesithathu isigcawu sesine ikhasi 65-67]


115

1 Yini le uMathonsi athi umfana wakhe uzibonele yona emshweni


osekuqaleni?
(2)
2 Uqondeni umbhali ngegama lehumusha (2)

3 Chaza kafushane ukuthi yini eyaholela ukuthi uThamsanqa aye kubo


kaMathonsi ngokwalesi siqephu.
(3)
4 “Khona nginakho ukusolasola ukuthi lesi sitifiketi yilezi okuthiwa
ziyathengwa”. Nikeza umoya ovezwa yile nkulumo.
(2)
5 Chaza kafushane isizathu esabangela ukuthi uPhindisiwe angabe
esabona noma ezwe ukuthi oshaya ucingo akusesiye uNkululeko.
(3)
6 Yimuphi umuzwa ovezwa ngumaMhlongo emushweni obhalwe
ngokugqamile. Sekela impendulo yakho.
(3)
7 Shono ukuthi kwakungobani abazali bakaThamsanqa. (2)
8 Chaza kafushane iphupho likamaMhlongo ukuthi lihambisana kanjani (3)
nokwenzeka endabeni.
9 Ukuba wawunguThamsanqa uvelelwa yisimo sokungabi naqiniso (2)
kwankosikazi wakho, wawuyokwenzenjani?
10 Hlaziya impumelelo yombhali ekuqhakambiseni indikimba
ngobudlelwane obuphakathi kukaNkululeko, uPhindisiwe, uMaqoma
noSikela Kanye noMakhangela. (3)

[AMAMAKI ESEWONKE : 25]

IZIMPENDULO
1 UMathonsi usho ukuthi uThamsanqa uzibonele lesigebengu (2)
esiwuNkululeko nodaba esiza nalo. üü
2 Umbhali ngegama lehumusha uqunde ukuthi bayizigebengu noma (2)
bayaqolana. üü
3 UThamsanqa waya kwaMathonsi ngoba wayashayelwe ubaba wakhe
ucingo ukuthi akadlule ekhaya uma esebuya emsebenzini. Lokhu
kwakungoba kunodaba uyise ayefuna balukhulume. üüü (3)

4 Lenkulumo iveza umoya wokudideka nowokukhathazeka


kukaThamsanqa. Ukhathazwa ukuthI akusona esangempela kepha
ubugebengu nje kuphela. üü (2)

5 Isizathu esenza uPhindisiwe ukuthi angabe esezwa noma esabona


ukuthi oshaya ucingo Akuseyena uNkululeko yingoba nguNkululeko
owayelokhu eshaya ucingo. Ngesizathu sokuthi ucingo lwalubanjwa
uThamsanqa, uNkululeko wayesho ukuthi ufuna ukukhuluma
noPhindisiwe. Ngaleyondlela uma seluphinda lukhala ucingo
uPhindisiwe akabange esabuzamkhuhlane wavele wahlala phezu (3)
kwendaba kanti owayesesocingweni uMaMhlongo. üüü
116

6 Lo musho uveza umuzwa wokukhathazeka kukamaMhlongo ngenxa


kaZiphozonke.Wayekhathazwa ukuvela kwenzindaba zokuthi
uZiphozonke akazalwa yindodana yakhe uThamsanqa. üüü (3)

7 Abazali bakaThamsanqa uMathonsi kanye maMhlongo. (2)

8 UmaMhlongo waphupha uhlanya luthatha uZiphozonke lungena naye


ehlathini ngale kwalo. Kukhona isiziba sikamaminzela. Leli phupho
lihambisana nokuthi nakhu sekufika uNkululeko ethi Ulande
okungokwakhe okuwu Ziphozonke noPhindisiwe. üü (3)
9 Ukuba ngangiwuThamsanqa ngangizoyofaka isehlukaniso somshado
enkantolo bese Ngiziqhubekele nempilo Kanye nomunye unkosikazi.
Noma
Ukuba ngangiwuThamsanqa ngangingakhuluma noPhindisiwe
ngimxolele ekukuphambekweni kwakhe ngoba wayesekhombisile
ukuzisola ngokubhala incwadi siqhubeke nempilo. üü (2)
10 Umbhali uphumelele ekugqamiseni indikimba yencwadi ethi UBHUKU
LWAMANQE.Indikimba ithi ubugebengu obuhleliwe / nothando
lwemali. Kule ndaba umbhali usebenzise uNkululeko, uPhindisiwe,
uMaqoma, uSikela nomaKhangela ukuveza nokugqamisa ukuhlela
nokuthanda imali. Bonke bayingxenye yokuqola uThamsanqa. üüü
(3)
[AMAMAKI ESEWONKE : 25]
117

UMBUZO 5 (UMBUZO OMFUSHANE)


(KukwaMakhunga elawunji uThamsanqa uhlezi noninazala kanye noPhindisiwe.)
MAKHANGELA: (Emi ngezinyawo ezibambe okhalo.) Unesibindi mfana wami sokuthi
uzongena lapha endlini ufike ume ngezinyawo. Uyazi ukuthi ngingabiza
amaphoyisa noma ngihlohle abathile bakududulele phandle? Konje uma
umuzi ungenayo indoda kwenzeka izinto ezinjengalezi?
THAMSANQA: Ngikhishwe ngenkani ngoba ngenzeni? 5
(ngomoya ophansi)
MAKHANGELA: Uthi woneni kawazi wena? (Useluqanduqandu uzwakala kude le.)
THAMSANQA: Kangazi mama.
MAKHANGELA: Mfana kaMathonsi ungangichitheli tsikhathi. Khuluma oze ngakho uphume
lapha endlini. Lena yingane yami eyavundla lapha kimina.( Ekhomba isisu)
Ngekabani le ngane obuyidukluza ubusuku bonke? Yisaka likabhontshisi yini 10
yini leli?
THAMSANQA: (Eqala egcwalelana yintukuthelo.) Uma ufuna ukuthi ngimenze isaka uzoba
yilona-ke njengoba ebhixe isithunzi sami ngodaka nje.
PHINDISIWE: (Ngokuthukuthela) Ungibiza ngesaka Thamsanqa? 15
THAMSANQA: Akumina okhulume ngesaka. Buza kumama wakho ngoba nguyena
okhulume ngesaka? Mina ngibuze nje ukuthi ngoneni?
MAKHANGELA Shono oze ngakho izinyawo zigcwale izintuli.
THAMSANQA: Ngethemba amehlo ami awacwebile akunamikhemezelo ekhifizayo kuwona. 20
Okubalulekile nje ngizocela izingane zami.
MAKHANGELA: (Kwathi akaqhume ephendulwa ngale ndlela abengayilindele.) unabantwana
wena lapha ekhaya?
THAMSANQA: Yimikhovu yini ehlezi eduze kwakho?
MAKHANGELA: (Ebambe ekhanda ngezandla ezimbili.) Yehheni we bantu nansi imihlola! 25
Nansi ingulube inginonela emzini wami bo? Yizingane zami lezi ozibiza
ngemikhovu Thamsanqa?
THAMSANQA: Bengithi ngikhuluma isiZulu.
MAKHANGELA: Ufuna ukuyomgada ubusuku bonke njengoba eseze wakubalekela weza
lapha ekhaya?
30
THAMSANQA: Ngiyiqala ngawe lena oyikhulumayo.
MAKHANGELA: Ukhuluma kahle ngoba le ngane ayinaye umkhulumeli. Wena uyajabula
ngoba uhlangene nabakwenu ngengane yami.
THAMSANQA: (Ngokumangala) Iyangimangalisa le ndaba oyikhulumayo okungathi
ubukhona. Kawufune nokunginika indlebe ngichaze ngokwenzekile, uvele
ukhwela phezu kwekhanda lami ungidla ngamazinyo. Kusho khona ukuthi 35
ukholwe konke okutshelwe yile ndodakazi yakho.
MAKHANGELA: Izenzo ziyasho.
118

1 Ivezani ithoni etholakala kulesi siqeshana? Sekela impendulo yakho ubhekise kumlingiswa 2
onguThamsanqa
2 Nikeza isizathu esenza uMakhangela afune ukuxosha uThamsanqa emzini wakhe 2
3 Chaza kafushane izenzo zikaMakhangela ezikhombisa ukuthi ungumlingiswa ongathembekile 2
kuThamsanqa.
4 Chaza isizinda ngokwesimo senhlalo kulesi siqeshana. 3
5 Fingqa ngamaphuzu AMABILI okwenzeka enkundleni yokudlalela esingenisweni salesi 2
siqeshana.
6 Qhathanisa ukuvezwa komlingiswa onguMathonsi nomlingiswa onguNkumbulo ngezenzo zabo 3
kulolu ndaba.
7 Chaza imbangela yokuthi umlingiswa onguPhindisiwe abhalele uThamsanqa inkondlo. 3
8 Iyini inhloso yombhali ngokusebenzisa umlingiswa onguKholekile kulo mdlalo? 3
9 Ucabanga ukuthi lwaluyoba njani udweshu phakathi kukaThamsanqa noMakhangela ukuba
uThamsanqa akazange akhethe ukuhamba? Sekela impendulo yakho
2
10 Ake uncome ikhono lombhali mayelana nesiphetho salo mdlalo 3
(25)
IZIMPENDULO
1 Ithoni iveza intukuthelo eyayikhonjiswa nguThamsanqa. uThamsanqa wayeze kwaMakhunga 2
ukuzolanda uPhindisiwe nengane yakhe njengoba babehambile emzini wabo. üü
2 UMaKhangela wayefuna ukuxosha uThamsanqa emzini wakhe ngoba kade eshaye 2
uPhindisiwe ubusuku bonke, uPhindisiwe wabaleka waya ekhaya kubo,kunina manje
uThamsanqa uthi uzomlanda. üü
3 UMaKhangela ungumlingiswa ongathembekile kuThamsanqa ngoba wafihlela uThamsanqa 2
ukuthi kunoNkululeko endlini. üü
4 Isimo senhlalo kulesi siqeshana asisihle phakathi kukaThamsanqa noMaKhangela, bebanga
ukuthi uThamsanqa ufike wama ngezinyawo phezu kokuba eshaye uPhindisiwe,ubiza
nezingane zakhe ngemikhovu okuyinto angayithandanga uMaKhangela. üüü 3

(nezinye izimpendulo ziyokwamukeleka.)


5 * Okwenzeka enkundleni yokudlalela kulesi siqeshana uThamsanqa uhlezi noninazala elawunji
kanye noPhindisiwe.
*UMaKhangela uma ngezinyawo emuva kokuba bengazwananga noThamsanqa ozofuna
izingane zakhe kwaMakhunga. üü 2

6 Izenzo zalaba balingiswa uMathonsi noNkumbulo ziyafana bobabili bazama ukubonisa


uThamsanqa ngodaba lukaPhindisiwe. UMathonsi unxusa indodana yakhe,uThamsanqa ukuthi
angalutatazeleli lolu daba lukaPhindisiwe kodwa aluphathe ngesineke aze athole umnyombo
walo kanjalo noNkumbulo ubonisa uThamsanqa ukuthi akasale esamukela ukuthi uPhindisiwe 3
uhambile noma bahlukanise bese bewuqala kabusha umshado wabo. üüü
7 UPhindisiwe wabhalela uThamsanqa inkondlo ecela uxolo ngesenzo sakhe futhi emkhumbuza
nangothando analo ngaye kanjalo nangezifungo abazenza emshadweni
119

wabo. üüü 3
8 Inhloso yombhali ukusixwayisa/ ukusibonisa ukuthi kukhona abantu abeza kumuntu benze
ubungani ngenhloso ethile. uKholekile wayengumngani noPhindisiwe futhi ethandana
noNkululeko, kwaba lula ukuthola ulwazi olwaludingwa nguNkululeko kuPhindisiwe. üüü 3

9 Ngicabanga ukuthi lwaluyoba lubi impela udweshu ngoba uThamsanqa wayeyogcina


ehlaselwa uNkululeko njengoba uMaKhangela wayemfihlile uNkululeko wathi uzombizela
izikhondlakhondla ezedlula yena uThamsanqa uma eqhubeka nokudaza inkani. üü 2

10 Umbhali walo mdlalo uyiphethe kahle indaba yakhe. Le ndaba iphethe ngepholavuthondaba ,
uPhindisiwe, uNkululeko nabangani bakhe, oSikela noMaqoma bagcina bebanjwe baboshwa
baphinde bagwetshwa ngoba alikho iqili elazikhotha emhlaneüüü 3

Ubhuku Lwamanqe : E.J. Mhlanga 01


Umbuzo Omude [25]
Ukuba nezimfihlo akumphumelelisi umuntu empilweni ngoba zinendlela
yazo yokuvela. Phawula ngokuhlolisisa lesi sitatimende ubhekise
kumdlalo eniwufundile.
Isitatimende esithi ukuba nezimfihlo akumphumelelisi umuntu empilweni siyiqiniso
elingephikiswe ngoba izimfihlo zinendlela yazo yokuvela njengoba nakuwo lo mdlalo
kugqama ngalaba balingiswa uPhindisiwe kanye noNkululeko.
UPhindisiwe uke wathandana noNkululeko lokhu kufakazelwa ukumshayela ucingo ecela
ukuba babuyelane. UNkululeko uphinde ugasela kwaMathonsi uyocela izingane zakhe
ezisisiwe. UPhindisiwe uzithola esenenkinga yokudaluleka emzini ngemfihlo yakhe
yokuqoma ebe eshadile aze athole nengane okungesiyona eyomyeni wakhe. Lokhu
kungaholela ekutheni uphele umendo wakhe. Kuyafakazeleka ukuthi ngempela izimfihlo
azimphumelelisi umuntu empilweni futhi zinendlela yazo yokuvela. Ukugwema ukuthi le
mfihlo yokuthandana kwabo yaziwe emzini uPhindisiwe uza namanye amaqhinga.
UPhindisiwe uhlanganisa iphrojekthi noNkululeko. UPhindisiwe utshela uNkululeko ukuthi
akeze nephrojekthi ezomfakela imali, ngempela uNkululeko uthola ithuba lokuqola
ibhange imali esebenzisa uPhindisiwe njengomsebenzi wakhona. uPhindisiwe ungena
enkingeni yokungathembeki emsebenzini ngokuba yingxenye yokubanjwa kwebhange
inkunzi. Uphelelwa umsebenzi uphinde uzithola esesejele nomngani wakhe uNkululeko,
okhombisa ukuba nothando lwemali olwandlulele.
UNkululeko uthwalela uPhindisiwe icala. UNkululeko ukhokhelwa izizumbulu zemali
ukugqitshwa ukuze athwale icala likaPhindisiwe lokushayisa ingane ngemoto ishone. Le
mali iyaphela usevusela uPhindisiwe izimfihlo zabo okuholela ekutheni uPhindisiwe
axabane nomnyeni wakhe uThamsanqa, nakwaMathonsi abasamethembi. Imfihlo
kaNkululeko iyadaluleka uma esethumba abakwaMakhunga ebavalela endlini efuna
uPhindisiwe enze njengoba yena uNkululeko efisa. UNkululeko uyabona ukuthi
amaqhinga akhe ayaphumelela, abakwaMakhunga sebesentendeni yesadla sakhe.
UNkululeko usebenzisa uPhindisiwe ukungena ebhange. Lokhu kufakazelwa ukugquba
uPhindisiwe ayolanda isikhiye sasebhange kuSara. Ebhange ugquba uPhindisiwe
ngesibhamu ukuze akhombe zonke izindawo lapho ibhange ligcina khona imali
ayidingayo. Ngempela uyayithola kodwa wenza obekungalindelekile ngokubophela
uPhindisiwe esihlalweni ashaye achithe nemali engasamnikanga nesenti. Le mfihlo yakhe
yokuthi sonke lesi sikhathi ubesebenzisa uPhindisiwe ukuze athole imali iyadaluleka.
Akaphumeleli nokho ngoba ngokuphazima kweso ukhalelwa amasongo kaSigonyela
120

uyaboshwa kanye naye uPhindisiwe ogcina esezisola.


UPhindisiwe ubhalela uThamsanqa incwadi ende esejele. UPhindisiwe uyazisola ngakho
konke akwenzile. Uyavuma kuThamsanqa ukuthi ubenezimfihlo emshadweni wabo.
Uyakuqinisekisa ukuthi ngempela uZiphozonke okaNkululeko. Uyazithoba ucela ukuthi
uThamsanqa aqhubeke amondlele izingane zakhe obekungaziwa kwaMathonsi
abakuqabuke ngokufika kukaNkululeko ezobatshela ukuthi yena noPhindisiwe bashadile
futhi banezingane. Konke lokhu akusamsizi uPhindisiwe ngoba useboshiwe futhi kusobala
nomendo wakhe uphelile.
Kuyacaca ukuthi izimfihlo ngempela azimphumelelisi umuntu ngoba zinendlela yazo
yokuvela nakhu ekugcineni uPhindisiwe uphelelwa umendo wakhe nomnyeni wakhe
omthandayo, ngenxa yezimfihlo anazo. Sithola noNkululeko uphindela ejele uyaboshwa
konke abekufisa ngempilo yakhe kuyashabalala.

Ubhuku Lwamanqe 02
Umbuzo Omude [25]
Kuyenzeka abazali bakhulise izingane ngezindlela ezingafani. Phawula ngobuqiniso
balesi sitatimende ubhekise kulaba balingiswa: uMaKhangela noMaMhlongo.
Impendulo yakho mayibe ngamagama angama-290-340.

Kuyiqiniso elingephikwe ukuthi abazali abazikhulisi izingane zabo ngendlela efanayo.


Lokhu kufakazelwa indlela uMaKhangela noMaMhlongo abakhulise ngayo izingane zabo.
UMaMhlongo wayenolaka enomthetho oqinile.Lwalungafakwa lubuya nodaka.
UMaMhlongo wayengumama owayekhuluma into eqonde ngqo. Siyamthola uMaMhlongo
ekhuluma nomyeni wakhe uMathonsi ngodaba lwengane kaPhindisiwe uZiphozonke.
Lapho wayeveza khona ukunganami kwakhe ngodaba lukaZiphozonke lokuthi akayona
ingane kaThamsanqa okuyindodana yabo.

UMaMhlongo wamkhulisa kahle uThamsanqa wamkhulisa ngenhlonipho,uthando,ukuxolela


nokukholwa. UMaMhlongo ukhulise uThamsanqa ngenhlonipho. UThamsanqa ukhuluma
noyise ocingweni emazisa ngokuthi kumele afike kunodatshana okumele babonisane
ngalo.Ukhuluma ngesizotha noyise okukhombisa indlela yokukhuluma nomuntu omdala
ngenhlonipho okuyindlela akhuliswe ngayo ekhaya.

UMaMhlongo uThamsanqa umkhulise kahle ngothando nokuxolela.UThamsanqa


uyamthanda uNkosikazi wakhe uPhindisiwe kanye nengane yabo uZiphozonke. Uthando
analo ngoZiphozonke uze ulikhombisa nasemuva kokuba esezwile ukuthi akayona ingane
yakhe. Uyakulwela ukuthi babuyele ekhaya ukuze baxoxe ngalolu daba.UThamsanqa
uxolela uPhindisiwe ngenkathi ethola ukuthi unabantwana ababili abathola ngaphambi
kokuba ashade. Uze uyamtshela ukuthi akasafuni ukubuye babe nezimfihlo emshadweni
wabo bayathembisana. Siyayibona indlela uThamsanqa athanda ngayo unkosikazi wakhe
uPhindisiwe, uze uyamvikela lapho khona uNkululeko ethuka khona unkosikazi wakhe
embiza ngomkhuhlane womfazi baze bagcina sebexabana uThamsanqa noNkululeko
ngenxa yokuthi wayevikela isithunzi somkakhe.
121

UMaMhlongo uThamsanqa umkhulise ngokukholwa. Siyamthola uThamsanqa evela


enkonzweni yangoLwesithathu ehamba nomkakhe uPhindisiwe. Leyo nkonzo abayihamba
njalo ngoLwesithathu yinkonzo eqondene nabashadikazi. okukhombisa imfundiso kanina
uMaMhlongo. Lokhu kuhamba kwabo lezi zinkonzo zangoLwesithathu kufakazela indlela
uMaMhlongo ayekhulise ngayo uThamsanqa yokunamathela okholweni.

UMakhangela wayengumama ongakwazi ukukhulisa ingane kahle ngendlela eqotho.


UPhindisiwe oyingane yakhe umkhulise ngendlela engalungile nangokungathembeki.
UMaKhangela wayengenalo iqiniso, wanezimfihlo engathembekile , engananhlonipho.
UMaKhangela wafihla ukuthi indondakazi yakhe uPhindisiwe wayenezingane ezimbili
ngaphambi kokuthi ashade noThamsanqa. UMaKhangela wantshontsha amalobolo
akwaMathonsi ngenxa yokuthi indondakazi yakhe yayingafanele ukulotsholwa
ngezinkomo eziphelele ngenxa yokuthi wayenabantwana ngaphambi kokuthi ashade
kwaMathonsi.
UMaKhangela ungumama onezimfihlo. Ufihla ukuthi uyazi ngokuboshwa kukaNkululeko
eboshelwa ingane yakhe enguPhindisiwe owashayisa ingane yesikole yashona.
Umakhangela wakhokhela uNkululeko imali yokuthi aboshwe esikhundleni sika
Phindisiwe. Uphindisiwe wayenezingane azifihla emzini kwaMathonsi engathembekile
ngenxa yokuthi wayenezimfihlo okwakuyimfundiso ayifunda kunina ukuba nezimfihlo.

UMaKhangela wayengenalo iqiniso ekukhuliseni ingane yakhe uPhindisiwe. Lokho


kwenza ukuba uPhindisiwe aphile impilo engenabo ubuqiniso. UPhindisiwe waqoma
uNkululeko ekubeni wayeshadile noThamsanqa waze wazala ingane uZiphozonke
wamfihlela umyeni wakhe. Nakhona lapho uMaKhangela wayekwazi konke lokho.
UMaKhangela ukhulise uPhindisiwe ngamanga. UPhindisiwe waqamba amanga
kumyeni wakhe ngenkathi eshayelwa ucingo uNkululeko emzini wabo wathi uNkululeko
isoka lomngani wakhe uNokuphila, ebuza ukuthi akambonanga yini ngoba ekhaya bathi
uhambe naye okukhombisa ukuthi uPhindisiwe akakhuliswanga kahle ngezimfundiso
ezinomthetho nezinobuqotho neqiniso.Siyamthola efihlela umyeni wakhe ukuthi
uNkululeko lo oshaya ucingo emzini wabo uyisoka lakhe elaliphuma ejele liboshelwe
icala elenziwa nguye uPhindisiwe lokushayisa ingane yesikole yashona. Kukho konke
lokhu akwenzayo uPhindisiwe uMaKhangela akayikhuzi ingane okukhombisa
ukungathembeki kuka MaKhangela njengo mzali. UPhindisiwe waphinde wafihlela
uThamsanqa ukuthi ingane le uZiphozonke akayona ingane yabo bobabili
njengabashadikazi kodwa eyeshende lakhe uNkululeko.

UMaKhangela ungumama ongenamfundiso. UMaKhangela akabanga umama


onemfundiso, uvumela uPhindisiwe ukuba azocasha emzini wakhe emva kokuba
uPhindisiwe bexabene nomyeni wakhe uThamsanqa.
UPhindisiwe waphinde wahlanganyela noNkululeko benza itulo lokugudluza
uThamsanqa ukuze uPhindisiwe ezothola imali yomshwalense, konke lokhu
uMaKhangela uyakwazi kodwa akamkhuzi uPhindisiwe. Imali esebhange, yindlu nawo
wonke umcebo kaThamsanqa bese behlukaniselana noNkululeko. Siyamthola futhi
etshela unina uMakhangela ukuthi uThamsanqa umbhonye ubusuku bonke
okungukuhubhuza amanga. Uze uxabana nomkhwenyana wakwakhe uThamsanqa
lapho ezolanda izingane zakhe.
UMakhangela noMaMhlongo bahlukene kakhulu ekukhuliseni izingane.
Kubalulekile ukukhulisa izingane ngendlela efanele kwazise umuthi ugotshwa
usemanzi.
122

Umbuzo 03
Kunabantu abangenawo unembeza ngezenzo abazenza kwabanye abantu
bese kuba nabantu abenza ubulingiswa kwabanye kodwa kungabahambeli
kahle. Phawula ngobuqiniso balesi sitatimende
Impendulo yakho mayibe ngamagama angama-290-340.

Lesi sitatimende siyiqiniso elingephikiswe, esikhathini esiphila kuso kukhona abantu


abenza izinto ezingezinhle nezingamukelekile nezibuhlungu kwabanye abantu bajike
bangakugqizi qakala konke lokho. Kulo mdlalo uNkululeko, uPhindisiwe kanye
nokaMakhangela yibona abanezenzo ezimbi ezinomthelela ongemuhle
kuThamsanqa. Kulo mdlalo uThamsanqa uvezwa njengomlingiswa owenza
ubulungiswa kodwa izinto zingamhlambeli kahle ngenxa yezenzo zikaNkululeko,
uPhindisiwe kanye noMakhangela. Sizokwenaba ngezenzo zalabalingiswa esigabeni
esilandelayo.
UNkululeko uba nobudlelwano noPhindisiwe ekubeni ekuqonda kahle ukuthi
uPhindisiwe ngunkosikazi kaThamsanqa, aze amkhulelise. Ukuthandana
kukaNkululeko noPhindisiwe kuyisenzo esingesihle kuThamsanqa ebe ethembekile.
Siyamthola futhi uNkululeko evuma ukuthwala icala likaPhindisiwe lokushayisa
ingane okuwukumvikela ngoba ethandana naye, ngalokhu waze wayodonsa ejele.
Ukuphuma kwakhe ejele ufuna babuyelane noPhindisiwe ebe azi kahle ukuthi
ushadile. UPhindisiwe uyanqaba ukubuyelana noNkululeko.
UNkululeko ugcina eba yisizathu sokuba uPhindisiwe abe nezimfihlo emshadweni
wakhe ngenxa yokuthi noma esemtshelile uNkululeko ukuthi akangabe
esamshayela ucingo kodwa akeze neProjekthi ezokwazi ukumenzela imali.
UNkululeko akakunaki lokho ngoba wayelokhu elushaye njalo ucingo elubhekisa
kuPhindisiwe. Lokhu kwadala ingxabano phakathi kukaThamsanqa noPhindisiwe
efuna ukwazi ukuthi ubani lo oshaya ucingo. Ngalezi zenzo zikaNkululeko kanye
noPhindisiwe zigqamisa khona ukungabi nanembeza nokungamucabangeli
uThamsanqa ogcina eba nemibuzo ngonkosikazi wakhe.
UNkululeko uya kwaMathonsi ngoba bengavumelani noPhindisiwe, uyofuna izingane
zakhe athi zisiswe khona lapha kwaMathonsi. Ukhombisa okukhulu ukudelela uma
ekhuluma noMathonsi kanye noMamhlongo okungabazali bakaThamsanqa.
Umndeni wakwaMathonsi uba nokudideka nokwesabela ukuthi kuzozwakala kanjani
kuThamsanqa lokhu okufika nalo mlisa onguNkululeko. Uphinde ashayele
uThamsanqa ucingo nakhona lapho usakhombisa okukhulu ukudelela nokungabi
nanembeza. Indlela akhuluma ngayo ocingweni inokudelela.
Sithola uNkululeko ebuya kwaMathonsi sekukhona uThamsanqa, ubiza uPhindisiwe
123

ngomkhuhlane. uThamsanqa ugcina elahlekelwa ukulunga kwakhe ufuna ukulwa


uma uNkululeko ekhombisa indelelo. Uqambela abakwaMathonsi amanga ehamba
noSikela noMaqoma ethi bangabazali bakhe.Uletha ubufakazi obungekho, isitifikethi
somshado kanye nesithombe somshado kwaMathonsi. Konke lokhu okwenziwa
uNkululeko kuchukuluza ukulunga kukaThamsanqa okuholela ekutheni agcine
ebeka isandla uPhindisiwe.
UPhindisiwe noThamsanqa babehamba izinkonzo zabantu abashadile njalo ngeviki.
Okufakazela ukufundiseka nokubambisana ngokomshado. Uthe noma esethola
imfihlo ngonkosikazi wakhe ukuthi unezingane azishiya ekhaya angamtshelanga
ngazo ngaphambi kokuba bashade, wakwamukela lokho wathatha isinqumo
sokuzondla. Akagcinanga lapho wakugcina phakathi kwabo bobabili kuyimfihlo.
Ukuziphatha kahle kukaThamsanqa akumvimbeli izinkinga emshadweni wakhe.
UPhindisiwe ubalekela kubo uma izingxabano zabo benoThamsanqa zidloba. Lokhu
kuholela ekutheni uThamsanqa aye kwaMakhunga eyolanda izingane zakhe. Izenzo
zikaMaKhangela zidala ukuba uThamsanqa agcine ehluthukelwa yinhliziyo. Ufuna
amalobolo akhe ngodli.
UThamsanqa uya enkantolo ngosuku lokugwetshwa kukaPhindisiwe. Lokhu
kufakazela ukuthi izenzo zakhe ezinhle zokugcina izifungo zomshado ukuthi
bayobambisana ebuhleni nasebubini. Simthola ekhala ezimathonsi uma efunda
inkondlo ayibhalelwe uPhindisiwe yize uPhindisiwe esenze izinto eziningi
ezingezinhle emshadweni wabo.
Umbhali ukwazile ukugqamisa ukuthi kunabantu abangenawo unembeza ngezenzo
abazenza kwabanye abantu njengoba sithola abalingiswa abawoPhindisiwe,
uNkululeko kanye noMaKhangela bekugqamisa lokhu. Siphinde sithole uThamsanqa
enza ubulingiswa kwabanye kodwa kungamhambeli kahle ikakhulukazi emshadweni
wakhe.
124

ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA (HL)

IPHEPHA LOKUQALA (P1)

UMBUZO 1: IZAKHIWO NEZIMISO ZOKUSETSHENZISWA KOLIMI

Funda lesi siqeshana esingezansi bese uphendula imibuzo elandelayo.

ILOBOLO

Intombi nto uma isizogana abakwamkhwenyana babekhipha inkomo eyodwa ezohlatshwa kubo
kamakoti, umncamo. Inkomo yayihlatshelwa ukubikela abangasekho ukuthi indodakazi yabo
isiyahamba iyovusa omunye umuzi. Kwahamba kwahamba kwabonakala ukuthi akukuhle ukuthi
intombazane ihambe iyogana ingashiyi lutho ekhaya. Kwangezwa ngezinkomo ezimbili ekayise
nekanina ezizokhishwa umkhwenyana ukubonga umukhwe nomkhwekazi ukuthi bamzalela
5
inkosikazi. Ngalokho-ke zase ziba zintathu izinkomo zamabheka.

Ngokuhamba kwesikhathi izinkomo zase ziyengezwa. Isibonelo, izinkomo zendodakazi


yomnumzane zaba yi-11, ezalwa induna yenkosi zaba yi-16, ezalwa yiSilo zaba ngama-24 noma
kube wumhlambi. Iloboloke kuyacaca ukuthi kwakungelo kwakha ubuhlobo futhi kunenani
elifanele nelaziwayo. Intombi yayingathengwa, kwakwakhiwa ubuhlobo. Ilobolo liyisihle futhi
lingeyona imfihlo. Ilobolo lalinganqunywa ngokubheka ukuthi intombi izalwa emzini onjani. 10
Ukunyuka kwenani lelobolo esikhathini samanje, kwenze iSilo sathi, 'Nginezinhlelo zokubuyisa
inqubo ewusiko lakwaZulu.' Abanye abantu bangakushayela ihlombe lokho ngoba abesilisa
abaningi abaganiwe ngenxa yenani eliphezulu lelobolo.

[Icashunwe ku-Isolezwe, Mbasa 13–22: ikhasi11 yahunyushwa yase ihlelwa kabusha] 15

1 Shono ukuthi igama elidwetshelwe emgqeni woku-1 lisetshenziselweni. (1)

2 Tomula igama elitholakala emgqeni wesi-2 elikhomba ukuhlonipha. (1)

3 Bhala isifinyezo segama elidwetshelwe emgqeni wesi-8. (1)

4 Shono ukuthi le thekisthi ihleleke kanjani. (1)

5 Sebenzisa igama elibhalwe ngokugqamile emgqeni wesi-9 selinikeza incazelo (2)


eyehlukile kunetholakala esiqeshini.

6 Lungisa umusho odwetshelwe emgqeni we-10 kuya kowesi-11 usebenzise (2)


125

ubhalomagama olufanele.

Isakhi esidwetshelwe emgqeni wesi-8 sisetshenziselweni. (1)

Guqula inkulumo ngqo edwetshelwe emgqeni we-14 ibe inkulumombiko. (1)

UMBUZO 5: IZAKHIWO NEZIMISO ZOKUSETSHENZISWA KOLIMI

1 Lisetshenziselwe ukugqamisa ukuziphatha okuhle kwengane esifike esigabeni (1)


sokugana isaziphethe kahle. ü
2 Abangasekho. ü (1)
3 Isb. ü (1)
4 Ihleleke ngokukhombisa indlela okwenzeka ngayo izinto. ü (1)
5 Induna esesihlathini sikaNkululeko inkulu. üü (2)
(Neminye imisho enembayo iyokwamukelwa.)
6 Ilobolo–ke√ükuyacaca ukuthi kwakungelokwakhaü ubuhlobo futhi kunenani elifanele (2)
nelaziwayo.
7 Sisetshenziselwe ukwakha ukuvumelana phakathi kwenhloko kanye nesenzo. ü (1)
8 Isilo sathi sinezinhlelo zokubuyisa inqubo ewusiko lakwaZulu. ü (1)
126

ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA (HL)

IPHEPHA LESITHATHU (P3)

Ukubuyekeza iphepha lesithathu


Isiqephu A – Izindaba (Ama-eseyi)
Yimaphi amasu angasetshenziswa umfundi ukuze atitilize amamaki kulesi
siqephu ngosuku lokuhlolwa?
Nanka amasu alandelayo angawasebenzisa umfundi:
• Ngaphambi kokuphendula isiqephu A ephepheni, fundisisa zonke izihloko ubuye
ubuke nezithombe ezichukuluza imizwa/umcabango.
• Khetha isihloko esisodwa osizwisisa kahle ongakwazi ukubhala ngaso kwenele
inani lamagama elilindelekile.
• Ulwazimagama liyalekelela ekubhaleni indaba ezwakalayo esezingeni
lokungalindelekile kanye nokuqukethwe.
• Bhala amalungiselelo ngaphambi kokubhala indaba yakho ngoba yiwo
akulekelela ekuhleleni indaba.
• Hlela indaba yakho ngokwesakhiwo esifanele okuba isingeniso, umzimba
nesiphetho.
• Bhala imisho emifushane nezwakalayo.
• Gwema ukuqalisa imisho yakho ngezihlanganiso izibonelo: kodwa, futhi njl.

Isingeniso:
Siyisigaba esisodwa
Imigqa okungenani emithathu kuya kwemihlanu.
Sithukulula isihloko.
Umzimba:
Uba nezigaba ezinikezelanayo.
Isigaba ngasinye asidingide okufunwa isihloko.
Isiphetho
Songa impendulo ngokubhala uvo / umbono wakho uhambisane namaphuzu
esingeniso kanye nomzimba.
Siba isigaba esisodwa.
Qaphela:
Buyekeza izimpendulo zakho, wenze isiqiniseko sokuthi awekho amaphutha.
127

2. ISIQEPHU A: INDABA / I-ESEYI


Izinhlobo zezindaba nezimpawu zazo
(i) Indaba elandisayo (Narrative essay)
Kule ndaba ulindeleke ukuba uxoxe ngesigameko esake senzaka kuwe, oke
wasibona senzeka komunye noma owaxoxelwa ngaso. Sikhumbule ukuthi lona
umbhalo wokuziqambela okusho ukuthi umfundi ubhala indaba ayisusela ekhanda
kodwa akube indaba ekholakalayo. Sebenzisa inkathi edlule uma ubhala indaba
elandisayo.
Nasi isibonelo sendaba elandisayo ngezansi:
Amalungiselelo
1. Isingeniso: Kwakunini?
2. Umzimba: Isigaba 1: Engavuka ngakwenza ekuseni.
Isigaba 2: Ukufika kwami edolobheni.
Isigaba 3: Ukuphindela kwami emuva endlini.
Isigaba 4: Ukufika kwami emsebenzini.
Isigaba 5: Ingxoxo yami noMakhosonke.
3. Isiphetho: Ukuzisola ngengakwenza.

Ukube Ngalalela Ngitshelwa


Kwabe kunguMgqibelo emini ilanga likhiphe umkhovu etsheni. Kwase kusele izinsuku
ezimbili kube uKhisimusi. Ngase ngisithathile isinqumo ukuthi kumnyama kubomvu
ngizowudlela ekhaya uKhisimusi. Isizathu salokho kwase kuphele iminyaka emithathu
ngingakwazi ukudlela uKhisimusi ekhaya ngenxa yokusebenza ngalolu suku.
Ngavuka ekuseni ngageza, ngagqoka ngase ngibamba okuya ngasethunjini. Phela ngase
ngijahe ukugibela ibhasi lehora leshumi elilibangise edolobheni iPhayindane.
Ngangiyothenga izimpahla engangizohamba nazo ngiphathele abasekhaya ngoKhisimusi.
UKhisimusi uthathwa njengosuku lokubuyisana kwemindeni futhi lokuthula. Yingakho-ke
uthola abantu belulungiselela lolu suku. Sikhumbule ukuthi kusuke kuhlukaniswe
izitokofela futhi abantu abaningi bebhonasile lapho besebenza khona. Imali isuke ishisa
abantu abaningi emaphekatheni. Umuntu akanqeni ukukuthuma esitolo
ngezinkulungwane ezimbili zamarandi uma usubuya athi ushintshi owakho wonke
kungakhathalekile ukuthi yimalini.
Ngafika edolobheni ngazulazula ngihambe ngiphuma ngingena ngibuka izimpahla.
Engakuqaphela ukuthi njalo uma sekungamaholide kaKhisimusi izimpahla zimba eqolo.
Abanikazi bezitolo balala nenhle imali lena. Ngathenga igilosa yasekhaya kuyona
kwakukhona nezinto ezidliwa ngosuku lukaKhisimusi kuphela njengojeli, khasitadi,
bhekeni njalonjalo. Ekugcineni ngathenga izingubo zami zokuswenka engangizozigqoka
ngosuku lukaKhisimusi. Ngalo lolu suku siyaye sibe nomcimbi obizwa ngokuthi ihlahla
likaKhisimusi obanjwa minyaka yonke endaweni yaseMakholweni. Kusuke kukhala
ibhungane emizini eminingi. Sithengelana izipho kube njeya kudliwe kukhonjwe
128

ngophakathi. Ngathenga ibhulukwe elimnyama nsu, ihembe elimhlophe kanye nezicathulo


ezibubende. Inhloso yokuthenga lezi zimpahla ngangifuna ukuhlabekisa lokhu
okungomahlalela kujike nami emcimbini wehlahla likaKhisimusi. Kusuke kugcwele
kwazise kusuke kubuye bonke abantu abasebenzela eThekwini, Kapa kanye naseGoli.
Emva kokuthenga usuku lonke ngaphindela endlini la engiqashe khona eSipholile.
Ngafike ngalinganisa izingubo engangibuye nazo edolobheni. Ngangizibuka esibukweni
kuvele elomhlathi. Okubalulekile ukuthi ngangifuna uZamahlubi abone ukuthi uzogana
insizwa ziphelele angazenyezi ngami. Lena intokazi engase
ngiqalile ukuyilobola. UZamahlubi intokazi esukile egabadeni inyathela ngabantwana.
Akekho ongayazi endaweni. Yase ihlule izinsizwa eziningi ezabe ziyizisheli zayo. Ngafika
ngabeka amabili amathathu yavuma. Ngikhumbula kahle ingiqoma kwaba sengathi
kusuka umthwalo emahlombe ami. Abaningi babethi asifanelene besho izizathu eziningi
njengokuthi uZamahlubi mdala futhi mina ngingutikoloshe. Siyothi sihamba kuyoba
sengathi uZamahlubi uhamba nengane yakhe. Babebodwa ababethi lolu thando lwethu
ngumlilo wamaphepha kanti ababuzanga elangeni. Kahle kahle ngangijahe yena ngosuku
lukaKhisimusi.
Kwathi ngosuku olandulela uKhisimusi ngavuka njengasemihleni ngaphikelela lapho
ngisebenza khona eMobeni enkampanini okuthiwa iKwaphoyizeni. Phela ibizwa kanjena
le nkampani yingoba kwakhiwa amakhemikhali ayingozi kabi. La makhemikhali uma
uwahogelile ungasifakile isifonyo utheza ilala. Ngafika ekuseni njengenhlala yenza
ngaphikelela enkantini ngathenga itiye. Ngiyaye ngiqale ngiphuze lona ngaphambi
kokusebenza. Ngathi ngingaliqeda ngaya emshinini wami engisebenza ngawo. Kwathi
kusenjalo ngabona kungena induna yethu ebhekelele umsebenzi. Yafika iphethe iphepha
okuthiwa irosta elitshengisa ukuthi kwakufanele ngisebenze ngosuku lukaKhisimusi.
“Celani mfowethu ngiphethe izindaba ezibuhlungu. Kudingeka usebenze ngosuku
lukaKhisimusi. Awuzukusebenza usuku lonke. Kuzoba amahora ambalwa bese
siyakudedela” kusho induna. Ngathukuthela ngathelwa ngamanzi. Ngayazisa induna
ukuthi sengifaka incwadi yokusula emsebenzini khona manje. Ngayitshela ukuthi
nginezinhlelo ezinzima kabi.
Induna yathi ukungishiya yathumela umngane wami uMakhosonke ukuba angincenge.
Nangempela wafika wangibonisa ukuthi uzongithatha ngemoto yakhe ngoba naye
uyasebenza futhi kuzoba amahora ambalwa sizofica nehlahla lingakaqali. Ngamthatha
ngambhekisa le ngamazwi ahlabayo ngisho nokuthi uthengwe induna. Angizange
ngimlalele. Ngahamba ngayoshintsha. Banginika yonke imali yami.
Kulukhuni uma imali iphuma ingasangeni. UZamahlubi waqala wahosha izinyawo uma
ngithi angisasebenzi. Kwaya ngokuya imali iphela. Ngiyazisola kumanje ukuthi ukube
ngalalela ngitshelwa ukuthi ngizosebenza amahora ambalwa ngabe angikho kulesi simo
engikuso. Ngiyaye ngiswele ngisho ishumi leli.

2. Indaba echazayo (Descriptive essay)


Kule ndaba, umfundi uchaza isimo esithile, umuntu othile noma indawo ethile.
Njengoba isihloko sisho, kumele usebenzise amagama achazayo kule ndaba. Ngale
kwalokho usebenzisa kakhulu inkathi yamanje.
Amalungiselelo
129

1. Isingeniso: Uhlobo lwesifo esesikhona.

2. Umzimba: Isigaba 1: Amazwe akhahlamezwe ikhorona.


Isigaba 2: Umonakalo odalwe ikhorona.
Isgaba 3: Ukuba mandla kwekhorona.

3. Isiphetho: Ukuxwayisa/Umyalezo

Isifo Sekhorona Siyinkinga Ezweni


Umhlaba wonke ubhekene nenkinga engakaze ibonwe emlandweni njengoba kwenzeka
ngenkathi kuhlasela isifo sikagawulane noma ingculazi. Namanje ikhambi lesifo
sengculazi alikatholakali. Kulezi zinsuku kukhalwa esikaNandi ngesifo esesibhubhisile
emazweni amaningi Lesi sifo igama laso ikhorona okuthiwa saqala eShayina edolobheni
okuthiwa iWuhani. Indlela esibhebhetheka ngaso sihambisa okomlilo wequbula.
Amazwe amaningi njengeRashiya, Melika, Fulansi kanye neJalimane akhahlamezekile
ngenxa yaso. Kuze kube manje sebeqile esigidini abantu abaye kwagoqanyawo
emhlabeni jikelele ngenxa yalolu bhubhane. Kuyimanje izwe laseNdiya selicele
ukulekelelwa amazwe omhlaba ngemishanguzo ezolilekelela ngoba abantu bafisa
okwezimpukane khona. Kuthiwa isimo simbi nale ndlela yokuthi izibhedlela azisamukeli
muntu ngoba zigcwele kakhulu futhi imishini yokulekelela abantu ukuze bakwazi
ukuphefumula iphelile.
INingizimu-Afrika nayo ayisalanga ngaphandle ikhahlamezeke kakhulu emkhakheni
weZempilo weZemfundo, weZomnotho, weZokuvakasha njalonjalo. Unyaka odlule kube
unyaka onzima kakhulu kuleli lizwe. Uhulumeni kwaphoqeleka ukuba amemezele
umvalelandlini ukugwema ukubhebhetheka kwesifo sekhorona nokunqanda ukufa
kwabantu abaningi. Ngaleso sikhathi akekho owayevunyelwe ukuphumela ngaphandle.
Ababevunyelwe ukuphumela ngaphandle yilabo abasebenza imisebenzi ebucayi
njengonesi, amaphoyisa njalonjalo. Kwatshalwa abakasidlodlo namasosha kuzo zonke
izindawo zakuleli ukubheka ukuthi umthetho awuphulwa. Kwavalwa izikole, izimboni
nokunye okuningi. Abantu babephuma uma beyothenga ezitolo kuphela. Izikole zavalwa
isikhathi eside okwakungakaze kwenzeke phambilini. Izibalo zakamuva zikhomba ukuthi
abantu abaningi abasebenzi ngenxa yaso lesi sifo. Izimboni eziningi zaphoqeleka ukuba
zidilize abasebenzi ezinye zavalwa thanqa ngonyaka odlule zangakwazi ukusimama.
Lapha kukhulunywa ngabantu okuyibona ebebondla amakhaya. Uhulumeni uzamile ukuza
nezinhlelo zokusiza abantu njengokunikela ngokudla, ukukhipha imali yesibonelelo
sabangasebenzi kanye nokusiza izinkampani kumbe izimboni.
Ikhorona imandla kakhulu ngesikhathi sasebusika ngoba ithanda indawo ebandayo. Lesi
sifo sithathelana ngezindlela eziningi njengokuxhawulana nomuntu, ukuba seduze
komuntu ningaqhelelene, ukubamba into bese uthinta umlomo, amehlo kumbe amakhala.
Akugcini lapho kungenzeka sikungene uma umuntu onaso ekhwehlela, ekhuluma, ecula
noma ethimula eduze kwakho engafake sifonyo kumbe imaskhi amathonsana akhe eze
kuwena. Ikhorona ihlasela kakhulu imigudu yokuphefumula. Ikhorona iyabhebhetheka
ikakhulukazi endaweni lapho kugcwele khona abantu abaningi. Ngaphansi
kwemiqathango ebekiwe abantu kufanele bafake izifonyo uma bephumela ngaphandle,
130

ayivunyelwe imicimbi enabantu abaningi, imilindelo akuvunyelwe ibe khona, kufanele


nishiyelane isikhala esingangemitha uma nihleli kumbe nimile.
Lena sekuyindlela yokuphila yethu yansuku zonke. Kufanele siyilandele yonke imiyalelo
ebekiwe uhulumeni. Asilwe nokubhebhetheka kwekhorona.

3. Indaba eningayo noma ecabangisayo (Reflective essay)


Kule ndaba umfundi ucabanga ngombono abuye anikeze impendulo yakho. Kumele
umfundi ajeqeze emuva esigamekweni esike senzeka. Umfundi ubeka imibono
yakho ngokwenzekile, acacise okuhle namaphutha bese enza izincomo ngokuthi
kufanele kwenziwe njani ukuguqula isimo salokho ngakuzwayo. Umfundi ubeka uvo
lwakhe ngesihloko esithile. Akusho ukuthi akushoyo kuliqiniso kepha yilokho
akucabangayo ngabantu, ngesintu noma ngempilo nje. Lokho akubekayo kuhle
kusekelwe ngamaqiniso.
Nasi isibonelo sendaba eningayo ngezansi:
1. Isingeniso: Ukuchaza kabanzi ngesihloko.
2. Umzimba: Isigaba 1: Ubani,wenzani
Isigaba 2: Izinto azenzayo,imisebenzi ayenzayo.
Isigaba 3: Iqhaza alibambayo emphakathini.
Isigaba 4: Amathuba Omsebenzi
3. Isiphetho: Ukusonga esikhulume ngakho.
Ingwe Idla Ngamabala
Lesi simo sokukhuluma siyisaga esichaza ukuthi umuntu ugqama ngezinto ezinhle
azenzayo.Lokhu kuyiqiniso elingephikiswe uma wenza kahle uyakhanya njengelanga.
Baningi abantu asebedumile nabasengosaziwayo ngenxa yokwenza kahle namagalelo
abo amahle emphakathini abahlala kuyo nasezweni lonkana.
Lapha sikhuluma ngabantu abanjengoNomfundo Mcoyi, Jacob Zuma,Sandile Zungu
kanye noPatric Motsepe.
Esizogxila kuye uNomfundo Mcoyi intokazi yaseHammarsdale edume kakhulu
ngenkampani kamasigcwabisane (Cebolethu Funeral Services). Waqala waba
ithishelakazi lasesikoleni samabanga aphansi kwelaseNanda(eMawoti) akasebenzanga
isikhathi eside emnyangweni wezemfundo washeshe wabeka amakhokho ethala ,into
eyayimfakela ugqozi umndenj wakubo owawugxile kakhulu kwezamabhizinisi. Amagalelo
alentokazi ayabonakala kuleli likaMthaniya ,ngokukhulela ekhaya elinabantu abathanda
amabhizinisi lokhu kwamenza ukuthi naye abe nothando lokuziqalela awakhe
amabhizinisi kwazise nesiZulu siyasho ukuthi sebenza kusakhanya futhi ayikho inkomo
yobuthongo. Ube esesivulela ibhizinisi lakhe likamasigcwabisane ngenhloso yokulekelela
umphakathi ngezidingo zawo kwazise phela izandla ziyagezana. Akagcinanga lapho
wagcina efake inkampani yokudla (Catering Company) ukuze umphakathi uzosizakala
eduze.
131

Likhulu iqhaza elibanjwe yile ntokazi emphakathini ukuvula amathuba omsebenzi.


Sizokhumbula ukuthi kuleli lengabadi sibhekene nengwadla yokushoda kwamathuba
omsebenzi .Iningi labantu abaqashile abantu abasha, ngaleyondlela lokhu kwebza
kukhuphuke umnotho wakuleli, kunciphe nezinswelaboya kwazise yibo abantu abasha
abadume ngobugebengu. Uphinde enikele ngezinsizakufundisa kanye nezinsizakufunda
ezikoleni ezintulayo. Le ntokazi iphinde idlale enkulu indima ukunikezela kubafundi
ngomfundaze ukuze bezoqhubeka nokufundela imisebenzi ezikhungweni zemfundo
ephakeme.
Singakulibali nokuthi uyabasiza abadla imbuya ngothi ngokubafihlela ithambo labo
ngaphandle kokubakhokhisa. Lokhu sekumfakele ugazi ezweni lonke . Izisulu
zezikhukhula nazo akazilibalanga wafaka isandla kwazise abantu abaningi basele
dengwane, wabasiza ngokuya ngasethunjini , izinto zokugqoka ,singabala kushone ilanga.
Le ntokazi iwusizo bo! Iyasibuyisa isuthunzi somuntu omnyama ,iyakwazi ukufihla ihlazo
nomuntu engahlobene nayo , yakhela abantu izindlu .Esikhathini esiningi siyaye sithole
abantu abahlwempu abangenayo indawo yokufihla ikhanda ebasiza ngokubakhela izindlu.
Ziningi izingqinamba asehlangabezane nazo kule mboni ephethwe abantu abamhlophe
abangakholelwa kuyena ngoba engumuntu wesifazafaze onsundu ,baningi abantu
abebembukela phansi njengezintambo zesicathulo, bengakholelwa ekutheni lo msebenzi
uwenza ngendla besho izinto ezibhedayo ngaye lapho behubhuza uhubho lukabhejane
besho nokuthi amakhaza akhe awasebenzi ngendlela efanele, abantu babo baphuma
sebenephunga elibi besho besenga ezimithiyo
Ngempela ingwe idla ngamabala, ukusebenza kanzima kukaNomfundo Mcoyi kumbeke
kwibalazwe kanye nezwelethu iNingizimu Afrika ngemisebenzi emihle yokusiza abantu,
yana entuthwaneni vila ndini.Sebenza kusakhanya ukuze uzokwazi ukusiza abanye
abantu singakhohlwa ukuthi izandla ziyagezana.

4. Indaba eqhathanisayo (Discursive essay)


Le ndaba ihlobene kakhulu nendaba edaza inkani. Okufanayo ukuthi kuzo zombili
lezi zinhlobo zezindaba ubeka imibono yakho. Umehluko okhona ukuthi endabeni
eqhathanisayo kulindeleke ukuba ubhale ngezinhlangothi zombili. Kulindeke ukuba
uveze ubuhle kanye nobubi balokho, ugxeke uphinde uncome lokho oxoxa ngakho.
Okumnandi ngalolu hlobo lwendaba ukuthi ushiyela kumfundi wendaba ukuba
azithathele yena isinqumo ukuthi yiluphi uhlangothi alibona lingcono kunolunye.
• Veze izinhlangothi ezimbili eziqophisanayo ngokulandela, okungaba ububi
kanye nobuhle bento ethile.
• Yethula izinhlangothi ezimbili esingenisweni sendaba obhala ngayo.
• Bhala ukuthi uzokwethula kanjani lokhu kuqophisana okuveze esingenisweni.
Okujwayelekile ukuba usho ukuthi uzoqala ngamaphuzu avuna noma atusa
lokho obhala ngakho kulandele ukuphikisa noma ugxeka lokho okhuluma
ngakho.
• Esiphethweni kulindeleke ukuthi wena ukhetha luphi uhlangothi kulezi
zindaba.
Nasi isibonelo sendaba eqhathanisayo
Amalungiselelo
132

Izindlela Ezingasetshenziswa Ukuqeda Isihlava Sokuqolwa Kwemali Eyabelwe


Abampofu.

1. Isingeniso:

• Isigaba 1: ukuthululula isihloko.


2. Umzimba:

Isigaba 2: Iminyango ethintekayo kwezenkohlakalo yokuqolwa kwemali

Isigaba 3: Ukuqolwa kwemali emnyangweni wezenhlalakahle.

Isigaba 4: Ukuqolwa kwemali kwezenkolo nemiphakathi.

Isigaba 5: Ukuqolwa kwemali emnyangweni wezemfundo.

Isigaba 6: Izinkinga zokuqolwa kwemali ezikoleni.

Isigaba 7: Imithelela yokuqolwa kwemali ezikoleni.

3. Isiphetho: Ukuphonsa inselelo kubantu ukuthi bafundiseke ngezimali.

Izindlela Ezingasetshenziswa Ukuqeda Isihlava Sokuqolwa Kwemali


Eyabelwe Abampofu.
Isihlava into eyenzeka kancane kancane igcine seyenza umonakalo omkhulu. Lo
monakalo udala ikhuhle, elenza izinto ezinhle esisuke sizifisa zigcine
zingenzekanga. Ziningi izindlela ezingasetshenziswa ukuqeda isihlava sokuqolwa
kwemali eyabelwe abantu abampomfu esizogxila kuzona kule ndaba.
Inkohlakalo yokuqolwa kwemali eyabelwe abampofu seyaba insakavukela umchilo
wesidwaba. Phela iqala phezulu kuHulumeni ngoba uyena owaba imali ezweni
lonkana, eyabela kuyo yonke iminyango ngokwahlukana kwayo. Kule minyango
singabala: Ezenhlalakahle, Ezemfundo, Owezezimpesheni nomnyango
Wezempilo. UHulumeni kumele afundise amalunga ephalamende ukuthi imali
eyabelwe abampofu iphathwa kanjani futhi kube khona izinhlaka ezikuqapha
ngeso lokhozi ukusetshenziswa kwemali. Konke lokhu akwenze ngokweminyango
la malunga asebenza ngaphansi kwayo. UHulumeni kumele aqinisekise ukuqasha
abantu abaqeqeshwe ngokusemthethweni ukwenza lo msebenzi ukuze wenzeke
kahle.
UmNyango wezenhlalakahle ubhekene nengwadla yokuqolwa kwezimali ezabelwe
abampofu, cishe iNingizimu-Afrika yonkana. Sikhuluma nje, izaguga
nabakhubazekile bebekhihla esikaNandi zolo lokhu, ngenxa yokungayitholi
impesheni yabo. Emindenini eminingi ikati lilele eziko. Ukugwema lesi sihlava,
kumele abantu abasebenza kulo mnyango bayeke ukuba ogombela kwesabo
ngoba lesi senzo sabo sibulala isizwe. Kumele abenzi balobu buqola bajeziswe
ngokuthi bakhalelwe amasongo kaSigonyela, nezinkantolo ziqinise ukuthi bathola
isijeziso esinzima ukuze kube yisifundo nakwabanye.
133

Izinhlangano ezithinta ezenkolo nemiphakathi ngobubanzi bazo, nazo ziyathinteka


kulesi sihlava. Emabandleni kugcwele izinhlobo ezahlukene zabantu, okubalwa
kubona amaqola abaholi abamukela izimali neminikelo yabampofu kodwa
bayisebenzise ukuzicebisa. Abanye banikelisa abazalwane ngokweqile bebe bedla
imbuya ngothi, umfundisi aqome ukuzicebisa yena. Emasontweni kumele zibuyele
emasisweni, lapho umholi wayekhethwa nguNkulunkulu ukuze kugwenywe
amaqola ambethe isikhumba semvu ayizimpisi ezigebenga izimali zabampomfu.
UHulumeni nezinhlaka zomphakathi kumele angenelele ukubhekelela ukuvulwa
kwamabandla angoqhib’ khowe nangekho emthethweni, futhi kuqinisekiswe
ukulandelwa komthetho obekwe uHulumeni ophathelene nezimali obizwa nge-
Public Finance Management act 1 of 1999.
Umnyango wezemfundo ushayeke kakhulu ngesi sihlava sokuqolwa kwemali
eyabelwe izikole nabafundi abampofu. Isabelozimali esibhekelele uhlelo lokudla
kwabafundi ezikoleni sabelwa umuntu oyedwa ukuthi yena abele izikole zonke.
Lokhu kube nomthelela wokuthi izingane zigcine zibulawa umphangazana ngenxa
yokuthi lowo muntu uhlulekile ukufinyelelisa ukudla kuzo zonke izikole ezikhona
ngokwezifunda. Umphumela awubanga muhle ngoba kubheduke omkhulu
umsindo, okugcine sekulanyulwa isisombululo sokuhlelwa kabusha kwathathwa
abantu abahlukahlukene. Imali eyanikwa lowo muntu oyedwa, kuze kube inamuhla
akwaziwa ukuthi yashonaphi. Bathi akudokwe eligayelwe izikole nemiphakathi,
uma kunemibuzo.
Othisha nabafundi bayizisulu zokuqolwa kwemali eyabelwe abampofu ngoba
izinsiza zokufunda nokufundisa zigcina zingafinyeleli ezikoleni zonke ngokwanele.
Isizathu salokhu ukuqolwa kwemali yokuzithenga. Angisayiphathi-ke
eyezidingongqangi ezigcina zingatholakali ezikoleni ezimpofu ngenxa yokuthi imali
ebihlelelwe zona iphelele emoyeni. Kulezi zidingongqangi kubalwa amanzi nogesi
okudingekayo ukuze inqubo yokufunda nokufundisa ibe yimpumelelo.
Okushaqisayo ukuthi le mali iqolwa abantu abadla izambane likaPondwe kodwa
abanganeliseki ngalokho abanakho.
Omunye umthelela walesi senzo ukuthi kube nzima ukufunda nokufundisa
ezikoleni, ekubeni kulindeleke imiphumela eseqopheleni eliphezulu. Ukunezezela
kuloku omunye umthelela omubi ngukulamba kwezingane okwenziwa
ukungabibikho kokudla ngoba imali yako yebiwe. Ezinye izingane lithi lingakhipha
umkhovu etsheni, ziquleke kukhalwe ubumayemaye engekho namanzi
okuziphungisa. Isizwe esimnyama sigqemeka engeqiwa ntwala ngoba imfundo
iyisikhali sakusasa. Nakuba isilonda sibhibha kothisha nabafundi, siyopholiswa
ukuqina kwengalo yomthetho mhla bakhala ezikhindini abenzi bokubi, siyophela
lesi sihlava
Abantu kumele bakuqondisise ukuthi ukugwema isihlava sokuqolwa kwezimali
zabampofu kungumsebenzi wawo wonke umuntu. Kumele bazinikele ekutholeni
imfundo ephathelene nokusetshenziswa kwezimali ngendlela efanele ukuze
bangashayeki ngemfe iphindiwe. Lokhu kuzokwenza ukuthi bushabalale ubuqola
bokwebiwa kwezimali zabantu abangathathi entweni. Ingalo yomthetho
mayibambe iqhaza layo ngokuqinisa isandla, siyophela isihlava sokuqolwa
kwemali eyabelwe abampofu. Ngimfunge ubaba!
134

5. Indaba edaza inkani (Argumentative essay)

Kule ndaba edaza inkani umfundi uqala ngokukhetha uhlangothi avumelana nalo
esihlokweni abhala ngaso. Umfundi angavumelana noma aphikisane nesihloko.

• Esingenisweni umfundi uthula uhlangothi olulodwa azogxila kulo.


• Emzimbeni wendaba umfundi wenaba ngamaphuzu asekela uhlangothi
alukhethile esingenisweni.
• Esiphethweni umfundi ucacisa ngohlangothi alukhethile.
Nasi isibonelo sendaba edaza inkani

Amalungiselelo
1. Isingeniso: Buyini ubukhazikhazi kanye nokungena obishini?

2. Umzimba: Isigaba 1: Ukunganeliseki


Isigaba 2: Ukucwila Ezikweletini
Isgaba 3: Ukungena Ebugebengwini
Isigaba 4: Ukulutheka Kalula
Isigaba 5: Ukuthinta kwesimo sempilo

1. Isiphetho: Ukuxwayisa/Umyalezo

Ukuthanda Imali Nobukhazikhazi Kufakana Obishini


Kuyiqiniso elingephikiswe ukuthi ukuthanda imali nobukhazikhazi kufakana obishini.
Ngamafuphi nje ubukhazikhazi impilo noma izinto ezisezingeni eliphezulu kakhulu
ezidinga inkece futhi esingaphila ngaphandle kwaso. Ukungena obishini kusho ukungena
ezinkingeni okungelula ukuzitakula kuzona. Ziningi izinkinga ezidalwa ukuthandakakhulu
inkece nobukhazikhazi ezingakuholela ophathe.
Ukungeneliseki nokuba nenhliziyo engaphandle kungenye yezinkinga ezidalwa ukuthanda
kakhulu imali kanye nobukhazikhazi. Kunohlobo lwabantu abanemisebenzi abakwazi
ukuziphilisa nokunakekela ngayo imindeni yabo kepha bahlezi befisa okuphezu
kwamandla abanawo. Esikhathini samanje abantu bathanda izinto ezinhle nezimba eqolo
okuholela ekutheni baphelelwe imali. Uthando lwabantu lwemali lwenza ukuthi imali
abanayo ingabanelisi ngisho kungathiwa iningi kangakanani. Abantu bavame
ukuziqhathanisa nabantu abaphila nabo bafise nokuba ngcono kunabo ngokwezinga
lwempilo, lomhobholo uholela ekutheni bagcine bemonazelana. Iningi elivame
ukuziqhanisa nabanye ligcina selinomona futhi imiholo yabo yanyanga zonke ingasakwazi
ukufeza izidingo zabo ngenxa yokuthi sebeyichitha kakhuilu ezintweni ezingenasidingo.
Lolu hlubo lwabantu lugcina lungene ezingxakini ngenxa yokuba nezinhliziyo
135

ezingaphandle. Sekuyinsakavukela umchilo wesidwaba ukuzwa ukuthi baningi abantu


abavele ngokhakhayi ezikweletini ngenxa yokuthanda inkece kanye nobukhazikhazi.
Umuntu uthi angahluleka ukuphila le mpilo ayifunayo ngale mali anayo ebese enquma
ukuzin ikela komashonisa. Akugcini ngomashonisa kuphela kodwa uthola umuntu
esekweleta abantu, izitolo ezahlukahlukene ngenxa yokufuna ukuphila ubukhazikhazi
bempilo ephezulu. Babodwa asebelala obenyoni bacele empunzini ngenxa nje yezikweleti
ebezingagwemeka.
Umuntu onothando lwemali kanye nobukhazikhazi kuba lula ukuthi angene
ebugebengwini kwazise phela ukuthi imali impande yesono. Umuntu onenhliziyo
engaphandle, ongeneliseki ngemali ayithola njelo ngenyanga ugcina esethola izindlela
ezilula zokuthola imali njengokushushumbisa izidakamizwa, ukubamba izalukwazi
inkunzi,ukudayisa izikhundla emisebenzini, ukulahlekelwa kwezimilo njll, konke lokhu
kungenxa yokuthanda imali ekwazi ukuthenga ubukhazikhazi obufiswa yilowo. Lezi zenzo
zigcina seziholela obishini ngoba abanye bakhalelwa amasango kasigonyela abanye
bagcina sebephelelwa umsebenzi baphelele nayisinkwa badle imbuya ngothi abanye
bagcina sebezibulala imbala.
Ukuthanda imali nobukhazikhazi akugcini nje ngokukufaka ezikweletini nasebugebengwini
kodwa kulula nokuthi ulutheke kalula ezintweni ezingalungile. Sekukaningi uzwa kuthiwa
umuntu unamagundane amlandela imali ngenhloso yokuphila impilo enobukhazikhazi.
Okubuhlungu ngaloku kulutheka ngenxa yothando lwemali ukuthi sekungenelele
nabafundisi. Uyaye uzwe kuthiwa umfundisi othile uthweke ukuze ibandla lakhe lande
ukuze kwande imali yomnikelo ukuze bakwazi ukuphila ile mpilo yobukhazikhazi
ayifunayo. Zonke lezi zinto zinemiphumela engemihle ngoba kusuke sekunezifungo
abazenzayo uma bengena kule mikhutshana okumele bazigcine. Sekujwayelekile futhi
ufunda emaphephandabeni ngosaziwayo abazibulalayo ngenxa yamahebezi athi
bahleleke ukuziphilisa umangale ngoba phela banayo imali engena nyanga zonke.
Isimo sempilo kanye semingqondo siyathinteka uma umuntu ethanda kakhulu imali kanye
nobukhazikhazi. Uma kuthiwa uphila kanye, kusho ukutho kubalulekile ukuvikela inhliziyo
yakho ezintweni ezingayenza ishaye mawala/kancane. Ukuthanda imali nobukhazikhazi
kufakana obishini ngoba ugcina usungasalali ebusuku, ucabanga ngemali ukuthi
uzoyithola kanjani. Ukungalali isikhathi esanele kudala izifo eziningi. Abantu abasobishini
lwezimali bagcina bephelela ezibhedlela ngoba bagcina sebenokukhwantalala
okungenasidingo okudalwe uthando lwemali umuntu angenayo kanye nobukhazikhazi
angakwazi ukuzinika bona.
Kubalulekile ukuthi waneliswe onakho ngoba ukulangazelela okungaphezu kwamandla
akho kugcina sekufaka obushini okungelula ukuzitakula kukona.

Ukubhalwa kwendaba kususelwa esithombeni

Kule ndaba umfundi ulindeleke ukuthi aqambe indaba ayisusela esithombeni.


Kubaluleke kakhulu ukuthi umfundi angabhali ngakubona esithombeni kodwa
ahumushe umyalezo oqukethwe yisithombe. Emva kwalokho kufanele anikeze
isihloko esihambisana nokwenzeka esithombeni.
136

[Isithombe sithathwe kuyi-Inthanethi]

[Isithombe sithathwe kuyi-Inthanethi

[Isithombe sithathwe kuyi-Inthanethi]


137

ISIQEPHU B: IMIBHALO EMIDE EDLULISA UMYALEZO


UMBUZO 2
Phendula imibuzo emibili kulesi siqephu.
Bhala amagama ayi-100 kuya kwayi-120 umbhalo ngamunye
2.1 Incwadi yomngani

Umngani wakho uthole umfundaze wokuyofunda ezweni laphesheya


nezilwandle. Bhala incwadi umuhalalisele ubuye umvalelise njengoba
ezohamba ningasabonananga.
2.2 Umlando kamufi
Kudlule emhlabeni umdlali webhola odumile enikhule naye. Umndeni
ukucele ukuba uwulekelele ekubhaleni komlando kamufi.
Bhala umlando kamufi.
2.3 I-Ajenda namaminithi omhlangano
Isigungu sabaphethe abantu abasha enkonzweni okhonza kuyo
besibambe umhlangano wokuhlela umcimbi wokuvalelisa omunye
wabasha obefundisa abantwana abancane usontosikole.
Bhala i-Ajenda kanye namaminithi alowo mhlangano.
2.4 I-inthayvu
Uxoxisana nentatheli yephephandaba mayelana namasu
enizowasebenzisa ukunqoba umqhudelwano wendlamu njengoba
kunguwe oqeqesha iqembu lendlamu esilifinyelele kwelamanqamu.
Bhala i-Inthavyu ephakathi kwakho kanye nentatheli.
2.5 Incwadi yomsebenzi/yasemthethweni/yakomkhulu
Abafundi abafunda esikoleni samabanga aphansi bathi uma sekuphume
isikole bangayi emakhaya badlale ibhola phakathi nomgwaqo. Lesi
senzo sibeka bona kanye nabashayeli bezimoto engozini. Njengoba
uyikhansela lendawo umphakathi usukhalaze kaningi ngalesi senzo.
Bhalela uthishanhloko umazise ngalokhu ubuye ucele usuku lokuthi
nihlangane nizobhunga ngalolu daba.
2.6 Inkulumo engalungiselelwe
Kunomcimbi omkhulu wokuklomelisa abafundi abavelele
kwezobuchwepheshe esikoleni ofunda kuso. Njengesekela lomholi
wabafundi ube usucelwa ukuba wethule inkulumo njengoba umholi
wabafundi engekho.
Bhala inkulumo engalungiselelwe
2.7 Ikharikhulamu vithaye nencwadi ehambisana nayo
Kuvele isikhangiso somsebenzi wokuba intatheli ephephandabeni
iNkayezi.
Bhala ikharikhulamu vithaye nencwadi ehambisana nayo ucele isikhala
138

salo msebenzi.
2.8 i-Imeyili
Ubone isikhangisi somfundaze wokuyofunda phesheya kwezilwandle
okhishwe abakwaSasol inkampani enkulu. Bhala i-imeyili eya ku–
[email protected] ibe namagama ayi-100 kuya kwayi-120 ubeke
izizathu ezinqala zokuthi yini ubona kunguwe ofanele ukuhlomula lo
mfundaze. Thumela nezitifiketi ezifakazela ukuhlabana kwakho.

OKULINDELEKILE MAYELANA NEZIHLOKO ZEZINDABA (ISIQEPHU B)


2.1 Incwadi yobungani
Ohlolwayo makasebenzise ulimi/ irejista efanele.
Ohlolwayo makaveze la maphuzu.
• Ikheli elilodwa lobhalayo.

• Ikheli lobhalayo lihamba nosuku. Isib. (3 Mfumfu 2024/ 7 Agasti 2024/ 15-
11-2024/ 2024-11-15)

• Obhalayo makabingelele sakukhuluma. Isib. Nomfundo

• Isigaba sokuqala angaqalisa kanje: Ngiyethemba…..


Ngiyaxolisa….Ngiyabonga…..

• Isigaba sesibili masikhulume ngenqikithi yencwadi (ukuhalalisela umnagni


wakhe ngokuthola umfundaze wokuyofunda ezweni laphesheya
nezilwandle.

• Isigaba sesithathu ukuvalelisa kumngani wakho njengoba ezohamba


ningasabonanga.

• Isigaba sesine ukuphetha incwadi

• Ukuvalelisa akhombise ukumazi lowo ombhalelalyo.

• Isib.Yimina umnagni wakho

uNokusa
2.2 Umlando kamufi

Ohlolwayo makaveze la maphuzu alandelayo:


• Isihloko: isibonelo sesihloko

Umlando kaKhethakonke Khuzwayo


• Isigaba sokuqala

Amagama akhe aphelele


Usuku azalwa ngalo
139

Amagama abazali bakhe (makuvele ukuthi basaphila noma cha)


Indawo azalelwa kuyo
Usuku adlule ngalo emhlabeni
• Isigaba sesibili

Izikole afunde kuzona (amabanga aphansi, aphezulu naphakathi nendawo)


• Isigaba sesithathu

Iqhaza /igalelo lakhe emphakathini


Izindawo asebenze kuzo
Iqhaza lakhe ebholeni lezinyawo/lomqakiswano
Ukuhlabana kwakhe okwahlukahlukene uma kukhona
• Isigaba sesine

Abashiye emhlabeni
• Isiphetho makukhonjiswe ukuthi usuyaphetha umlando kamufi.
Ungasebenzisa la magama isb. Lala ngoxolo Zwide Mkhatshwa uze
usikhumbule.

2.3 Ajenda namaminithi omhlangano

Ohlolwayo makaveze lamaphuzu alandelayo


I-Ajenda Yomhlangano Wesigungu Sabaphethe Abantu Abasha Enkonzweni
Usuku : 9 Mandulo 2024
Indawo: Esontweni I Holy Cross
Isikhathi: Ngehora lesibili ntambama
1. Ukuvula

2. Amazwi okwamukelwa

3. Abakhona nezixoliso

4. Ukufundwa kwamaminithi omhlangano odlule

5. Ezivuka emaminithini

6. Ezosuku /Ezitsha : Ukuhlela umcimbi wokuvalelisa uthisha


kasontosikole.

6.1 Izindlela ezizosetshenziswa ukuqoqa imali


6.2 Ukukhetha usuku, isikhathi kanye nendawo yokwenza umcimbi
6.3 Ukuxoxisana ngesipho, izimenywa kanye nokuhlela okuya
ngasethunjini
140

7. Ezigxube/Ezixubile
8. Umhlangano olandelayo
9. Ukuvala
2.4 I-Inthayvu
Ohlolwayo makaveze la maphuzu alandelayo:
Bhala isandulela nkulumo ngokuqamba abalingiswa , indawo kanye
nesikhathi
Bhala amagama ezikhulumi ngasesandleni sobunxele.
Sebenzisa umugqa omusha ukuqamba isikhulumi esisha.
Obuza imibuzo (intatheli ) makabuze imibuzo emifishane bese kuthi
ophendulayo (umqeqeshi weqembu lendlamu) aphendule ngokugcwele.
Akusetshenziswe ulimi olujwayelekile olungenabungani
I-Inthavyu mayikhombise ukukhula ibe nesingeniso, umzimba kanye
nesiphetho
2.5 Incwadi yomsebenzi/yasemthethweni/yakomkhulu
Iba namakheli amabili
Ikheli lobhalayo lihambisana nosuku. (10 Ndasa 2024/ 5 Novemba 2024/ 18-
07-2024/ 2024-07-18)
Ikheli lesibili lobhalelwayo liqala ngesikhundla sobhalelwayo (Mphathi
sikole).alubhalwa usuku
Obhalelwayo makabingelele sakukhuluma. Isb.
Mnumzane/Nkosazana/ Nkosikazi, njll.
Mayibe nesihloko .Isb INCWADI YOKUKHONONDA
Isingeniso
Obhalayo makazethule kuvele ukuthi incwadi imayelana nani/ isizathu
sokubhalwa kwencwadi.
Makuvele ukuthi le nkinga iqale nini.
Makuvele ubungozi obudalwa isenzo salaba bafundi
Makuvele ukuthi ucela usuku lomhlangano ukuze bezodinginga lolu daba
Isiphetho
Makuvele ukuthi uzosithokozela isisombululo esisheshayo kulolu daba
Makavalelise akhombise ukuzithoba
Yimina ozithobayo
uZamakonke Nkosi (Nkz,)
kubhalwa igama nesibongo
ZNkosi (ukusayina)
141

2.6 Inkulumo engalungiselewe


Isihloko: Inkulumo yethulwa ubani, uhlobo lomcimbi, usuku, indawo
nesikhathi
Isingeniso: ukubingelela izivakashi, abazali, othisha nabafundi
Umzimba: Ukunamathela engqikithini.
Ukubongela abafundi abavelele abathole umklomelo
Ukubonga abantu ababe lusizo lokuthi laba bafundi bathole umklomela
Isiphetho: Makaphinde abonge ithuba kumphathi wohlelo nezethameli
2.7 Ikharikhulamu vitae nencwadi ehambisana nayo
Ikharikhulamu vithyaye
Imininingwane ngami
Izikhungo zemfundo ephakeme
Amakhono eminye imisebenzi
Engikukhonzile
Abantu abangafakaza ngami (amagama, amakheli kanye nezinombolo
zocingo)
Incwadi ehambisana nayo
Iba namakheli amabili
Ikheli lobhalayo lihamba nosuku Isib 13 Ndasa 2024/ 12 Januwari 2024/ 13-03
2024/2024-13-03)
Ikheli lesibili lobhalelwayo liqala ngesikhundla sobhalelwayo. Isib.Mhleli
Alubhalwa usuku ekhelini lesibili
Obhalayo makabingelele sakukhuluma Isib. Mnumzane/ Nkosazana/
Nkosikazi njll.
Mayibe nesihloko. Isib Incwadi yokucela umsebenzi ehambisana
neKharikhulamu Vitaye
Isingeniso:
Makezethule kahle zibekwa nje
Makuvele inhloso yokubhala incwadi
Umzimba
Makainikeze ulwazi olucacile olushaya emhlolweni
Makaveze okuthile okwenza afaneleke kulowo msebenzi awucelayo.
Makuvele imininingwano . Ulwazi lomsebenzi/amakhono uma ekhona
Isiphetho
Makuvele amagama abantu abangafakaza ngaye/ ubuqiniso bokubhaliwe
Makuvele ukuthi uzokuthokozela ukunikwa ithuba lokuhlomula kule
142

nxanxathela yezitolo

2.8 I-emeyili
Ohlolwayo makaveze la maphuzu alandelayo:
Ikheli elilodwa lobhalelwayo. Isb. Iya ku : [email protected]
Ikheli elilodwa lobhalayo. Isb. Iya ku : [email protected]
I-Athashmenti amadokhumenti anikeza ubufakazi.
Isihloko: Isihloko asiqonde ngqo. Isicelo somfundaze
Obhalelwayo makabingelele sakukhuluma……Mnumzane/ Nkosikazi/
Nkosazana
Isigaba sokuqala: Angaqalisa kanje: ngibhala le i-meyile ngoba ngibone
isikhangisi somfundaze wokuyofunda phesheya enkundleni yokuxhumana
Isigaba sesibili: Makakhulume ngengqikithi ye-Imeyili (ukufaka isicelo
sokuthola umfundaze)
Isigaba sesithathu: Ukubeka izizathu ezinqala zokuthi yini abona kunguwe
ofanele ukuhlomula lo mfundaze. Ukufaka namadokhumenti anikeza
ubufakazi.
Isigaba sesine: Ukuphetha i-Imeyili.
Ohlolwayo makasebenzise ulimi/irejista efanele.
Isiphetho: Makaveze akhombise ukuzithoba kulowo ambhalelayo.
Isib. Yimina ozithobayo
______________(ukusayina)
uZethu Zulu
143

Isibonelo:

Iya ku: [email protected]

Ivela ku: [email protected]

Isihloko: Isicelo Somfundaze

Mnumzane

Ngibhala le I-meyili ngoba ngibone isikhangisi enkundleni yokuxhumana


somfundaze wokuyofunda phesheya kezilwandle. Ngingumfundi wesifazane
ofunda ibanga le-12 onesifiso sokuyofundela ubunjiniyela.
Sezingithathile zonke izikhungo zemfundo ephakeme engifake izicelo zokuthi
ngiyofunda ngonyaka ozayo. Ngifunda zonke izifundo zokuhwebelana kanye
nezifundo zezilimi. Kuzo zonke izifundo engizifundayo ngiziphase ngamalengiso
ngezinga lesi-7 ezivivinyweni.
Ngicabanga ukuthi lo mfundase ungifanele ngoba nginesifizo sokufundela ukuba
umphathi wezimali enyuvesi. Ngingumuntu ozimisela kakhulu futhi okwaziyo
ukusebenza esimweni esinegcindezi. Isitifiketi engizifake njenge athashimenti
zingufakazi wokuthi senginqobe imincintiwano emine emayelana nezifundo
zokuhwebalane futhi umsebenzi wami wanqoba imincintiswana emi-2 e-Europe
nase-Asia. Ulwazi engizolizuza uma sengiphothule imfundo ephakeme lungaba
lusizo enkampanini yakwa-Eskom njengoba inengcindezi yezezimal adala
ukuthi kube nohlelo lokucima konga ugesi.
Izitifiketi ngizifake kulama attashimente alandelayo.

Amadokhumenti anika ubufakazi

Ngingajabula uma isicelo sami singemukeleka.

Yimina ozithobayo
uNkanyezi Dladla (Nkz)

You might also like